Indima Yomoya Ongcwele Ekugcwalisekeni Kwenjongo KaJehova
“[Izwi] lami eliphuma emlonyeni wami . . . liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—ISAYA 55:11.
1. Bonisa umahluko okhona phakathi kwepulani nenjongo.
CABANGA ngamadoda amabili alungiselela ukuthatha uhambo ngemoto. Enye idweba ibalazwe eliningiliziwe neliqondile lendlela ezoyithatha ukuze ifike lapho iya khona. Enye yazi kahle lapho iya khona, yazi neziningi ezinye izindlela engazisebenzisa. Ikulungele ukushintsha indlela uma kwenzeka kuphakama noma isiphi isimo. Ngandlela-thile, izindlela ezingafani ezisetshenziswa yila madoda amabili zibonisa umahluko okhona phakathi kwepulani nenjongo. Ipulani lingase lifaniswe nokubhala ibalazwe eliningiliziwe lendlela, kanti injongo ingase ihilele ukuba nomgomo engqondweni kodwa kungadingeki ukuba ube nendlela eyodwa eqondile yokuwufinyelela.
2, 3. (a) Injongo kaJehova ihilelani, futhi wasisingatha kanjani isimo esaphakama lapho u-Adamu no-Eva bona? (b) Kungani kufanele sihlale siqaphe ukugcwaliseka kwenjongo kaJehova?
2 Ngokuphathelene nokufeza injongo yakhe, uJehova akazange adwebe ipulani engashintshi, kodwa unenjongo egcwaliseka kancane kancane. (Efe. 3:11) Le njongo ihilela lokho uJehova ekuqaleni ayekuhlosile ngabantu nangomhlaba—ukuba ube ikhaya eliyipharadesi lapho abantu abaphelele bengahlala khona ngokuthula nangenjabulo. (Gen. 1:28) Lapho u-Adamu no-Eva bona, uJehova wasabela kuleso simo ngokwenza amalungiselelo okuqinisekisa ukuthi injongo yakhe iyofezeka. (Funda uGenesise 3:15.) Wanquma ukuthi owesifazane wakhe ongokomfanekiso wayeyoveza “inzalo,” noma iNdodana, eyayiyogcina ibhubhise ubhongoza wobubi, uSathane futhi ilungise wonke umonakalo awubangele.—Heb. 2:14; 1 Joh. 3:8.
3 Awekho amandla ezulwini noma emhlabeni angavimbela injongo kaNkulunkulu ayishilo ukuba igcwaliseke. (Isaya 46:9-11) Kungani kunjalo? Ngoba kuhileleke umoya ongcwele kaJehova. Lawo mandla angenakuvinjwa lutho ayisiqinisekiso sokuthi injongo kaNkulunkulu “iyophumelela ngokuqinisekile.” (Isaya 55:10, 11) Senza kahle ngokuhlale siqaphe ukugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu. Amathemba ethu okuphila esikhathini esizayo ancike ekugcwalisekeni kwayo. Ngaphezu kwalokho, kuqinisa ukholo ukubona indlela uJehova asebenzisa ngayo umoya ongcwele. Ngakho-ke, masicabangele indima yomoya—esikhathini esidlule, esamanje nasesikhathini esizayo—ekufezekeni kwenjongo kaJehova.
Indima Yomoya Ongcwele Esikhathini Esidlule
4. UJehova wayembula kanjani kancane kancane injongo yakhe?
4 UJehova wayembula kancane kancane injongo yakhe ezikhathini zeBhayibheli. Ekuqaleni, ‘kwakuyimfihlo engcwele’ ukuthi iNzalo ethenjisiwe ingubani. (1 Kor. 2:7) Kwaze kwaba ngemva kweminyaka engaba ngu-2 000 lapho uJehova aphinde wakhuluma khona ngenzalo. (Funda uGenesise 12:7; 22:15-18.) UJehova wanikeza u-Abrahama isithembiso esasiyoba nokugcwaliseka okukhulu. Amazwi athi “ngenzalo yakho” abonisa ngokusobala ukuthi iNzalo yayiyoba ngumuntu, owayeyovela ozalweni luka-Abrahama. Singaqiniseka ukuthi uSathane wayebheke ngabomvu njengoba kwembulwa leli qiniso. Akungabazeki ukuthi yinye into leso Sitha esasiyifuna: ukubhubhisa noma ukonakalisa uhlu lozalo luka-Abrahama ngaleyo ndlela sibhuntshise injongo kaNkulunkulu. Kodwa into enjalo yayingasoze yenzeka, ngoba umoya ongabonakali kaNkulunkulu wawusebenza. Ngaziphi izindlela?
