Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
1 “Angizicabangi ngenza enye into. Ngokuqinisekile ayikho enye into engicabanga ukuthi ingaletha injabulo efanayo.” Ubani owasho lokhu? Omunye wamakhulu ezinkulungwane zoFakazi BakaJehova aye enza inkonzo yesikhathi esigcwele yaba umsebenzi wawo ojabulisayo ekuphileni. Ingabe wake wakucabangela ngomthandazo ukuthi ingakulungela yini inkonzo yamaphayona? Njengoba siye sazinikezela ngokungazigodli kuJehova, ngokuqinisekile kufanele sicabangele ukuthi singaba yini nengxenye egcwele ngokwengeziwe ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso. Unalowo mgomo engqondweni, siza ucabangele imibuzo ethile abaningi abayibuzayo ngenkonzo yamaphayona.
UMBUZO 1: “Abanye bathi akubona bonke abantu okubalungelayo ukuphayona. Ngizokwazi kanjani ukuthi kungangilungela?”
2 Impendulo ixhomeke ezimweni zakho nasezibophweni ezingokomBhalo. Kunabaningi impilo yabo noma isimo sabo samanje ekuphileni okungabavumeli ukuba basebenze amahora angu-90 ngenyanga enkonzweni. Ngokwesibonelo cabangela odadewethu abaningi abathembekile abangamakhosikazi nomama abangamaKristu. Bahlanganyela enkonzweni kaningi ngangokunokwenzeka ngokwezinga izimo zabo ezibavumela ngalo. Uma amathuba ebavumela, baba amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu unyaka ngamunye, bavune injabulo ebangelwa ukwandisa ingxenye yabo enkonzweni. (Gal. 6:9) Nakuba izimo zabo zingase zingabavumeli ukuba bakhonze njengamaphayona esikhathi esigcwele njengamanje, bakhuthaza umoya wobuphayona futhi bayisibusiso ebandleni njengoba bengabamemezeli abashisekayo bezindaba ezinhle.
3 Ngakolunye uhlangothi, abafowethu nodadewethu abaningi abangenazo izibopho ezitheni baye bayitholela indawo inkonzo yamaphayona ngokuhlela izinto eziza kuqala. Kuthiwani ngawe? Ingabe ungomusha oseqedile esikoleni? Ingabe uyinkosikazi enomyeni okwaziyo ukuwunakekela kahle umkhaya? Ingabe nishadile futhi aninazingane enizondlayo? Ingabe usuthathe umhlala-phansi emsebenzini wokuziphilisa? Ukuthi uzophayona noma ngeke uphayone isinqumo umuntu ngamunye okumelwe azenzele sona. Umbuzo uwukuthi, Ungakutholela yini indawo ukuphayona ekuphileni kwakho?
4 USathane usebenzisa isimiso sezinto sakhe sezwe ukuze agcwalise ukuphila kwethu ngeziphazamiso futhi asenze singene shí endleleni yokuphila enobugovu. Uma sizimisele ukuhlala singeyona ingxenye yezwe, uJehova uyosisiza ukuba sigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala, sifinyelele futhi sibambe wonke amalungelo enkonzo engokwasezulwini asivulekele. Uma ungakwazi ukulungisa izimo zakho ukuze ukhonze njengephayona, kungani ungenzi kanjalo?
UMBUZO 2: “Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngizokwazi ukuzisekela ngokwezimali enkonzweni yesikhathi esigcwele?”
5 Kuyiqiniso ukuthi emazweni amaningi amahora okudingeka asetshenzwe isonto ngalinye emsebenzini wokuziphilisa ukuze uthole lokho okubhekwa njengezidingo zokuphila aye akhuphuka ngokuhamba kweminyaka. Nokho, abaningi baye baphayona amashumi eminyaka, futhi uJehova uyaqhubeka ebasekela. Ukuze uphumelele njengephayona, kudingeka ukholo nomoya wokuzidela. (Math. 17:20) Sinesiqinisekiso kumaHubo 34:10 sokuthi “abafuna uJehova abayikuswela-lutho oluhle.” Noma ubani ongenela inkonzo yamaphayona kufanele enze kanjalo eqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uyomnakekela. Yilokho kanye akwenzela amaphayona athembekile kuyo yonke indawo! (IHu. 37:25) Yiqiniso, ngokuvumelana nezimiso ezikweyesi-2 Thesalonika 3:8, 10 neyoku-1 Thimothewu 5:8, amaphayona awalindeli ukuba abanye bawasekele ngokwezimali.
