IMibhalo Esekugcineni
1. Okwenza Sazi Ukuthi Liyini IBhabhiloni Elikhulu?
Sazi kanjani ukuthi “iBhabhiloni Elikhulu” limelela inkolo yamanga? (IsAmbulo 17:5) Cangaba ngala maphuzu:
Likhona emhlabeni wonke. IBhabhiloni Elikhulu kuthiwa lihleli phezu ‘kwezixuku nezizwe.’ “Libusa phezu kwamakhosi omhlaba.”—IsAmbulo 17:15, 18.
Alinakuba inhlangano yezepolitiki noma yezentengiselwano. “Amakhosi omhlaba” kanye ‘nabahwebi’ bayasinda lapho libhujiswa.—IsAmbulo 18:9, 15.
Limmelela kabi uNkulunkulu. Libizwa ngokuthi isifebe ngoba lakha umfelandawonye nohulumeni ukuze lithole imali nezinye izinzuzo. (IsAmbulo 17:1, 2) Lidukisa zonke izizwe. Linesandla nasekufeni kwabantu abaningi.—IsAmbulo 18:23, 24.
Buyela esifundweni 13 iphuzu 6
2. Wayeyovela Nini UMesiya?
IBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyodlula amasonto angu-69 ngaphambi kokufika kukaMesiya.—Funda uDaniyeli 9:25.
Aqala nini la masonto angu-69? Ngonyaka ka-455 B.C.E. Ngaleso sikhathi, kwafika uMbusi uNehemiya eJerusalema ‘ezolivuselela futhi alakhe kabusha.’—Daniyeli 9:25; Nehemiya 2:1, 5-8.
Athatha isikhathi esingakanani la masonto angu-69? Kwezinye iziprofetho zeBhayibheli, usuku lumelela unyaka. (Numeri 14:34; Hezekeli 4:6) Lokho kusho ukuthi isonto ngalinye limelela iminyaka eyisikhombisa. Kulesi siprofetho, amasonto angu-69 ayiminyaka engu-483 (amasonto angu-69 aphindwa ngezinsuku ezingu-7).
Aphela nini amasonto angu-69? Uma sibala iminyaka engu-483 sisuka onyakeni ka-455 B.C.E., sifika onyakeni ka-29 C.E.a Yiwona kanye-ke unyaka uJesu abhapathizwa ngawo wayeseba uMesiya!—Luka 3:1, 2, 21, 22.
Buyela esifundweni 15 iphuzu 5
3. Izindlela Zokwelashwa Ezihilela Igazi
Kunezindlela zokwelapha ezisebenzisa igazi lesiguli. Ezinye zazo amaKristu awazamukeli—njengokuthelekisa ngegazi noma ukugcinwa kwegazi lomuntu ngaphambi kokuba ahlinzwe.—Duteronomi 15:23.
Kodwa ezinye izindlela zokwelashwa zingase zamukeleke. Lezo zihlanganisa ukuhlolwa kwegazi, ukuhlanzwa kwegazi ngomshini (hemodialysis), ukwenziwa kwegazi ukuba lingajiyi (hemodilution), ukusebenzisa inqubo ebizwa ngokuthi i-cell-salvage noma umshini obizwa ngokuthi i-heart-lung bypass. UmKristu ngamunye kumelwe azinqumele ukuthi kuzokwenziwani ngegazi lakhe phakathi nenkathi yokwelashwa, ngesikhathi ehlolwa ukuthi unaso noma akanaso yini isifo esithile noma phakathi nanoma yikuphi ukwelashwa akutholayo njengamanje. Odokotela bangase bangakwenzi ngendlela efanayo lokhu. Ngakho, ngaphambi kokuba umKristu avume ukuhlinzwa, ukuhlolelwa isifo esithile noma ukwelashwa okuthile, kudingeka athole kahle ukuthi lizosetshenziswa kanjani igazi lakhe. Cabanga ngale mibuzo:
Kuthiwani uma igazi lami lizophambukiswa ngaphandle komzimba wami, mhlawumbe nokugeleza kwalo kuphazamiseke okwesikhashana? Unembeza wami uyangivumela yini ukuba ngibheke lelo gazi njengelisesemzimbeni wami, okwenza kungadingeki lithululwe “emhlabathini”?—Duteronomi 12:23, 24.
