Indlela Amalungu Omkhaya Abambisana Ngayo Ukuze Ahlanganyele Ngokugcwele—Emihlanganweni Yebandla
1 Imikhaya yamaKristu kumelwe ilalele umyalo wokuhlangana ndawonye emihlanganweni yebandla. (Heb. 10:24, 25) Ngokubambisana okuhle, sonke singaphumelela ukulungiselela, ukuba khona nokuhlanganyela emihlanganweni. Izimo zemikhaya ziyahlukahluka, kodwa kunezinto indoda engumKristu, inkosikazi ekholwayo, noma umzali ongayedwa abangazenza ukuze bathuthukise ubunye bomkhaya ezintweni ezingokomoya, kungakhathaliseki ukuthi zingaki izingane abanazo ekhaya nobudala bazo.—IzAga 1:8.
2 Yibani Nesikhathi Sokulungiselela: Amalungu omkhaya ayabambisana ukuze aqikelele ukuthi ilungu ngalinye liyilungiselele kahle imihlangano yebandla. Abaningi basilungiselela ndawonye isihloko seSifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke. Abanye balungiselela iSifundo Sencwadi Sebandla noma bahlanganyele ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke njengomkhaya. Umgomo uwukwazi amaphuzu ayinhloko ngaphambi kokuya emihlanganweni. Ngaleyo ndlela, bonke bayozuza ngokwengeziwe kulokho abakuzwayo futhi bayohlala bekulungele ukuhlanganyela lapho kuvuleka ithuba.—1 Thim. 4:15.
3 Hlela Ukuhlanganyela: Wonke umuntu emkhayeni kufanele abe nomgomo wokumemezela ithemba lakhe phambi kwabanye ngokuphendula emihlanganweni. (Heb. 10:23) Ingabe kunelungu lomkhaya elidinga usizo noma isikhuthazo ukuze lenze lokhu? Yiluphi usizo umuntu ngamunye aludingayo ekulungiseleleni izabelo zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini? Amakhosikazi ayakwazisa uma abayeni bawo bethatha isinyathelo kuqala futhi mhlawumbe banikeze ukusikisela komfanekiso ofanelekayo noma ukuhlelwa kwenkulumo okuzuzisayo. Abazali akufanele babe nomuzwa wokuthi kufanele balungiselele izabelo zezingane zabo ezisencane. Ukwenza kanjalo kungenza izingane zingakwazi ukuzenzela izinto. Kodwa abazali bangazisiza izingane zabo futhi balalele lapho ziprakthiza ngokuzwakalayo.—Efe. 6:4.
4 Hlela Ukuba Khona: Izingane zingafundiswa zisencane ukuba zigqoke futhi zilungele ukuya emhlanganweni ngesikhathi esimisiwe. Amalungu omkhaya kufanele abambisane ekunakekeleni imisebenzi yasendlini ukuze angabambezeleki.—Bhekani ukusikisela okusencwadini ethi Injabulo Yomkhaya, ikhasi 112 nethi Intsha Iyabuza, amakhasi 316-17.
5 Abazali nezingane bangazindla ngamazwi kaJoshuwa wasendulo, owathi: “Mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.” Khona-ke, zimiseleni ukubambisana ukuze nihlanganyele ngokugcwele emihlanganweni yebandla.—Josh. 24:15.