Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1997 WoFakazi BakaJehova
UJESU KRISTU wayeseyiqedile inkonzo yakhe yasemhlabeni. Wayesebaqeqeshile abalandeli bakhe ebaqeqeshele umsebenzi ongafani nanoma yini ababeke bayenza. Babebonile lapho efakaza ngoNkulunkulu nenjongo yaKhe nomaphi lapho ethola khona abantu—ogwini lolwandle, entabeni, emgwaqweni, ezindaweni zamabhizinisi, ethempelini nasemakhaya. Ngempela ‘wayengufakazi kaJehova okholekileyo noqinisileyo.’ (IsAm. 3:14) Wayeye wathuma nabafundi bakhe ngababili ukuze babe nolwazi lwalomsebenzi wokufakaza.
Khona-ke, ngaphambi kokunyukela ezulwini, uJesu wathi kubo: “Nina nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami kokubili eJerusalema nakulo lonke iJudiya neSamariya nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Yeka isabelo esikhulu! Babezosenza kanjani nje ngempela? Njengoba uJesu asho, umoya kaJehova wawuzoba isici esibalulekile.
Besekelwa umoya ongcwele, ukufakaza kwabo ngokushesha kwafinyelela kubantu eMesopotamiya, eningizimu Yurophu naseNyakatho ye-Afrika. Kodwa kuningi okwakusazokuza—kuningi kakhulu! UJesu wayebikezele ukuthi ekupheleni kwalesi simiso sezinto, lapho kumiswa uMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya ezulwini, ‘lezizindaba ezinhle zombuso zaziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’ (Math. 24:14) Amaqiniso abonisa ukuthi yilokhu kanye okwenziwayo.
Kulonyaka wenkonzo odlule, ubufakazi boMbuso banikezwa emazweni, emaqoqweni eziqhingi nasemasimini angu-233. Umbiko ubonisa ukuthi kwachithwa amahora angu-1140 621714 kulomsebenzi. Lona unyaka wesihlanu ilandelana kuchithwa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane kulomsebenzi obalulekile.
Ngokwesilinganiso, babengu-5167 258 abahlanganyela ekunikezeni ubufakazi basobala ngoMbuso kaNkulunkulu inyanga ngayinye. Inani eliphakeme labangu-5413 769 abahlanganyela ngesikhathi esithile phakathi nonyaka. Ngokwesilinganiso, inyanga ngayinye, abangu-645 509 bakwazi ukuhlanganyela enkonzweni njengamaphayona. Njengoba ishadi elisemakhasini 34-41 libonisa, ukubuthwa kwabanjengezimvu kusaqhubeka kwanda. Nakuba kwamanye amazwe ukwanda kwakungaphansi kokwangeminyaka eyandulele, kwezinye izindawo kwakumangalisa. IRwanda yabika amaphesenti angu-61; i-Albania angu-52. IBosnia neHerzegovina, iLatvia, iLithuania, iMacedonia, iMoldova, neRussia abonisa ukwanda kwamaphesenti angaphezu kuka-20.
Amathuluzi Okusetshenziswa Enkonzweni
Ithuluzi eliyinhloko elisetshenziswa oFakazi BakaJehova enkonzweni yabo iBhayibheli Elingcwele. Basebenzisa izinguqulo zeBhayibheli eziningi. Kodwa, benomgomo wokusiza abantu bathole ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, bakugcizelela ngokukhethekile ukusakazwa kwe-New World Translation. Unyaka nonyaka, leyo nguqulo yenziwa itholakale ngezilimi ezengeziwe. Okwamanje isakazwa (ingxenye yemiBhalo YamaKristu YesiGreki noma iBhayibheli eliphelele) ngezilimi ezingu-27 (ngaphezu kwe-Braille yesiNgisi neyesiPutukezi).
Kulonyaka odlule, kwakhululwa i-New World Translation ephelele ngesiNorway. Isaziso salokhu emihlanganweni yesigodi eNorway samukelwa ngehlombe elihlokomayo nezinyembezi zenjabulo. KoFakazi baseNorway, kwakuyisici sonyaka esivelele. Kwakhishwa nohlelo olubukeziwe lwenguqulo yesiFulentshi enazo zonke izici ze-Reference Bible. Futhi esikhundleni sokubeka uhlelo lwabo oludala lwesiFulentshi, amashumi ezinkulungwane zoFakazi eFrance athumela lawo maBhayibheli njengezipho kubafowabo nodadewabo kwamanye amazwe ayishumi, eHaiti nasemazweni ase-Afrika, lapho kusetshenziswa khona isiFulentshi kakhulu. Ngaphezu kwalokho, INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yakhululwa ngesiSuthu nangesiXhosa, futhi lenguqulo isiphelile ngezinye izilimi ezimbili zaboMdabu. Kuze kube manje, kuye kwanyatheliswa amakhophi e-New World Translation angu-91 403 319 ngezilimi ezihlukahlukene.
Kulungiselelwa nezinye izincwadi eziwusizo ukuze zisetshenziswe enkonzweni nasesifundweni somuntu siqu. Phakathi no-1996 kwakhululwa incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya nencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Nokho, ukulungiselelwa kwasekuqaleni kwezincwadi ezinjalo kumane nje kuyisiqalo. Ukuze zifinyelele ensimini yomhlaba, kudingeka zihunyushwe. Phakathi nonyaka wenkonzo, kwahunyushwa izincwadi ezingu-206 nezincwajana ezingangomagazini ezingu-226, ngezilimi ezingu-164 zizonke. Incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade (eyakhululwa ngo-1995) manje isingezilimi ezingu-119. Incwadi ethi Injabulo Yomkhaya isitholakala ngezilimi ezingu-86. Incwajana engangomagazini ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! (eyakhululwa ngo-1982) isinyatheliswe ngezilimi ezingu-237; kanti incwajana entsha, ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, isisakazwa ngezilimi ezingu-113, kuseza ezinye ezingu-99.
Phakathi nonyaka, kwanezelwa izilimi ezintsha ezingu-18 ohlwini lwalezo iNhlangano enyathelisa ngazo izincwadi zeBhayibheli. Amapheshana nezincwajana ezingangomagazini esezinyathelisiwe ngalezi zilimi zisiza ekwenzeni isigijimi soMbuso sitholwe amaqembu ezilimi amancane endaweni eyayiyiSoviet Union, amaningi aseNingizimu-mpumalanga Asia, engeziwe e-Afrika, namanye emazwekazini aseMelika—ingqikithi yabantu abangaphezu kuka-25 000 000. Kuyamangalisa ukubona umphumela lapho abaningi balaba bantu bethola izincwadi ngolimi lwabo lwendabuko.
Ama-video nawo ayasetshenziswa enkonzweni yethu yosuku lwanamuhla, futhi kufanele sisho ukuthi yini eyenziwa ukuze abe khona. Asetshenziselwa ukuqinisa ukholo eBhayibhelini, ukufundisa amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo nokujwayelanisa abantu nenhlangano eyenza okushiwo igama elithi oFakazi BakaJehova. Kuze kube manje, kuye kwakhiqizwa angu-7000 000 ngezilimi ezingu-35. Ngale kwezindawo zokuqopha ezise-United States nezinye ezifana nazo esezisetshenziswa kakade eDenmark naseNetherlands, kwakhiwe izindawo zokuqopha amakhasethi nama-video eJapane kulonyaka odlule ukuze zinakekele izilimi zase-Asia.
Yebo, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! banyatheliswa njalo. Ukucwaninga, ukubhala, ukuhlanganisa ndawonye nokuklama kudinga umzamo omkhulu nothatha isikhathi, bese kuba ukuhumusha nokunyathelisa ukuze INqabayokulinda itholakale kanye kanye ngezilimi ezingu-113 (kanye nezinye izilimi ezingu-12 eziphuma kamuva) ne-Phaphama! ngezilimi ezingu-55 (kanye nezinye ezingu-25 eziphuma kamuva). Lomzamo ufanelekile ngoba umgomo oyinhloko walabomagazini ukubonisa abantu okuwukuphela kwethemba eliqinisekile lekusasa—uMbuso kaNkulunkulu. Kulonyaka odlule labomagazini banyatheliswa futhi basakazwa ngezinga okungakaze kwenzeke ngalo esikhathini esidlule.
