Umbhalo Waphansi
b USara wayengudadewabo ka-Abrahama. Bobabili babezalwa uThera komama abahlukene. (Genesise 20:12) Nakuba imishado yabantu bandawonye ingasamukelekile namuhla, kufanele sikhumbule ukuthi impilo yabantu basendulo yayihlukile kweyethu. Babeseyimqemane kakhulu ngoba babengabesizukulwane esisondelene no-Adamu no-Eva ababedalwe ngendlela yokuba bangaguli. Kubantu bangaleso sikhathi, ukushadana kwezihlobo kwakungenzi izingane zikhubazeke. Nokho,eminyakeni engu-400 eyalandela, abantu babephila iminyaka elingana nesiyiphila namuhla. Ngaleso sikhathi, uMthetho kaMose wakwenqabela ukushada kwezihlobo zegazi.—Levitikusi 18:6.