“Landelani Inkambo Yokungenisa Izihambi”
“Hlanganyelani izinto nabangcwele ngokwezidingo zabo. Landelani inkambo yokungenisa izihambi.”—ROMA 12:13.
1. Siyini isidingo somuntu esiyisisekelo, futhi sibonakala kanjani?
NAMUHLA ukuhamba ebusuku emgwaqweni okhala ibhungane endaweni ongayijwayele kungaba okuhlangenwe nakho okuhlasimulisayo. Kodwa kungaba okucindezela ngendlela efanayo ukuba phakathi kwabantu ongabazi noma abangakunaki. Ngempela, ngokwemvelo umuntu unesidingo esiyinhloko sokukhathalelwa, ukufunwa, nokuthandwa. Akekho othanda ukuphathwa njengesihambi noma umfokazi.
2. UJehova uye wasilungiselela kanjani isidingo sethu sobungane?
2 UJehova uNkulunkulu, uMenzi noMdali wazo zonke izinto, usazi kahle isidingo somuntu sobungane. NjengoMklami wendalo yakhe engabantu, kwasekuqaleni uNkulunkulu wayazi ukuthi “akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa,” futhi wenza okuthile ngakho. (Genesise 2:18, 21, 22) Umlando weBhayibheli ugcwele izibonelo zezenzo zomusa zikaJehova nezezinceku zakhe kubantu. Lokhu kusenza sikwazi ukufunda indlela ‘yokulandela inkambo yokungenisa izihambi,’ ukuze abanye bajabule nathi saneliseke.—Roma 12:13.
Ukuthanda Izihambi
3. Nikeza incazelo eyisisekelo yelithi ukungenisa izihambi.
3 Inkulumo ethi “ukungenisa izihambi” esetshenziswe eBhayibhelini ihunyushwe isuselwa egameni lesiGreki elithi phi·lo·xe·niʹa, elakhiwa amagama amabili awumsuka asho ukuthi “uthando” nokuthi “isihambi.” Ngakho, ngokuyinhloko ukungenisa izihambi kusho “ukuthanda izihambi.” Nokho, lokhu akuwona nje umkhuba noma indaba yokuba nesandla esivulekile. Kuhilela imizwa nothando lomuntu. Ngokwe-Exhaustive Concordance of the Bible kaJames Strong, isenzo esithi phi·leʹo, sisho “ukuba umngane (ukwazisa [umuntu othile noma into ethile]), okungukuthi, ukuyithanda (okubonisa ukusondelana komuntu siqu, okuyindaba yomzwelo noma umuzwa).” Ngakho, ukungenisa izihambi kudlulela ngalé kothando olusekelwe esimisweni, mhlawumbe esilubonisa ngenxa yomuzwa wesibopho. Ngokuvamile kuwukubonakaliswa kothando nobungane bangempela.
4. Obani okufanele baboniswe umoya wokungenisa izihambi?
4 Oboniswa lolu thando “isihambi” (ngesiGreki, xeʹnos). Singaba ubani? Nalapha, i-Concordance kaStrong ichaza igama elithi xeʹnos njengelisho ‘owezizwe (ngokwezwi nezwi umfokazi, noma ngokomfanekiso omqabukayo); okusikisela isivakashi noma (ngenye indlela) isihambi.’ Ngakho, ukungenisa izihambi, okuboniswe eBhayibhelini, kungasho umusa oboniswa othile esimthandayo, noma ongaboniswa ngisho nomuntu esingamazi nhlobo. UJesu wachaza: “Uma nithanda labo abanithandayo, imuphi umvuzo eninawo? Nabathelisi abenzi yini into efanayo? Futhi uma nibingelela abafowenu kuphela, iyiphi into engaphezu kwevamile eniyenzayo? Nabantu bezizwe abenzi yini into efanayo?” (Mathewu 5:46, 47) Ukungenisa izihambi kwangempela kweqela ngalé kokuhlukana nokukhetha okubangelwa ubandlululo nokwesaba.
