Ingabe Uzolisebenzisa Ithuba?
Inkathi YeSikhumbuzo Isinika Ithuba Lokubonisa Ukwazisa
1. Iliphi ithuba eliyingqayizivele elilethwa inkathi yeSikhumbuzo?
1 ISikhumbuzo esizoba ngo-April 14 sizosinikeza ithuba eliyingqayizivele lokuba sihlakulele futhi sibonise ukwazisa ngobuhle bukaJehova. Ukulandisa okukuLuka 17:11-18 kubonisa indlela uJehova noJesu abakubheka ngayo ukwazisa. Ngokudabukisayo, kwabayishumi abelashwa uchoko, uyedwa kuphela owabuya wazobonga. Esikhathini esizayo, ngesipho sesihlengo kuzoqedwa zonke izifo, abantu baphile phakade! Ngokungangabazeki, ngaleso sikhathi siyombonga nsuku zonke uJehova ngalezo zibusiso. Kodwa singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu phakathi namasonto azayo?
2. Singakuhlakulela kanjani ukwazisa ngesihlengo?
2 Hlakulela Ukwazisa: Imizwa yokwazisa yakhiwa imicabango. Ukuze sakhe ukwazisa ngesihlengo, kuba nesimiso sokufundwa kweBhayibheli okukhethekile kwangenkathi yeSikhumbuzo ezindaweni eziningana, njengalesi esisesithasiselweni B12 se-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi ebuyekeziwe, ekhalendeni nakwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Kunganjani nisifunde njengomkhaya? Ukwenza kanjalo kuyokhulisa ukwazisa kwethu ngesihlengo. Lokhu kuyothuthukisa indlela esiziphatha ngayo.—2 Kor. 5:14, 15; 1 Joh. 4:11.
3. Iziphi izindlela esingabonisa ngazo ukwazisa kwethu phakathi nenkathi yeSikhumbuzo?
3 Bonisa Ukwazisa: Ukwazisa kuboniswa ngezenzo. (Kol. 3:15) Umuntu onochoko owayenokwazisa wamfuna uJesu ukuze ambonge. Akungabazeki ukuthi wabaxoxela ngesasasa abanye ngokwelashwa kwakhe. (Luka 6:45) Ingabe ukwazisa ngesihlengo kuyosishukumisela ukuba sihlanganyele ngentshiseko emkhankasweni wokumemela abantu eSikhumbuzweni? Ukuba iphayona elisizayo noma ukwandisa ingxenye yethu enkonzweni phakathi nenkathi yeSikhumbuzo kungenye yezindlela ezinhle zokubonisa ukwazisa. Ngobusuku beSikhumbuzo, inhliziyo enokwazisa iyosishukumisela ukuba samukele izivakashi futhi sizenze sitholakalele ukuphendula imibuzo yazo.
4. Yini esingayenza ukuze singazisoli ngemva kwalesi Sikhumbuzo?
4 Ingabe lesi kuzoba iSikhumbuzo sokugcina? (1 Kor. 11:26) Asazi. Kodwa siyazi ukuthi uma sesidlulile, liyobe selidlulile nethuba eliyingqayizivele lokubonisa ukwazisa. Ingabe uyolisebenzisa? Kwangathi amazwi okwazisa aphuma emilonyeni yethu nokuzindla kwezinhliziyo zethu kungamjabulisa uJehova, oye wasilungiselela isihlengo.—IHu. 19:14.