“Uyajabula Umuntu Oqhubeka Ekhuthazelela Ukulingwa”
1 Wonke amaKristu kudingeka abhekane nokulingwa. (2 Thim. 3:12) Lokho kulingwa kungase kube impilo ebuthaka, izinkinga zezomnotho, izilingo, ushushiso, noma okunye okuningi. Ukulingwa okulethwa uSathane kuhloselwe ukusenza sinciphise ijubane, sidebeselele inkonzo yethu yobuKristu, noma size siyeke ukukhonza uNkulunkulu. (Jobe 1:9-11) Ukukhuthazelela ukulingwa kuholela kanjani enjabulweni?—2 Pet. 2:9.
2 Zilungiselele Ukulingwa: UJehova usinikeze iZwi lakhe leqiniso, kuhlanganise nomlando wokuphila nezimfundiso zikaJesu. Ngokulalela amazwi kaJesu futhi siwenze, sakha isisekelo esiqinile, kanjalo sizilungiselele usizi. (Luka 6:47-49) Sithola amandla nakwamanye amalungiselelo—abafowethu abangamaKristu, imihlangano yebandla nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezivela esigabeni senceku ethembekileyo neqondayo. Sisisebenzisa njalo isipho sikaNkulunkulu somthandazo.—Math. 6:13.
3 UJehova usinike nethemba. Lapho sakha ukholo oluqinile ezithembisweni zikaJehova, ithemba lethu liba ‘ihange lomphefumulo, eliqinisekile neliqinile.’ (Heb. 6:19) Ngezikhathi zeBhayibheli, imikhumbi yayingaphumi echwebeni ingenalo ihange, ngisho noma isimo sezulu sisihle. Uma kusuka isiphepho kungazelelwe, ukwehlisa ihange kwakungavimbela umkhumbi ukuba ungaphahlazeki emadwaleni asogwini. Ngokufanayo, ukwakha ukholo oluqinile ezithembisweni zikaNkulunkulu manje kuyosenza sizimelele lapho kuvela izinkinga ezinjengeziphepho. Izinkinga zingavela kungazelelwe. Nakuba ekuqaleni abantu baseListra bawamukela ngenjabulo umsebenzi wokushumayela kaPawulu noBarnaba, isimo sashintsha ngokushesha lapho kufika abaphikisi abangamaJuda.—IzE. 14:8-19.
4 Ukukhuthazela Kuletha Injabulo: Ukuhlala sigxilile enkonzweni naphezu kokuphikiswa kusinika ukuthula kwengqondo. Siyajabula lapho sibhekwa njengabafanelekela ukuhlaziswa ngenxa kaKristu. (IzE. 5:40, 41) Ukukhuthazelela ukulingwa kusisiza ukuba sibe nezimfanelo ezinjengokuthobeka, ukulalela nokukhuthazela ngezinga elithe xaxa. (Dut. 8:16; Heb. 5:8; Jak. 1:2, 3) Kusifundisa ukuncika kuJehova, ukuthembela ezithembisweni zakhe nokuphephela kuye.—IzAga 18:10.
5 Siyazi ukuthi ukulingwa kungokwesikhashana. (2 Kor. 4:17, 18) Ukulingwa kusinika amathuba okubonisa ukuthi lujule kangakanani uthando lwethu ngoJehova. Ngokukukhuthazelela, singakuphendula ukumangalela kukaSathane. Ngakho-ke, asiyeki! “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila.”—Jak. 1:12.