Singamenza Yini U-April 2000 Abe Inyanga Ekhetheke Kunazo Zonke Kithi?
1 ULwesithathu kusihlwa, April 19, kuyoba usuku oluvelele lonyaka wethu wenkonzo. Ngalolo suku, njengoba ilanga liya lishona ezingxenyeni zomhlaba, wonke amabandla namaqembu oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ayoba neSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, ukukhumbula umhlatshelo kaJesu Kristu kuyoba isenzakalo sonyaka esibaluleke kunazo zonke. Usuku lweSikhumbuzo lubonisiwe ‘eKhalendeni Elingokwasezulwini Lika-April 2000’ elitholakala ekhasini 6 lalesi senezelo.
2 Yonke inyanga ka-April isinikeza ithuba elimangalisayo lokubonisa ngomphefumulo wonke ukwazisa kwethu umusa kaJehova ongasifanele awubonisa ngomhlatshelo weNdodana yakhe. Kanjani? Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando uKristu analo luyasiphoqelela, ngoba yilokhu esikwahlulele, ukuthi umuntu oyedwa wafela bonke; ngakho-ke, bonke bafile; futhi wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela futhi wavuswa.” (2 Kor. 5:14, 15) Yebo, phakathi no-April singabonisa ukuthi asiziphileli thina kodwa siphilela yena owasifela, le nyanga siyenze ibe ngekhetheke kunazo zonke njengezikhonzi zoMbuso!
3 Bhalisela Ukuba Iphayona Elisizayo Ngo-April: Umphostoli uPawulu wasibekela isibonelo esishukumisayo lapho ethi: “Ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube-yigugu kimi‚ kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.” (IzE. 20:24) Nathi sinelungelo elifanayo lokunikeza ubufakazi ngokungashwampuluzi ngoJehova uNkulunkulu. Ukuze sikwenze lokho, sifuna ukwenza u-April abe inyanga yethu ekhetheke kunazo zonke yomsebenzi wamaphayona asizayo!
4 Njengoba u-April 2000 enamasonto ayisihlanu agcwele, uyoba inyanga enhle kakhulu yokuba abaningi baphayone. Emuva ngo-April 1990, lapho iNingizimu Afrika ifinyelela inani eliphakeme kunawo wonke lamaphayona asizayo, abangu-9 562 abahlanganyela bamelela amaphesenti angu-19 abo bonke abamemezeli. Eminyakeni engu-9 kamuva, ingqikithi yabamemezeli ababika ngo-April 1999 yayande ngamaphesenti acishe abe ngu-32. Lokhu kusho ukuthi kunethuba elikhulu lokudlula inani eliphakeme esasinalo ngaphambili lamaphayona asizayo. Ngaphezu kwalokho, amahora afunekayo asehlisiwe, okwenza lesi sici senkonzo sifinyeleleke kwabaningi ebandleni. Ummemezeli ngamunye obhapathiziwe kufanele akucabangele ngomthandazo ukuthi angakwazi yini ukuba iphayona elisizayo kulo April.
5 Usebenzisa esithi “IKhalenda Elingokwasezulwini Lika-April 2000” elikulesi senezelo, sihlele manje isimiso sakho senyanga ezayo. Nquma ukuthi iziphi izinsuku oyokwazi ukuhlanganyela ngazo enkonzweni yasensimini, bese uhlanganisa wonke amahora onomuzwa wokuthi ungawasebenzisela umsebenzi wokushumayela phakathi nenyanga. Hlanganisa nesikhathi ongasisebenzisela ukufakaza kwabanye ngendlela ehlelekile nangokwethukela. Ingabe leyo ngqikithi iyasondela emahoreni angu-50 afunekayo emaphayoneni asizayo? Uma engahlangani amahora adingekayo, ungakwenza yini ukulungisa okuthile esimisweni sakho ukuze uthenge isikhathi sokuba iphayona elisizayo? Kungadingeka ukuba wenze isilinganiso sehora elilodwa nemizuzu engu-40 usuku ngalunye ukuze ufinyelele amahora angu-50 ngenyanga.