5, 6. UJehova wawusebenzisa kanjani umoya wakhe ukuze avikele abantu bohlu lozalo oluholela kulowo oyiNzalo?
5 UJehova wasebenzisa umoya wakhe ukuze avikele abantu bohlu lozalo olwaluholela kuleyo Nzalo. UJehova wathi ku-Abrama (Abrahama): “Ngiyisihlangu sakho.” (Gen. 15:1) Wayesho eqinisile. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka cishe ngo-1919 B.C.E. lapho u-Abrahama noSara begogobele eGerari. Engazi ukuthi uSara wayengumka-Abrahama, u-Abhimeleki, inkosi yaseGerari wathatha uSara ehlose ukumenza umkakhe. Kungenzeka yini ukuthi kwakunguSathane owayeqondisa izinto, ngenjongo yokuvimbela uSara ukuba azalele u-Abrahama inzalo? IBhayibheli alisho. Elisitshela khona ukuthi uJehova wangenela. Waxwayisa u-Abhimeleki ephusheni ukuba angalokothi athinte uSara.—Gen. 20:1-18.
6 Lesi akusona ukuphela kwesenzakalo uJehova angenela kuso. UJehova wakhulula u-Abrahama namalungu omndeni wakhe izikhathi eziningi. (Gen. 12:14-20; 14:13-20; 26:26-29) Ngenxa yalokho, umhubi wakwazi ukusho lokhu ngo-Abrahama nenzalo yakhe: “[UJehova] akavumelanga muntu ukuba abaphambe, kodwa wasola amakhosi ngenxa yabo, ethi: ‘Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningenzi lutho olubi kubaprofethi bami.’”—IHu. 105:14, 15.
7. UJehova wasivikela ngaziphi izindlela isizwe sakwa-Israyeli?
7 Ngomoya wakhe, uJehova wavikela isizwe sakwa-Israyeli sasendulo, iNzalo ethenjisiwe eyayiyozalelwa kuso. Wasebenzisa umoya wakhe ukuze anike ama-Israyeli uMthetho wakhe, owalondoloza ukukhulekela kweqiniso futhi wavikela amaJuda ekonakalisweni ngokomoya, ngokokuziphatha noma kohlanga lwawo. (Eks. 31:18; 2 Kor. 3:3) Ngesikhathi sabaHluleli, umoya kaJehova wanikeza amadoda athile amandla okukhulula ama-Israyeli ezitheni zawo. (AbaHl. 3:9, 10) Phakathi namakhulu eminyaka aholela ekuzalweni kukaJesu, oyingxenye eyinhloko yenzalo ka-Abrahama, kumelwe ukuba umoya ongcwele wahileleka ekuvikeleni iJerusalema, iBhetlehema nethempeli—konke okwakuyoba nengxenye ekugcwalisekeni kweziprofetho eziphathelene noJesu.
8. Yini ebonisa ukuthi umoya ongcwele wahileleka ngokuqondile ekuphileni nasenkonzweni yeNdodana kaNkulunkulu?
8 Umoya ongcwele wahileleka ngokuqondile ekuphileni nasenkonzweni kaJesu. Esibelethweni sencasakazi uMariya, lo moya wenza into eyayingakaze yenzeke ngaphambili noma ngemva kwalokho. Wenza owesifazane ongaphelele ukuba akhulelwe futhi abelethe iNdodana ephelele, eyayingekho ngaphansi kwesijeziso sokufa. (Luka 1:26-31, 34, 35) Kamuva lo moya wavikela usana olunguJesu ekubulaweni ngaphambi kwesikhathi. (Math. 2:7, 8, 12, 13) Ngesikhathi uJesu eneminyaka engaba ngu-30, uNkulunkulu wamgcoba ngomoya ongcwele, emgcobela ukuba indlalifa yesihlalo sobukhosi sikaDavide futhi emthuma ukuba ashumayele. (Luka 1:32, 33; 4:16-21) Umoya ongcwele wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso, ezihlanganisa ukuphulukisa abagulayo, ukusuthisa izixuku nokuvusa abafileyo. Izenzo ezinjalo zamandla zazingamazwibela ezibusiso esingazilindela lapho sekubusa uJesu.
