Umbhalo Waphansi
a Eqinisweni, babebashaya indiva abampofu ngokubabiza ngegama lokubeya elithi “ʽam-ha·ʼaʹrets,” noma “abantu bezwe.” Ngokwesinye isazi, abaFarisi babefundisa ukuthi kwakungamelwe ubethembe laba ngezinto eziyigugu, futhi ungabuthembi ubufakazi babo, noma ubabungaze njengezimenywa, noma ube isimenywa sabo, noma uthenge ngisho nokuthenga kubo. Abaholi benkolo bathi ukushadisa indodakazi yakho nomunye walababantu kwakuyofana nokuyinikela esilweni iboshiwe futhi ingenakuzisiza.