Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Apr. 15
“Eminyakeni yamuva abantu abaningi baye baphawula ukuthi izindinganiso zenkolo ziyawohloka. Ingabe uye wakuphawula lokhu? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 119:105.] Izindinganiso zenkolo zingasiza abantu ukuba bagweme izingibe eziningi ekuphileni. Lo magazini ubonisa lapho izindinganiso zenkolo eziyiqiniso zingatholakala khona.”
INqabayokulinda May 1
“Eminye imibuzo ngeke bakwazi ukuyiphendula abantu. Ngokwesibonelo phawula lokhu. [Funda uJobe 21:7.] Ukhona umbuzo owake wafisa ukuwubuza uNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza indlela abantu kuzo zonke izingxenye zomhlaba abaye bathola ngayo izimpendulo ezanelisayo zemibuzo emithathu ebaluleke kunayo yonke ekuphileni.”
Phaphama! May 8
“Ekuphileni kwanamuhla okusheshayo, abantu abaningi bayakhathazeka ngokubona sengathi izingane zikhula ngokushesha. Ingabe nawe kuyakukhathaza lokhu? [Lindela impendulo, bese ufunda umShumayeli 3:1, 4.] Isikhathi sobuntwana akusona isikhathi sokuthwala imithwalo yabantu abadala. Le Phaphama! ixoxa ngendlela abazali abangasivikela ngayo isikhathi sezingane zabo sobuntwana.”
“Baningi phakathi kwethu abazi othile onesifo sikashukela. Kungakanani okwaziyo ngalesi sifo? [Mbonise isembozo sikamagazini, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uhlaziya izimbangela nezindlela zokwelapha isifo sikashukela. Ubuye ukhulume ngesithembiso seBhayibheli sekhambi eliyoziqeda ngokuphelele zonke izifo.” Phetha ngokufunda u-Isaya 33:24.