Umkhiqizo wendawo yokunyathelisa e-United States wanyuka ngamaphesenti angu-7,1 wafinyelela komagazini abangu-235 981 300 phakathi nonyaka wenkonzo. IBrithani ibika ukuthi endaweni yayo yokunyathelisa, amanani kamagazini okhiqizwayo anda ngamaphesenti angu-34 eminyakeni emibili edlule. Njengoba kugcizelelwa kakhulu ukunwebela umsebenzi wokufakaza ensimini yamabhizinisi nasemigwaqweni, abamemezeli boMbuso abashisekayo khona bathola intokozo enkulu ekusabeleni abakuthola kwabaningi abafakaza kubo.
Igatsha laseJalimane alikaze nanini linyathelise izincwadi nomagazini abaningi njengokwanyatheliswa onyakeni odlule wenkonzo. Izincwadi zacishe zaba ngu-18 500 000—ukwanda ngamaphesenti angu-46 kuno-1995. Omagazini abakhiqizwa babengaphezu kuka-169 500 000—ukwanda ngamaphesenti angu-35. Emakhophini ayizigidi ezingu-3,7 kamagazini ngamunye anyatheliswa eJalimane, cishe amakhophi e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ayizigidi ezingu-1,3 angesiRashiya, ukuze asize ebufakazini obunamandla obunikezwa kuleya ngxenye yensimu yomhlaba.
E-Ukraine, kwahanjiswa omagazini abangu-2073 011 kubantu abalambele iqiniso phakathi no-April. Kwaba ukwanda ngamaphesenti angu-68 komagazini abahanjisiwe ezinyangeni ezintathu nje. Esiqhingini saseMalta, ukuhanjiswa komagazini ngo-May kwadlula okwango-May owandulele kabili nengxenye. Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abafowethu babekela eceleni usuku olukhetheke kakhulu lukamagazini. Abanye babo baba nemihlangano emithathu noma emine yenkonzo yasensimini ngalolo suku. Yabajabulisa imiphumela.
Ingxenye ebaluleke kakhulu yenkonzo ihlanganisa nokulandelela isithakazelo esitholakele. Lokhu kuboniswa iqiniso lokuthi kwenziwa izimpindelo ezingu-421 827 954 ngonyaka odlule, futhi ngokwesilinganiso, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-4855 030 inyanga ngayinye. Ezinye zalezi zifundo zaziqhutshwa kaningana ngesonto, kusetshenziswa incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. ETanzania, eMpumalanga Afrika, umhlengikazi othile, nakuba ayengakwazi ukufunda sonke isahluko esifundweni ngasinye, wayeqhutshelwa isifundo nsuku zonke kwaze kwaba yilapho eseyiqedile incwadi futhi eselungele ukubhapathizwa. ESiberia, lapho abafowethu baseRussia bake badingiselwa khona ngenxa yokholo lwabo, kuvela lombiko: “Kunesifiso esikhulu sezifundo zeBhayibheli kangangokuba abafowethu abakwazi ukuziqhuba zonke. Ngakho-ke kudingeka babhale abantu abathakazelayo ohlwini lwabalindile, futhi babacela ukuba bebe beza emihlanganweni yebandla.”
Ubusuku Bokukhunjulwa
Isenzakalo esivelele kunazo zonke ekhalendeni lamaKristu unyaka ngamunye iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Ngo-1996 saba ngo-April 2, ngemva kokushona kwelanga. Okokuqala nje, iSikhumbuzo isenzakalo lapho ‘umhlambi omncane,’ labo abangabalandeli bakaKristu abagcotshwe ngomoya, bedla izifanekiselo zesinkwa newayini belalela umyalo owanikezwa iNkosi ngobusuku bokugcina bokuphila kwayo njengomuntu. (Luka 12:32; 1 Kor. 11:23-25) Kodwa “nezinye izimvu” ziba khona njengezibukeli. (Joh. 10:16) Ziwazisa ngokujulile umhlatshelo kaKristu wesihlengo neqiniso lokuthi wenza zibe nethemba lokuphila okuphakade emhlabeni njengezikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. Zinxusa abanye ukuba babe kanye nazo ukuze bafunde ngelungiselelo elimangalisayo noma bajulise ukulazisa kwabo. Ngenxa yalokho, kulonyaka kwakunabangu-12 921 933 eSikhumbuzweni, bengu-8757 kuphela abadla.
Emabandleni aseMexico angu-10 643, ababekhona babengu-1518 156. Emabandleni angu-6526 aseBrazil, kwakunabangu-1075 039. E-United States, ababekhona baba ngu-2024 476. ECuba babengu-145 337; eMalawi bengu-105 630.
Ekuqaleni kuka-March kwahlelwa umkhankaso okhethekile e-Albania ukuze kutholakale abathakazelayo bese kuhlelwa ukuba isimiso seSikhumbuzo sibe sendaweni ababeyokwazi ukuya kuyo. Nakuba kwakunamabandla angu-15 namaqembu angawodwa angu-14 kuphela kulelizwe, iSikhumbuzo saba sezindaweni ezingu-50. Kwenye indawo ibandla elinabamemezeli abangu-45 lalinabangu-400 eSikhumbuzweni; kwathi endaweni okuqhutshelwa kuyo isifundo sencwadi, kwaba nabanye abangu-110. Ngakho kulelizwe okwakubika kulo abamemezeli abangu-773 ngaleso sikhathi, kwaba nabangu-6523 eSikhumbuzweni—inani labamemezeli liphindwe izikhathi ezingaphezu kuka-8!
“Izithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” Ziyahlangana
Kuzo zonke izingxenye zomhlaba, izinceku zikaJehova zibheka phambili emihlanganweni yazo yesigodi yaminyaka yonke. Uma zingeke zikwazi ukuhlangana endaweni yakubo, zizama ukweqa imingcele yamazwe ukuze zibe khona kuleli dili elingokomoya laminyaka yonke. Uchungechunge lwemihlangano eqale kulonyaka odlule lwalunesihloko esithi “Izithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu.” Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani lamazwi: “Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu”!—IHu. 119:165.
Emazweni amaningi imihlangano emibili noma emithathu yayikwazi ukuthatha wonke umuntu. E-United States naseBrazil kwadingeka ukuba kube nemihlangano engaphezu kuka-190 ukuze kube nendawo yabo bonke ababefuna ukuba khona. IMexico yahlela engu-181.
Ngo-July kwaba nomhlangano wezizwe ePrague, eCzech Republic. Kwakukhona amalungu amathathu eNdikimba Ebusayo ezokhuluma nabangaphezu kuka-21 000 ababebuthene lapho—iningi labo livela eCzech Republic, kodwa futhi izinkulungwane eziningana zazivela e-Austria, eCanada, eJalimane, eJapane, ePoland, eSlovakia, eSwitzerland nase-United States. Kwaba neminye imihlangano yezizwe emibili ePoland—omunye useLodz omunye eWarsaw—futhi labo ababekhona babekuqaphela ngempela ukuboniswa komoya kaJehova. Kwabuye kwaba neminye imihlangano yezizwe emibili eTallinn, e-Estonia, ngo-August. Kulena kwakukhona abase-Estonia, abaseLatvia, abaseLithuania nabaseRussia, kanye nabanye—bevela emazweni angu-15. Iphephandaba lendawo laphawula: “ITallinn igcwele ukukhulekela koFakazi BakaJehova ngempela.” Futhi esinye sezihambeli zomhlangano sanezela: “Lokhu bekuwukunambitha kancane lokho okuyolethwa umhlaba omusha.”
Kanye neminye imihlangano yezizwe eMpumalanga Yurophu, kwakuhlelwe omunye eBucharest, eRomania. Kodwa i-Romanian Orthodox Church yayimelene kabi nawo. Izingqwembe zokususa uchuku zazibonakala kulo lonke elaseBucharest. Amaphephandaba, i-TV nomsakazo kwasetshenziselwa ukubhebhethekisa uthuthuva. Abaphathi bamahhotela bathonywa ukuba baphule izivumelwano. Uhulumeni nabaphathi benkundla bavuma, futhi isivumelwano ngenkundla sasulwa. Kukho konke, abafowethu baqiniswa izithembiso eziphefumulelwe ezinjengalezo eziku-Isaya 51:7 noJeremiya 50:34. Kodwa ingabe babezozuza esimisweni somhlangano?
