UAbrahama—Isibonelo Sabo Bonke Abafuna Ubungane NoNkulunkulu
“Engabanga-buthakathaka ekukholweni . . . eqinisekile ukuthi lokho [uNkulunkulu] akwethembisile unamandla nokukwenza.”—ROMA 4:19-21.
1. Kungani uSathane eye wazama ukuphika umlando ophathelene noAbrahama?
IZWI laphezulu elibhalwe emiBhalweni “liphilile, linamandla.” (Heberu 4:12) Kanjalo, umlando wokusebenzelana kukaJehova noAbrahama, nakuba wabhalwa eminyakeni engaphezu kwezi-3 500 edlule, uwumthombo wesikhuthazo kubo bonke abafuna ubungane noNkulunkulu. (Roma 15:4) Isitha esikhulu, uSathane, siyakwazi lokhu futhi siye sasebenzisa abaholi benkolo ukuze sizame ukuphikisa lowomlando ngokuthi uyinganekwane.—2 Korinte 11:14, 15.
2. Imuphi umbono abafundi bakaJesu ababenawo ngoAbrahama?
2 Njengoba uyingxenye ‘yayo yonke imibhalo ephefumlelwe nguNkulunkulu,’ umlando ka-Abrahama uyiqiniso futhi ‘ulungele ukufundisa [kobuKristu].’ (2 Thimothewu 3:16; Johane 17:17) Ngokuqinisekile abafundi bakaJesu bokuqala babekuqaphela lokhu, njengoba kukhulunywa ngoAbrahama izikhathi ezingama-74 emiBhalweni yamaKristu yesiGreki. Esahlukweni se-11 samaHeberu esinika ukholo, unikezwe indawo eyengeziwe ngaphezu kwanoma iyiphi enye inceku kaNkulunkulu yangaphambi kobuKristu.
3. Kungayiphi indlela uAbrahama adunyiswa ngayo kakhulu?
3 UAbrahama wayengesiye “umprofethi” ovamile, ngoba uJehova wamsebenzisa ukuba enze ‘ukufanekisa’ okuhle kakhulu lenzalamizi eyadunyiswa kakhulu kukho ngokusebenza njengomfuziselo oyisiprofetho kaNkulunkulu ngokwakhe. (Genesise 20:7; Galathiya 4:21-26) Kanjalo, uJesu wakhuluma ‘ngesifuba sikaAbrahama’ lapho efanekisela isimo sokuba semseni kaNkulunkulu.—Luka 16:22.
Isenzo Sakhe Sokuqala Sokholo
4. NgokweBhayibheli, kwaqala kanjani ukusebenzelana kukaNkulunkulu noAbrama?
4 UAbrama, njengoba ayeqanjwe kanjalo ekuqaleni, wakhulela “eUri lamaKaledi.” Ngenkathi esahlala lapho, uJehova wabonakala kuye wathi: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe-likhulu, wena ube-yisibusiso. Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”—Genesise 12:1-3; 15:7; IzEnzo 7:2, 3.
5. (a) Kumelwe ukuba isithembiso sikaNkulunkulu sayithinta kanjani inhliziyo ka-Abrama? (b) UAbrama wasabela kanjani kulesithembiso?
5 Yeka ubizo oluyinselele! NgoAbrama, ukululalela kwakusho ukushiya indawo enhle nezihlobo zakhe ukuze ayophila kude ezweni angalazi. Kodwa inhliziyo ka-Abrama yayithintwe ngokujulile isithembiso sikaNkulunkulu sothando. Njengendoda endala engenabantwana enomfazi oyinyumba, igama lakhe labonakala lizolitshalwa ngokushesha. Isithembiso sikaNkulunkulu saqinisekisa okuphambene nalokho: “Isizwe esikhulu” sasiyovela kuye. Ngaphezu kwalokho, isithembiso sikaNkulunkulu sahlanganisa nesimemezelo esimangalisayo sezindaba ezinhle kuso sonke isintu, esikhomba phambili esikhathini lapho zonke izizwe ziyobusiswa khona. (Galathiya 3:8) UAbrama wabonisa ukholo esithembisweni sikaJehova futhi wasishiya isikhungo sempucuko ethuthukile. “Waphuma,” iBhayibheli liyasitshela, “engazi lapho eya khona.”—Heberu 11:8.