6 Noma ubani ocabangela inkonzo yamaphayona kufanele enze njengoba uJesu asho: ‘Ahlale phansi kuqala futhi abale izindleko.’ (Luka 14:28) Ukwenza kanjalo kubonisa ukuhlakanipha okuwusizo. Khuluma nalabo abaye baphayona ngokuphumelelayo iminyaka eminingi. Babuze ukuthi uJehova uye wabasekela kanjani. Umbonisi wenu wesifunda uyiphayona elinokuhlangenwe nakho eliyokujabulela ukunikeza ukusikisela ngokuphathelene nendlela ongaphumelela ngayo enkonzweni yesikhathi esigcwele.
7 Umuntu angase angakuboni ngokugcwele ukuba yiqiniso kwesithembiso sikaJesu esikuMathewu 6:33 kuze kube yilapho ezibeka ezandleni zikaJehova. Iphayona elithembekile lalandisa: “Lapho mina nengangizosebenza naye sifika esabelweni esisha sokuphayona, sasinemifino eyingcosana nephakethe le-margarine futhi singenamali. Saqeda ukudla kwakusihlwa futhi sathi, ‘Manje asisenalutho lwakusasa.’ Sakuthandazela lokho, sase silala. Ekuseni ngakusasa kwafika uFakazi wakuleyo ndawo wabe esezethula, ethi, ‘Bengithandazela ukuba uJehova athumele amaphayona. Manje ngingakwazi ukuhamba nani cishe usuku lonke, kodwa njengoba ngihlala emaphandleni, kuzodingeka ngidle nani ukudla kwasemini, ngakho ngize nalokhu kudla esizokudla sonke.’ Kwakuyinyama yenkomo eningi nemifino.” Akumangalisi ukuthi uJesu wasiqinisekisa ngokuthi ‘singayeka ukukhathazeka ngemiphefumulo yethu’! Wabe esenezela: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebudeni besikhathi sakhe sokuphila?”—Math. 6:25, 27.
8 Izwe elisizungezile liya ligxila ngokwengeziwe ezintweni ezibonakalayo. Kunokucindezela okwengeziwe kokuba senze ngokuvumelana nalo. Nokho, ukuyazisa ngentobeko inkonzo yesikhathi esigcwele kusenza saneliswe izinto ezincane ezibonakalayo. (1 Thim. 6:8) Amaphayona agcina ukuphila kwawo kulula futhi kuhlelekile, anesikhathi esengeziwe senkonzo futhi athola injabulo eyengeziwe namandla angokomoya ekufundiseni abanye iqiniso. Nakuba engazami ukuphila ukuphila kokuzincisha, indlela yawo yokulinganisela ngokuqondene nesimo sawo esingokomnotho iye yawenza ajabulela izibusiso zokuphayona.
9 Uma unomuzwa ojulile wokuthi siphila ezinsukwini zokugcina nokuthi leli lizwe elibi seliphelelwa isikhathi, uyoshukumiseleka ngokomoya ukuba wenze ukuzidela okudingekile ukuze ushumayele izindaba ezinhle ngawo wonke amathuba. Ngokusihlola kabusha isimo sakho sezomnotho nokubeka le ndaba ezandleni zikaJehova, ungase uthole ukuthi ungakwazi ukumkhonza isikhathi esigcwele. Ngisho noma kudingeka udele ukuba nezinto ezithile ezibonakalayo ongathanda ukuba nazo ukuze uphayone, uyojabulela izibusiso zikaJehova ezicebile.—IHu. 145:16.
UMBUZO 3: “Njengosemusha, kungani kufanele ngicabangele inkonzo yamaphayona njengomsebenzi engingawukhetha ekuphileni?”
10 Lapho usuqedela iminyaka yakho embalwa yokugcina esikoleni, ngokuvamile ucabanga ngekusasa. Ufuna libe elilondekile, elijabulisayo nelanelisayo. Abeluleki babafundi esikoleni bangase bazame ukukuqondisa ekubeni uphishekele umsebenzi okhokhela kahle odinga ukuba ufunde iminyaka ethile ekolishi. Unembeza wobuKristu oqeqeshwe kahle ukutshela ukuthi kufanele ulungiselele ukukhonza uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka. (UmSh. 12:1) Ungase ucabange nangokushada ekugcineni futhi ube nomkhaya. Uzokwenzenjani?
