Izintshumayelo Ezisikiselwe
PHAPHAMA!
Okuzohanjiswa: Nansi ikhophi yakho ye-Phaphama! yamuva.
Umbuzo: Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngalo mbuzo osekhasini 2.
UmBhalo: Luka 7:35
Lesi sihloko sikhuluma ngendlela lesi simiso esisebenza ngayo eBhayibhelini uqobo.
PHAPHAMA!
Umbuzo: Uyavuma yini ukuthi lawa amazwi ahlakaniphile ongaphila ngawo?
UmBhalo: Math 6:34
Okuzohanjiswa: [Vula isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli—Ukukhathazeka.”] Lesi sihloko sibonisa indlela iBhayibheli elingasisiza ngayo ekubhekaneni nokukhathazeka.
Okufundiswa IBhayibheli
Umbuzo: Abantu abaningi abakholelwa kuNkulunkulu bangathanda ukuzizwa besondelene naye. Bewazi yini ukuthi iBhayibheli lisinxusa ukuba sisondele kuNkulunkulu?
UmBhalo: Jak 4:8a
Okuzohanjiswa: Le ncwadi ihlelelwe ukusisiza sifunde okwengeziwe ngoNkulunkulu sisebenzisa iBhayibheli. [Khulumela isahluko 1 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.]
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.