uJobe
7 “Ukuphila komuntu ofayo emhlabeni akufani yini nomsebenzi ophoqelelwe,
Nezinsuku zakhe azifani yini nezesisebenzi esiqashiwe? +
4 Lapho ngilala ngiyabuza, ‘Ngizovuka nini?’ +
Kodwa njengoba ubusuku buqhubeka, ngilokhu ngiphenduphenduka kuze kuntwele ukusa.
5 Inyama yami imbozwe izimpethu nezigaxa zokungcola; +
Isikhumba sami sigcwele izingqweqwe zezilonda nobomvu. +
8 Iso elingibona manje ngeke liphinde lingibone;
Amehlo akho ayongifuna, kodwa ngiyobe ngingasekho. +
11 Ngenxa yalokho, ngeke ngiwubambe umlomo wami.
Ngizokhuluma umoya wami ube ucindezelekile;
Ngizokhononda ngibe ngiququdwa usizi! +
12 Ngiwulwandle yini noma isilwane esikhulu sasolwandle,
Ukuba ungimisele umuntu ozongigada?
13 Lapho ngithi, ‘Usofa wami uzongiduduza;
Umbhede wami uzosiza udambise usizi lwami,’
16 Ngiyakwenyanya ukuphila kwami; + angisafuni ukuphila.
Hlukana nami ngoba izinsuku zami zinjengomoya okhishwa ngamakhala. +
20 Uma ngonile, ngingakulimaza kanjani wena, Mqapheli wesintu? +
Kungani amagalelo akho uwabhekise kimi?
Ingabe sengiwumthwalo kuwe?
21 Kungani ungalixoleli iphutha lami
Uthethelele isiphambeko sami?
Ngoba kungekudala ngizolala othulini, +
Uyongifuna, kodwa ngiyobe ngingasekho.”