Isahluko 2
Incwadi Eyembula Ulwazi NgoNkulunkulu
1, 2. Kungani sidinga isiqondiso soMdali wethu?
KUNENGQONDO ukuthi uMdali wethu onothando wayeyolungiselela isintu incwadi yeziyalezo nesiqondiso. Futhi awuvumi yini ukuthi abantu bayasidinga isiqondiso?
2 Eminyakeni engaphezu kuka-2 500 edlule, umprofethi oyisazi-mlando wabhala: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Namuhla, ubuqiniso balawo mazwi bubonakala kunanini ngaphambili. Ngakho, isazi-mlando uWilliam H. McNeill siyaphawula: “Lokho umuntu aye wabhekana nakho kuleplanethi kuye kwaba uchungechunge cishe olungazange lunqamuke lwezinkinga neziphazamiso zohlelo olumisiwe lomphakathi.”
3, 4. (a) Yisiphi isimo okufanele sibe naso ngesifundo seBhayibheli? (b) Sizolihlola ngayiphi indlela iBhayibheli?
3 IBhayibheli lihlangabezana nazo zonke izidingo zethu zesiqondiso esihlakaniphile. Yiqiniso, abaningi bayamangala lapho beqala ukuhlola iBhayibheli. Liyincwadi enkulu, futhi ezinye izingxenye zalo aziqondakali kalula. Kodwa uma ubungase unikwe incwadi yefa ekutshela ukuthi kumelwe wenzeni ukuze uthole ifa eliyigugu, ubungeke yini uhlele isikhathi sokuyifunda ngokucophelela? Uma ukuthola kunzima ukuqonda ezinye izingxenye zalencwadi, cishe ubuyofuna usizo lothile onolwazi ezindabeni ezinjalo. Kungani ungabi nesimo sengqondo esinjalo nangeBhayibheli? (IzEnzo 17:11) Kunokuningi okuhilelekile kunefa lezinto ezibonakalayo. Njengoba sifundile esahlukweni esandulele, ulwazi ngoNkulunkulu lungaholela ekuphileni okumi phakade.
4 Ake sihlole incwadi eyembula ulwazi ngoNkulunkulu. Sizoqale sinikeze umlando omfushane ngeBhayibheli. Ngemva kwalokho sizoxoxa ngezizathu ezenza abantu abaningi abanolwazi bakholelwe ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.
LOKHO OKUQUKETHWE IBHAYIBHELI
5. (a) Yini equkethwe imiBhalo YesiHeberu? (b) Yini esemiBhalweni YesiGreki?
5 IBhayibheli linezincwadi ezingu-66 eziyizingxenye ezimbili, ngokuvamile ezibizwa ngokuthi iTestamente Elidala neTestamente Elisha. Izincwadi zeBhayibheli ezingu-39 ngokuyinhloko zabhalwa ngesiHeberu kwathi ezingu-27 zabhalwa ngesiGreki. ImiBhalo YesiHeberu, eqala kuGenesise kuya kuMalaki, ikhuluma ngendalo kanye neminyaka engu-3 500 yokuqala yomlando wabantu. Njengoba sihlola lengxenye yeBhayibheli, sifunda ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nama-Israyeli—kusukela ekuzalweni kwawo njengesizwe ekhulwini le-16 B.C.E. kuze kube sekhulwini lesihlanu B.C.E.a ImiBhalo YesiGreki, enezincwadi ezisuka kuMathewu kuya kusAmbulo, igxile ezimfundisweni nasezenzweni zikaJesu Kristu nabafundi bakhe phakathi nekhulu lokuqala C.E.
6. Kungani kufanele silifunde lonke iBhayibheli?
6 Abanye bathi “iTestamente Elidala” ngelamaJuda kanti “iTestamente Elisha” ngelamaKristu. Kodwa ngokweyesi-2 Thimothewu 3:16, “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” Ngakho-ke, ukufundwa okufanele kwemiBhalo kumelwe kuhlanganise lonke iBhayibheli. Eqinisweni, lezi zingxenye ezimbili zeBhayibheli ziyaphelelisana, zihlangana ngokuvumelana ukuze zithuthukise isihloko esisodwa.