6. (a) Kungani uGenesise 11:31 ethi uThera owathutha? (IzEnzo 7:2-4) (b) Kungaziphi izindlela uSara ayisibonelo ngazo kwabesifazane abangamaKristu namuhla?
6 Ukholo luka-Abrama lwabathinta nabanye. Abendlu yakhe, kanye noThera, uyise, noLoti, umshana wakhe, bahamba naye. Nokho, ngenxa yokuthi uThera wayeyinhloko yomkhaya eyinzalamizi, kuthiwa uyena owathutha. (Genesise 11:31) Okufanele kuphawulwe ukusekelwa uAbrama akuthola kumkakhe, uSarayi, kamuva owabizwa ngokuthi uSara. Wabekezelela izinga eliphansi lokuphila kukho konke ukuphila kwakhe. (Genesise 13:18; 24:67) Ngokuqondakalayo, ekufeni kwakhe, “uAbrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.” (Genesise 23:1, 2) Ngenxa yokholo lwakhe oluqinile nokuthobeka kwakhe kobufazi kwenhliziyo yonke, kukhulunywa ngaye ngokuthi uyisibonelo sobuhle beqiniso obungokomoya kwabesifazane abangamaKristu.—Heberu 11:11, 13-15; 1 Petru 3:1-6.
7. Kungaziphi izindlela amaKristu namuhla abonise ngazo ukholo olunjengaluka-Abrahama noSara?
7 AmaKristu amaningi namuhla aye abonisa ukholo olufanayo ngokuvuma ngokuzithandela ukusakaza isigijimi sikaNkulunkulu ezindaweni lapho kunesidingo esikhulu khona sabashumayeli boMbuso nesokwakhiwa nesokusetshenziswa kwezakhiwo ezintsha zokunyathelisa nezokuthumela izincwadi zeBhayibheli. (Mathewu 24:14) LamaKristu aye ahlanganyela ekulaleleni umyalo othi, “Hambani nenze izizwe zonke abafundi.” Lapho ethuthelwa ezweni angalazi, ngokuvamile kuye kwadingeka ukuba azivumelanise nezinga elihlukile lokuphila. Amanye aye adela izinto zawo ezibonakalayo ngokuphawulekayo ukuze enze abafundi endaweni akuyo.—Mathewu 28:19, 20.
Ezinye Izenzo Zokholo
8. Yini eyaholela ekubonakaleni kukaJehova kwesibili kuAbrama?
8 UAbrama wamisa emzini waseHarana kwaze kwafa uyise, uThera. (Genesise 11:31, 32) Abendlu yakhe babe sebewela umfula iEwufrathe balibangisa eningizimu. Ekugcineni bafika “endaweni yaseShekemi” phakathi nezwe laseKhanani. Yeka ukuthi leyondawo kumelwe ukuba yayibukeka kahle kanjani! IShekemi isesigodini esivundile phakathi kwezinkahlamba ezimbili ezifinyelela iziqongo eziNtabeni iEbali naseNtabeni iGerizimu. Iye yachazwa ngokuthi “ipharadesi leZwe Elingcwele.” Ngokufanelekayo, uJehova waphinda wabonakala lapha kuAbrama wathi: “Lelizwe ngiyakulinika inzalo yakho.”—Genesise 12:5-7.
9. (a) UAbrama waqhubeka elubonisa ngayiphi indlela evelele ukholo? (b) Isiphi isifundo esisifundayo kulokhu?
