Ukuthuthukisa Insimu Yabakhuluma Izilimi Zakwamanye Amazwe
1. Yiliphi ithuba eselivulekile njengoba sihlanganyela emsebenzini wokushumayela ensimini yethu?
1 UJesu Kristu wabikezela ukuthi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba kube “ubufakazi ezizweni zonke.” Lawo mazwi asazwakala ngokucacile ezindlebeni zesikhonzi ngasinye esihlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa. (Math. 24:14; 28:19, 20) Njengoba siqhubeka sishumayela futhi senza abafundi, singase sithole abantu bezizwe ezihlukahlukene abakhuluma ezinye izilimi ezihlukile kwezethu. Nabo bafanelwe ukuthola ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso futhi balimelele ngokuqinile iqiniso ngaphambi kokuba kufike usuku lukaJehova olwesabekayo. (Mal. 3:18) Singayithuthukisa kanjani insimu yabakhuluma izilimi zakwamanye amazwe ensimini yethu?
2. Iyiphi indlela esilingisa ngayo uJehova lapho sikhuluma nabakhuluma olunye ulimi?
2 Yiba Nombono KaJehova Ngalabo Abakhuluma Olunye Ulimi: Ukuze sibonise uthando lukaJehova ngokungakhethi kubo bonke ensimini yethu, kufanele sibe nesifiso esikhulu sokusiza abantu ukuba bathole ulwazi olunembile ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova, kungakhathaliseki ukuthi bakhuluma luphi ulimi. (IHu. 83:18; IzE. 10:34, 35) Nakuba sigxila kakhulu kulabo abakhuluma ulimi olukhulunywa ebandleni esikulo, kufanele sisikhumbule isidingo salabo abakhuluma olunye ulimi futhi sifune izindlela zokuhlanganyela nabo isigijimi soMbuso kaNkulunkulu. Ukungabanaki labo abakhuluma olunye ulimi kuyobe kungahambisani nenjongo kaJehova yokufakaza kubantu bazo zonke izizwe. Singabasiza kanjani-ke abantu abangakhulumi ulimi lwethu?
3. Yiliphi ithuluzi eliwusizo esilungiselelwe lona, futhi singakulungela kanjani ukulisebenzisa?
3 Sebenzisa Incwajana Ethi Good News for People of All Nations: Le ncwajana iklanyelwe ukusetshenziswa lapho sihlangana nalabo abakhuluma ulimi oluhlukile kolwethu. Yiphathe njalo le ncwajana, zijwayele zonke izici zayo ezihlukahlukene futhi ukulungele ukuyisebenzisa. Ukuze usheshe uluthole ulimi olufunayo, beka uphawu ezilimini ezihlukahlukene ezitholakala ensimini yakini. Uma zikhona izincwadi zalezo zilimi, kungaba ukuhlakanipha ukuthola ezimbalwa ongazihambisela umuntu ngemva kwesigijimi esifushane esikule ncwajana.
4. Singayisebenzisa kanjani ensimini yethu incwajana ethi Nations?
4 Uma uhlangana nomuntu okhuluma olunye ulimi ensimini futhi ungaqiniseki ukuthi ukhuluma limi luni, qala ngokumbonisa isihloko esingaphandle sencwajana. Vula ibalazwe lomhlaba ngaphakathi, umbonise izwe lakini, bese umbonisa ukuthi nawe ungathanda ukwazi ukuthi uvelaphi nokuthi ukhuluma luphi ulimi. Uma usukutholile lokho, yiya ohlwini lokuphakathi, uthole ikhasi elifanele, ubonise umninikhaya umusho obhalwe ngamagama agqamile ophezulu ekhasini bese ubonisa ukuthi ungathanda ukuba afunde lo myalezo. Lapho eseqedile, mnikeze ipheshana ngolimi lwakhe noma umbonise umusho obhalwe ngombala ompunga, ochazayo ukuthi uzimisele ukubuya nencwadi yolimi lwakhe. Mbonise amagama agqamile athi “igama lami,” bese umtshela ngokucacile igama lakho. Mbonise amagama agqamile athi “igama lakho,” bese ulindela impendulo yakhe. Yenza amalungiselelo aqinisekile okubuyela.