7. Siyini isihloko seBhayibheli?
7 Mhlawumbe usuneminyaka eminingi uya ezinkonzweni zenkolo futhi uye wezwa izingxenye ezithile zeBhayibheli zifundwa ngokuzwakalayo. Noma kungenzeka uye wazifundela izingcaphuno ezivela kulo. Bewazi yini ukuthi iBhayibheli linomongo owodwa kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo? Yebo, kunesihloko esivumelanayo kulo lonke iBhayibheli. Siyini leso sihloko? Ukulwelwa kwelungelo likaNkulunkulu lokubusa isintu nokugcwaliseka kwenjongo yakhe yothando ngoMbuso wakhe. Kamuva, sizobona ukuthi uNkulunkulu uyoyifeza kanjani lenjongo.
8. IBhayibheli lembulani ngobuntu bukaNkulunkulu?
8 Ngaphezu kokuchaza injongo kaNkulunkulu, iBhayibheli lembula nobuntu bakhe. Ngokwesibonelo, eBhayibhelini sifunda ukuthi uNkulunkulu unemizwa nokuthi ukukhetha esikwenzayo kuyamthinta. (IHubo 78:40, 41; IzAga 27:11; Hezekeli 33:11) IHubo 103:8-14 lithi uNkulunkulu ‘unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, uvama umusa.’ Uyasihawukela, ‘ekhumbula ukuthi senziwe ngothuli’ futhi sibuyela kulo lapho sifa. (Genesise 2:7; 3:19) Yeka izimfanelo ezinhle azibonisayo! Ingabe akalona uhlobo lukaNkulunkulu ofuna ukumkhulekela?
9. IBhayibheli lisinikeza kanjani umbono ocacile ngezindinganiso zikaNkulunkulu, futhi singazuza kanjani olwazini olunjalo?
9 IBhayibheli lisinikeze umbono ocacile ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi ziza ziyimithetho. Nokho, ngokuvamile zibonakala ezimisweni ezifundiswa ngezibonelo ezingokoqobo. UNkulunkulu wenza ukuba kubhalwe izenzakalo ezithile emlandweni ka-Israyeli wasendulo ukuze sizuze. Lokhu kulandisa okuveza amaqiniso njengoba enjalo kubonisa lokho okwenzekayo lapho abantu benza ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu, kanye nomphumela odabukisayo lapho benza abakuthandayo. (1 AmaKhosi 5:4; 11:4-6; 2 IziKronike 15:8-15) Ukufunda ukulandisa okunjalo kwezinto ezenzeka ngempela nakanjani kuyothinta izinhliziyo zethu. Uma sizama ukubona ngeso lengqondo izenzakalo ezilotshiwe, singazibeka esimweni sabantu ababehileleke kuzo. Ngakho, singazuza ezibonelweni ezinhle futhi singagwema izihibe ezabamba labo abona. Nokho, lombuzo obalulekile udinga impendulo: Singaqiniseka kanjani ukuthi lokho esikufunda eBhayibhelini kuphefumulelwe uNkulunkulu ngempela?
UNGALITHEMBA YINI IBHAYIBHELI?
10. (a) Kungani abanye benomuzwa wokuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi? (b) Eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17 isitshelani ngeBhayibheli?
10 Cishe uye waqaphela ukuthi izincwadi eziningi ezinikeza izeluleko ziphelelwa isikhathi ngemva kweminyaka embalwa nje. Kuthiwani ngeBhayibheli? Lidala kakhulu, futhi sekudlule iminyaka engaba ngu-2 000 kusukela amazwi alo okugcina alotshwa. Ngakho-ke abanye banomuzwa wokuthi alisasebenzi enkathini yethu yesimanje. Kodwa uma iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, iseluleko salo kufanele ngaso sonke isikhathi sihambisane nesikhathi nakuba lilidala kakhulu. Kufanele ukuba imiBhalo ‘isenenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:16, 17.
11-13. Kungani singase sithi iBhayibheli liyasebenza osukwini lwethu?
11 Ukuhlola ngokucophelela kwembula ukuthi namuhla izimiso zeBhayibheli zisasebenza ngendlela ezazisebenza ngayo lapho ziqala ukubhalwa. Ngokwesibonelo, uma kuziwa esimweni somuntu, iBhayibheli libonisa ukuqonda okukhulu okusebenza kuzo zonke izizukulwane zesintu. Singakubona kalula lokhu eNtshumayelweni kaJesu Yasentabeni, etholakala encwadini kaMathewu, izahluko 5 kuya ku-7. Lentshumayelo yamhlaba umxhwele kakhulu umholi waseNdiya ongasekho uMohandas K. Gandhi kangangokuba kubikwa ukuthi wathi kumbusi waseBrithani: “Uma izwe lakho nelami engahlangana ndawonye ezimfundisweni ezagcizelelwa uKristu kuleNtshumayelo Yasentabeni, siyobe asixazululanga izinkinga zamazwe ethu kuphela kodwa nezomhlaba wonke.”