Ezinyangeni ezithile ngaphambili, ngesikhathi kwenziwa amalungiselelo omhlangano wesigodi eBudapest, eHungary, abafowethu abazange bahlele ukuqasha inkundla enkulu ababeyisebenzise ngo-1991, ngesikhathi kufika izihambeli zivela emazweni angu-35. Babecabanga ukuthi manje lenkundla yayisizoba nkulu kakhulu. Noma kunjalo, umphathi wayeyiqashisa ngemali enhle kangangokuba abafowethu bajika bayiqasha, becabanga ukuthi bazosebenzisa ingxenye nje yayo. Nokho, njengoba izinkinga zazanda eRomania, igatsha laseHungary lanikezwa iziqondiso zokuba lihlele umhlangano wezizwe eBudapest. Yeka ukuthi kwaba kuhle kanjani ukuthi base benayo kakade inkundla eyayingahlalisa leso sixuku! Isihloko esikhulu ephephandabeni lakusihlwa elihamba phambili eBudapest samemezela: “EBUCHAREST: Cha—EBUDAPEST: YEBO. OFakazi BakaJehova Enkundleni YaseNép.” EBudapest, kwakukhona abangu-23 893 bevela emazweni angu-12. Eminye imihlangano emibili eHungary yakhuphula ingqikithi yababekhona yaba ngu-36 326.
Phakathi nalesi sikhathi, kwakunezinye izenzakalo eRomania. Elandisa okwakwenzekile, uTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, wathi: “Singathi nje inqola kaJehova yasezulwini ibihamba. Iyakwazi ukushintsha ijubane layo; iyakwazi ukushintsha indlela ehamba ngayo, ishintshe lapho iya khona, noma nini. Inkinga iwukuba inhlangano yasemhlabeni ihambisane nayo!” (Hez. 1:4-28) Sekusele isonto nje kuqale umhlangano, abafowethu bakwazi ukusayina isivumelwano senkundla eseCluj-Napoca, engxenyeni esenyakatho-ntshonalanga yeRomania. Kwadingeka kushintshwe amapulani okuhamba kwezinkulungwane zezihambeli. Kwadingeka kutholakale indawo yokulala yabangu-6000. Wonke umsebenzi wokulungiselela kwadingeka wenziwe ngezinsuku ezimbalwa. Kwathi sekusele izinsuku ezimbili, kwatholakala indawo yesibili yomhlangano, eBrasov, engxenyeni esempumalanga ephakathi yezwe. Amalungiselelo enziwa ayengenziwa ngomoya kaJehova kuphela. Umphumela waba yini? Emhlanganweni owawuseCluj-Napoca kwakukhona inani eliphakeme labangu-22 004; eBrasov babengu-12 862, kuhlanganise nabangu-1056 ababevela eBulgaria. Ingqikithi yababhapathizwa yaba ngu-1631.
EBucharest khona isonto lathi makube nombhikisho ngosuku lokuqala lomhlangano, kodwa kwafika amaphoyisa nekhehla kuphela—futhi abafowethu babanikeza izincwadi nobufakazi obuhle. Njengoba kushiwo kuJeremiya 1:19: “Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe, usho uJehova, ukuba ngikophule.”
Impi Engapheli Yenkululeko
Ekhulwini lokuqala, abaphostoli nabanye abafundi babevamé ukuthola ukuphikiswa okunzima. Lapho kwenzeka lokhu eFilipi, manje okuyiGreece, umphostoli uPawulu nabangane bakhe basingatha indaba ngendlela yokuthi ‘bamisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’ (Fil. 1:7) Ngemva kwaleso sandulela, ngo-1936 iNhlangano yamisa uMnyango Wezomthetho endlunkulu yayo yomhlaba wonke. Ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokunyathelisa yeNdikimba Ebusayo, uMnyango Wezomthetho weNhlangano, manje ose-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York, futhi usizwa iminyango yezomthetho ekwamanye amagatsha amaningana, uyaqhubeka usiza abantu bakaJehova ekulweleni inkululeko engokwenkolo osukwini lwanamuhla.
Izimpi ezingokomthetho zenkululeko engokwenkolo zibangelwa imizamo kaSathane yokumisa ukusakazwa kwezindaba ezinhle ngokuhlasela okusobala okuqondile noma ngokungena ngobuqili ekuphileni komuntu siqu kwalabo abahlanganyela kulomsebenzi. (IsAm. 12:17) Inkululeko yokulalela iZwi likaNkulunkulu ekudedeni egazini, ukukhulisa izingane ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova nokuhlala singathathi-hlangothi ezindabeni zombangazwe zalelizwe kuhlobene nokukwazi kwethu ukuhlanganyela emsebenzini wokufakaza. Zonke lezi zinto kuye kwaphikiswana ngazo kwezomthetho. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1996 sabona ubufakazi obuningi besibusiso sikaJehova ekulweleni kwethu lenkululeko.
Ngokwesibonelo, ngemva kweminyaka ecishe ibe mihlanu yombango ezinkantolo ezincane, iNkantolo Ephakeme YaseJapane yakhipha isinqumo sayo sokuqala endabeni yenkululeko yokukhulekela mayelana nemfundo yomphakathi. Lesi sinqumo esamukelwa ngazwi linye, esibikwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 1996, siyozuzisa bonke oFakazi BakaJehova eJapane.
I-United States yayiyisigcawu sezimpi ezibalulekile ezingokomthetho ezinkantolo zezwe zamacala adlulisiwe. Ngo-August 1994, isibhedlela saseConnecticut esasithi sikhathazekike ngokuthi ingane ingase ikhuliswe ngaphandle kukanina, sazicelela imvume yenkantolo ngo-3:30 ekuseni yokuba uNelly Vega ampontshelwe igazi ngenkani. Izizathu zomyeni wakhe nommeli wakhe zokuthi wayengasophi nokuthi uNelly wayekusho kwacaca ukuthi akalifuni igazi, zachilizelwa eceleni. Nokho, ngo-April 16, 1996, iNkantolo Ephakeme YaseConnecticut yanquma ngokuvumelana ukuthi umyalo wokuba kufakwe igazi “wawephula ilungelo [likaDade] Vega elingokomthetho lokuzinqumela ngomzimba wakhe.” Leso sinqumo asifikanga ngesikhathi ukuze sivimbele ukumpontshelwa igazi, kodwa siyobazuzisa abanye. EFlorida, ecaleni elihilela uTina Harrell, inkantolo yokudlulisela amacala yagxeka isibhedlela nenkantolo yamacala ngokubekela inselele ukwenqaba kwakhe ukumpontshelwa igazi.
Isiqhingi sasePuerto Rico saba isigcawu sokunye ukunqoba kwabantu bakaJehova enkantolo yamacala adlulisiwe. ULuz Quiles, owalaliswa esibhedlela ngenxa yokuhlinzwa azikhethela khona, wabanjwa ngenkani, abahlengikazi ababili nodokotela bemcindezele phansi futhi bamfaka igazi ngokuphambene nezifiso zakhe. Kwafakwa icala ngenxa yababekwenze kuye. Ngo-April 1, 1996, i-San Juan Circuit Court of Appeals yavuma ukuthi ilungelo lakhe lomthetho-sisekelo lenkululeko yokukhulekela nokuzehlukanisa elinikezwa i-Bill of Rights of the Commonwealth of Puerto Rico lalephuliwe ngempela.
Empikiswaneni yokuwinwa kwezingane, ijaji lasenkantolo yamacala e-United States lalifinyelele esiphethweni sokuthi indodakazi kaTeresa Palmer eneminyaka emithathu nesigamu yayingenakuya emihlanganweni noma ihlanganyele enkonzweni yasensimini ize ibe neminyaka engu-7 ubudala. Kodwa iNkantolo Ephakeme YaseNebraska isiyibekele eceleni leyo mingcele eyayibekelwe inkolo. INkantolo Ephakeme eNorway nayo iye yalisekela ilungelo labazali abangoFakazi ezimpikiswaneni zokuwinwa kwezingane. Ngo-March 29, 1996, lenkantolo yakwenza kwacaca ukuthi isinqumo esimayelana nokuthi imuphi umzali okufanele anikwe ingane kufanele sisekelwe ekutheni yini eyozuzisa ingane kakhulu, hhayi emibonweni inkantolo ezicabangele yona ngezinkolelo ezingokwenkolo zabazali. Ngaphezu kwalokho, eBelgium iNkantolo Yesifunda YaseMons yanquma ukuthi ingane eneminyaka engu-11 ubudala inelungelo namandla okuzikhethela yona siqu ukunamathela okholweni nasemikhubeni yoFakazi BakaJehova. Kwesinye isinqumo esihilela ukuwinwa kwezingane, eJalimane, iNkantolo Ephakeme Yesifunda eHamm yalichitha iphuzu lokuthi izimfundiso ezingokwenkolo zoFakazi BakaJehova ziyovimbela ukukhula kwengane. Kwelinye futhi icala, lase-Austria, kwadluliselwa icala kuyi-European Court of Human Rights ngenxa ka-Ingrid Hoffmann. Kwabekwa isibonelo esingokomthetho esiphawulekayo, futhi izingane zawinwa uDade Hoffmann kuphela.