5. Yikuphi ukulandelela okudingekayo ukuze kunakekelwe isithakazelo salabo abakhuluma olunye ulimi?
5 Amalungiselelo Okulandelela: Makwenziwe wonke umzamo wokuvakashela labo ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso kungakhathaliseki ukuthi bakhuluma luphi ulimi. Lapho sesitholile ukuthi kukhona onesithakazelo kuNkulunkulu naseZwini lakhe iBhayibheli, kufanele sigcwalise ifomu elithi Sicela Ulandelele (S-43) bese ngokushesha silinikeza unobhala webandla oyolidlulisela ehhovisi legatsha ukuze umuntu othakazelayo akwazi ukuvakashelwa umuntu okukhuluma ulimi lwakhe. Ihhovisi legatsha liyobe selithumela leli fomu eqenjini elikhuluma lolo limi. Uma selilitholile, liyoxhumana nalowo muntu ngokushesha. Unobhala angase anikeze umbonisi wenkonzo ikhophi yaleli fomu ukuze azi ukuthi kunesithakazelo esiboniswa abantu abakhuluma ulimi oluthile. Leli fomu kufanele lisetshenziswe kuphela lapho othile ebonisa isithakazelo sangempela.
6. Uma sithola umuntu onesithakazelo okhuluma olunye ulimi, yimuphi umthwalo esinawo?
6 Kungase kudlule isikhathi esithile leli fomu (S-43) lithunyelwe ngaphambi kokuba ummemezeli okhuluma lolo limi aye kulowo onesithakazelo. Ngakho-ke, ukuze kuthuthukiswe isithakazelo esibonisiwe, ummemezeli owafaka leli fomu angase aqhubeke nokuhlakulela isithakazelo kuze kube yilapho kufika ummemezeli okhuluma ulimi lwalowo muntu. Kwezinye izimo, kungase kuqhutshwe isifundo seBhayibheli nomuntu othakazelayo. Kodwa, phakathi nenkathi eyandulela ukudlulisela lesi sifundo kumuntu okhuluma ulimi lothakazelayo, ummemezeli angazithola kanjani izincwadi zolimi lwalowo muntu?
7. Yiliphi ilungiselelo elikhona lokuthola izincwadi ngezilimi zalabo abakhuluma olunye ulimi esingahlangana nabo ensimini?
7 Izincwadi Zezinye Izilimi: Amabandla akufanele abe nezincwadi eziningi zezinye izilimi. Kodwa, uma umbonisi wenkonzo ebona ukuthi kunesithakazelo esikhona sabantu abakhuluma ulimi oluthile, angase akubone kufaneleka ukuba kube nesilinganiso esifanele sezincwadi zalolo limi ezingase zisetshenziswe abamemezeli. Uma zingekho ezikhona ebandleni, zingase zi-odwe. Kungase kuthathe isikhathi ngaphambi kokuba izincwadi zalolo limi zifike. Ngakho-ke, kunelungiselelo lokuzitholela amakhophi aleyo ncwadi engosini ethi www.watchtower.org. Ummemezeli noma umuntu onesithakazelo angazitholela ngokushesha izincwadi ezihlukahlukene ezikhona kule ngosi ngezilimi eziningi. Akungabazeki ukuthi leli lungiselelo liyoba usizo kakhulu lapho sihlakulela isithakazelo esiboniswe abantu abakhuluma ulimi oluhlukile.
