INDABA YOKUPHILA
Ukuphila Okumnandi Nokwanelisayo Enkonzweni KaJehova
NGO-1951, ngangisanda kufika eRouyn, edolobheni elincane esifundeni saseQuebec eCanada. Ngangqongqoza emnyango wendlu enganginikwe ikheli layo. UMarcel Filteau,a isithunywa sevangeli esasiqeqeshwe eGileyadi, weza emnyango. Wayeneminyaka engu-23 emude; mina ngangineminyaka engu-16 ngimfushane. Ngambonisa incwadi yami yesabelo sokuba yiphayona. Wayifunda, wangibuka, wabe esethi, “Umama wakho uyazi nje ukuthi ula?”
UKUKHULELA EMNDENINI OHLUKENE NGOKWENKOLO
Ngazalwa ngo-1934 ngizalwa abazali ababesuka eSwitzerland abase behlala eTimmins, idolobha elinezimayini e-Ontario eCanada. Ngawo-1939, umama waqala ukufunda umagazini INqabayokulinda nokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Wayehamba nami nezingane zakithi eziyisithupha. Ngokushesha, waba omunye woFakazi BakaJehova.
Ubaba wayengajabule ngesinqumo sikamama, kodwa umama wayelithanda iqiniso futhi wayezimisele ukunamathela kulo. Wenza kanjalo ngisho nasekuqaleni kwawo-1940 ngesikhathi umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe eCanada. Wayehlale emhlonipha uBaba futhi embonisa umusa, ngisho noma ayesho izinto ezibuhlungu kuye. Isibonelo esihle sikamama sasiza mina nezingane zakithi ukuba nathi samukele iqiniso. Ngokujabulisayo, ngokuhamba kwesikhathi indlela uBaba ayecabanga ngayo yashintsha, waqala ukusiphatha kahle.
UKUQALA INKONZO YESIKHATHI ESIGCWELE
Ehlobo lika-1950, ngaya emhlanganweni othi Ukwanda KoMbuso Wasezulwini, eNew York City. Ngemva kokuhlangana nabafowethu nodadewethu abavela ezindaweni ezihlukahlukene, nangemva kokulalela izingxoxo ezimnandi zalabo abathweswa iziqu eSikoleni SaseGileyadi ngakhuthazeka ukuba ngenze okwengeziwe enkonzweni kaJehova! Ngazimisela ngisho nakakhulu ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Lapho nje ngibuyela ekhaya, ngafaka isicelo sokuba yiphayona elivamile. Ihhovisi legatsha laseCanada langibhalela, lisikisela ukuba ngibhapathizwe kuqala. Yilokho engakwenza ngo-Okthoba 1, 1950. Ngemva kwenyanga ngibhapathiziwe, ngaba yiphayona elivamile ngabe sengithola isabelo sami sokuqala eKapuskasing. Lelo dolobha laliqhele ngamakhilomitha amaningi nalapho engangihlala khona ngaleso sikhathi.
Entwasahlobo ka-1951, ihhovisi legatsha lacela oFakazi abakwazi ukukhuluma isiFulentshi ukuba bacabangele ukuthuthela esifundazweni saseQuebec esikhuluma isiFulentshi. Kwakunesidingo esikhulu sabamemezeli lapho. Ngakhula ngikhuluma isiFulentshi nesiNgisi, ngakho ngasamukela leso simemo ngabe sengabelwa ukuyokhonza eRouyn. Akekho umuntu engangimazi lapho. Ukuphela kwento enganginayo kwakuyikheli njengoba ngike ngachaza ekuqaleni. Kodwa konke kwahamba kahle. Mina noMarcel saba abangani abakhulu futhi ngakujabulela ukukhonza eQuebec iminyaka emine eyalandela, futhi ngagcina sengiyiphayona elikhethekile.
IGILEYADI NOKUHLEHLISWA KWEZINTO
Ngesikhathi ngiseQuebec, ngajabula kakhulu lapho ngithola isimemo sokuya ekilasini lika-26 leSikole SaseGileyadi eSouth Lansing, eNew York. Ngathweswa iziqu ngoFebhuwari 12, 1956, ngabe sengabelwa ukuyokhonza eNtshonalanga Afrika, manje ebizwa ngokuthi iGhana.b Kodwa ngaphambi kokuba ngiye khona, kwadingeka ngiphindele eCanada kuze kube yilapho ngithola izincwadi zokungena kwamanye amazwe, engangicabanga ukuthi kwakuzothatha amasonto ambalwa nje kuphela.