Kuthiwani uma ngesikhathi ngelashwa, igazi lami lizokhishwa, kwenziwe okuthile kulo, bese liphindiselwa emzimbeni wami? Ingabe lokho kungawuhlupha unembeza wami oqeqeshwe iBhayibheli noma ngingakwamukela ukwelashwa okunjalo?
Buyela esifundweni 39 iphuzu 3
4. Ukuhlala Ngokwahlukana Kwendoda Nomkayo
IZwi likaNkulunkulu alisho ukuthi indoda nomkayo abahlale ngokwahlukana, futhi lisho ngokucacile ukuthi ukuhlala kwabo ngokwahlukana akunikezi omunye wabo ilungelo lokuphinde ashade. (1 Korinte 7:10, 11) Noma kunjalo, zikhona izimo ezenze amanye amaKristu akucabangela ukuhlala ngokwahlukana nabantu abashade nawo.
Ukungondli ngamabomu: Lapho indoda yenqaba ukondla umndeni wayo kuze kube seqophelweni lokuba umndeni uswele izidingo zokuphila.—1 Thimothewu 5:8.
Ukuhlukunyezwa emzimbeni okubi kakhulu: Ukuhlukunyezwa kungaze kufike eqophelweni lokuba impilo noma ukuphila komuntu kube sengozini.—Galathiya 5:19-21.
Ukubekwa engozini ngokuphelele kobuhlobo bomuntu noJehova: Lapho umuntu enza umuntu ashade naye angakwazi ukukhonza uJehova.—IzEnzo 5:29.
5. Amaholide Nemicimbi Egujwayo
AmaKristu awawagubhi amaholide acasula uJehova. Kodwa umKristu ngamunye kumelwe azenzele esakhe isinqumo esisekelwe kunembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli ukuze anqume ukuthi yini azoyeza lapho abanye begubha amaholide anjalo. Nazi izibonelo ezimbalwa.
Umuntu ukubingelela ngamazwi akufisela iholide elimnandi. Ungavele nje uthi, “Ngiyabonga.” Uma efuna ukwazi okungaphezu kwalokho, ungamchazela ukuthi kungani ungaligubhi lelo holide.
Umuntu oshade naye, ongeyena uFakazi KaJehova, uyakumema ukuba niye esidlweni esithile ezihlotsheni ngeholide. Uma unembeza wakho ukuvumela ukuba uye, ungamchazela kusengaphambili umuntu oshade naye ukuthi uma kuzokwenziwa amasiko adumaza uNkulunkulu, ngeke uwenze wena.
Umqashi wakho ukunikeza ibhonasi ngesikhathi samaholide. Kufanele yini uyenqabe ibhonasi? Akufanele. Ingabe umqashi wakho usuke ebheka leyo bhonasi njengehlobene nalawo maholide agujwayo, noma uyibheka ngokuthi iyindlela abonisa ngayo ukuthi uyabonga ngomsebenzi wakho omuhle?
Othile ukupha isipho ngesikhathi samaholide. Angase athi: “Ngiyazi ukuthi awuligubhi leli holide, kodwa ngithanda ukukupha lokhu.” Mhlawumbe umane nje ubonisa umusa. Ngakolunye uhlangothi, sikhona yini isizathu sokucabanga ukuthi uzama ukuvivinya ukholo lwakho noma uzama ukukwenza ugubhe lelo holide? Ngemva kokucabanga ngalokhu, uwena ozonquma ukuthi uyasamukela yini leso sipho noma cha. Kuzo zonke izinqumo esizenzayo, sifuna ukuba nonembeza omuhle, sethembeke kuJehova.—IzEnzo 23:1.