UJehova, Umamukeli Wezihambi Ophelele
5, 6. (a) UJesu wayecabanga ngani lapho ethi, ‘UYihlo wasezulwini uphelele’? (b) Ukuphana kukaJehova kubonakala kanjani?
5 Ngemva kokuphawula ukusilela kothando oluboniswa abantu komunye nomunye, njengoba kucashunwe ngenhla, uJesu wanezela lamazwi: “Ngakho kumelwe nibe abaphelele, njengoba uYihlo wasezulwini ephelele.” (Mathewu 5:48) Yebo, uJehova uphelele kuzo zonke izici. (Duteronomi 32:4) Nokho, uJesu wayegcizelela isici esithile sokuphelela kukaJehova, njengoba asho ngaphambili: ‘UNkulunkulu wenza ilanga lakhe liphume phezu kwabantu ababi nabahle futhi wenza line phezu kwabantu abalungileyo nabangalungile.’ (Mathewu 5:45) Uma kuziwa ekuboniseni umusa, uJehova akakhethi.
6 NjengoMdali, uJehova ungumnikazi wayo yonke into. “Zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi,” kusho uJehova. (IHubo 50:10, 11) Noma kunjalo, akayena ugombela kwesakhe. Ngenxa yokuphana kwakhe, wondla zonke izidalwa zakhe. Umhubi wathi ngoJehova: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.”—IHubo 145:16.
7. Singafundani endleleni uJehova aphatha ngayo abafokazi nalabo abaswele?
7 UJehova unikeza abantu lokho abakudingayo—ngisho nabantu abangamazi, abayizihambi kuye. OPawulu noBarnaba bakhumbuza abakhulekeli bezithombe emzini waseListra ukuthi uJehova “akazishiyanga engenabufakazi ngoba wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa kakhulu izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.” (IzEnzo 14:17) UJehova unomusa futhi uyaphana ikakhulukazi kulabo abaswele. (Duteronomi 10:17, 18) Kuningi esingakufunda kuJehova ekuboniseni umusa nokuphana kwabanye—ukungenisa izihambi.
8. UJehova uye wakubonisa kanjani ukuphana kwakhe ekunakekeleni izidingo zethu ezingokomoya?
8 Ngaphezu kokulungiselela inala yezidingo ezingokwenyama zezidalwa zakhe, uJehova unakekela izidingo zazo ngendlela engokomoya. UJehova wenza ngendlela ebonisa umusa omkhulu ngenxa yenhlalakahle yethu engokomoya, ngisho nangaphambi kokuba siqaphele ukuthi sasintula ngokomoya. KweyabaseRoma 5:8, 10 siyafunda: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela. . . . lapho siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe.” Lelo lungiselelo lenza kwenzeke ukuba abantu abanesono babe sebuhlotsheni bomkhaya obujabulisayo noBaba wethu osezulwini. (Roma 8:20, 21) UJehova waqikelela nokuthi sinikezwa isiqondiso esifanele ukuze siphumelele ekuphileni naphezu kwesimo sethu sokona nesokungapheleli.—IHubo 119:105; 2 Thimothewu 3:16.
9, 10. (a) Kungani singase sithi uJehova ungumamukeli wezihambi ophelele? (b) Abakhulekeli beqiniso kufanele bamlingise kanjani uJehova kulokhu?
9 Ngenxa yalokhu, singasho ukuthi uJehova ungumamukeli wezihambi ngempela ngezindlela eziningi. Akabashayi indiva abaswele, nabasesigabeni esiphansi. Ubonisa isithakazelo nokukhathalela okuqotho kwabayizihambi, ngisho nasezitheni zakhe, futhi akafune kubuyiselwa ngezinto ezibonakalayo. Kukho konke lokhu, akasona yini isibonelo esiyinhloko sikamamukeli wezihambi ophelele?