12 Kungakho abantu behlatshwa umxhwele izimfundiso zikaJesu! ENtshumayelweni Yasentabeni, wasibonisa indlela yokuthola injabulo yangempela. Wachaza indlela yokuxazulula izingxabano. UJesu wafundisa abantu indlela yokuthandaza. Waveza isimo sengqondo okuwukuhlakanipha ukuba naso ngezidingo zezinto ezibonakalayo wabe esenikeza uMthetho Wegolide ukuze sibe nobuhlobo obufanele nabanye. Indlela yokubona ukukhohlisa okungokwenkolo nendlela yokutholakala kwekusasa elilondekile nakho kwakuphakathi kwamaphuzu ahlanganiswa kulentshumayelo.
13 ENtshumayelweni Yasentabeni nakuwo wonke amakhasi alo, iBhayibheli lisitshela ngokucacile ukuthi yini okumelwe siyenze nokumelwe siyigweme ukuze sithuthukise isimo sethu ekuphileni. Iseluleko salo sisebenza kangangokuba uthisha othile washukunyiswa ukuba athi: “Nakuba ngingumeluleki esikoleni semfundo ephakeme ngineziqu ze-bachelor neze-master futhi ngifunde izincwadi eziningi kakhulu ezikhuluma ngempilo engokwengqondo nokusebenza kwayo, ngithole ukuthi iseluleko seBhayibheli ezintweni ezinjengokuba nomshado ophumelelayo, ukuvimbela ubuhlongandlebe babantwana nendlela yokuthola abangane futhi unamathele kubo siphakeme kakhulu kunanoma yini engake ngayifunda eyunivesithi.” Ngaphezu kokuba kwalo usizo nokuba elihambisana nesikhathi, iBhayibheli linokwethenjelwa.
LINEMBILE FUTHI LINOKWETHENJELWA
14. Yini ebonisa ukuthi iBhayibheli linembile ngokwesayensi?
14 Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yesayensi, linembile ngokwesayensi. Ngokwesibonelo, ngesikhathi abantu abaningi bekholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba, umprofethi u-Isaya wathi ‘uyisiyingelezi’ (NgesiHeberu, chugh, lapha elinomqondo ‘wesiyingi’). (Isaya 40:22) Umqondo womhlaba oyisiyingi awuzange wamukelwe kabanzi kwaze kwaba sezinkulungwaneni zeminyaka ngemva kosuku luka-Isaya. Ngaphezu kwalokho, uJobe 26:7—owabhalwa eminyakeni engaphezu kuka-3 000 edlule—uthi uNkulunkulu “uphanyeka umhlaba phezu kweze.” Isazi seBhayibheli esithile sithi: “Ukuthi uJobe walazi kanjani iqiniso, elivezwa isayensi yezinkanyezi, lokuthi umhlaba ulenga emkhathini ongenalutho, kuwumbuzo okunzima ukuba bawuphendule labo abaphika ukuthi imiBhalo Engcwele iphefumulelwe.”
15. Ukuthembela eBhayibhelini kuqiniswa kanjani indlela yalo yokubika?
15 Indlela yokubika etholakala eBhayibhelini nayo iqinisa ukuthembela kwethu kulencwadi endala. Ngokungefani nezinganekwane, izenzakalo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini zihlobene nabantu abathile nezikhathi ezithile. (1 AmaKhosi 14:25; Isaya 36:1; Luka 3:1, 2) Futhi nakuba izazi-mlando zasendulo cishe ngaso sonke isikhathi zazeqisa uma zilandisa ngokunqoba kwababusi bazo bese zifihla ukunqotshwa namaphutha abo, abalobi beBhayibheli babebeka amaqiniso njengoba enjalo futhi beqotho—ngisho nalapho bebika ngezono zabo siqu ezingathi sína.—Numeri 20:7-13; 2 Samuweli 12:7-14; 24:10.
