Umbhalo Waphansi
b Akuyona yonke imibhalo yesandla eyatholakala oLwandle Olufile eyavumelana ncamashí nombhalo weBhayibheli okhona. Eminye yabonisa ukwehlukahlukana okukhulu kwamagama asetshenziswa. Nokho, lokhu kuhlukahlukana akusho ukuthi incazelo eyisisekelo yombhalo iye yaphendukezelwa. NgokukaPatrick W. Skehan weYunivesithi YamaKatolika YaseMelika, okuningi kubonisa “ukubukezwa [kombhalo weBhayibheli] ngesisekelo sokuvumelana okusemqoka kwamaqiniso awo, kangangokuba umqondo uyanwebeka kodwa umongo uhlala unjalo . . . Isimo sengqondo esiyisisekelo yileso senhlonipho ephelele ngombhalo obhekwa njengongcwele, isimo sengqondo sokuchaza (njengoba singakubeka) iBhayibheli ngeBhayibheli kukho kanye ukudluliselwa kombhalo ngokwakho.”8
Omunye umhlaziyi uyanezela: “Naphezu kwakho konke ukungaqiniseki, iphuzu elisemqoka lisala limile lokuthi umbhalo njengoba sinawo manje, ngokuyinhloko, umelela ngokwethembeka wona kanye amazwi abalobi, abanye babo abaphila cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezintathu edlule, futhi akudingeki sibe nokungabaza okungathi sína ngephuzu lokonakaliswa komongo mayelana nokubaluleka kwesigijimi iTestamente Elidala okudingeka lisinikeze sona.”9