10 NjengoNkulunkulu womusa wothando nokuphana okunjalo, uJehova ufuna ukuba abakhulekeli bakhe bamlingise. Kulo lonke iBhayibheli, sibona izibonelo ezivelele zalemfanelo yomusa. I-Encyclopaedia Judaica iphawula ukuthi “kwa-Israyeli wasendulo, ukungenisa izihambi kwakungeyona nje indaba yokuba nemikhuba emihle, kodwa kwakuyisimiso sokuziphatha . . . Imikhuba yangezikhathi zeBhayibheli yokwamukela umhambi okhathele nesihambi endaweni yomuntu yayiwumnyombo okwavela kuwo umoya wokungenisa izihambi nakho konke okuhlobene nakho kwakhula kwaba ubuhle obaziswayo esikweni lamaJuda.” Kunokuba kube yisiko lanoma yisiphi isizwe noma uhlanga, ukungenisa izihambi kufanele kube yisici sabo bonke abakhulekeli bakaJehova beqiniso.
Ukwamukela Izingelosi
11. Yisiphi isibonelo esivelele esibonisa ukuthi ukungenisa izihambi kwaletha izibusiso ezingalindelekile? (Bheka futhi uGenesise 19:1-3; AbAhluleli 13:11-16.)
11 Okunye kokulandisa kweBhayibheli okwaziwa kakhulu kokubonakaliswa komoya wokungenisa izihambi okuka-Abrahama noSara lapho bekanise phakathi kwemithi emikhulu yaseMamre, ngaseHebroni. (Genesise 18:1-10; 23:19) Akungabazeki ukuthi umphostoli uPawulu wayecabanga ngalesi senzakalo lapho enikeza lesi seluleko: “Ningakukhohlwa ukungenisa izihambi, ngoba ngakho abanye, bengazi, babungaza izingelosi.” (Heberu 13:2) Ukuhlola lokhu kulandisa kuyosisiza ukuba sibone ukuthi ukungenisa izihambi akuyona nje indaba yesiko noma indlela okhuliswe ngayo. Kunalokho, kuyimfanelo yokuhlonipha uNkulunkulu eletha izibusiso ezimangalisayo.
12. U-Abrahama walubonisa kanjani uthando lwakhe ngezihambi?
12 UGenesise 18:1, 2 ubonisa ukuthi u-Abrahama wayengazazi lezi zivakashi futhi engazilindele, zifana nje nezihambi ezintathu ezidlula ngendlela. Ngokwabanye abahlaziyi, isiko kubantu baseMpumalanga, laliwukuthi umuntu ohamba ezweni angalazi wayenelungelo lokulindela ukuboniswa umoya wokungenisa izihambi nakuba kwakungekho muntu amaziyo kuleyo ndawo. Kodwa u-Abrahama akazange alinde ukuba lezi zihambi zisebenzise lelilungelo lazo; wathatha isinyathelo kuqala. “Wagijima” eyohlangabeza lezi zihambi ezazithe ukuqhela kuye—konke lokhu ekwenza phakathi ‘nokushisa kwemini’ futhi u-Abrahama eneminyaka engu-99 ubudala! Ingabe lokhu akubonisi isizathu sokuba uPawulu abhekisele ku-Abrahama njengesibonelo okumelwe sisilingise? Yilokho okushiwo ukungenisa izihambi, ukuthanda izihambi, ukukhathalela izidingo zazo. Kuyimfanelo enhle.
13. Kungani u-Abrahama ‘akhothamela’ izivakashi?
13 Ukulandisa kusitshela nokuthi ngemva kokuhlangabeza lezi zihambi, u-Abrahama “wakhothama.” Ekhothamela abantu ayengabazi nhlobo? Nokho, ukukhothama okwenziwa u-Abrahama, kwakuyindlela yokubingelela isivakashi esihloniphekile noma othile osesikhundleni esiphakeme, okungafanele kuphanjaniswe nesenzo sokukhulekela, okugcinelwe uNkulunkulu kuphela. (Qhathanisa nezEnzo 10:25, 26; IsAmbulo 19:10.) Ngokukhothama, hhayi ukugobisa ikhanda nje, kodwa ukukhothama “phansi emhlabathini” (NW), u-Abrahama wanikeza lezi zihambi inhlonipho, ezibheka njengezibalulekile. Wayeyinhloko yomkhaya omkhulu wezinzalamizi, nochumayo, kodwa wabheka lezi zihambi njengezifanelwe inhlonipho ngaphezu kwakhe. Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani emkhubeni ovamile wokungazethembi izihambi, isimo sengqondo sokuzixwaya! U-Abrahama wakubonisa ngempela lokho okushiwo yilamazwi: “Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.