INCWADI YEZIPROFETHO
16. Yibuphi ubufakazi obunamandla kunabo bonke bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu?
16 Iziprofetho ezigcwalisekile zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. IBhayibheli lineziprofetho eziningi ezigcwaliseke ngayo yonke imininingwane. Ngokusobala, bezingenakuvela kubantu abavamile. Zivelaphi-ke lezi ziprofetho? IBhayibheli ngokwalo lithi “isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele,” noma amandla kaNkulunkulu asebenzayo. (2 Petru 1:21) Cabangela izibonelo ezimbalwa.
17. Yiziphi iziprofetho ezabikezela ukuwa kweBabiloni, futhi zagcwaliseka kanjani?
17 Ukuwa kweBabiloni. U-Isaya noJeremiya babikezela ngokuwela kweBabiloni kumaMede namaPheresiya. Ngokuphawulekayo, isiprofetho sika-Isaya esiphathelene nalesi senzakalo sabhalwa eminyakeni engaba ngu-200 ngaphambi kokuba iBabiloni linqotshwe! Izici ezilandelayo zesiprofetho manje seziwumlando: ukoma koMfula i-Ewufrathe ngokuba amanzi awo achezukiselwe echibini lokwenziwa (Isaya 44:27; Jeremiya 50:38); ukungabibikho kokulondeka ngenxa yobudedengu emasangweni omfula aseBabiloni (Isaya 45:1); nokunqotshwa umbusi okwakuthiwa uKoresi.—Isaya 44:28.
18. Isiprofetho seBhayibheli sagcwaliseka kanjani ekunqobeni nasekunqotshweni ‘kwenkosi yaseGrisi’?
18 Ukunqoba nokunqotshwa ‘kwenkosi yaseGrisi.’ Embonweni, uDaniyeli wabona impongo ilahla phansi inqama, iphula izimpondo zayo ezimbili. Kwabe sekuphuka uphondo olukhulu lwempongo, kwamila izimpondo ezine esikhundleni salo. (Daniyeli 8:1-8) UDaniyeli wachazelwa: “Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya. Impongo iyinkosi yaseJavani; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala. Kepha olwaphukileyo, esikhundleni salo okwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.” (Daniyeli 8:20-22) Njengoba lesi siprofetho sasishilo, emakhulwini amabili eminyaka kamuva, ‘inkosi yaseGrisi,’ u-Alexander Omkhulu, yagumbuqela uMbuso wezimpondo ezimbili wamaMede namaPheresiya. U-Alexander wafa ngo-323 B.C.E., futhi ekugcineni isikhundla sakhe sathathwa ojenene bakhe abane. Nokho, akukho nowodwa kulemibuso eyalandela owaba namandla njengombuso ka-Alexander.
19. Yiziphi iziprofetho ezagcwaliseka kuJesu Kristu?
19 Ukuphila kukaJesu Kristu. ImiBhalo YesiHeberu ineziprofetho eziningi ezagcwaliseka ekuzalweni, enkonzweni, ekufeni, nasekuvusweni kukaJesu. Ngokwesibonelo, eminyakeni engaphezu kuka-700 ngaphambili, uMika wabikezela ukuthi uMesiya, noma uKristu, wayezozalelwa eBetlehema. (Mika 5:2; Luka 2:4-7) U-Isaya owayephila ngesikhathi sikaMika wabikezela ukuthi uMesiya wayezoshaywa futhi afelwe ngamathe. (Isaya 50:6; Mathewu 26:67) Eminyakeni engu-500 ngaphambili, uZakariya waprofetha ukuthi uMesiya wayeyokhashelwa ngezinhlamvu ezingu-30 zesiliva. (Zakariya 11:12; Mathewu 26:15) Eminyakeni engaphezu kwenkulungwane ngaphambili, uDavide wabikezela ngezimo ezihlobene nokufa kukaJesu uMesiya. (IHubo 22:7, 8, 18; Mathewu 27:35, 39-43) Futhi eminyakeni engaba amashumi amahlanu ngaphambili, isiprofetho sikaDaniyeli sembula ukuthi uMesiya wayeyovela nini nokuthi inkonzo yakhe yayizothatha isikhathi esingakanani nokuthi wayezofa nini. (Daniyeli 9:24-27) Lezi ziprofetho zimane ziyizibonelo zalezo ezagcwaliseka kuJesu Kristu. Kuzokuzuzisa kakhulu ukufunda okwengeziwe ngaye kamuva.