11 Izinqumo ozenzayo ngalesi sikhathi ekuphileni zingase ziqondise ukuphila kwakho konke. Uma kakade usungomunye woFakazi BakaJehova ozinikezele wabhapathizwa, uye wazinikela ngomphefumulo wonke kuJehova. (Heb. 10:7) Ithuba lokuqala oba nalo, zama ukuba iphayona elisizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu. Lokhu kuyokwenza unambithe injabulo nemithwalo yemfanelo ehambisana nokuba iphayona elivamile, futhi umbono wakho ngokuphathelene nokuthi yini okufanele uyenze ngokuphila kwakho ngokungangabazeki uyocaca kakhudlwana. Khona-ke, kunokuba uthathe umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele ngemva kokuqeda esikoleni, kungani ungaqali ukuba iphayona elivamile? Abanye abaye bazindela baze bakhula ngaphambi kokuba bajabulele inkonzo yamaphayona bayazisola ngokuthi abazange baqale ngokushesha.
12 Njengosemusha, sebenzisa amathuba onawo okuba ongashadile, ujabulele izinzuzo okukulethela zona emsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele. Uma kuyisifiso sakho ukuba ushade ngolunye usuku, asikho isisekelo somshado esingcono ongasibeka kunesokuba uqale ukhonze emsebenzini wokuba iphayona elivamile. Njengoba ukhula ekuvuthweni nangokomoya, ungase ukhethe ukwenza ukuphayona kube umsebenzi wakho ekuphileni nomngane womshado onomqondo ofanayo. Eminye imibhangqwana eye yaphayona ndawonye iye yangena emsebenzini wesifunda noma ekubeni izithunywa zevangeli. Indlela yokuphila eyanelisa ngempela!
13 Kungakhathaliseki ukuthi uqhubeka isikhathi eside kangakanani uphayona, uyobe uphelelise imfundo yakho futhi wathola ukuqeqeshwa okubaluleke kakhulu okungekho msebenzi emhlabeni ongakunikeza. Ukuphayona kufundisa ukuzithiba, ukuhleleka ngokomuntu siqu, indlela yokusebenzelana nabantu, ukuncika kuJehova nendlela yokuba nesineke nomusa—izimfanelo eziyokuhlomisela ukuba wamukele imithwalo yemfanelo emikhulu.
14 Ukuphila akukaze kungaqiniseki kangaka esintwini. Zimbalwa izinto ezihlala njalo ngempela, ngaphandle kwalokho uJehova aye wakuthembisa. Njengoba ikusasa lakho liphambi kwakho, isiphi isikhathi esingcono kunalesi samanje ongaba naso sokukucabangela ngokujulile lokho oyokwenza ngokuphila kwakho eminyakeni ezayo? Cabanga ngokucophelela ngelungelo lokuphayona. Ngeke nanini uzisole ngokukhetha inkonzo yamaphayona njengomsebenzi wakho ekuphileni.
UMBUZO 4: “Ingabe awucindezelwa njalo ukuhlanganisa amahora adingekayo? Kuthiwani uma ngiba semuva ngesikhathi sami?”
15 Lapho ugcwalisa isicelo sokuba iphayona lesikhathi esigcwele, kumelwe uphendule umbuzo othi: “Usuzihlelile yini izimo zakho ukuze ulindele ngokufanelekile ukufinyelela imfuneko yaminyaka yonke yamahora angu-1000?” Ukuze uwafinyelele, kudingeka wenze amahora alinganiselwa kwamathathu ngosuku enkonzweni. Ngokusobala, lokhu kudinga ukuhlela okuhle nokuzithiba. Iningi lamaphayona libe selinesimiso esinengqondo nesisebenzisekayo ngezinyanga ezimbalwa.
16 Nokho, umShumayeli 9:11 uqinisile lapho ethi, ‘Sonke sihlangabezana nesikhathi nethuba.’ Ukugula kakhulu nezinye izimo ezingalindelekile kungabangela ukuba iphayona libe semuva ngamahora. Uma inkinga ingeke ithathe isikhathi eside futhi yenzeka ekuqaleni konyaka wenkonzo, kungase kudingeke nje isimiso sokusebenza ngokwengeziwe ukuze uvale isikhala sesikhathi esilahlekile. Kodwa kuthiwani uma kuvela inkinga enkulu sekusele izinyanga ezimbalwa onyakeni wenkonzo futhi iphayona lingasenakuwufinyelela umgomo?