8. Lidlala yiphi indima ibandla ekuhlakuleleni isithakazelo salabo abakhuluma olunye ulimi?
8 Indima Yebandla: Ezindaweni lapho kunokwanda kwabantu abakhuluma olunye ulimi, lingase lingabi khona eduze ibandla eliqhuba imihlangano ngalolo limi. Ngakho-ke, abanesithakazelo kufanele bamenywe ukuba babe khona emihlanganweni yebandla. Ukubamukela ngokufudumele nokubabonisa isithakazelo kungabakhuthaza ukuba baqhubeke behlanganyela. Nokho, ekuqaleni kungase kube nomgoqo wolimi nosiko-mpilo; kodwa, ayikho imigoqo othandweni lobuKristu beqiniso enhlanganweni yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. (Zef. 3:9; Joh. 13:35) Ingabe kunolunye ulimi okwazi ukulukhuluma kahle? Uma kunjalo futhi uzimisele ukulandelela isithakazelo sabakhuluma lolo limi, sicela utshele unobhala webandla ukuthi adlulisele lokhu kwaziswa ehhovisi legatsha. Lokhu kuyolisiza kakhulu ihhovisi legatsha lapho lifuna ummemezeli ozohlakulela isithakazelo.
9. Kunini lapho kungase kufaneleke khona ukuba kube namakilasi okufunda olunye ulimi, futhi kufanele ahlelwe kanjani?
9 Iziqondiso Ngolimi: Lapho usiza labo abakhuluma olunye ulimi, kungcono ukubakhuthaza ukuba baqale ukuya emihlanganweni yolimi lwayo uma kungenzima ukukwenza lokho. Kodwa, uma lokho kungenakwenzeka, abamemezeli abathile bangase bakhethe ukufunda olunye ulimi futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukubasiza kangcono labo abanesithakazelo. Uma lingekho ibandla eliseduze ngalolo limi, ihhovisi legatsha lingase linqume ukuthi ngenxa yobuningi bezifiki, kufanele kube namakilasi okufunda lolo limi. Uma kunjalo, ihhovisi legatsha lingase lazise amabandla aseduze ngesidingo esikhona futhi kuhlelwe ukuba kwenziwe isaziso esiphathelene nekilasi lalolo limi. Labo abafuna ukuba khona kuleli kilasi kufanele bazimisele ukuthuthela eqenjini noma ebandleni lalolo limi ukuze basekele insimu yalo.
10. Lingamiswa nini iqembu lolunye olimi, futhi lokhu kunqunywa kanjani?
10 Ukumisa Iqembu: Ukuze kumiswe iqembu lolimi oluthile, kunezinto ezine okufanele kuhlangatshezwane nazo. (1) Kufanele kube nesithakazelo esanele namathuba okuthi insimu yalolo limi izokhula. (2) Kufanele kube neqembu elincane labamemezeli elilwaziyo lolo limi noma elilufundayo. (3) Kufanele kube nomdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo ukuze ihole futhi iqhube okungenani umhlangano owodwa ngesonto ngalolo limi. (4) Indikimba yabadala kufanele ikulungele ukusekela lelo qembu. Uma kuhlangatshezwana nalezi zimfanelo ngezinga elithile, khona-ke indikimba yabadala iyobhalela ihhovisi legatsha ngemininingwane yalelo qembu futhi iyocela ukuba limiswe njengebandla elisekela iqembu lolimi lwezifiki. (Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa, kk. 106-107.) Umdala uyobizwa ngokuthi “umbonisi weqembu” futhi inceku ekhonzayo eholayo ibizwe ngokuthi “inceku yeqembu.”
11. Kungani kuyilungelo ukuthuthukisa insimu yolimi lwezifiki ensimini yethu?
11 Ukuthuthukisa insimu yolunye ulimi olusensimini yethu kuyingxenye ebalulekile yomkhankaso wokushumayela emhlabeni wonke owaqalwa iSibonelo sethu uJesu Kristu. Sengathi singenza ingxenye yethu ngentshiseko futhi sibone ukuthi uJehova uyoqhubeka ezizamazamisa kanjani izizwe ukuze kuphume abanxanelekayo kuye. (Hag. 2:7) Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukubambisana ngokugcwele naleli lungiselelo! Kwangathi uJehova angayibusisa imizamo yethu yobumbano yokuthuthukisa insimu yolimi lwezifiki ensimini yethu njengoba sihlala sikhumbula ukuthi nakuba kunemigoqo yolimi, uNkulunkulu wenza kukhule!—1 Kor. 3:6-9.