14. Yimuphi umzamo nokuzidela okwakuhilelekile ekuboniseni kuka-Abrahama umoya wokungenisa izihambi kubantu angabazi?
14 Enye ingxenye yalokhu kulandisa ibonisa ukuthi imizwa ka-Abrahama yayingokoqobo. Ukudla ngokwakho kwakuyizibiliboco. Ngisho nasemkhayeni omkhulu onemfuyo eningi, “ithole lenkunzi elincane nelibukeka kahle” aliyona into yansuku zonke. Ngokuphathelene namasiko ayevamile kuleyo ndawo, i-Daily Bible Illustrations kaJohn Kitto iyaphawula: “Izibiliboco azenziwa ngaphandle uma kunemikhosi ethile, noma uma kufike isihambi; futhi inyama idliwa ngalezo zikhathi nje kuphela, ngisho nakubantu abanemfuyo eningi.” Isimo sezulu esifudumele sasingakuvumeli ukuba ukudla okonakalayo kugcinwe, ngakho uma kulungiswa ukudla okunjalo, yonke into kwakumelwe yenziwe ngaso leso sikhathi. Akumangalisi ukuthi kulokhu kulandisa okufushane, igama elithi “shesha” noma “phuthuma” livela izikhathi ezintathu, nokuthi u-Abrahama “wagijima” ngokoqobo eyolungisa ukudla!—Genesise 18:6-8.
15. Njengoba kuboniswe u-Abrahama, uyini umbono ofanele wezinto ezibonakalayo ekuboniseni umoya wokungenisa izihambi?
15 Nokho, injongo akukhona nje ukwenza isiphihli sedili ukuze uhlabe othile umxhwele. Nakuba u-Abrahama noSara benza wonke lowo mzamo ukuze balungise futhi balethe ukudla, phawula ukuthi u-Abrahama wathini ngalokhu ekuqaleni: “Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi. Ngizakulanda ucezu lwesinkwa, nithokozise izinhliziyo zenu, andukuba nidlule, njengokuba senifikile encekwini yenu.” (Genesise 18:4, 5) Lolo “cezu lwesinkwa” lwabonakala luyidili lethole elikhuluphele kanye namaqebelengwane ayindilinga enziwe ngempuphu ecolekileyo, ibhotela, nobisi—idili elifanele inkosi. Liyini iphuzu? Lapho kuboniswa umoya wokungenisa izihambi, into ebalulekile, noma okufanele kugcizelelwe, akukhona ukuthi ukudla neziphuzo kuyoba sezingeni eliphezulu kangakanani, noma ukuthi okokuzijabulisa okunongwe kangakanani okuyoba khona, njalo njalo. Ukungenisa izihambi akuxhomekile ekutheni umuntu angakwazi yini ukuba nezinto ezibizayo. Kunalokho, kuxhomeke ekukhathaleleni okuqotho inhlalakahle yabantu nasesifisweni sokwenza okuhle kwabanye ngezinga umuntu angenza ngalo. “Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo,” kusho isaga seBhayibheli, futhi silapho isihluthulelo sokungenisa izihambi kwangempela.—IzAga 15:17.
