Umbhalo Waphansi
a Ukudabuka kukaJona emzaneni waseGalile kuyinto ephawulekayo ngoba lapho abaFarisi bebhekisela kuJesu, ngokwedelela bathi: “Hlola ubone ukuthi akukho mprofethi oyovela eGalile.” (Joh. 7:52) Abahumushi nabacwaningi abaningi basikisela ukuthi abaFarisi babethi akunamprofethi owake wavela noma oyoke avele emzaneni ophansi waseGalile. Uma kunjalo, babengawunaki umlando kanye nesiprofetho.—Isaya 9:1, 2.