EColombia, oFakazi BakaJehova ngokokuqala ngqá bathola ukuqashelwa ngokomthetho njengenkolo. Lokhu kwakubalulekile ngoba, ngaphandle kwakho, ukushintsha komthetho kwamuva bekuyokwenza singakwazi ukuthola ama-visa ezithunywa zevangeli noma ukukhululwa ekukhokheni intela. Endabeni ebaluleke ngendlela efanayo, igatsha leNhlangano eNicaragua laqashelwa njenge-International Mission phakathi nonyaka wenkonzo. Izindaba ezinhle zavela naseTanzania, lapho sabhaliswa khona ngokusemthethweni ngo-October 5, 1995, njenge-“Association of Jehovah’s Witnesses of Tanzania.”
Impi engavamile yeminyaka eyisithupha yaba nesiphetho esihle eBrazil kulonyaka wenkonzo. Ngo-November 1990, i-National Institute of Social Insurance yaseBrazil yazisa ihhovisi legatsha leNhlangano ukuthi kusukela ngaleso sikhathi amalungu omkhaya waseBethel angu-853 (manje angu-1150) ayengeke esabhekwa njengezikhonzi ezingokwenkolo futhi ngenxa yalokho ayezoba ngaphansi kwemithetho yezwe yezisebenzi. Kwaqala impi engokomthetho eyathatha isikhathi eside. Ngokujabulisayo, ngo-June 7, 1996, i-Judicial Advisory of the Office of the Attorney General eBrasília yakhipha isinqumo esisekela isimo samalungu omkhaya waseBethel njengezikhonzi ezingokwenkolo ezisebenza njengezisebenzi zokuzithandela zesikhathi esigcwele.
Ukufundisa izikhulu zikahulumeni ngobunjalo bomsebenzi nezinto ezenziwa oFakazi BakaJehova kuye kwabonakala kuyisici esibalulekile sokulwela inkululeko ezikhathini zanamuhla. INqabayokulinda ka-May 1, 1996, iye yaba ebalulekile kulokhu, ichaza isiqondiso sikaJesu ‘sokubuyisela izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’ (Luka 20:25) Ngemva kokuthola leyo Nqabayokulinda, izikhulu zikahulumeni e-Ukraine zatshela abafowethu: “Besilokhu sinezingxoxo njalo ngalendaba futhi sizama ukuniqonda. Manje sesiwufundisisile umagazini wenu, futhi ukuma kwenu mayelana nenkonzo yokusebenzela uhulumeni kubekwe ngokucacile impela.”
Ngezinye izikhathi kudingeka kunyatheliswe ukwaziswa kokulungisa ukuze siziphendulele emikhankasweni yokusakaza amanga esuswa izitha zoFakazi BakaJehova. EFrance kwasakazwa amakhophi angaphezu kuka-11 000 000 epheshana elinamakhasi amane elinesihloko esithi Jehovah’s Witnesses—What You Should Know (OFakazi BakaJehova—Lokho Okufanele Ukwazi) ezweni lonke ngo-May nango-June 1996, okwaphumela ezinkulumweni eziningi ezakhayo ezivela emphakathini. Lasakazwa kabanzi naseGuadeloupe naseMartinique.
Ukuphumela obala ngokuvamile kuye kwabonakala kuwusizo olukhulu ekulweleni inkululeko osukwini lwanamuhla. Ngemva kwemizamo eyabhuntsha ezinkantolo zaseSingapore zokusekela amalungelo abafowethu, iNdikimba Ebusayo yavumela ukuba kusakazwe ipheshana elikhethekile elinamakhasi amane ezikhulwini ezithile zikahulumeni emhlabeni wonke ukuze zaziswe ngokuphathwa kabi kwabafowethu eSingapore. Isembozo saleli pheshana, elinesihloko esithi Religious Persecution in Singapore, (Ushushiso Olungokwenkolo ESingapore) sasinesithombe somunye wababizwa “ngezigebengu” owaboshelwa ukuthi wayenezincwadi ze-Watch Tower. Ngaphansi kwalesi sithombe sikadadewethu othembekile, omomothekayo, kwakunamazwi athi, “UFakazi oneminyaka engu-71 ubudala utshela ijaji: ‘Angilona usongo kulohulumeni.’ Nokho, wavalelwa ejele.”
E-Eritrea, engaseRed Sea, abafowethu, nakuba bengahlukunyezwa obala, baye balahlekelwa imisebenzi, izindlu nezinzuzo ezitholakala kuhulumeni ngenxa yokuma kwabo kokungathathi-hlangothi. Ngemva kokuba i-New York Times ikhiphe isihloko esasincoma intuthuko yezomnotho e-Eritrea ‘njengeNdaba Yase-Afrika Eyimpumelelo,’ uMnyango Wezomthetho WeNhlangano wabakhumbuza isihlokwana esasisesihlokweni sabo esikhulu esasithi “OFakazi BakaJehova Bayahlukunyezwa” futhi wabuza ukuthi lelizwe lingabizwa ngempela yini ngokuthi “indaba eyimpumelelo.” Iphendula, i-New York Times ka-May 7, 1996, yashicilela incwadi yeNhlangano, kwathi i-Times ngokwayo yanikeza lencwadi isihloko esikhulu esigqamile esithi “I-Eritrea Makuthiwe Iyisehluleki Ekuhlonipheni Amalungelo.”
Njengoba kungabonakala kulombiko, buyanda ubufakazi bokuthi uSathane uDeveli uzama zonke izindlela ezisemthethweni nezingekho emthethweni ongazicabanga ukuze aphazamise umsebenzi wezinceku zikaJehova. Kwangathi sonke singaphikelela ‘ekubambaneni naleyo ndikimba yomoya ababi’ efuna ukuvimbela isintu ukuba sizwe izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Efe. 6:10-18) Njengoba senza kanjalo, yeka ukuthi aduduza kanjani amazwi omphostoli uPawulu akweyabaseRoma 8:31: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi?” Impendulo ithi: Akekho noyedwa, ngoba akekho ongabhuntshisa injongo kaJehova.
Bazimisele Ukukhonza Lapho Kunendingeko Enkulu Khona
Onyakeni odlule, labo abathola iziqu e-Watchtower Bible School of Gilead bathunyelwa ukuyosiza emsebenzini wokuvuna okungokomoya emasimini amaningi akhiqizayo. Imibhangqwana yabelwa emazweni ase-Afrika angu-12, emazweni angu-8 eNyakatho NeNkabazwe (ikakhulukazi eMelika Ephakathi neseNingizimu), emazweni amathathu eMpumalanga Yurophu namathathu e-Asia.
Amanye amaphayona azenza atholakala ukuze akhonze nomaphi lapho ayedingeka khona emazweni akubo. E-United States, kulonyaka odlule, amaphayona azimisele angu-1172 asiza ekufakazeni ezindaweni ezingabelwe mabandla. Amanye angu-1236 asiza ekufakazeni ensimini engasetshenzwa njalo emabandleni angu-294 ayefake isicelo esikhethekile sosizo eNhlanganweni.
EBrithani, amaphayona amaningi aye aqaphela ukuthi amasimu ezithunywa zevangeli akhiqizayo asezweni lakubo. Ahlanganisa izifiki eziye zathuthela kuleli zivela kwamanye amazwe eminyakeni yamuva. Amaphayona eBrithani abematasa efunda izilimi ezingu-28 ukuze anakekele lensimu exube izizwe ngempela.
Kwavulwa Isikole Samalungu AmaKomiti Amagatsha
Lapho kuklanywa i-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York, amapulani ahlanganisa nezakhiwo zokuqeqeshela amalungu amaKomiti Amagatsha. Laba bafowethu bahlelelwa uhlelo lwezifundo zesikole olukhethekile. Ikilasi lokuqala labafundi abangu-24 labhalisa ngoLwesihlanu, ngo-November 24, 1995. NgoMsombuluko olandelayo, kwaqalwa ukufunda.