Buyela esifundweni 44 iphuzu 1
6. Izifo Ezithathelwanayo
Ngenxa yokuthi siyabathanda abantu, siyaqikelela ukuthi asibatheleli ngezifo. Ngakho, uma sazi ukuthi singenwe isifo esithile noma sicabanga ukuthi sisingenile, siyoqikelela ukuthi asibatheleli abanye. Lokho sikwenza ngenxa yokuthi iBhayibheli liyasiyala: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”—Roma 13:8-10.
Ungabonisa kanjani ukuthi uyawulalela lo myalo? Umuntu onesifo esithile akufanele kube uyena othatha isinyathelo sokwenza izenzo ezibonisa uthando njengokuhaga noma ukuqabula abanye. Akufanele aphatheke kabi uma abanye benomuzwa wokuthi ngeke bammeme emzini wabo ngoba befuna ukuvikela umndeni wabo. Ngaphambi kokuba abhapathizwe, kufanele atshele umxhumanisi wendikimba yabadala ngesimo sakhe ukuze kuhlelwe ukuba kuvikelwe abanye abazobhapathizwa. Ngaphambi kokuba athandane nothile, umuntu okungenzeka ubesendaweni angathola kuyo isifo, kufanele azithathele isinyathelo sokuyohlola igazi. Uma wenza kanjalo, ubonisa ukuthi uyabakhathalela abanye ‘njengoba ungacabangeli izindaba zakho nje kuphela, kodwa ukhathalela nabanye.’—Fil. 2:4.
Buyela esifundweni 56 iphuzu 2
7. Izindaba Zamabhizinisi Nezomthetho
Singagwema izinkinga eziningi uma sibhala phansi zonke izivumelwano eziphathelene nemali—ngisho noma leso sivumelwano sisenze nomKristu. (Jeremiya 32:9-12) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi kungase kube nokungezwani okungatheni phakathi kwamaKristu ngenxa yemali noma okunye. Kufanele akuxazulule ngokushesha nangokuthula nabantu abahilelekile.
Kufanele sizixazulule kanjani-ke kodwa izindaba ezibucayi njengokukhwabanisa nokunyundela? (Funda uMathewu 18:15-17.) UJesu wasinika izinyathelo ezintathu okufanele sizilandele:
Zamani ukuyilungisa ninodwa leyo ndaba.—Bheka ivesi 15.
Uma kungasebenzi lokho, cela umuntu oyedwa noma ababili abavuthiwe ebandleni ukuba bahambe nawe.—Bheka ivesi 16.
Uma indaba ingaxazululeki naphezu kwalokho, kufanele uye kubadala.—Bheka ivesi 17.
Ezimweni eziningi, akufanele siyise abafowethu enkantolo ngoba lokho kungenza abantu bambheke kabi uJehova nebandla. (1 Korinte 6:1-8) Noma kunjalo, zikhona izimo ezingase zidinge ukuxazululwa enkantolo: idivosi, isinqumo sokuthi izingane zizohlala nobani, isondlo, imali okufanele ikhokhwe umshwalense; amacala okucwila ezikweletini noma izindaba zamafa. UmKristu oya enkantolo ukuze kulungiswe izindaba ezinjalo ngokuthula usuke engeqi iseluleko seBhayibheli.
Uma kuhileleke icala elibi kakhulu—njengokudlwengula, ukuhlukunyezwa kwezingane, ukushaywa, ubugebengu obukhulu noma ukubulala—umKristu obika lezi zinto kubantu abayiziphathimandla usuke engeqi iseluleko seBhayibheli.
a Uma sibala sisuka onyakeni ka-455 B.C.E. siya ku-1 B.C.E. sithola iminyaka engu-454. Uma sibala sisuka onyakeni ka-1 B.C.E. siya ku-1 C.E. kuba unyaka owodwa (ngoba wawungekho unyaka ongu-0). Uma sibala sisuka onyakeni ka-1 C.E. siya ku-29 C.E. sithola iminyaka engu-28. Lokho kusinika iminyaka engu-483 isiyonke.