20. Umlando ophelele weBhayibheli weziprofetho ezigcwalisekile kufanele usenze siqiniseke ngani?
20 Ziningi ezinye iziprofetho zeBhayibheli zesikhathi eside esezigcwalisekile kakade. ‘Kodwa,’ ungase ubuze, ‘lokhu kukuthinta kanjani ukuphila kwami?’ Phela, uma othile eye wakutshela iqiniso iminyaka eminingi, ingabe ungavele ungamethembi lapho ekutshela okuthile okusha? Cha! UNkulunkulu uye wakhuluma iqiniso kulo lonke iBhayibheli. Ingabe lokhu akufanele yini kukwenze ukwethembe lokho iBhayibheli elikuthembisayo, njengeziprofetho zalo eziphathelene nepharadesi lasemhlabeni elizayo? Ngempela, singaqiniseka njengoPawulu, owayengomunye wabafundi bakaJesu bekhulu lokuqala, owabhala ukuthi ‘uNkulunkulu akanakuqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Ngaphezu kwalokho, lapho sifunda imiBhalo futhi sisebenzisa iseluleko sayo, sibonisa ukuhlakanipha abantu abangeke bakufinyelele bebodwa, ngoba iBhayibheli liyincwadi embula ulwazi ngoNkulunkulu oluholela ekuphileni okumi phakade.
‘YAKHA UKULANGAZELELA’ ULWAZI NGONKULUNKULU
21. Yini okufanele uyenze uma ezinye izinto ozifunda eBhayibhelini zibonakala zikhungathekisa?
21 Njengoba ufunda iBhayibheli, cishe uzofunda izinto ezihlukile kulezo ozifundiswe esikhathini esidlule. Ungase uthole nokuthi eminye imikhuba engokwenkolo oyithanda kakhulu ayimjabulisi uNkulunkulu. Uzofunda ukuthi uNkulunkulu unezindinganiso zokulungile nokungalungile eziphakeme kunalezo ezivamile kulelizwe eliyekelelayo. Lokhu kungaqale kubonakale kukhungathekisa. Kodwa bekezela! Hlola imiBhalo ngokucophelela ukuze uthole ulwazi ngoNkulunkulu. Kulindele ukuthi iseluleko seBhayibheli singase senze kudingeke ushintshe ukucabanga nezenzo zakho.
22. Kungani utadisha iBhayibheli, futhi ungabasiza kanjani abanye ukuba bakuqonde lokhu?
22 Abangane nezihlobo abangahlosé bubi bangase bamelane nokufunda kwakho iBhayibheli, kodwa uJesu wathi: “Khona-ke, wonke umuntu ovumayo ukuthi usebunyeni nami phambi kwabantu, nami ngiyovuma ukuthi ngisebunyeni naye phambi kukaBaba osemazulwini; kodwa noma ubani ongiphikayo phambi kwabantu, nami ngiyomphika phambi kukaBaba osemazulwini.” (Mathewu 10:32, 33) Abanye bangase besabe ukuthi uzozihlanganisa nehlelo elithile noma uzoba oshiseka ngokweqile. Nokho, eqinisweni umane nje uzama ukuthola ulwazi olunembile ngoNkulunkulu nangeqiniso lakhe. (1 Thimothewu 2:3, 4) Ukuze usize abanye baqonde lokhu, yiba ocabangelayo, ungalokhu uphikisana nabo, lapho ukhuluma nabo ngalokho okufundayo. (Filipi 4:5) Khumbula ukuthi abaningi ‘bazuzwa ngaphandle kwezwi’ lapho bebona ubufakazi bokuthi ulwazi lweBhayibheli lubazuzisa ngempela abantu.—1 Petru 3:1, 2.
23. ‘Ungakwakha’ kanjani “ukulangazelela” ulwazi ngoNkulunkulu?
23 IBhayibheli liyasinxusa: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.” (1 Petru 2:2) Usana luthembela ekondliweni unina futhi luyaphikelela ukuze leso sidingo saneliswe. Nathi ngokufanayo, sithembele olwazini oluvela kuNkulunkulu. ‘Yakha ukulangazelela’ iZwi lakhe ngokuqhubeka nesifundo sakho. Yebo, zibekele umgomo wokufunda iBhayibheli nsuku zonke. (IHubo 1:1-3) Lokhu kuyokulethela izibusiso ezicebile, ngoba iHubo 19:11 lithi ngemithetho kaNkulunkulu: “Oyigcinayo uyakuba-nomvuzo omkhulu.”