Phakathi nonyaka wenkonzo odlule, lesi sikole saba namakilasi amathathu, ngalinye lithatha amasonto angu-8. Kwaqeqeshwa abafowethu abavela emagatsheni eNhlangano angu-60. Lamagatsha aqondisa inkonzo yoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-2825 000 futhi ensimini ayabelwe kunabantu abangaphezu kwamaphesenti angu-45 abantu abasemhlabeni. Ngakho imiphumela yesikole ngokushesha yafinyelela ezingxenyeni eziningi zomhlaba.
Kunemithwalo yemfanelo esindayo emahlombe amalungu amaKomiti Amagatsha. Ngokwesimiso esashiwo uJesu kuLuka 12:48b, kudingeka okungaphezu kokuvamile emadodeni amiswe umoya aye aphathiswa okuningi. Ngenxa yalokhu, ukuqeqeshwa okufika ngezikhathi ezithile kuwazuzisa kakhulu.
Yimiphi eminye yemithwalo yemfanelo enakekelwa yilaba bafowethu? Ukunakekela amalungu omkhaya waseBethel namakhaya aseBethel. Ukuqondisa umsebenzi wasehhovisi, ohlanganisa ukunakekela iposi, ama-oda ezincwadi, izindaba zenkonzo nokuhunyushwa kwezincwadi zeNhlangano. Imisebenzi yokunyathelisa—eminye eyenziwa ngezinga elincane eminye ngelikhulu. Ukuthumela izincwadi, omagazini nezinye izinto emabandleni. Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi owenziwa abamemezeli bebandla, amaphayona nezithunywa zevangeli. Ukwenza amalungiselelo okuba ababonisi abajikelezayo bahambele amabandla kanye namaqembu angawodwa zikhathi zonke. Ukuhlela imihlangano yesifunda neyesigodi.
Phakathi nemfundo yesikole, kuxoxwa kabanzi ngakho konke lokhu nangokwengeziwe, okuhlanganisa inqubo yokusebenza kwegatsha nokuhlela insimu. Izimfundiso zeBhayibheli zakha ingxenye enkulu yalemfundo. Kubukezwa umthetho kaNkulunkulu nezimiso ezingokomBhalo ezibusa zonke izici zokuphila komKristu. Njalo ngoMgqibelo ekuseni, abafowethu banikezwa usizo lokuthuthukisa ikhono labo njengezikhulumi zasobala. Othisha kuba abazalwane abangomakad’ebona basendlunkulu nabasensimini kanye namalungu eNdikimba Ebusayo. Isikhathi sakusihlwa sisetshenziselwa ukwenza umsebenzi wesikole nokulungiselela izabelo zezinkulumo zasekilasini.
Amakhosikazi ahambisana nabayeni bawo ukuya ePatterson ayazuza ebudlelwaneni nasemsebenzini awabelwayo awenza eKhaya LaseBethel nakweminye iminyango. Abona indlela izinto ezisingathwa ngayo endlunkulu yeNhlangano. Kanye njalo ngesonto, ntambama ngoLwesihlanu, ahlangana nabayeni bawo ehholo lesikole ukuze alalele inkulumo, ngokuvamile enikezwa ilungu leNdikimba Ebusayo. Lezi zinkulumo ezingokomoya ziye zabonakala zikhuthaza kakhulu futhi ziwusizo kanti ziye zajatshulelwa ngempela.
Amalungu amaKomiti Amagatsha aye athola izifundo zesikole ziqabula, zishukumisa futhi zakha. Lizwakalisa ukwazisa ngalokho elalikufundisiwe, elinye ikilasi lathi: “Ukuba nalesi sikole e-Watchtower Educational Center kugcizelele kithi intuthuko emangalisayo yenhlangano kaJehova futhi kwakhulisa umbono wethu ngomsebenzi wokushumayela nokufundisa oqhubekayo.” Mayelana nezici ezivelele zalemfundo, iningi labafundi laphawula ukuthi ‘isici esivelele kuye kwaba umzamo okhethekile owenziwa amalungu eNdikimba Ebusayo wokusuka eBrooklyn futhi azosifundisa ekilasini nangokunikeza izinkulumo ezikhethekile. Lokhu kukhathalelwa kuthinta inhliziyo. Kunikeza ubufakazi besithakazelo sawo esijulile enhlalakahleni yabantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.’
Ikilasi lesibili lesikole lazwakalisa isinqumo salo ngalendlela: “Sizimisele ukusebenzisa esiye sakufunda ngezwi nangesibonelo ukuze silondoloze inhlangano engokwasezulwini yomhlaba wonke esebenza ngokushelela, kube udumo kuJehova uNkulunkulu futhi abantu bakhe bathuthuke ngokomoya.” Lapho ikilasi lesithathu liqeda izifundo zalo, labukeza izinzuzo zemfundo yezinyanga ezimbili futhi lathi: “Lesi sikole siye sasicebisa kakhulu ngokomoya futhi ngesikhathi esifanayo sisishukumisele ukuba njalo sizibonakalise siwufanelekele umthwalo wemfanelo esiphathiswe wona.”
Amalungu amaKomiti Amagatsha ekilasi ngalinye anikeza umkhaya waseBethel wasendlunkulu imibiko emifushane ngentuthuko yomsebenzi woMbuso emasimini awo. Izakhiwo zeBethel eBrooklyn, ePatterson naseWallkill (naseGeorgetown, Ont., eCanada) zazixhunywe ngocingo ukuze zithole lezi zimiso. Ukwaziswa nokuhlangenwe nakho okwakuvela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba kwanikeza ubufakazi obumangalisayo besibusiso sikaJehova emizamweni yokwethembeka neyentshiseko yabantu bakhe. Lemibiko yabonisa nothando lokuzidela kanye nobunye bomcabango nesenzo okukuyo yonke inhlangano yabafowethu.—1 Pet. 2:17; 5:9.
Njengoba unyaka wenkonzo uphela, kwakuqhubeka elinye ikilasi. Leli lalinabameleli abavela emagatsheni eNhlangano angu-47.
Izinzuzo ZeSikole Sokuqeqeshela Inkonzo
Kulonyaka wenkonzo odlule kuye kwaba nentuthuko enkulu ngokuphathelene neSikole Sokuqeqeshela Inkonzo. Kwakunamakilasi angu-85 aqhutshwa emazweni angu-30 ahlukene, kwabhalisa abafundi abavela emazweni angu-62. Uhlelo lwezifundo lwabukezwa, futhi kwaqeqeshwa othisha abengeziwe ukuze basingathe izabelo zesikhathi esizayo.
Njengoba umsebenzi woMbuso wanda unyaka nonyaka, kwakhiwa amabandla engeziwe. Ukuze anakekelwe, kunesidingo sabadala nezinceku ezikhonzayo ezifanelekayo ezizimisele ukusetshenziswa lapho zidingeka khona ngokukhethekile, kanye nababonisi abajikelezayo abengeziwe ukuze bahambele lamabandla. ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo sisiza ekuhlomiseni abafowethu ukuze bagcwalise lezi zidingo.
Igatsha lase-Ecuador libika ukuthi abanye balabo abaqeqeshwa khona ‘bakhonza lapho kunesidingo sokuvuthwa, futhi abanye babelwe ezindaweni ezingazodwa lapho kuye kwamiswa khona amabandla amasha.’ ECosta Rica “amabandla aye aqina ngokwengeziwe ngokomoya ngoba laba bafowethu bayahola kuzo zonke izici zomsebenzi wokushumayela.” Abathweswa iziqu e-El Salvador “bakhonza njengezibonelo kwabanye,” futhi ukuqeqeshwa kwabo kuye “kwabenza baba abafundisi abangcono.” EMexico, lapho kwamiswa khona amabandla angu-466 kulonyaka wenkonzo odlule, umbiko uthi “abathweswe iziqu bawusizo kakhulu ekusizeni ekuhleleni umsebenzi emabandleni nasekusekeleni imisebenzi enkonzweni yasensimini.” Amabandla asePoland abelwe abathweswe iziqu ahlatshwa umxhwele “ukuhileleka kwabo okuphelele enkonzweni nethonya elihle abanalo emabandleni.”
