IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini okufanele siyiqaphele lapho sishumayeza iziboshwa?
Emhlabeni wonke kuneziboshwa okungenani eziyizigidi ezingu-8. Ezinye zazo zibonisa isithakazelo ezindabeni ezinhle. (1 Thim. 2:4) Elinye ihhovisi legatsha lithola izincwadi ezingaba ngu-1 400 inyanga ngayinye ezivela eziboshweni nasemalungwini emikhaya yazo zicela izincwadi noma ukuvakashelwa. Nakuba ezinye iziboshwa zinesithakazelo esiqotho, kuye kwatholakala ukuthi ezinye zinesithakazelo mbumbulu, zifuna ukusizakala ngabantu bakaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, wonke umuntu kufanele alalele lezi zixwayiso ezilandelayo maqondana nokushumayeza iziboshwa.
Ezimweni eziningi iziboshwa zishunyayezwa ngokubhalelwa izincwadi. Kukhuthazwa kakhulu ukuba odade bangazibhaleli iziboshwa zesilisa, ngisho noma behlose ukuzinikeza usizo olungokomoya. Abazalwane abafanelekayo kuphela okufanele benze lowo msebenzi. Odade abafanelekayo bangase babelwe ukuba babhalelane neziboshwa zesifazane ezibonisa isithakazelo esiqotho eqinisweni leBhayibheli. Iziboshwa akufanele zithunyelelwe imali noma izipho ezivela kumuntu siqu, ngisho noma zingazicela izinto ezinjalo.
Lapho umuntu oboshiwe ebonisa isithakazelo, igama nekheli lakhe kufanele kuthunyelwe ebandleni elisendaweni ijele elikuyo. Ngokuvamile abazalwane abafanelekayo kuleyo ndawo bayazi ukuthi bangazisingatha kanjani izimo ezihlukahlukene ezingavela. Uma ibandla lingaziwa, igama nekheli kufanele kuthunyelwe ehhovisi legatsha.
Akunqatshelwe ukuba abazalwane ababelwe baqhube imihlangano neziboshwa ukuze kufunde eziningi ngasikhathi sinye. Nokho, imicimbi ekhethekile lapho abamemezeli beba nobudlelwane obukhululekile neziboshwa akufanele yenzelwe emajele. Ngaphezu kwalokho, akutuswa neze ukuba abamemezeli bamane nje bavakashe ejele futhi babe nobudlelwane obuseduze neziboshwa bengahlelile kahle kusengaphambili.
Kwangathi ‘singaba abaqaphe njengezinyoka nokho sibe msulwa njengamajuba’ njengoba sishumayeza iziboshwa izindaba ezinhle.—Math. 10:16.