“Abesifazane Abasebenza Kanzima ENkosini”
1 UPawulu wabachaza ngala mazwi angenhla, oTrifina noTrifosa, odade ababili ababezikhandla ebandleni laseRoma. Wathi ngomunye, okuthiwa uPersisi: “Wenza imisebenzi eminingi eNkosini.” Wakhuluma kahle nangoFebe wathi ‘ungumvikeli wabaningi.’ (Roma 16:2, 12) EmiBhalweni, uDorka kwakhulunywa ngaye kwathiwa “wayevamile ezenzweni ezinhle naseziphweni zesihe ayezinikela.” (IzE. 9:36) Yeka ukuthi abesifazane abangokomoya bayisibusiso kanjani ebandleni!
2 Ingabe siyabazisa odade abasebenza kanzima emabandleni ethu? Benza ingxenye enkulu yomsebenzi wokushumayela, baqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi futhi basiza abaningi abasanda kuhlanganyela. Bachitha nesikhathi esiningi besiza izingane ukuba zithuthuke ngokomoya. Abesifazane abangamaKristu bafeza ingxenye yabo ekwakheni umoya wothando, injabulo, ukuthula nentshiseko ebandleni. Basekela ngezindlela eziningi ukuze abayeni babo namanye amalungu omkhaya enze okwengeziwe enkonzweni kaJehova.
3 Abesifazane Abasenkonzweni Yesikhathi Esigcwele: Phakathi kwalabo abasebenza kanzima eNkosini kunodade abayizithunywa zevangeli, abaningi baye bahlanganyela ekusunguleni umsebenzi kwamanye amazwe. Emabandleni akhonzwa abayeni bawo, amakhosikazi ababonisi abajikelezayo amatasa enkonzweni yasensimini, ekhuthaza odade abaningi. Okungamelwe balitshalwe odade baseBethel, abenza inkonzo engcwele ngentshiseko besekela inhlangano kaJehova. Futhi odadewethu abangamaphayona avamile, ngemizamo yabo yokwethembeka yokudumisa uNkulunkulu, basiza izinkulungwane ukuba zifunde iqiniso.
4 Laba besifazane abathembekile bathola ukwaneliseka okukhulu endleleni yabo yokuphila yokuzidela. (1 Thim. 6:6, 8) Kubafanele ukutuswa nokunikezwa noma isiphi isikhuthazo nokusekela esingakwazi ukubanikeza kona.
5 Abesifazane abangamaKristu bayimpahla eyigugu enhlanganweni kaJehova, benza inkonzo yokwethembeka eyisibusiso kubo bonke. Sengathi singaqhubeka sibazisa abesifazane abanjalo futhi sithandazela ukuba isibusiso sikaJehova sibe nabo njengoba beqhubeka ‘besebenza kanzima eNkosini.’