17 Uma ugula okwesikhashana izinyanga ezimbalwa noma ungenakuwafinyelela amahora adingekayo ngenxa yesizathu esiphuthumayo esingaphezu kwamandla akho, ungaya elungwini leKomiti Yenkonzo Yebandla futhi ulichazele inkinga yakho. Uma laba badala becabanga ukuthi kungaba kuhle ukukuvumela ukuba uqhubeke enkonzweni yamaphayona ngaphandle kokukhathazeka ngokugcwalisa isikhathi esilahlekile, bangasenza leso sinqumo. Unobhala uyophawula ekhadini leRekhodi Lommemezeli Lebandla ukuze abonise ukuthi akudingekile ukuba usigcwalise isikhathi esilahlekile. Lokhu akuyona imvume yokungawenzi umsebenzi, kodwa kunalokho, ukubonisa ukucabangela okukhethekile ngezimo zakho.—Bheka isenezelo esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986, isigaba 18.
18 Amaphayona anokuhlangenwe nakho asebenza amahora engeziwe ekuqaleni konyaka wenkonzo. Inkonzo yawo yamaphayona iza kuqala, ngakho ngezinye izikhathi athola ukuthi kudingeka anciphise imisebenzi engabalulekile. Uma iphayona liba semuva ngenxa yokungahleli kahle noma ukuntula ukuzithiba ekuhambisaneni nesimiso salo, kufanele libe nomuzwa wokuthi kuwumthwalo walo wemfanelo ukusigcwalisa isikhathi esilahlekile futhi lingalindeli ukuba licatshangelwe ngokukhethekile.
19 Kunezikhathi lapho iphayona libhekana nokushintsha kwezimo zalo okungenakugwemeka. Lingase lithole ukuthi alikwazi ukufinyelela amahora adingekayo isikhathi eside ngenxa yenkinga yempilo eqhubekayo, imithwalo yemfanelo yomkhaya eyengeziwe, njalonjalo. Kuleso simo, inkambo ewukuhlakanipha iwukubuyela ezinhlwini zabamemezeli bese lihlanganyela enkozweni yamaphayona asizayo noma nini lapho kungenzeka khona. Alikho ilungiselelo elivamile lokuvumela umuntu ukuba ahlale esohlwini lwamaphayona uma izimo zakhe zingasamvumeli ukuba afinyelele amahora adingekayo.
20 Sethemba ukuthi ilungiselelo lokubonelela ngokukhethekile labo abafanelekayo liyokhuthaza abengeziwe ukuba babhalisele inkonzo yamaphayona ngaphandle kokukhathazeka ngokungadingekile. Kufanele likhuthaze nalabo asebesenkonzweni yesikhathi esigcwele ukuba baqhubeke bephayona. Sifuna ukuba amaphayona aphumelele enkonzweni yawo yesikhathi esigcwele.
UMBUZO 5: “Ngifuna ukufeza okuthile futhi ngikujabulele ukukwenza. Ingabe inkonzo yamaphayona iyonganelisa?”
21 Injabulo yangempela ixhomeke kakhulu ekubeni nobuhlobo obuseduze nobomuntu siqu noJehova nokuqiniseka ngokuthi simkhonza ngokwethembeka. UJesu wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa “ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe.” (Heb. 12:2) Injabulo yakhe yayisekwenzeni intando kaNkulunkulu. (IHu. 40:8) Kulesi simiso sezinto samanje, singaba nenjabulo yangempela uma eminingi yemisebenzi yethu yokuphila ihlobene nokukhulekela uJehova. Ukuphishekela izinto ezingokomoya kusinika umuzwa wenjongo ngoba ekujuleni kwezinhliziyo zethu siyazi ukuthi senza okulungile. Injabulo itholakala ngokupha, futhi ayikho enye indlela engcono esiyaziyo esingazinikela ngayo kuneyokufundisa abanye indlela yokuthola ukuphila okumi phakade ezweni elisha likaNkulunkulu.—IzE. 20:35.
22 Iphayona elicashunwe esigabeni sokuqala lakuchaza ngale ndlela: “Ikhona yini injabulo engadlula eyokubona othile ofunda naye eba umdumisi kaJehova okhuthele? Kuyajabulisa futhi kuqinisa ukholo ukubona indlela iZwi likaNkulunkulu elinamandla ngayo ekushukumiseni abantu ukuba benze izinguquko ekuphileni kwabo ukuze bajabulise uJehova.” (Bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1997, amakhasi 18-23.) Ngakho, yini ekulethela injabulo? Uma, wazisa imisebenzi ehlala njalo newufanele umzamo odingekayo kunenjabulo yesikhashana enikezwa izwe, ukuphayona kuyokunika umuzwa omangalisayo wokukwazi ukufeza okuthile, oyokwenza ujabule ngempela.
