ISonto, Septhemba 6
Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.—IsAm. 4:11.
Isizathu esibaluleke kunazo zonke esisenza sishumayele izindaba ezinhle ukuthi siyamthanda uJehova uNkulunkulu negama lakhe elingcwele. Sibheka inkonzo yethu njengendlela yokudumisa uNkulunkulu esimthandayo. Ngenhliziyo yonke siyavuma ukuthi uJehova uNkulunkulu ukufanele ukwamukela inkazimulo, udumo namandla kubakhulekeli bakhe abaqotho. Simnika inkazimulo nodumo lapho sitshela abanye ubufakazi obukholisayo bokuthi “wadala zonke izinto” nokuthi siphila ngenxa yakhe. Simnika amandla ethu lapho sisebenzisa isikhathi sethu, amandla nezinto esinazo ukuze sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni, kuye ngezimo zethu. (Math. 6:33; Luka 13:24; Kol. 3:23) Ngamazwi alula, siyathanda ukukhuluma ngoNkulunkulu esimthandayo. Sizizwa sibophekile nokuba sitshele abanye ngegama lakhe nangalokho elikumelelayo. w24.05 17 ¶11
UMsombuluko, Septhemba 7
Uyabavuza labo abamfuna ngobuqotho.—Heb. 11:6.
UJehova usinikeza ukuthula nokwaneliseka manje futhi esikhathini esizayo uyosinika ukuphila okuphakade. Singathembela kuJehova, siqiniseka ngokuthi unesifiso namandla okusivuza. Lokho kuqiniseka kusenza sihlale simatasa njengoba simkhonza, njengoba zazenza kanjalo nezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zangesikhathi esidlule. Yilokho uThimothewu akwenza ekhulwini lokuqala. (Heb. 6:10-12) UThimothewu wathembela kuNkulunkulu ophilayo. (1 Thim. 4:10) Ngakho, wayenesizathu esihle sokusebenza kanzima futhi azikhandle. Wakwenza kanjani lokho? Umphostoli uPawulu wamkhuthaza ukuba athuthuke ekufundiseni nasekubeni isikhulumi sasobala. UThimothewu kwakumele abe yisibonelo esihle nakulabo akholwa nabo, abancane nabadala. Wanikwa nezabelo ezinzima, ezazihlanganisa ukunikeza isiyalo esiqinile kodwa esinothando kulabo ababesidinga. (1 Thim. 4:11-16; 2 Thim. 4:1-5) UThimothewu wayengaqiniseka ngokuthi uJehova wayeyomvuza.—Roma 2:6, 7. w24.06 22-23 ¶10-11
ULwesibili, Septhemba 8
UJehova wayelokhu emxwayisa u-Israyeli noJuda ngabo bonke abaprofethi bakhe.—2 AmaKh. 17:13.
UJehova wayevame ukusebenzisa abaprofethi bakhe ukuba baxwayise futhi balungise abantu bakhe. Ngokwesibonelo, esebenzisa uJeremiya, uNkulunkulu wathi: “O Israyeli oyisihlubuki, buya . . . Ngeke ngikubukele phansi ngokuthukuthela, ngoba mina ngiqotho . . . Ngeke ngihlale ngicasukile kuze kube phakade. Kuphela nje vuma icala lakho, ngoba uvukele uJehova.” (Jer. 3:12, 13) Esebenzisa uJoweli, uJehova wathi: “Buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu.” (Joweli 2:12, 13) Ngo-Isaya wathi: “Zihlanzeni; yekani ukwenza izenzo ezimbi phambi kwami; yekani ukwenza okubi.” (Isaya 1:16-19) Esebenzisa uHezekeli, uJehova wabuza wathi: “Kukhona yini okungijabulisayo ngokufa komuntu omubi? . . . Angithandi yini ukuba aphenduke ezindleleni zakhe aqhubeke ephila? Ayikho injabulo engiyitholayo ngokufa komuntu, . . . ngakho phendukani, niphile.” (Hez. 18:23, 32) UJehova uyajabula uma ebona abantu bephenduka ngoba ufuna baqhubeke bephila—phakade! w24.08 9 ¶5-6