6 Njengoba manje esencishisiwe namahora afuneka emaphayoneni avamile, ingabe ubukucabangela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele? Kungani ulinda? U-April angaba inyanga enhle yokuqala! Uma ungaqiniseki ukuthi ungakwazi yini ukufinyelela amahora angu-70 afuneka emaphayoneni avamile, kungani ungabi iphayona elisizayo ngo-April, uzibekele umgomo wamahora angu-70? Uma ubona ukuthi ungakwenza, ungase ukulungele ngokwengeziwe ukufaka isicelo sokungena ohlwini lwamaphayona avamile ngokushesha ngangokunokwenzeka.—Bheka ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 113-14.
7 Hlanganyela Ngokugcwele Njengommemezeli Wezindaba Ezinhle: Kithi sonke, abamemezeli namaphayona ngokufanayo, uthando lwethu oluqotho ngoNkulunkulu nangomakhelwane lusishukumisela ukuba sikwenze ngomphefumulo wonke konke esingakwenza enkonzweni kaJehova kuye ngokwezimo zethu. (Luka 10:27) Ngaleyo ndlela sibonisa ukuthi “sisebenza kanzima futhi siyazikhandla, ngoba ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo, onguMsindisi wazo zonke izinhlobo zabantu, ikakhulukazi wabakholekileyo.” (1 Thim. 4:10) Yingakho kufanele silindele ukuba kuhlanganyele wonke umuntu ngo-April, sonke sibe nengxenye egcwele emsebenzini woMbuso.
8 Singakukhohlwa ukunxusa kukaJesu: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” Ngokushesha ngemva kokusho lokho, uJesu wabiza abaphostoli bakhe abangu-12 futhi wabathuma ukuba bayoshumayela. (Math. 9:37, 38; 10:1, 5, 7) Cishe ngemva konyaka kamuva, laba abangu-12 sebeqeqeshwe kahle emsebenzini wokushumayela, uJesu ‘wakhetha abanye abangamashumi ayisikhombisa futhi wabathuma,’ ebanikeza izeluleko ezifanayo: “Ngempela, ukuvuna kukhulu . . . Ngakho-ke ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:1, 2) Incwadi yeBhayibheli yezEnzo ibika indlela uJehova aphendula ngayo leyo mithandazo. NgePhentekoste lika-33 C.E., inani labafundi lase lande laba cishe ngu-120. Khona-ke, kwafinyelelwa amanani aphakeme elandelana abangu-3 000 nabangu-5 000. (IzE. 1:15; 2:41; 4:4) Ngemva kwalokho, “isibalo sabafundi saqhubeka siphindaphindeka kakhulu.” (IzE. 6:7) Kungokufanayo nanamuhla, kufanele siqhubeke sicela eNkosini abashumayeli boMbuso abengeziwe! Ngokuvumelana nemithandazo yethu, ummemezeli webandla ngamunye kufanele enze amalungiselelo aqondile okuhlanganyela enkonzweni nyanga zonke.
9 Ake uphinde ubheke “IKhalenda Elingokwasezulwini Lika-April 2000” elikule-Nkonzo Yethu YoMbuso. Njengoba izinsuku ezimbili zokuqala zale nyanga kunguMgqibelo neSonto, ungawenza yini amalungiselelo okuba uhlanganyele enkonzweni ngaleyo mpelasonto, uqale nje zisuka amadaka kule nyanga? USuku Lukamagazini Olukhethekile lungoMgqibelo, April 1. Wonke umuntu kufanele abe nomgomo wokuhlanganyela emsebenzini kamagazini ngalolo suku. Nokho, ingabe ungalusekela “uSuku Lukamagazini” ngalunye phakathi nale nyanga usebenze neqembu lenu leSifundo Sencwadi Sebandla? Kuthiwani ngokusebenza ihora noma ngaphezulu iSonto ngalinye enkonzweni? Ungahlela ukuhlanganyela ekufakazeni kwakusihlwa? Futhi ungakhohlwa ukusebenzisa ngokunenzuzo wonke amathuba owatholayo okufakaza ngokwethukela emsebenzini, esikoleni noma lapho wenza eminye imisebenzi yansuku zonke. Phawula izinsuku ongakwazi ngazo ukusebenzisa isikhathi esithile enkonzweni, futhi ikhalenda ulisebenzisele ukubhala isikhathi osisebenzayo enkonzweni kuleyo nyanga.
10 U-April uyoba isikhathi esihle ngabo bonke abafanelekayo nabaye bavunyelwa abadala ukuba baqale ukukhonza njengabamemezeli abangabhapathiziwe. Uma ufunda iBhayibheli nothile, ingabe lowo muntu usethuthuke ngokwanele ukuba aye kumbonisi owengamele acele ukuba acatshangelwe njengommemezeli wezindaba ezinhle? Uma unezingane ezingabhapathiziwe, usuke waxoxa yini nabadala ngentuthuko yazo engokomoya? Ngeke yini lesi kube isikhathi esihle ngazo ukuba ziqale ukuba abamemezeli?—Bheka ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 97-100.
11 Emzamweni wethu wokwenza u-April 2000 abe inyanga ekhetheke kunazo zonke, sonke kufanele sihlanganyele enkonzweni bese sifaka umbiko wethu ekupheleni kwenyanga. (Qhathanisa noMarku 6:30.) Abamemezeli abasha abangabhapathiziwe abaqalayo ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini kufanele bakhuthazwe ukuba bawubike ngokushesha umsebenzi wabo. Ngokwenza ingxenye yethu, singaba nesandla embikweni omuhle ka-April futhi kulethe udumo olukhulu kuJehova ngenxa yemizamo yethu yokufakaza.
12 Woza Nabanye ESikhumbuzweni: Akunakusivusa amadlingozi yini ukubona inani elisha eliphakeme labazokuba seSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngo-2000? Kunjalo! Kuyokusho ukuthi abantu abaningi kunanini ngaphambili baye bahlangana ukuze bazobonisa ukwazisa kwabo ngesenzo esikhulu kakhulu sothando uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abaye basenzela sona! (Joh. 3:16; 15:13) Yenza noma imaphi amalungiselelo adingekile ukuze kungabi nalutho olukuvimbelayo wena nomkhaya wakho ukuba nibe khona eSikhumbuzweni.
13 Manje sekuyisikhathi futhi sokuqala ukumemela abanye eSikhumbuzweni. Yenza uhlu lwabo bonke ongathanda ukubabona bekhona. Hlanganisa nanoma ibaphi abake bafunda iBhayibheli ngaphambili, labo abafundayo manje nazo zonke izimpindelo zakho. Ohlwini lwakho nezela ojwayelene nabo emsebenzini, esikoleni, omakhelwane, kanye nanoma ibaphi osebenzelana nabo ebhizinisini. Ungakhohlwa ukuhlanganisa nabanye ojwayelene nabo nezihlobo zakho. Ngemva kokwenza lolu hlu, qala ukubamema ngobuqotho, uzifikele mathupha kubo. Bachazele kahle ukuthi iSikhumbuzo sizoba nini futhi kuphi. Njengoba u-April 19 esondela, bakhumbuze labo abasohlwini lwakho, ngokuya mathupha kubo noma ngokubashayela ucingo. Cela ukuba uzobalanda uye nabo eSikhumbuzweni ngalobo busuku.
14 Ngokuvumelana nesiqondiso seNhlangano sesikhathi esidlule, indikimba yabadala iyokwenza umzamo okhethekile wokukhuthaza abamemezeli abapholile ensimini yenu ukuba babe khona eSikhumbuzweni. (Math. 18:12-14) Abadala kufanele babukeze incwadi ababeyibhalelwe yiNhlangano ngo-February 2, 1999. Unobhala webandla kufanele enze uhlu lwabo bonke abamemezeli abapholile, umbonisi wenkonzo abele abadala ukuba babahambele babamemele eSikhumbuzweni. Mhlawumbe uma kwenziwa ukuhambela kokwalusa ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze bakhuthazwe, laba abapholile bangasizwa ukuba baphinde bakhuthale enkonzweni yasensimini, ngisho nangaye u-April. Kuyobakha uma bemenywa ukuba bahlanganyele nommemezeli onokuhlangenwe nakho enkonzweni yasensimini.
15 Khuthaza Ukusekela Okuhle Ngo-April! Kuyodingeka ukuba abadala, izinceku ezikhonzayo kanye nezinhloko zemikhaya babambisane kahle ukuze u-April 2000 abe yinyanga ekhetheke kunazo zonke kithi. Abadala bayokhuthalela ukuba yonke into ihleleke kahle futhi bahole. (Heb. 13:7) Kufanele kwenziwe amalungiselelo afanelekile emihlangano yenkonzo yasensimini phakathi nesonto nangezimpelasonto. Kungase kuhlelwe neminye imihlangano yenkonzo yantambama nakusihlwa. Isimiso esiphelele sakho konke okuhlelelwe u-April kufanele sichonywe ebhodini lezaziso. Kufanele kwabelwe othile ukuba anakekele umhlangano wenkonzo ngamunye ohleliwe. Kufanele kube nensimu eyanele izidingo zeqembu ngalinye.