UMBUZO 6: “Uma kungeyona into edingekayo ukuze umuntu azuze ukuphila okuphakade, akufanele yini ngizinqumele ngokwami ukuthi ngiyaphayona noma cha?”
23 Yiqiniso, kumelwe kube nguwe ozinqumelayo ukuphayona. UJehova kuphela onganquma ukuthi zinjani izimo zakho zokuphila. (Roma 14:4) Ulindele ngokufanele ukuba umkhonze ngenhliziyo, ngomphefumulo, ngengqondo nangamandla akho wonke. (Marku 12:30; Gal. 6:4, 5) Uyamthanda umuphi onamileyo, omkhonza ngokujabula, hhayi ngokungathandi noma ngokucindezelwa. (2 Kor. 9:7; Kol. 3:23) Isizathu sakho sokukhonza isikhathi esigcwele kumelwe sibe ukuthi uthanda uJehova nabantu abasensimini. (Math. 9:36-38; Marku 12:30, 31) Uma lena kuyindlela ozizwa ngayo, khona-ke kufanele uyicabangele ngokungathi sína inkonzo yamaphayona.
24 Sethemba ukuthi lokhu okuchazwe lapha kuzokuzisa ukuba uwacabangele amathuba akho okuphayona. Ingabe ungazilungisa izimo zakho ukuze ube iphayona elivamile? Ngezansi kunyatheliswe ikhalenda elinesihloko esithi “Isimiso Sami Samasonto Onke Senkonzo Yamaphayona.” Ake ubone ukuthi ungazenzela yini isimiso esisebenzisekayo esizokwenza ukuba ukwazi ukwenza amahora angaba ngu-23 isonto ngalinye enkonzweni. Khona-ke, beka ukholo lwakho nethemba lakho kuJehova ngokuphelele. Ngosizo lwakhe ungaphumelela! Uye wathembisa: ‘Ngizonithululela isibusiso kunokwaneleyo.’—Mal. 3:10.
25 Ngakho siyabuza, “Inkonzo yamaphayona—ingabe ingakulungela?” Uma ungathi “Yebo,” beka usuku ozoqala ngalo ukuba iphayona elivamile ngokushesha futhi uqiniseke ukuthi uJehova uzokubusisa ngokuphila okujabulisayo!
[Ishadi ekhasini 6]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Isimiso Sami Samasonto Onke Senkonzo Yamaphayona
NGOMSOMBULUKO Ekuseni inkonzo yasensimini
NGOLWESIBILI Ekuseni inkonzo yasensimini
NGOLWESITHATHU Ekuseni inkonzo yasensimini
NGOLWESINE Ekuseni inkonzo yasensimini
NGOLWESIHLANU Ekuseni inkonzo yasensimini
NGOMGQIBELO Ekuseni inkonzo yasensimini
NGESONTO Ekuseni inkonzo yasensimini
NGOMSOMBULUKO Ntambama inkonzo yasensimini
NGOLWESIBILI Ntambama inkonzo yasensimini
NGOLWESITHATHU Ntambama inkonzo yasensimini
NGOLWESINE Ntambama inkonzo yasensimini
NGOLWESIHLANU Ntambama inkonzo yasensimini
NGOMGQIBELO Ntambama inkonzo yasensimini
NGESONTO Ntambama inkonzo yasensimini
NGOMSOMBULUKO Kusihlwa inkonzo yasensimini
NGOLWESIBILI Kusihlwa inkonzo yasensimini
NGOLWESITHATHU Kusihlwa inkonzo yasensimini
NGOLWESINE Kusihlwa inkonzo yasensimini
NGOLWESIHLANU Kusihlwa inkonzo yasensimini
NGOMGQIBELO Kusihlwa inkonzo yasensimini
NGESONTO Kusihlwa inkonzo yasensimini
Bhala ngepeni lomsizi isimiso sakho sosuku ngalunye lwesonto.
Hlela ukuba nengqikithi yamahora angu-23 isonto ngalinye enkonzweni yasensimini.
Ingqikithi yamahora engiwahlelele isonto ngalinye ____________________