Lezo zincwadi ngagcina sengizilinda izinyanga eziyisikhombisa eToronto. Phakathi naleso sikhathi, ngangihlala nomndeni wakwaCripps futhi ngajwayelana noSheila, indodakazi yakhona. Sathandana. Lapho sengithi nje ngimthembisa umshado, ngavele ngayithola i-visa. Mina noSheila sathandaza ngalendaba sabe sesinquma ukuthi kufanele ngiye esabelweni. Sanquma nokuthi sizobhalelana izincwadi ukuze sibone ukuthi singakwazi yini ukushada esikhathini esizayo nokuthi singashada nini. Leso kwakungesona isinqumo esilula, kodwa kamuva sabona ukuthi kwakuyisinqumo esihle.
Ngemva kokuhamba isikhathi esingangenyanga ngisebenzisa isitimela, umkhumbi nendiza, ngafika e-Accra, eGhana. Kuleyo ndawo ngabelwa ukuba ngikhonze njengombonisi wesigodi. Isabelo sami sasihlanganisa ukuhambela iGhana namazwe angomakhelwane, i-Ivory Coast (manje ebizwa ngokuthi iCôte d’Ivoire) neTogoland (manje ebizwa ngokuthi iTogo). Isikhathi esiningi ngangihamba ngedwa ngemoto yenhlangano. Ngangikujabulela kakhulu ukuhambela abafowethu!
Ngezimpelasonto ngangikhonza imihlangano yesigodi. Sasingenawo amaHholo Omhlangano. Ngakho abazalwane babakha umpheme wesikhashana, babeke amagatsha esundu phezulu ukuze izilaleli zivikeleke elangeni elishisayo. Ngenxa yokuthi ayengekho amafriji endaweni yokudlela, izilwane eziphilayo zazihlatshelwa khona emhlanganweni uma sekudingeka ukudla ukuze kunikezwe labo abeze emhlanganweni.
Kwakwenzeka izinto ezihlekisayo kuleyo mihlangano. Ngesinye isikhathi uHerb Jennings,c oyisithunywa sevangeli, wayenikeza inkulumo ngesikhathi inkomo ibaleka isuka endaweni yokudlela. Yanqamula epulatifomu yaya endaweni yezilaleli. UHerb wayeka ukukhuluma futhi le nkomo yayibukeka ididekile. Kodwa abazalwane abane abanamandla bakwazi ukuyibamba bayibuyisela endaweni yokudlela, izilaleli zajabula kakhulu.
Lapho kuzoba nomhlangano ngempelasonto, phakathi neviki ngangibukisa abantu abahlala emaphandleni aseduze nomhlangano ividiyo ethi The New World Society in Action. Ukuze ngenze kanjalo, ngangibophela ishidi elimhlophe ezigxotsheni ezimbili noma ezihlahleni ezimbili. Abantu babeyithanda le vidiyo! Abaningi babeqala ngqa ukubona ifilimu ekuphileni kwabo. Babeshaya izandla kakhulu lapho sekuvela abantu ababhapathizwayo kuvidiyo. Leyo filimu yabasiza kakhulu labo ababeyibukele ngoba yabenza babona ukuthi siyinhlangano yomhlaba wonke enobunye.
Ngemva kokuchitha iminyaka engaba mibili e-Afrika, ngajabula kakhulu ngokuya emhlanganweni wezizwe wango-1958 eNew York City. Ngajabula kakhulu ukubona uSheila, owayevela eQuebec, lapho ayekhonza khona njengephayona elikhethekile. Sasilokhu sixhumana ngokubhalelana izincwadi, kodwa manje sase siphinde sahlangana. Ngamcela ukuba sishade, wavuma. Ngabhalela uMfoweth’ uKnorrd ngimbuza ukuthi uSheila angakwazi yini ukuya eGileyadi bese ekhonza kanye nami e-Afrika. Umfowethu uKnorr wavuma. Ekugcineni uSheila wafika eGhana. Sashadela e-Accra ngo-Okthoba 3, 1959. Saba nomuzwa wokuthi uJehova wayesibusise ngempela ngenxa yokuthi sambeka kuqala ekuphileni kwethu.