9, 10. (a) Umoya ongcwele wawusebenza ngaziphi izindlela ezisobala kubafundi bakaJesu bekhulu lokuqala? (b) Iluphi ushintsho ekufezekeni kwenjongo kaJehova olwembulwa ngekhulu lokuqala C.E.?
9 Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., uJehova wasebenzisa umoya wakhe ukuze agcobe labo abakha ingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama, abaningi babo ababengebona abozalo luka-Abrahama. (Roma 8:15-17; Gal. 3:29) Umoya ongcwele wawusebenza ngendlela esobala kubafundi bakaJesu bekhulu lokuqala, ubenza bashumayele ngentshiseko futhi ubanika amandla okwenza imisebenzi yamandla. (IzE. 1:8; 2:1-4; 1 Kor. 12:7-11) Ngalezo zipho ezimangalisayo, umoya ongcwele wawubonisa ushintsho oluphawulekayo olwase lwenzekile ekufezekeni kwenjongo kaJehova. UJehova wayengasasebenzisi ilungiselelo lokumkhulekela okwase kungamakhulu eminyaka likhona, isikhungo salo esasisethempelini elaliseJerusalema. Wayesewususile umusa wakhe kulo wawugxilisa ebandleni lobuKristu elalisanda kwakhiwa. Kusukela ngaleso sikhathi, uJehova ubelokhu esebenzisa lelo bandla labagcotshiweyo ukuze afeze injongo yakhe.
10 Ukuvikela, ukunika amandla, ukugcoba—lezi ezinye zezindlela ezimbalwa nje uJehova awusebenzisa ngazo umoya ongcwele ezikhathini zeBhayibheli ukuze injongo yakhe iqhubeke iphokophele ekugcwalisekeni kwayo. Nokho, kwenzekani namuhla? UJehova uwusebenzisa kanjani manje umoya wakhe ekusekeleni injongo yakhe? Kudingeka sazi, ngoba sifuna ukwenza ngokuvumelana nawo. Ngakho-ke, masicabangele izindlela ezine uJehova asebenzisa ngazo umoya wakhe namuhla.
Indima Yomoya Ongcwele Namuhla
11. Yini ebonisa ukuthi umoya ongcwele ungamandla ashukumisela abantu bakaNkulunkulu ukuba bahlanzeke, futhi ungabonisa kanjani ukuthi ubambisana nawo?
11 Okokuqala, umoya ongcwele ungamandla ashukumisela abantu bakaNkulunkulu ukuba bahlanzeke. Labo ababa nengxenye enjongweni kaJehova kumelwe bahlanzeke ngokokuziphatha. (Funda eyoku-1 Korinte 6:9-11.) Abanye ababa amaKristu eqiniso babehileleke ekuziphatheni okubi okunjengobufebe, ukuphinga nobungqingili. Izifiso eziholela ekoneni zingagxila kumuntu. (Jak. 1:14, 15) Nokho, abantu abanjalo baye ‘bahlanzwa,’ okubonisa ukuthi baye benza izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwabo ukuze bathokozise uNkulunkulu. Yini eyenza umuntu othanda uNkulunkulu akwazi ukumelana ngempumelelo nesifiso sokulalela lezo zifiso ezingalungile? Eyoku-1 Korinte 6:11 ithi: ‘Umoya kaNkulunkulu wethu.’ Ngokuhlale uhlanzekile ngokokuziphatha, ubonisa ukuthi uvumela lowo moya ukuba ube amandla alawula ukuphila kwakho.
12. (a) Ngokombono kaHezekeli, uJehova uyihola kanjani inhlangano yakhe? (b) Ungabonisa kanjani ukuthi wenza ngokuvumelana nomoya?
12 Okwesibili, uJehova usebenzisa umoya wakhe ukuze aholele inhlangano yakhe ohlangothini afuna ukuba iye kulo. Embonweni kaHezekeli, ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova ichazwe njengenqola yasezulwini ehamba ngendlela engenakuvinjwa ukuze igcwalise injongo kaJehova. Yini eshukumisa le nqola ukuba ithathe uhlangothi oluthile? Umoya ongcwele. (Hez. 1:20, 21) Asikhumbule ukuthi inhlangano kaJehova yakhiwa izingxenye ezimbili, enye isezulwini kanti enye isemhlabeni. Uma ingxenye esezulwini iqondiswa umoya ongcwele, kumelwe ukuba nesemhlabeni iqondiswa yiwo. Ngokulalela nangokuba qotho esiqondisweni osithola engxenyeni esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu, ubonisa ukuthi uhambisana nenqola kaJehova esezulwini futhi wenza ngokuvumelana nomoya wakhe ongcwele.—Heb. 13:17.
