Zonke Izinhlobo Zabantu Ziyosindiswa
1. Ubuhlobo bethu noNkulunkulu buxhomekephi?
1 Umusa kaNkulunkulu ongafanelwe uye wacaba indlela eya ensindisweni. Intando kaJehova iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) Ubuhlobo bethu noNkulunkulu abuxhomekile ohlangeni esivela kulo, esikhundleni sethu emphakathini, emakhonweni ethu, noma endleleni esibukeka ngayo, kodwa ekuboniseni kwethu ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. (Joh. 3:16, 36) Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, kumelwe silahle lonke ubandlululo esinalo, olungase lwenze izinhliziyo zethu zithambekele ekwenqabeni ukwamukela abantu uJehova afunayo ukubamukela.
2, 3. Yini engasisiza ukuba singahluleli abantu ngendlela ababukeka ngayo ngaphandle?
2 Gwema Ukwahlulela: UJehova ubheka lokho abantu abayikho ngaphakathi, ngaphandle kwenzondo noma ukukhetha. (1 Sam. 16:7) Ukwazi nokubona nalokho abangase babe yikho. Ngenxa yalokho, labo abafuna ukumjabulisa ubabheka njengabafiselekayo. (Hag. 2:7) Ingabe sibheka abanye ngendlela uNkulunkulu ababheka ngayo?
3 Abanye abantu esihlangana nabo ensimini bangase basishaqise ngendlela ababukeka ngayo. Bangase bagqoke ngendlela ewubudlabha noma engenasizotha, bashiye ubhebhenene lwentshebe, noma bafake izindandatho emakhaleni noma ezindebeni. Abanye bangase bangabi namakhaya. Abanye bangase basiphathe ngokhahlo. Esikhundleni sokwahlulela abantu abanjalo sithi cishe ngeke babe abakhulekeli bakaJehova, kufanele sibe nombono omuhle, “ngoba ngisho nathi sake saba abangenangqondo, singalaleli, [futhi] sidukiswa.” (Thithu 3:3) Uma sikuqaphela lokhu, siyoba magange ukushumayela kubo bonke abantu, ngisho nakulabo abangase babonakale bengafaneleki ngenxa yokubukeka kwangaphandle.
4, 5. Sifundani esibonelweni sikaJesu nesikaPawulu?
4 Izibonelo Zekhulu Lokuqala: UJesu Kristu wayezimisele ukusiza labo abanye ababecabanga ukuthi ngeke baguquke. (Luka 8:26-39) Nakuba ayengayivuni imikhuba emibi, wayazi ukuthi abantu bangangena shí endleleni yokuphila engalungile. (Luka 7:37, 38, 44-48) Ngenxa yalokho, wabonisa ukuqonda, ‘waba nesihawu ngabo, ngoba babenjengezimvu ezingenamalusi.’ (Marku 6:34) Singasilandela yini ngokugcwele isibonelo sakhe?
5 Umphostoli uPawulu wakhandwa ngamatshe, washaywa futhi wagqunywa ejele. (IzE. 14:19; 16:22, 23) Ingabe izimo ezinzima njengalezi zamenza waba nenzondo, waphetha ngokuthi wayechitha isikhathi ngokushumayela kwezinye izizwe namaqembu ezinhlanga? Lutho neze! Wayazi ukuthi abantu abanhliziyo ziqotho babengatholakala kuwo wonke amaqembu ezinhlanga, futhi wayezimisele ukubathola. Ingabe yileyo ndlela esibabheka ngayo abantu bezinye izizinda nezinhlanga abasensimini yethu?
6. Isimo sethu sengqondo singabathinta kanjani abasanda kuqala ukuba khona emihlanganweni yebandla?
6 Ukwamukela Abanye Namuhla: Abantu abaningi bakaNkulunkulu bayajabula ngokuthi bámukelwa ebandleni abazalwane nodade ababheka ngalé kokubukeka kwabo kwangaphandle. EHholo LoMbuso elithile eJalimane kwangena indoda eyayisho ngobhebhenene lwentshebe nezinwele ezishaya emahlombe, igqoke izingubo ezingcolile. Yayinedumela elibi. Noma kunjalo, yamukelwa ngomusa emhlanganweni. Yahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuba yabuya ngemva kwesonto. Kungakabiphi, yashintsha ukubukeka kwayo, yayeka ukubhema, yabhalisa nomshado nentombi yayo. Ngokushesha ngemva kwalokho, bona nezingane zabo base bekhonza uJehova njengomkhaya onobunye.
7. Singamlingisa kanjani uNkulunkulu wethu ongakhethi?
7 Silingisa uNkulunkulu wethu ongakhethi, kwangathi singamema bonke abantu ukuze bazuze emuseni kaNkulunkulu ongafanelwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
“UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzE. 10:34, 35.