UKUKHONZA NDAWONYE ECAMEROON
Ngo-1961 sabelwa ukuba siyokhonza ezweni laseCameroon. Abazalwane bangicela ukuba ngimise ihhovisi legatsha elisha, ngakho ngangimatasa kakhulu. Njengoba ngangiqala ukusebenza egatsheni futhi nginikwe isabelo sokunakekela umsebenzi owenziwa eCameroon, kuningi okwakudingeka ngikufunde. Ngo-1965 sabe sesithola ukuthi uSheila ukhulelwe. Ngiyavuma ukuthi kwasithatha isikhathi ukwamukela ukuthi sesizoba abazali. Kodwa njengoba sase siqala ukujabulela ukuthi sizoba abazali futhi senza nezinhlelo zokubuyela eCanada, kwenzeka into ebuhlungu kakhulu.
USheila waphuphunyelwa isisu. Udokotela wasitshela ukuthi uSheila wayekhulelwe ingane yomfana. Lokho kwenzeka eminyakeni engaphezu kwengu-50 edlule, kodwa asikaze sikukhohlwe. Nakuba sasilusizi kakhulu ngalokho okwenzeka, saqhubeka sisesabelweni sethu sakwelinye izwe esasisithanda kakhulu.
Abafowethu baseCameroon babevame ukushushiswa ngenxa yokungathathi hlangothi ezindabeni zepolitiki. Isimo sasiba nzima kakhulu ngezikhathi zokhetho. NgoMeyi 13, 1970, kwenzeka into esasiyisaba kakhulu, oFakazi BakaJehova bavinjelwa ngokusemthethweni. Igatsha lethu elisha elihle, esasiqale ukuhlala kulo ezinyangeni ezinhlanu ezidlule, lathathwa uhulumeni. Esikhathini esingaphansi nje kweviki, zonke izithunywa zevangeli—kuhlanganise nami noSheila—zaxoshwa kulelo zwe. Kwakunzima ukushiya abafowethu nodadewethu ngoba sasibathanda kakhulu futhi sasikhathazekile ngokuthi yini eyayizokwenzeka kubo.
Izinyanga eziyisithupha ezalandela sazichitha egatsheni laseFrance. Ngesikhathi ngilapho ngaqhubeka ngenza konke engangingakwenza ukuze nginakekele izidingo zabafowethu baseCameroon. NgoDisemba walowo nyaka, sabelwa ukuyokhonza egatsheni laseNigeria, elaqala ukunakekela umsebenzi eCameroon. Abafowethu nodadewethu baseNigeria basamukela ngemfudumalo futhi sakujabulela ukukhonza khona iminyaka eminingana.
ISINQUMO ESINZIMA
Ngo-1973 kwadingeka senze isinqumo esinzima kakhulu. USheila wayelokhu ekhuthazelela izinkinga ezinkulu zempilo. Ngesikhathi siseNew York siyokhonza umhlangano, wavele wadinda isililo wathi: “Ngeke ngisakwazi ukuqhubeka! Ngikhathele ngiyimvithi futhi isikhathi esiningi ngiyagula.” Wayesekhonze kanye nami eNtshonalanga Afrika iminyaka engaphezu kwengu-14. Ngangiziqhenya kakhulu ngenkonzo ayeyenzele uJehova ngokwethembeka, kodwa kwakudingeka senze izinguquko ezithile. Ngemva kokuxoxa ngesimo sethu nangokuthandaza kaningi nangokujulile ngaso, sanquma ukuphindela eCanada, lapho impilo yakhe yayinganekekelwa khona kangcono. Ukuyeka ukuba yizithunywa zevangeli nokuba yizikhonzi zesikhathi esigcwele kwakuyizinqumo ezinzima kakhulu nezibuhlungu ukuzedlula zonke.
Ngemva kokufika eCanada ngathola umsebenzi kumngani wami wakudala owayenegaraji elidayisa izimoto edolobheni elisenyakatho yeToronto. Saqasha indawo yokuhlala, sathenga ifenisha eyisekeni futhi sakwazi ukuqala ukuphila okusha ngaphandle kokuzifaka ezikweletini. Sasifuna ukugcina ukuphila kwethu kulula, sinethemba lokuthi ngelinye ilanga siyobuyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Samangala lapho lokho kwenzeka ngokushesha kakhulu kunalokho esasikulindele.