EMpumalanga Ekude, labo abathunyelwa bevela eMalaysia beya ePhilippines beyoqeqeshwa bayaqhubeka ezweni lakubo futhi “bazinikele futhi bafeza isabelo sabo ngobuqotho.” Kuyaphawuleka ukuthi liye lathuthuka ikhono labo lokukhuluma. IBarbados, iDominican Republic, iGuadeloupe, iHaiti, eMartinique, iPuerto Rico neTrinidad, kanye neGuyana neFrench Guiana ayazuza wonke enkonzweni enhle yabathola iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo.
EBolivia, cishe ingxenye yababonisi abajikelezayo bangabafundi abathweswa iziqu kulesi sikole. Lapho igatsha lasePhilippines lidinga ababonisi abajikelezayo abengeziwe, latomula emadodeni afanelekayo ayeye aya emakilasini okuqala alesi sikole. Kunjalo nakwamanye amazwe.
Izinkulumo ezisuka enhliziyweni zamakilasi ahlukahlukene alesi sikole zibonisa indlela leli lungiselelo elaziswa kakhulu ngayo. Abafundi abathweswa iziqu ePeru bathi lemfundo ‘yabahlomisela ukuba banikele inkonzo engcwele eseqophelweni eliphezulu.’ Ikilasi labafundi e-United States lazibuza, ngokuvumelana nokulotshwe kumaHubo 116:12, “[Si]yakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle [kithi] na?” Ngokwengxenye, impendulo yalo yathi, “Ukuzimisela kwethu ukuba abelusi abanothando nabakhathalelayo, abashumayeli abashisekayo nabafundisi abanekhono, ukuze kuzuze abafowethu.”
Abafowethu abangashadile abaye bakhonza njengabadala noma izinceku ezikhonzayo isikhathi esiyiminyaka emibili ilandelana, abaphakathi kweminyaka engu-23 no-50 ubudala, abayimiqemane, abafuna ngempela ukukhonza izithakazelo zoMbuso nabafowabo nomaphi lapho bedingeka khona, nabafaneleka ngezinye izindlela, bangase bamenyelwe kulesi sikole. Emazweni amaningi, abafowethu abengeziwe abasebasha bakwenza umgomo ukufanelekela lesi sikole. Banikeza ubufakazi bokuthi bayawalalela amazwi akumShumayeli 12:1: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”
Ukwakhela Ukuthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso
Ukwakhiwa kwezakhiwo kuye kwaba umsebenzi ovelele ohlobene nokukhulekela kweqiniso. Ngo-1512 B.C.E., ngesiqondiso sikaJehova isizwe sakwa-Israyeli sakha itabernakele elithwalekayo elalizosetshenziselwa ukukhulekela kwaso uJehova. Kodwa lalingeyona indawo yokuhlangana isizwe esasibuthanela kuyo ukuze sifundiswe. Sasihlanganela endaweni evulekile. Ngemva kweminyaka ecishe ibe yinkulungwane, kwakhiwa amasinagoge njengezindawo zokuhlangana. AmaKristu okuqala aqale ahlanganyela emizini yabantu. Nokho, ukuze afeze isabelo sokushumayela nokufundisa iZwi likaNkulunkulu elisibekele abakhulekeli beqiniso namuhla, kuye kwabonakala kudingeka kube namahhovisi nezindawo zokunyathelisa kanye neminyango edingekayo yokusekela lokhu, nokulungiselela amaHholo OMhlangano amakhulu namaHholo OMbuso amancane. Lokhu kuye kwahilela umsebenzi wokwakha, futhi kwenziwa omkhulu kulonyaka odlule.
Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1996, iNhlangano beyakha izakhiwo zamagatsha ezintsha noma inweba ezikhona noma amahhovisi okuhumusha nawenkonzo emazweni angu-37. Eminye yemisebenzi emikhulu yayiseMexico, eBrazil, eRussia, eJapane, eFrance, eSpain, eNingizimu Afrika, e-United States, eVenezuela nase-Australia. Bekwenziwa umsebenzi wokulungiselela ukwakha emazweni angu-22. Ngaphandle kwalokhu, amaHhovisi eNhlangano Obunjiniyela namaqembu ezokwakha ayesiza ngomsebenzi emaHholo OMbuso, emaHholo OMhlangano nasemakhaya ezithunywa zevangeli ezingxenyeni eziningi zomhlaba lapho kwakunesidingo esikhulu khona.
Phakathi nonyaka, bekwakhiwa amaHholo OMhlangano amasha ezindaweni ezinjengeSanta Cruz, eBolivia; iMadrid, eSpain; naseDakar eSenegal. Umsebenzi wamaHholo OMhlangano amabili uyaqhubeka e-United States, kanti amanye ayisihlanu ayaqalwa. Nakuba iHholo LoMhlangano elisha eMaputo, eMozambique, lalingakaqedwa, lasetshenziselwa umhlangano wesigodi ngo-July, owawunabantu abangu-1938, nomunye umhlangano ngo-August, owawunabangu-10 040. Kulonyaka kwanikezelwa neHholo LoMhlangano e-Ouagadougou, eBurkina Faso, elinye eDaloa, eCôte d’Ivoire, nelesibili eGuatemala. IHholo LoMhlangano elaqedwa eMauritius, isiqhingi esise-Indian Ocean, linezindawo eziseceleni ezenza kwenzeke ukuba kube nemihlangano yesigodi engemikhulu kakhulu. Umklamo omuhle weHholo LoMhlangano elisha eNouméa, eNew Caledonia, uhlanganisa amaHholo OMbuso amathathu, asesetshenziswa kakade zikhathi zonke amabandla ayisithupha.
EJapane, nakuba kwakunemizwa enamandla yokumelana nenkolo ngenxa yobuphekula obabuhlobene nehlelo elithile, oFakazi BakaJehova bakwazi ukwakha iHholo LoMhlangano eTochigi, bude buduze nendlu yombusi. Ngemva kokuqedwa komsebenzi, amaqembu ayevela emahhovisi ahlukahlukene kahulumeni wendawo avakashela lezi zakhiwo. Izikhulu ezaziwalethile zathi zifuna azibonele ngawawo ukuthi oFakazi BakaJehova abafani nezinye izinkolo. Yini ebenza bahluke? Impendulo ikulokho okwashiwo uJohn Barr, ilungu leNdikimba Ebusayo, phakathi nokunikezelwa kwamaHholo OMhlangano, elaseTochigi nelaseHokkaido ngo-1996. Waphakamisa isinqumo sokuba lawo mahholo asetshenziselwe “ukuthuthukisa imfundo yeBhayibheli nemfundo yokuphila ngezimiso zaphezulu eziseZwini likaNkulunkulu.”
Ezindaweni eziningi ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso anesizotha kodwa aklanywe kahle kwathatha indawo yokuqala kulonyaka odlule. Kwaphela amanye angu-27 ensimini okwakungeyaseMpumalanga Jalimane. Kuze kube manje, kwakhiwe angu-47 e-Ukraine, amanye angu-56 asakhiwa. Kudingeka amaHholo OMbuso engeziwe eRussia. Ukwanda kwenani loFakazi lapha kushesha kakhulu, kodwa cishe amaphesenti angu-85 amabandla angaphansi kwegatsha laseRussia awanazo izindawo zokuhlanganyela ezakhelwe lokho. EZimbabwe, lapho kunamabandla angaphezu kuka-800, kuye kwadingeka amaningi ahlanganyele esigangeni. Lokhu kuye kwenza ukuba abasanda kuthakazela bangabi khona. Kodwa ngosizo lwamaKomiti Okwakha Esifunda amathathu, inani lamaHholo OMbuso kulelizwe liye landa laba ngu-37. Ngenxa yalokho, ezindaweni okwakunebandla elilodwa kuzo, manje sekunamabandla amathathu noma amane ahlanganyela ehholo. Kuyacaca ukuthi kudingeka amahholo engeziwe.
IPoland ibika ukuthi kwanikezelwa amaHholo OMbuso angu-64 kulonyaka! ESlovakia, ukwakhiwa noma ukulungiswa kabusha kwezakhiwo ukuze kube namaHholo OMbuso angu-95 kwakuvelele ngempela. Ezinye izikhulu eSlovakia ziye zabambisana kakhulu nathi. Nokho, kwesinye isenzakalo, umphathi-dolobha wathi uma nje kusenguye umphathi-dolobha, oFakazi BakaJehova babengeke babe neHholo LoMbuso edolobheni lakhe. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha wakhishwa esikhundleni, futhi abaphathi abasha basishintsha isinqumo sakhe. Yebo, abafowethu babujabulela ubufakazi besibusiso sikaJehova!—Zak. 4:6.
