Dlulisela Ngesibindi Isimemo Sokuthi “Woza!”
1 Izenzakalo ezenzeka ngokushesha emhlabeni wonke zibonakalisa lezikhathi ‘njengezinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1-5) Ukwanda kobugebengu, ukuntengantenga kwezomnotho, nezifo ezisongela ukuphila kuye kwenezela ukucindezela kwakho. Kodwa ngokujabulisayo, naphezu komaye abanjalo, abantu badluliselwa isimemo esingase sibathinte phakade. Umoya nomlobokazi bayaqhubeka bethi: “Woza!” Futhi manje “isixuku esikhulu” siye sahlanganyela nabo ekudluliseleni isimemo kubo bonke abantu ezindaweni zonke sokuba beze futhi bathabathe amanzi okuphila ngesihle.—IsAm. 7:9; 22:17.
2 Namuhla, labo abomele ukulunga basabela ngamanani amakhulu kulesimemo. Ngonyaka odlule izigidi zaba khona emihlanganweni yesigodi eyaqhutshwa emhlabeni wonke, futhi eSikhumbuzweni kwakukhona cishe izigidi eziyishumi. Izigidi zabanye zibonisa ukwazisa ngelungiselelo likaJehova ngokulalela isigijimi soMbuso. Khona-ke, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakanipha ekudluliseleni lesimemo obala nasendlini ngendlu!—IzE. 5:42; Efe. 5:15, 16.
HLANGANYELA NGESIBINDI
3 AmaKristu okuqala ashushiswa ngenxa yokushumayela kwawo ngentshiseko. (IzE. 16:19-21; 17:2-8) Nokho, awazange ayekethise emizamweni yawo yesibindi yokumemezela izindaba ezinhle. Nathi ngokufanayo kumelwe sibe nesibindi futhi sizimisele emizamweni yethu yokushumayela izindaba ezinhle.
4 Ngisho nasemazweni lapho umsebenzi uvinjelwe khona, abazalwane bahlanganyela ngayo yonke inhliziyo emsebenzini wokushumayela naphezu kokushushiswa okukhulu, kuhlanganise nokusongela kokulahlekelwa imisebenzi, amakhaya, ngisho nenkululeko yabo. Isibonelo sabo esihle siyasikhuthaza ukuba siqhubeke simema abanye ukuba ‘Beze!’—2 Thes. 3:9.
5 Eminyakeni engaphezu kwengu-35 ngemva kokufunda iqiniso, omunye udade walondoloza isifiso esisuka enhliziyweni sokuphayona. Izimo zakhe zomuntu siqu zashintsha lapho eseneminyaka engu-70 ubudala, futhi waba iphayona elivamile. Nakuba bembalwa abantu abanaleyominyaka ababengathatha umsebenzi omusha, wenza kanjalo. Njengoba sekuyiminyaka eminingana ejabulela inkonzo yesikhathi esigcwele, uthi, “Iba ngcono nsuku zonke.” Uye waletha ukuqabuleka okungokomoya kwabanye ngenxa yokwamukela ngesibindi isimemo sikaJehova sokulwela ukufaneleka nokuhlanganyela ngokugcwele ngokwengeziwe enkonzweni yoMbuso.
6 Njengasekhulwini lokuqala leminyaka, abantu namuhla bayasabela kulesimemo, beguqula ukucabanga kwabo, benziwa basha engqondweni, futhi beyeka imikhuba engamdumisi uNkulunkulu. Baba ingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke babantu abazinikezele abangoFakazi futhi bahlanganyela nomoya nomlobokazi ekutheni “Woza!” nakwabanye abantu abanhliziyo-ziqotho.
7 Ukwanda okukhulu emsebenzini woMbuso nokwandiswa kwamahhovisi egatsha emazweni ahlukahlukene kunikeza ubufakazi besibusiso sikaJehova. Kodwa lesimiso siphelelwa isikhathi. Manje yisikhathi esifanele sokubonisa isibindi nentshiseko ekudluliseleni lesimemo esithi “Woza!” ukuze nabanye bakwazi ukusabela ngokushesha futhi bathathe isinyathelo ngabakuzwayo.—IzE. 20:26, 27; Roma 12:11.