13, 14. (a) Obani abakha “lesi sizukulwane” uJesu akhuluma ngaso? (b) Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi umoya ongcwele uyasebenza ekukhanyiseni amaqiniso eBhayibheli. (Bheka ibhokisi elithi “Ingabe Uhambisana Nokukhanya Okuqhubekayo?”)
13 Okwesithathu, umoya ongcwele usebenza ekukhanyiseni amaqiniso eBhayibheli. (IzAga 4:18) Sekuyisikhathi eside lo magazini usetshenziswa “inceku ethembekileyo neqondayo” njengomzila oyinhloko wokusabalalisa ukukhanya okuqhubekayo. (Math. 24:45) Ngokwesibonelo, cabangela ukuqonda kwethu ukuthi obani abakha “lesi sizukulwane” uJesu akhuluma ngaso. (Funda uMathewu 24:32-34.) Wayebhekisele kusiphi isizukulwane? Isihloko esithi “Ukuba Khona KukaKristu—Kusho Ukuthini Kuwe?” sachaza ukuthi uJesu wayebhekisele kubafundi bakhe, abase bezogcotshwa ngomoya ongcwele, hhayi kubantu ababi.a Abalandeli bakaJesu abagcotshiwe, ekhulwini lokuqala nasosukwini lwethu, yibona ababengeke bagcine nje ngokubona isibonakaliso kodwa futhi babeyoqonda esasikusho—ukuthi uJesu ‘useduze, usemnyango.’
14 Le ncazelo isho ukuthini kithi? Nakuba singenakubala ukuthi inkathi ‘yalesi sizukulwane’ yayiyoba yinde kangakanani, senza kahle ngokuhlale sikhumbula izinto eziningana ngegama elithi “isizukulwane”: Ngokuvamile libhekisela kubantu bobudala obuhlukahlukene abaphila phakathi nenkathi ethile yesikhathi; leyo nkathi ayiyinde ngokweqile; futhi inomkhawulo. (Eks. 1:6) Khona-ke, kumelwe siwaqonde kanjani amazwi kaJesu ‘ngalesi sizukulwane’? Ngokusobala wayesho ukuthi ukuphila kwabagcotshiweyo ababekhona lapho isibonakaliso siqala ukubonakala ngo-1914 kwakuyokwelekela kokwabanye abagcotshiweyo ababeyobona ukuqala kosizi olukhulu. Leso sizukulwane sinesikhathi esaqala ngaso, futhi ngokuqinisekile siyoba nomkhawulo. Ukugcwaliseka kwezici ezihlukahlukene zesibonakaliso kubonisa ngokucacile ukuthi kumelwe ukuba lolo sizi seluseduze. Ngokuhlale unomuzwa wokuphuthuma nangokuhlale ulindile, ubonisa ukuthi uhambisana nokukhanya okuqhubekayo futhi ulandela ukuqondisa komoya ongcwele.—Marku 13:37.
15. Yini ebonisa ukuthi ngumoya ongcwele osinika amandla okumemezela izindaba ezinhle?
15 Okwesine, umoya ongcwele usinika amandla okumemezela izindaba ezinhle. (IzE. 1:8) Ukube bekungewona, besingakuchaza njengokubangelwe yini ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke? Cabanga nje. Ngenxa yokuba namahloni kakhulu noma uvalo, mhlawumbe ungomunye walabo abake bacabanga, ‘Angisoze ngakwazi ukushumayela endlini ngendlu!’ Noma kunjalo, manje usuhlanganyela ngentshiseko kulo msebenzi.b OFakazi BakaJehova abaningi abathembekile baye baqhubeka beshumayela naphezu kokuphikiswa noma ukushushiswa. Umoya kaNkulunkulu kuphela ongasinika amandla okunqoba izithiyo ezesabekayo nokwenza izinto ezazingenakwenzeka ngamandla ethu. (Mika 3:8; Math. 17:20) Ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela, ubonisa ukuthi ubambisana nalowo moya.
Indima Yomoya Ongcwele Esikhathini Esizayo
16. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyobavikela abantu bakhe phakathi nosizi olukhulu?