Ababakhona eSikhumbuzweni eTogo bacishe baliphinde kane inani labamemezeli. Ummemezeli ngamunye uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwezimbili. Futhi kunesidingo esikhulu kakhulu samaHholo OMbuso okuhlanganela. Ukuze isize igcwalise leso sidingo sezakhiwo ezifanelekayo, iNhlangano iye yathola umshini wokwenza izitini ukuze abafowethu bazenzele ezabo izitini zodaka eziqinile, nomunye umshini wokwenza ama-tile okufulela. Elokuqala lalamahholo seliphelile, futhi engeziwe asakhiwa.
Ezimweni ezimbalwa, kwabonakala sengathi okuwukuphela kwendlela okungakhiwa ngayo endaweni ethile kwakungosizo lwamanye amazwe. Kwaba njalo ePopondetta, ePapua New Guinea, lapho kwakudingeka khona kokubili ikhaya lezithunywa zevangeli neHholo LoMbuso. IPopondetta ingafinyelelwa ngesikebhe noma ngendiza kuphela; izinto eziningi zokwakha kwadingeka zithunyelwe zivela ngaphandle. Izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke ezazi umsebenzi wokwakha zafika zivela e-Australia. Abamemezeli bendawo, kuhlanganise nabancane nodade, bazikhandla. Njengoba babesebenza ndawonye, izibopho zobuzalwane bomhlaba wonke zaqiniswa. Isihlabathi sasosebeni lomfula sasefwa ukuze kukhishwe amatshe amakhulu. Sabe sesikalwa ngamabhakede. Okungenani amabhakede angu-27 000 agcwele isihlabathi, usimende namanzi kwakudluliswa ngokunikezelana kuyiswa ezisebenzini zokuzithandela ezazishaye uklele, kuya emshinini oxuba usimende. Kancane kancane izakhiwo zaya phezulu. Lapho kufika isikhathi sokuhlola umshini wokukhulisa izwi omusha, futhi umculo we-Kingdom Melodies ugcwala eHholo LoMbuso elivulekile ezinhlangothini, abaningi baba nomunyu futhi izinyembezi zazigelezela nje njengoba bemi bemangele. Kwabe sekuxhonywa isihloko sonyaka; kwalandela umbhalo weHholo LoMbuso. Ngo-June, kwabuthana abangu-362 kuleli hholo bezele umhlangano—okuwubufakazi bokuthi kunensimu enkulu yokuvunwa kulendawo enebandla elilodwa kuphela okwamanje.
Eminye yemisebenzi yokwakha ehlanganisa izindawo zokunyathelisa, amahhovisi namakhaya aseBethel okusetshenziswa iNhlangano, yaqedwa kwaze kwaqhutshwa nezimiso zokunikezela phakathi nonyaka.
Ekuqaleni konyaka wenkonzo, ngo-September 18, kwaba nesimiso sokunikezela esingavamile endlunkulu yomhlaba wonke, isimiso esabonisa ukwanda okusheshayo kwenhlangano yezizwe zonke. Kwase kufike isikhathi sokuvulwa kwendawo yokuhlala yaseBethel enezitezi ezingu-30 eBrooklyn. Kwanqunywa ukuthi kungafaneleka ukuba kulesi simiso kuhlanganiswe nokunikezelwa kwezinye izakhiwo ezingu-22. Ezingu-18 kuzo zaziyizakhiwo zokuhlala ezazilungiswa kabusha noma zakhiwa ziqalwa phansi futhi zisetshenziselwa ukuhlalisa umkhaya waseBethel wasendlunkulu, ezimbili kwakuyizakhiwo ezakhelwa ukulungisa izimoto kanti ezinye ezimbili kwakungamafektri amakhulu. Kwakuwubusuku obujabulisayo njengoba izikhulumi zibukeza ubufakazi bokuhola kukaJehova nesibusiso sakhe kulokho okwakwenziwe. Labo ababelalele isimiso babengabuthene nje eBrooklyn kuphela kodwa nasezakhiweni zeNhlangano ePatterson naseWallkill, eNew York, naseGeorgetown e-Ontario, eCanada. Imininingwane itholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1996.
Kunezisebenzi zokuzithandela ezingu-5581 ezikhonza endlunkulu yomhlaba zikhathi zonke; zonke zingamalungu e-Order of Special Full-Time Servants. Esewonke, amalungu omkhaya waseBethel embulungeni yonke angu-16 966. Alungiselelwa indawo yokuhlala ezakhiweni zeNhlangano.
Izimiso zokunikezela zaqhutshwa nakwamanye amagatsha eNhlangano. Elokuqala kwakuseNingizimu Melika.
EPARAGUAY: Phakathi neminyaka engu-30 kusukela kwanikezelwa igatsha lokuqala eParaguay, inani loFakazi kulelizwe liye landa lisuka kwabangu-500 lafinyelela ngaphezu kuka-5000—naphezu kokuvinjelwa komsebenzi wabo iminyaka engu-12. Kwakudingeka izakhiwo ezintsha zegatsha. Ukuze kugcwaliswe leso sidingo, ngo-January 13, 1996, kwanikezelwa uxhaxha lwezakhiwo ezingu-7, endaweni eqhele ngamakhilomitha ayishumi ukusuka e-Asunción, inhloko-dolobha. Kwakukhona izinceku zikaJehova eziningi ezinesikhathi eside, kuhlanganise nezithunywa zevangeli ezazikhonza eParaguay nezinye izivakashi ezazivela kwamanye amazwe.
Enkulumweni yakhe yokunikezela, uLloyd Barry, weNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngomsebenzi wezandla kaMakhi Oyingcweti, uJehova uNkulunkulu. Isintu kudingeka sifunde ngaye; kuwumsebenzi wethu ukusisiza. Ngemva kokuveza ukuthi lolu xhaxha lwezakhiwo ezintsha lwaluzosetshenziselwa ukusekela lowo msebenzi, uMfoweth’ uBarry wabuza: “Niyafuna ukusinikeza uJehova?” Izilaleli zavumela phezulu.
E-IRELAND: Isimiso sokunikezela izakhiwo ezintsha zegatsha e-Ireland sasingo-May 4, 1996. Sekuphele iminyaka engaphezu kwekhulu kunabashumayeli bezindaba ezinhle e-Ireland. Kodwa eshumini leminyaka elidlule kuye kwaba nokwanda okushesha ngendlela ekhethekile. Manje sekunabamemezeli abangaba ngu-4400 emabandleni angu-114 e-Ireland. Ukuze banakekelwe, kuye kwakhiwa izakhiwo ezintsha zegatsha endaweni enhle esemaphandleni engamakhilomitha angu-30 eningizimu yeDublin, emaphethelweni edolobhana laseNewcastle, eCounty Wicklow. Lolu xhaxha lunezakhiwo ezintathu ezixhumene—isakhiwo sokuhlala esinamakamelo angu-20, amahhovisi esimanje kanye nekhishi nelondolo nendawo yokulungisa izimoto neyokuthumela izincwadi.
Izisebenzi zokuzithandela zazinawo wonke amakhono okwakha ayedingeka ukuze kufezwe umsebenzi. Izisebenzi ezazivela kwamanye amazwe zasebenza nabafowethu nodade abaningi bendawo abazikhandla ngokuzithandela kulokho kubo okwakuyisici esisha senkonzo yoMbuso. Wonke amabandla e-Ireland afaka isandla emsebenzini. OFakazi ababevela emabandleni akude babesuka emakhaya entathakusa ukuze babe sebesesizeni belungele ukusebenza ngo-8:00 ekuseni ngoMgqibelo, khona-ke babesebenza amahora angu-8 agcwele ekwakheni. Akekho noyedwa owayekhononda ngesimo sezulu noma izabelo zomsebenzi. Ngokuzithandela nje bangena shí emsebenzini.—IHu. 110:3.
UGerrit Lösch, weNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo yokunikezela, ekhuluma ngeziprofetho zika-Isaya ezibikezela ngokubuyiselwa nokwanda kwabantu bakaNkulunkulu. Abantu bakaJehova e-Ireland baye bahlanganyela ngezindlela eziningi ekugcwalisekeni kwalezo ziprofetho, futhi basaqhubeka benze njalo.
