Amasimu Asemhlophe Alungele Ukuvunwa
1. Imuphi umsebenzi owenziwayo manje?
1 Ngemva kokufakaza kowesifazane ongumSamariya, uJesu watshela abafundi bakhe: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” (Joh. 4:35, 36) Ukuvuna okungokomoya kwase kuqhubeka futhi uJesu wayebona ukuthi lo msebenzi wawuzoba mkhulu kangakanani emhlabeni wonke. Njengoba esesikhundleni sakhe ezulwini, uJesu usenengxenye enkulu ekuvuneni. (Math. 28:19, 20) Yiziphi izimpawu ezikhona zokuthi lo msebenzi uyaqhubeka wanda njengoba uphikelele emvuthwandaba?
2. Yiziphi izenzakalo ezibonisa ukuthi umsebenzi wokuvuna emhlabeni wonke uyanda?
2 Ukuvuna Emhlabeni Wonke: Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2009, abamemezeli banda ngamaphesenti angu-3,2 emhlabeni wonke. Emazweni lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwe khona ukwanda kwaba amaphesenti angu-14. Inani lezifundo zeBhayibheli elalibikwa nyanga zonke laba ngaphezu kuka-7 619 000—okuyinani elingaphezu kwenani eliphakeme labamemezeli futhi elicishe libe ngaphezulu ngengxenye yesigidi enanini lezifundo elabikwa ngonyaka owawandulele. Njengoba umsebenzi wanda ngokushesha ezingxenyeni eziningi, kunezicelo ezengeziwe zezithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi. Amasimu ezilimi zakwamanye amazwe athela ethelile emazweni amaningi. Kusobala ukuthi uJehova uyawusheshisa umsebenzi kulesi sikhathi sokuphothulwa kokuvuna. (Isaya 60:22) Ingabe ninombono ofanele ‘ngamasimu’ enu?
3. Abanye bangase baphethe ngokuthini ngokuphathelene nokuvuna ensimini yabo?
3 Ukuvuna Endaweni Yakini: Abanye bangase bathi, “insimu yethu ayitheli kangako.” Kuyiqiniso ukuthi amanye amasimu angase abonakale engatheli njengamanye noma engakhiqizi njengoba kwakunjalo ngaphambili. Ngakho abanye oFakazi bangase baphethe ngokuthi ukuvuna sekufinyelele umvuthwandaba kulezo zindawo, nokuthi umsebenzi wabo manje usuwukuba bakhothoze abambalwa abasengatholakala. Ingabe kunjalo ngempela?
4. Yimuphi umbono okufanele siwuhlakulele ngenkonzo yethu, futhi kungani?
4 Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni, ukuvuna kuyisikhathi somsebenzi omkhulu. Phawula umuzwa wokuphuthuma kula mazwi kaJesu: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) UJehova, iNkosi yesivuno, uyena ongasho ukuthi isivuno singatholakala nini futhi kuphi. (Joh. 6:44; 1 Kor. 3:6-8) Siyini isabelo sethu? IBhayibheli liyaphendula: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule.” (UmSh. 11:4-6) Kuyiqiniso, uma isikhathi sokuvuna sesifinyelele emvuthwandaba waso, kusuke kungesona isikhathi sokuyekethisa izandla!
5. Kungani kufanele siqhubeke sishumayela ngentshiseko ensimini ebonakala ingatheli?
5 Qhubekani Nokuvuna: Ngisho noma insimu yethu siyihlanganisa ngokuphindaphindiwe futhi ibonakala ingatheli, sinesizathu esihle sokusebenza ngentshiseko nangomuzwa wokuphuthuma. (2 Thim. 4:2) Iziyaluyalu ezisemhlabeni zenza abantu bashintshe isimo sabo sengqondo futhi bacabange kanzulu ngekusasa. Njengoba intsha ikhula, ingase izwe isidingo sokuthola ukulondeka nokuthula kwengqondo. Ukuphikelela kwethu nakho kungase kubahlabe umxhwele abanye. Ngempela, labo abebengasilaleli esikhathini esidlule, kusengenzeka basabele. Ngisho nalabo abasiphikisa ngamabomu isigijimi sethu bayasidinga isixwayiso.—Hez. 2:4, 5; 3:19.
6. Uma insimu yethu inezinselele, yini eyosisiza silondoloze intshiseko yethu?
6 Uma insimu yethu inezinselele, yini eyosisiza ukuba silondoloze intshiseko yethu? Mhlawumbe ngaphandle kokushumayela endlini ngendlu, singasebenzisa nezinye izindlela zokushumayela njengokufakaza ensimini yamabhizinisi noma ukufakaza ngocingo. Noma singase sishintshashintshe isigijimi sethu ukuze sikhange. Singase sishintshe nesimiso sethu, sishumayele ngesikhathi sakusihlwa noma lapho iningi labantu lisemakhaya. Mhlawumbe singase sifunde olunye ulimi ukuze sifinyelele abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle. Singase sikwazi ukwandisa inkonzo yethu ngokuba amaphayona avamile. Kanti singathuthela nalapho izisebenzi zokuvuna zimbalwa khona. Uma sinombono ofanele ngomsebenzi wokuvuna, siyozimisela ngangokunokwenzeka ukuhlanganyela ngokugcwele kulo msebenzi obalulekile.
7. Kufanele siqhubeke kuze kube nini nomsebenzi wethu wokuvuna?
7 Abalimi banesikhathi esilinganiselwe sokuvuna, ngakho abadebeseli kuze kube yilapho umsebenzi usuphelile. Ukuvuna okungokomoya kudinga umuzwa wokuphuthuma ofanayo. Kufanele siqhubeke kuze kube nini nomsebenzi wokuvuna? Phakathi naso sonke “isiphelo sesimiso sezinto” kuze kufike “ukuphela.” (Math. 24:14; 28:20) Njengoba kwenza iSikhonzi sikaJehova esiyinhloko, nathi sifuna ukuqeda umsebenzi esiwunikiwe. (Joh. 4:34; 17:4) Khona-ke, masiqhubeke senza umsebenzi wethu wokushumayela ngentshiseko, ngenjabulo nangesimo sengqondo esihle kuze kube sekupheleni. (Math. 24:13) Ukuvuna akukapheli!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 2]
Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni, ukuvuna kuyisikhathi somsebenzi omkhulu