[Imibhalo waphansi]
a U-B.C.E. usho ukuthi “before the Common Era [ngaphambi kweNkathi Evamile],” okungokunembe kangcono kunokuthi B.C. (“before Christ [ngaphambi kukaKristu]”). U-C.E. umelela ukuthi “Common Era [iNkathi Evamile],” ngokuvamile ebizwa ngokuthi A.D., omelela u-anno Domini, okusho ukuthi “ngonyaka weNkosi yethu.”
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Yiziphi izindlela iBhayibheli elihluke ngazo kwezinye izincwadi?
Kungani ungalethemba iBhayibheli?
Yini ekwenza ubone ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe?
[Ibhokisi ekhasini 14]
LAZI KAHLE IBHAYIBHELI LAKHO
Ukujwayelana neBhayibheli lakho akudingekile kube nzima. Sebenzisa uhlu lwalo lokuqukethwe ukuze ufunde ukuthi izincwadi zeBhayibheli zilandelana kanjani nokuthi zikuphi.
Izincwadi zeBhayibheli zinezahluko namavesi okwenza kube lula ukubhekisela kuzo. Laqala ukuhlukaniswa ngezahluko phakathi nekhulu le-13, futhi kubonakala sengathi umnyathelisi ongumFulentshi wekhulu le-16 wahlukanisa imiBhalo YesiGreki ngamavesi osuku lwanamuhla. IBhayibheli lokuqala eliphelele elaba nezinamba zezahluko namavesi kwaba uhlelo lwesiFulentshi olwanyatheliswa ngo-1553.
Kulencwadi, lapho kubhekiselwa emibhalweni, inamba yokuqala isho isahluko, futhi elandelayo kube ivesi. Ngokwesibonelo, isikhombo esithi “IzAga 2:5” sisho ukuthi incwadi yezAga, isahluko 2, ivesi 5. Ngokuvula imibhalo ekhonjiwe, ngokushesha uyozizwa ukujwayela ukuthola imibhalo yeBhayibheli.
Indlela engcono kakhulu yokujwayelana neBhayibheli iwukulifunda nsuku zonke. Ekuqaleni, lokhu kungase kubonakale kuyinselele. Kodwa uma ufunda izahluko ezintathu kuya kwezinhlanu ngosuku, kuye ngobude bazo, kuyophela unyaka usulifunde lonke iBhayibheli. Kungani ungaqali namhlanje?
[Ibhokisi ekhasini 19]
IBHAYIBHELI—INCWADI EYINGQAYIZIVELE
• IBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu.’ (2 Thimothewu 3:16) Nakuba abantu baloba amazwi, uNkulunkulu waqondisa imicabango yabo, okwenza iBhayibheli libe “izwi likaNkulunkulu” ngempela.—1 Thesalonika 2:13.
• IBhayibheli lalotshwa enkathini engamakhulu eminyaka angu-16, abantu abangaba ngu-40 abanezizinda ezihlukahlukene. Nokho, abakukhiqiza kuyavumelana kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
• IBhayibheli liye lasinda ekuphikisweni okukhulu kunanoma iyiphi enye incwadi. Phakathi neNkathi Ephakathi, abantu babeshiswa esigxotsheni ngenxa nje yokuba nekhophi yemiBhalo.
• IBhayibheli lihamba phambili ekuthengisweni emhlabeni wonke. Liye lahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-2 000, lilonke noma izingxenye zalo. Kuye kwanyatheliswa izinkulungwane zezigidi zamakhophi, futhi akukho ndawo emhlabeni lapho lingenakutholakala khona.
• Ingxenye yeBhayibheli endala kakhulu ihlehlela emuva ekhulwini le-16 B.C.E. Lokhu kungaphambi kokuba kube khona i-Rig-Veda yamaHindu (cishe ngo-1300 B.C.E.), noma “Umthetho Wamaqoma Amathathu” wamaBuddha (wekhulu lesihlanu B.C.E.), noma iKorañ yamaSulumane (yekhulu le-7 C.E.), kanye ne-Nihongi yamaShinto (ka-720 C.E.).
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 20]