E-INDONESIA: Ukunikezelwa kwezakhiwo zeBethel kwakuyisici esivelele ngempela sonyaka wenkonzo koFakazi BakaJehova e-Indonesia. Ngenxa yokungamukelwa kahle ngokomthetho komsebenzi woFakazi BakaJehova kulelizwe, kwase kunesikhathi eside kubonakala kuyiphupho nje. Nokho, isidingo sezakhiwo ezinjalo besilokhu sikhula kusukela ngo-1990.
Ngemvume nangesiqondiso somusa seNdikimba Ebusayo, izakhiwo ezintsha zase zizokwakhiwa. Kodwa abafowethu bendawo babengawazi umsebenzi wokwakha; pho kwakuzokwakhiwa kanjani? Impendulo yalethwa ubuzalwane bomhlaba wonke. IHhovisi Lezokwakha LaseBrooklyn neHhovisi Lobunjiniyela Lesifunda e-Australia enza amalungiselelo ayedingeka. Izisebenzi zomhlaba wonke nezokuzithandela zomhlaba wonke ezicishe zibe yikhulu zanikela ngamakhono ayedingeka. Zaqeqesha abafowethu bendawo abangu-40 futhi zasebenzisana nabo phakathi neminyaka emibili yokwakha. Umoya kaJehova kuphela owenza abafowethu bakwazi ukunqoba izithiyo eziningi nezihlukahlukene ababhekana nazo ngesikhathi sokwakha.
Ngakho, kwakuwusuku olujabulisayo noluyingqopha-mlando ngempela kubafowethu lapho uJohn Barr enikezela izakhiwo ezintsha ngo-July 19. Ezilalelini ezingu-285 kwakunabameleli bamagatsha noma ababeyizithunywa zevangeli abangu-118 ababevela kwamanye amazwe. Kwakukhona ababonisi besifunda nabesigodi, yebo, amalungu angu-59 omkhaya waseBethel nawo ayekhona ukuze ahlanganyele ekujabuleleni lesi senzakalo.
Sebenezakhiwo ezintsha, abafowethu sebengakhiqiza ngokwengeziwe futhi basebenze ngokushelela ekukhonzeni abamemezeli abangaphezu kuka-12 000 kulengxenye yensimu yomhlaba. Banokuningi kokukwenza ngoba abantu abacishe babe izigidi ezingu-200 abakhuluma izilimi ezihlukahlukene abathé chithi saka ezinkulungwaneni zeziqhingi kusafanele bafinyelelwe ngesigijimi soMbuso.
Futhi usuku lokunikezela lwaluyisikhathi esijabulisayo sokuphinde sihlangane nabangane nesobudlelwano. Ezinsukwini ezimbili ezalandela, izihambeli zajabulela uMhlangano Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” ndawonye. Njengoba kwakunelungu leNdikimba Ebusayo phakathi kwabo, nemikhonzo, imibiko ekhethekile nokuhlangenwe nakho okwakulethwa izivakashi nezihambeli zomhlangano zakwamanye amazwe, umoya wobuzalwane bomhlaba wonke wagcwala yonke indawo yomhlangano. Yebo, isonto lokunikezela lalikhetheke ngempela kubantu bakaJehova futhi luyingqopha-mlando emsebenzini woMbuso kulelizwe.
E-ALBANIA: Ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle e-Albania kwenziwa ngaphansi kokuqondisa kwegatsha lase-Italy. Kodwa izidingo zaleyo ngxenye yensimu ziye zenza kwafaneleka ukuba nehhovisi khona kanye e-Albania. Ngakho, ngo-May 12, 1996, uMilton Henschel, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuluma nezilaleli ezingu-1534 ezazibuthene eTiranë, inhloko-dolobha, ezazithamele ukunikezelwa kwezakhiwo ezimbili manje eziyihhovisi leNhlangano neKhaya LaseBethel e-Albania.
Isimiso saqala ngokuthi izivakashi ezazivela emazweni angu-14 zitshelwe: “Siyanibonga ngokuzohlanganyela nathi kulokhu kunikezelwa kweBethel yethu entsha. Kwangathi uJehova anganibusisa. Siyanamukela e-Albania!” Lokho kwamukela okufudumele kwenziwa ngolimi lweqembu ngalinye lababevakashile.
Isimiso savula ithuba lokwazi izinceku zikaJehova ezithembekile zesikhathi eside kanye nezisezintsha e-Albania. Phakathi kwalabo abalandisa okuhlangenwe nakho kwakunoLinda DiGregorio. Yena nomyeni wakhe, uMichael, ababeyizithunywa zevangeli eDominican Republic, babehlele ukuvakashela izihlobo zabo e-Albania entwasahlobo ka-1992. Nokho, iNdikimba Ebusayo yabacela ukuba bandise izinsuku ezintathu ababezozihlala e-Albania zibe izinyanga ezimbili noma ezintathu. Uthi: “Lokhu kuvakasha kwezinsuku ezintathu kwaphenduka ikhaya lethu elisha!” Ngemva kokuba umsebenzi uqashelwe ngokomthetho ngo-May 1992, baqala ukushumayela obala endlini ngendlu. “Abantu abanomusa nomoya wokungenisa izihambi baqala ukuvulela isigijimi seBhayibheli iminyango nezinhliziyo zabo,” kuchaza uLinda. “Sasinamapheshana nomagazini abambalwa nje, singenawo amaBhayibheli noma izincwadi. Kodwa abantu basabela eqinisweni. Bazamukela izimemo zokuba baye emihlanganweni futhi abanye babo babhapathiziwe manje!”
Ngemva kwezinyanga ezinhlanu, kwafika amaphayona akhethekile evela e-Italy. Amanye ayevela eGreece. INhlangano yahlela izifundo zolimi ukuze basizakale. Kodwa izimo zazinzima. Ugesi wawuyindlala namanzi elinganiselwe. Kwakunzima ukuthola ukudla nezinye izinto. Kwakudingeka ame emigqeni amahora amaningi ukuze athole izidingo. Amaphayona akhethekile ayikhulu avela kwamanye amazwe asejoyinwe amaphayona akhethekile angu-15 ase-Albania. Ndawonye, manje akhonza emadolobheni amakhulu namancane angaphezu kuka-40. Azithola kahle izincwadi, kuhlanganise ne-Nqabayokulinda ephuma kabili ngenyanga, ngesi-Albania. Ngo-August 1996, i-Albania ibisifinyelele inani eliphakeme lama-40 izikhathi zilandelana, inabamemezeli abangu-908—amaphesenti angu-52 ngaphezu konyaka odlule. Bakujabulela ngokukhethekile ukwamukela abangu-6523 eSikhumbuzweni kulo-April odlule. Kuningi okusazodingeka kwenziwe kulensimu ekhiqiza kakhulu.
Lokhu kumane kuyizibonelo ezincane nje zalokho obekwenzeka emhlabani wonke kulonyaka odlule. Ijubane okwenzeka ngalo liyamangalisa. Umsebenzi owabikezelwa uJesu Kristu uyafezwa ngempela, futhi ngaphansi kwesiqondiso sakhe uzoqedwa ngempumelelo ngaphambi kokufika kokuphela.
[Isithombe ekhasini 4]
Kuye kwanyatheliswa amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-90
[Isithombe ekhasini 5]
Ngonyaka odlule izincwadi nezincwajana ezingangomagazini ziye zahunyushelwa ezilimini ezingu-164
[Isithombe ekhasini 6]
Ukunyathelisa nokusakaza omagazini kwafinyelela amazinga angakaze afinyelelwe
[Isithombe ekhasini 7]
Ama-video manje akhiqizwa ngezilimi ezingu-35
[Isithombe ekhasini 12]
1. Izilaleli eCluj-Napoca, eRomania
2, 3. Abanye babangu-1631 ababhapathizwa eCluj-Napoca naseBrasov, eRomania
4. Isixuku esishisekayo eNépstadion, eHungary
[Isithombe ekhasini 20, 21]
Isikole samalungu amaKomiti Amagatsha siqhutshwa e-Watchtower Educational Center
1. Isakhiwo sesikole
2. Othisha benabafundi ngemva kokufunda
3. Ikilasi lesikole
4. Abafundi bayotadisha egumbini
5. Igceke
6. Isakhiwo sokuhlala
7. Abafundi balandisa okuhlangenwe nakho ekukhulekeleni kwasekuseni
[Isithombe ekhasini 29]
1. Igatsha lase-Ireland
2, 3. Izithombe zegatsha laseParaguay
[Isithombe ekhasini 30]
1. Igatsha lase-Indonesia
2. Ihhovisi e-Albania