Ingabe Asikaze Sikuzwe Lokhu Ngaphambili?
1 Sake sakuzwa! UJehova uphindaphinda izinto eziningi eZwini lakhe ukuze kuzuze abantu bakhe. UJesu wayevame ukuphindaphinda izimfundiso zakhe ngokuphathelene nezici ezihlukahlukene zoMbuso. Abaphostoli bakhe babezibukeza njalo izinto ezingokomoya nalabo ababegxile eqinisweni.—Roma 15:15; 2 Pet. 1:12, 13; 3:1, 2.
2 Esikhathini sethu inhlangano kaJehova iye yahlela ukuba izindaba ezibalulekile zibukezwe ngokuphindaphindiwe emihlanganweni yebandla. Ezinye izincwadi ziye zafundwa ngokuphindaphindiwe. Yebo, kubalulekile ukuzwa izinto esake sazizwa ngaphambili!
3 Ukuphindaphinda Kufeza Isidingo Esibalulekile: Izikhumbuzo zikaJehova zenza ukuqonda kwethu kujule, zenze sibe nombono obanzi ngezinto futhi ziqinise ukuzimisela kwethu ukuba singaphambuki ngokomoya. (IHu. 119:129) Ukubukeza izindinganiso kanye nezimiso zikaNkulunkulu kunjengokuzibuka esibukweni. Kusisiza ukuba sizihlolisise futhi sinqobe ukuthambekela kokuba umuntu “ozwayo oyisikhohlwa.”—Jak. 1:22-25.
4 Uma singaqhubeki sizikhumbuza ngeqiniso, izinhliziyo zethu ziyothonywa ezinye izinto. Izikhumbuzo zikaNkulunkulu zisiqinisela ukuba simelane namathonya onakalisayo ezwe likaSathane. (IHu. 119:2, 3, 99, 133; Fil. 3:1) Izikhumbuzo esizithola njalo ngokuphathelene nokufezeka kwezinjongo zikaNkulunkulu zisishukumisela ukuba ‘sihlale silindile.’ (Marku 13:32-37) Ukuphindaphindwa kwamaqiniso angokomBhalo kusisiza ukuba sihlale endleleni eyisa ekuphileni okumi phakade.—IHu. 119:144.
5 Indlela Esingazuza Ngayo Ngokomuntu Siqu: Kumelwe ‘sithobisele izinhliziyo zethu [“ezikhumbuzweni,” NW] zikaNkulunkulu.’ (IHu. 119:36) Lapho kuzofundwa ngesihloko esijwayelekile emhlanganweni webandla, kufanele silungiselele kusengaphambili, sifunde imibhalo ekhonjiwe futhi sizindle ngokuthi singakusebenzisa kanjani lokho kwaziswa. Singayeki ukulungiselela ukubukeza okulotshwayo kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, sicabange ukuthi akudingekile. (Luka 8:18) Akufanele singalalelisisi ngenxa yokuthi amaqiniso ayisisekelo ngokuvamile ayaphindaphindwa emihlanganweni yethu.—Heb. 5:11.
6 Kwangathi singaba nesimo sengqondo esifana nesomhubi: “Ngithokoza ngendlela [“yezikhumbuzo zakhe,” NW] njengemfuyo.” (IHu. 119:14) Yebo siye sazizwa lezi zinto eziyigugu ngaphambili, futhi cishe siyophinde sizizwe. Ngani? Ngoba uJehova uyazi ukuthi siyakudinga ukuzizwa!