Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
Isaziso
Izilimi ezintsha esezitholakala: Bangla Sign Language, Benin Sign Language
  • Namuhla

ISonto, Agasti 9

Wonke umuntu owamukela iNdodana futhi abonise ukholo kuyo [uyothola ] ukuphila okuphakade.—Joh. 6:40.

Abantu abaningi bayakugada ukudla abakudlayo futhi bazivocavoca njalo ukuze bahlale beyimiqemane. Noma kunjalo, abalindele ukuphila phakade. Kubo ukuphila phakade kubonakala kungenakwenzeka futhi kungafiseleki ngenxa yokucindezeleka okubangelwa ukukhula. Kodwa, uJesu wakhuluma kahle ‘ngokuphila okuphakade,’ njengoba kuboniswe kuJohane 3:16 nasesahlukweni 5:24. Ngolunye usuku, uJesu wondla izinkulungwane zabantu ngezinkwa nezinhlanzi ngokuyisimangaliso. Kwakumangalisa lokho, kodwa okwakumangalisa ngisho nakakhulu yilokho akusho ngosuku olulandelayo. Isixuku sasimlandelile saya eKapernawume, ngasogwini lwaseGalile, lapho atshela khona abantu ukuthi bangavuswa bajabulele ukuphila okuphakade. (Joh. 6:​39, 40) Amazwi kaJesu abonisa ukuthi abantu abaningi asebashona bangavuswa nokuthi wena nabantu obathandayo ningajabulela ukuphila okuphakade. w24.12 8 ¶1-2

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

UMsombuluko, Agasti 10

Nina madoda, . . . nibazise njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana.—1 Pet. 3:7.

Umbiko wamuva we-World Health Organization uveza ukuthi abayeni abaningi bayawashaya amakhosikazi abo, bawahlukumeze ngamazwi noma ngokomzwelo. Umyeni owenza lokho angase amphathe kahle umkakhe lapho bephambi kwabantu, kodwa amhlukumeze lapho sebesekhaya. Yini engenza amanye amadoda ahlukumeze omkawo? Kungenzeka akhuliswa ubaba onodlame, ngakho acabanga ukuthi ukuhlukumeza omkawo akuyona into embi. Amanye athonywa yisiko lendawo, elingase likhuthaze umbono oyiphutha othi “indoda yangempela” kumele ibe nokhahlo ukuze ibonise umkayo ukuthi kukhala esayo isicathulo. Amanye awafundiswanga ukulawula imizwa yawo, okuhlanganisa intukuthelo yawo. Amanye amadoda anomkhuba wokubuka izithombe zocansi ezingcolile, okuwenza abe nombono ongafanele ngabesifazane nangocansi. Ngaphezu kwalokho, imibiko ibonisa ukuthi ubhubhane lwe-COVID-19 luzenze zanda lezi zinkinga. Yiqiniso, ayikho into kulezi zinto ezibaliwe enikeza indoda isizathu sokuba ihlukumeze umkayo. w25.01 8 ¶2-3

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ULwesibili, Agasti 11

Njengoba uKristu ahlupheka enyameni, nani hlomani ngesimo sengqondo esifanayo.—1 Pet. 4:1.

“Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Luka 10:27) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi lona kwakuwumyalo obaluleke kunayo yonke eMthethweni KaMose. Phawula ukuthi uthando lwethu ngoJehova luhlanganisa izinhliziyo zethu, okuhlanganisa izifiso zethu nemizwa yethu. Kuhlanganisa nokuzinikela ngomphefumulo wonke namandla ethu. Nokho, ukuthanda uJehova kuhlanganisa nengqondo yethu, okuhlanganisa indlela esicabanga ngayo ngezinto. Yiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukuyiqonda ngokuphelele indlela uJehova acabanga ngayo. Kodwa singayiqonda kangcono indlela uNkulunkulu acabanga ngayo ngokufunda “umqondo kaKristu” ngoba uJesu uyilingisa ngokuphelele indlela uBaba wakhe acabanga ngayo.—1 Kor. 2:16. w25.03 8 ¶1

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela