AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GALATHIYA 4-6
‘Isenzakalo Esingumfanekiso’ Esinencazelo Esithintayo
Umphostoli uPawulu wasebenzisa lesi “senzakalo esingumfanekiso” ukuze abonise indlela isivumelwano esisha esingcono ngayo kunesivumelwano soMthetho. Ngaphansi kokuqondisa kukaKristu nezindlalifa ezikanye naye, bonke abantu banethemba lokukhululeka ekwenzeni isono, ekubeni abangaphelele, osizini nasekufeni.—Isaya 25:8, 9.
UHAGARI—INCEKUKAZI U-Israyeli ongokwemvelo owayengaphansi kwesivumelwano soMthetho, owayesenhlokodolobha iJerusalema |
USARA—OWESIFAZANE OKHULULEKILE IJerusalema eliphezulu, ingxenye esezulwini yenhlangano kaNkulunkulu |
“ABANTWANA” BAKAHAGARI Abantu abangamaJuda (abahlanganiswe noJehova ngesivumelwano soMthetho) abashushisa uJesu futhi bamenqaba |
“ABANTWANA” BAKASARA UKristu kanye namaKristu agcotshiwe angu-144 000 |
UKUBA ISIGQILA SESIVUMELWANO SOMTHETHO UMthetho wawukhumbuza ama-Israyeli angokwemvelo ukuthi ayeyizigqila zesono |
ISIVUMELWANO ESISHA ESINIKEZA INKULULEKO Ukuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo sikaKristu kwakhulula ama-Israyeli ekulahlweni uMthetho |