16. U-Abrahama wakubonisa kanjani ukwazisa ngezinto ezingokomoya kulokho akwenzela izivakashi?
16 Nokho, kumelwe siphawule ukuthi kwakukhona nesimo esingokomoya kuso sonke lesi senzakalo. Ngandlela-thile u-Abrahama wasola ukuthi lezi zivakashi ziyizithunywa ezivela kuJehova. Lokhu kuboniswa ukusho kwakhe lamazwi kuzo: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.”a (Genesise 18:3; qhathanisa no-Eksodusi 33:20.) U-Abrahama akazanga kusengaphambili ukuthi zazimphathele isigijimi yini noma zazimane zizidlulela nje. Kunoma yikuphi, wayazi ukuthi kwakufezeka injongo kaJehova. Laba bantu babethunywe uJehova. Uma kukhona ayengakwenza ukuze abe nengxenye kulokho, wayengajabula. Wayeqaphela ukuthi izinceku zikaJehova zifanelwe okungcono kakhulu, futhi wayeyolungiselela okungcono kakhulu ngokwezimo zakhe. Ngokwenza kanjalo, kwakuyoba nesibusiso esingokomoya, kuye noma komunye umuntu. Ekugcineni, u-Abrahama noSara babusiswa kakhulu ngenxa yokungenisa kwabo izihambi okuqotho.—Genesise 18:9-15; 21:1, 2.
Abantu Abangenisa Izihambi
17. Yayiyini imfuneko kaJehova kuma-Israyeli ngokuphathelene nezihambi nabantu abaswele phakathi kwawo?
17 Isibonelo esivelele sika-Abrahama kwakungamelwe sisikhohlwe isizwe esivela kuye. UMthetho uJehova awunikeza ama-Israyeli wawuhlanganisa amalungiselelo okubonisa umoya wokungenisa izihambi ezihambini eziphakathi kwawo. “Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba-kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.” (Levitikusi 19:34) Abantu kwakudingeka babacabangele ngokukhethekile labo abadinga ukusekelwa ngezinto ezibonakalayo futhi bangabachilizi ngokunganaki. Lapho uJehova ebabusisa ngenala yesivuno, lapho bejabula emikhosini yabo, lapho bephumula emishikashikeni yabo ngeminyaka yeSabatha, nangezinye izikhathi, abantu kwakumelwe bakhumbule labo ababempofu—abafelokazi, izintandane, nabafokazi.—Duteronomi 16:9-14; 24:19-21; 26:12, 13.
18. Kubaluleke kangakanani ukungenisa izihambi uma sicabanga ngokuthola umusa nesibusiso sikaJehova?
18 Ukubaluleka komusa, ukuphana, nokungenisa izihambi kwabanye, ikakhulukazi kulabo abaswele, kungabonakala endleleni uJehova aphatha ngayo ama-Israyeli lapho edebesela ekuboniseni lezi zimfanelo. UJehova wakwenza kwacaca ukuthi umusa nokuphana kubafokazi nabasweleyo kuphakathi kwezimfuneko ukuze abantu bakhe bathole izibusiso zakhe eziqhubekayo. (IHubo 82:2, 3; Isaya 1:17; Jeremiya 7:5-7; Hezekeli 22:7; Zakariya 7:9-11) Lapho isizwe sikhuthele ekulaleleni lezi zimfuneko nezinye, sasichuma futhi sijabulele inala engokwenyama nengokomoya. Lapho sigxila eminakweni yaso yobugovu futhi sidebesela ekuboniseni lezi zimfanelo zomusa kulabo abaswele, uJehova wasilahla, futhi ekugcineni sathola isahlulelo esibuhlungu.—Duteronomi 27:19; 28:15, 45.
19. Yini okusamelwe siyicabangele?
19 Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ngathi ukuba sizihlole futhi sibone ukuthi siphila ngokuvumelana nalokho uJehova akulindele yini kulendaba! Lokhu kunjalo ikakhulukazi namuhla ngenxa yomoya wobugovu nohlukanisayo osezweni. Singawubonisa kanjani umoya wobuKristu wokungenisa izihambi ezweni elihlukeneyo? Leyo indaba ecatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ephelele ngaleli phuzu, bheka isihloko esithi “Ingabe Ukhona Oke Wabona UNkulunkulu?” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1988, amakhasi 21-3.
Uyakhumbula?
◻ Lisho ukuthini igama leBhayibheli elihunyushwe ngokuthi “ukungenisa izihambi”?
◻ UJehova uyisibonelo esiphelele ngaziphi izindlela ekuboniseni umoya wokungenisa izihambi?
◻ U-Abrahama wenza miphi imizamo ukuze angenise izihambi?
◻ Kungani bonke abakhulekeli beqiniso kumelwe ‘balandele inkambo yokungenisa izihambi’?