16 Ngo-April kuzobe kuhanjiswa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Kufanele kuhanjiswe incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kubo bonke ababonisa isithakazelo, ngomzamo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Ngakho-ke, kufanele kube nomagazini abanele nezincwajana.
17 Ekupheleni kwenyanga, bonke abaqhubi bezifundo zencwadi nabasizi babo kuyodingeka bakhuthaze ngamunye eqenjini labo ukuba afake umbiko wenkonzo ngokushesha ngemva kokuphela kwenyanga. Mhlawumbe lokhu kungenziwa ngisho nangeSonto, ngo-April 30. Khona-ke, uma lapho unobhala ehlanganisa imibiko, ebona ukuthi kunabamemezeli abangazange bayilethe imibiko yabo, angabakhumbuza ngomusa ukuba bawulethe ngaphambi kuka-May 6, okuyisikhathi okumelwe athumele ngaso umbiko webandla eNhlanganweni. Angase acele abaqhubi bezifundo zencwadi ukuba bamsize ekuthinteni labo bamemezeli.
18 Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esibaluleke kakhulu sonyaka kubantu bakaNkulunkulu. Kufanele kube yisikhathi esimatasa kakhulu kithi sonke enkonzweni kaJehova. Iyoba njalo uma sonke sihlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka njengabamemezeli bezindaba ezinhle, uma labo abangase bakwazi ukubhalisa njengamaphayona asizayo benza kanjalo, futhi uma sikukhuthalela ukuza nabanye eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Kwangathi ngobuqotho singakhulekela isibusiso sikaJehova esicebile njengoba senza umzamo wokwenza u-April 2000 abe inyanga ekhetheke kunazo zonke kithi, konke kwenzelwe udumo nenkazimulo kaNkulunkulu!—Heb. 13:15.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Amanani Aphakeme Kunanini Amaphayona Asizayo:
ENingizimu Afrika: 9 562 (April 1990)
EBotswana: 160 (April 1993)
ELesotho: 326 (April 1990)
ENamibia: 127 (April 1992)
ESt. Helena: 18 (May 1987)
ESwaziland: 213 (April 1992)
[Ibhokisi ekhasini 4]
Izingqikithi Eziphakeme Kunanini Zabamemezeli:
ENingizimu Afrika: 67 069 (August 1999)
EBotswana: 1 153 (August 1998)
ELesotho: 2 573 (August 1999)
ENamibia: 995 (August 1998)
ESt. Helena: 160 (November 1997)
kESwaziland: 2 029 (August 1999)
[Ibhokisi ekhasini 5]
Amanani Aphakeme Kunanini Alabo AbabeseSikhumbuzweni:
ENingizimu Afrika: 168 903 (1997)
EBotswana: 3 535 (1997)
ELesotho: 7 056 (1995)
ENamibia: 2 681 (1997)
ESt. Helena: 354 (1997)
ESwaziland: 5 976 (1997)
[Ishadi ekhasini 6]
IKhalenda Elingokwasezulwini Lika-April 2000
ISonto UMsom- ULwesi ULwesi- ULwesine ULwesi UMgqibelo
buluko bili thathu hlanu
1
USUKU
OLUKHETHEKILE
LUKAMAGAZINI
2 3 4 5 6 7 8
USuku
Lukamagazini
9 10 11 12 13 14 15
Marku Marku
14:3-9; 11:12-19
11:1-11
USuku
Lukamagazini
16 17 18 19 20 21 22
Marku Marku Marku ISIKHUMBUZO
11:20– 14:1, 2, 14:12-16; NGEMVA
12:27, 10, 11; Matthewu KOKUSHONA
KWELANGA
41-44 Matthewu 26:17-19 Mark
INKULUMO 26:1-5 14:17–15:1
EKHETHEKILE 14-16
USuku
Lukamagazini
23 24 25 26 27 28 29
USuku
Lukamagazini
30
Faka
Umbiko
Wakho
Wenkonzo
Yasensimini
Phawula izinsuku ongase ukwazi ngazo ukuchitha isikhathi esithile enkonzweni. Sebenzisa leli khalenda ukuba ubhale isikhathi osichithe enkonzweni ngale nyanga.