NgeMigqibelo ngaqala ukuvolontiya endaweni okwakakhiwa kuyo iHholo Lomhlangano elisha eNorval, e-Ontario. Ngokuhamba kwesikhathi, ngathola isabelo sokuba umbonisi weHholo Lomhlangano. Impilo kaSheila yayiba ngcono futhi saba nomuzwa wokuthi singakwazi ukusenza lesi sabelo esisha. Ngakho sathuthela efulethini eliseHholo LoMhlangano ngoJuni 1974. Sajabula kakhulu ngokuthi sase siphinde saba senkonzweni yesikhathi esigcwele!
Okujabulisayo ukuthi impilo kaSheila yaqhubeka iba ngcono. Ngemva kweminyaka emibili, sakwazi ukwamukela isabelo sokujikeleza. Isabelo sethu sasiseManitoba, esifundazweni saseCanada esaziwa ngokuba nobusika obubanda kakhulu. Nokho, sayijabulela kakhulu imfudumalo esayithola kubafowethu nodadewethu kuleyo ndawo. Safunda ukuthi akunandaba ngempela ukuthi sikhonza kuphi—okubalulekile ukuqhubeka sikhonza uJehova noma ngabe sikuphi.
ISIFUNDO ESIBALULEKILE ENGASIFUNDA
Ngemva kokujikeleza iminyaka eminingana, samenywa ukuba siyokhonza eBethel yaseCanada ngo-1978. Kungakabiphi, ngafunda isifundo esibuhlungu kodwa esibalulekile. Ngabelwa ukuba ngibeke inkulumo yehora nohhafu ngesiFulentshi emhlanganweni okhethekile eMontreal. Ngokudabukisayo, izilaleli zakuthola kunzima ukulalela inkulumo yami, ngakho umzalwane osebenza Emnyangweni Wenkonzo wangeluleka ngaleyo nkulumo. Uma ngikhuluma iqiniso, kwakumele ngibone ngaleso sikhathi ukuthi angisona isikhulumi esihle, njengoba sekungikhanyela manje. Kodwa angisamukelanga kahle leso seluleko. Kwakubonakala sengathi sinobuntu obungafani. Ngaba nomuzwa wokuthi wayengigxeka ngokweqile—akangincomanga nokungincoma. Ngenza iphutha lokugxila endleleni engelulekwa ngayo nasendleleni engangizizwa ngayo ngomuntu owayengeluleka.
Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ilungu leKomiti Yegatsha lakhuluma nami ngaleyo ndaba. Ngavuma ukuthi angizange ngisamukele kahle iseluleko ngabe sengixolisa. Ngemva kwalokho ngakhuluma nomzalwane owayenginike iseluleko. Wangixolela ngenhliziyo emhlophe. Lokho okwenzeka kwangifundisa isifundo esibalulekile ngokuthobeka engingasoze ngasikhohlwa. (IzAga 16:18) Sengithandaze kuJehova izikhathi eziningi ngale ndaba, futhi ngizimisele ukungaphinde ngibe nombono omubi ngeseluleko.
Sengikhonze eBethel yaseCanada iminyaka engaphezu kwengu-40 futhi kusukela ngo-1985 ngibe nelungelo lokukhonza eKomitini Yegatsha. NgoFebhuwari 2021, uSheila wami othandekayo washona. Ngaphezu kokubhekana nobuhlungu bokushona kwakhe, nginezinkinga zempilo. Inkonzo kaJehova ingigcina ngimatasa futhi ngijabule kangangokuba ‘angikunaki kakhulu ukudlula kwezinsuku.’ (UmSh. 5:20) Nakuba ngibe nazo izinselele ekuphileni kwami, izinto engizijabulele zizidlula kude lezo zinselele. Ukubeka uJehova kuqala ekuphileni kwami nokujabulela iminyaka engu-70 ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele kube yinto eyanelisa ngempela. Ngithandazela ukuba abafowethu nodadewethu abasebasha nabo baqhubeke bebeka uJehova kuqala , ngoba ngiyaqiniseka ngokuthi nabo bazojabulela ukuphila okumnandi nokwanelisayo okutholakala ngokukhonza uJehova kuphela.
a Bheka indaba yokuphila kaMarcel Filteau enesihloko esithi, “UJehova Uyisiphephelo Sami Namandla Ami,” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 1, 2000.
b Ngaphambi kuka-1957, le ndawo yase-Afrika yayiyikoloni laseBrithani ibizwa ngokuthi i-Gold Coast.
c Bheka indaba yokuphila kaHerbert Jennings enesihloko esithi, “Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa,” kuyi-Nqabayokulinda kaDisemba 1, 2000.
d UNathan H. Knorr nguye owayehola emsebenzini wethu ngaleso sikhathi.