16 Esikhathini esizayo, uJehova uyosebenzisa umoya wakhe ongcwele ngezindlela ezimangalisayo ukuze afeze injongo yakhe. Okokuqala, cabangela indaba yokusivikela. Njengoba sibonile, esikhathini esidlule uJehova wasebenzisa umoya wakhe ukuze avikele abantu ngabanye kanye naso sonke isizwe sakwa-Israyeli. Yingakho sinezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi uyosebenzisa lowo moya ofanayo onamandla ukuze avikele abantu bakhe phakathi nosizi olukhulu oluzayo. Akudingeki ukuba siqagele ukuthi uJehova uyosinakekela kanjani nje nempela ngaleso sikhathi. Kunalokho, singabheka esikhathini esizayo ngokuqiniseka, sazi ukuthi abathanda uJehova abasoze basitheka emehlweni akhe noma babe kude nomoya wakhe ongcwele.—2 IziKr. 16:9; IHu. 139:7-12.
17. UJehova uyowusebenzisa kanjani umoya wakhe ongcwele ezweni elisha?
17 UJehova uyowusebenzisa kanjani umoya wakhe ezweni elisha elizayo? Uyowusebenzisa ekulotshweni kwemiqulu emisha eyovulwa ngaleso sikhathi. (IsAm. 20:12) Iyobe iquketheni? Kubonakala sengathi iyobe iqukethe lokho uJehova ayobe ekulindele kithi phakathi neminyaka eyinkulungwane. Ingabe ubheke phambili ekufundeni lokho okuyobe kuqukethwe yileyo miqulu? Silindele lelo zwe elisha ngokukhulu ukulangazela. Ngeke size sikuqonde ukuthi kuyoba njani ukuphila ngaleso sikhathi esibusisekile lapho uJehova eyosebenzisa khona umoya wakhe ongcwele ukuba agcwalise injongo yakhe ngomhlaba nangabantu abakuwo.
18. Yini ozimisele ngokuqinile ukuyenza?
18 Masingalokothi sikhohlwe ukuthi injongo kaJehova eqhubeka igcwaliseka izophumelela nakanjani, ngoba usebenzisa umoya wakhe ongcwele—amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke—ukuze ayifeze. Nawe uhilelekile kuleyo njongo. Ngakho-ke, zimisele ngokuqinile ukunxusa uJehova ukuba akunike umoya wakhe futhi wenze ngokuvumelana nokuqondisa kwawo. (Luka 11:13) Ngaleyo ndlela ungase ube nethuba lokuphila ngendlela uJehova ayehlose ukuba abantu baphile ngayo—uphile phakade ePharadesi emhlabeni.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 2008, amakhasi 21-25.
b Ukuze uthole isibonelo somuntu owanqoba amahloni amakhulu futhi washiseka enkonzweni, bheka INqabayokulinda ka-September 15, 1993, ikhasi 19.
Ingabe Uyakhumbula?
• UJehova wawusebenzisa ngaziphi izindlela umoya wakhe ongcwele ezikhathini zeBhayibheli ukuze injongo yakhe iqhubeke igcwaliseka?
• UJehova uwusebenzisa kanjani namuhla umoya wakhe?
• UJehova uyowusebenzisa kanjani umoya wakhe esikhathini esizayo ukuze afeze injongo yakhe?
[Ibhokisi ekhasini 10]
Ingabe Uhambisana Nokukhanya Okuqhubekayo?
UJehova uyaqhubeka ekhanyisela abantu bakhe. Ikuphi okunye kwalokhu kukhanya okuthuthukisiwe okuye kwanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda?
▪ Isiphi isifundo esihle esigcizelelwa umfanekiso kaJesu wemvubelo ngokuphathelene nokukhula ngokomoya? (Math. 13:33)—July 15, 2008, amakhasi 19-20.
▪ Kuphela nini ukukhethwa kwamaKristu anethemba lasezulwini?—May 1, 2007, amakhasi 30-31.
▪ Kusho ukuthini ukukhulekela uJehova “ngomoya”? (Joh. 4:24)—July 15, 2002, ikhasi 15.
▪ Iliphi igceke isixuku esikhulu esikhonza kulo? (IsAm. 7:15)—May 1, 2002, amakhasi 30-31.
▪ Izimvu nezimbuzi zihlukaniswa nini? (Math. 25:31-33)—October 15, 1995, amakhasi 18-28.