9 UAbrama wasabela ngesinye isenzo sokholo. Njengoba ukulandisa kusho: “Wamakhela khona ialtare uJehova.” (Genesise 12:7) Cishe, lokhu kwahlanganisa nokunikela ngesilwane, ngoba igama lesiHeberu elihunyushwa ngokuthi “ialtare” lisho “indawo yomhlatshelo.” Kamuva, uAbrama waziphinda lezenzo zokholo kwezinye izingxenye zezwe. Ngaphezu kwalokho, “wakhuleka egameni likaJehova.” (Genesise 12:8; 13:18; 21:33) Umusho wesiHeberu othi “khuleka egameni” usho futhi ukuthi “memezela (shumayela) igama.” Kumelwe ukuba umndeni ka-Abrama kanye namaKhanani bamuzwa elimemezela ngesibindi igama likaNkulunkulu wakhe, uJehova. (Genesise 14:22-24) Ngendlela efanayo, bonke labo namuhla abafuna ubungane noNkulunkulu kumelwe bakhuleke egameni lakhe ngokholo. Lokhu kuhlanganisa ukuhlanganyela ekushumayeleni kwasobala, “[sinikela] njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.”—Heberu 13:15; Roma 10:10.
10. (a) UAbrama walubonisa ngaziphi ezinye izindlela ukholo? (b) Isiphi isibonelo asibekela izinhloko zemikhaya yamaKristu? (1 Thimothewu 3:12)
10 Ukholo luka-Abrama kuJehova lwaboniswa ngezinye izindlela eziningi. Wenza imihlatshelo ngenxa yokuthula futhi wabhekana nezimo ezibucayi ngesibindi. (Genesise 13:7-11; 14:1-16) Nakuba ayecebile, wayengazithandi izinto ezibonakalayo. (Genesise 14:21-24) Kunalokho, wayengenisa izihambi futhi esekela ukukhulekelwa kukaJehova ngesandla esivulekile. (Genesise 14:18-20; 18:1-8) Okubaluleke kakhulu, wayeyinhloko yomkhaya eyisibonelo futhi walandela imfundiso kaJehova ngokuyala amadodana akhe nomndeni wakhe ukuba bamlingise kangangokuthi bagcina “indlela kaJehova nokusebenza ukulunga.” (Genesise 18:19) Kulokhu, umndeni ka-Abrama wathatha inkambo ehluke ngokuphelele kweyabahlanekezeli bobulili abangamaKhanani eSodoma naseGomora angomakhelwane. Ngokuqinisekile uAbrama wayengenakuzibekezelela izono ezimbi kangako kwabendlu yakhe. Ukuthi wayibusa kahle indlu yakhe kubonakala endleleni amalungu ayo amlingisa ngayo ngokukhuleka egameni likaJehova ngokholo.—Genesise 16:5, 13; 24:26, 27; 25:21.
‘Akabanga Buthakathaka Ekukholweni’
11. UAbrama wakwazi kanjani ukubekezela ‘njengomfokazi . . . ezweni lezizwe’ iminyaka eyikhulu?
11 Ukholo oluqinile luka-Abrama lwamsiza ukuba abekezelele ubunzima njengoba aphila iminyaka eyikhulu phakathi kwabantu ababethi izwe elabo. (Genesise 12:4; 23:4; 25:7) IBhayibheli lithi: “Waba-ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, benoIsaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zalesosithembiso, ngokuba wayebheké umuzi [uMbuso kaNkulunkulu] onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Uma kambe [waye]cabanga ngalelo [aye]phuma kulo, [waye]yakuba-nethuba lokubuyela kulo.”—Heberu 11:9, 10, 15; qhathanisa namaHeberu 12:22, 28.
12. Yiliphi ithuba lasekuqaleni uAbrama aba nalo lokubuyela eUri, futhi wasisingatha kanjani isimo esibucayi?
12 Kwakungakabi isikhathi eside uAbrama eseKhanani lapho indlala enkulu imnika ‘ithuba lokubuyela.’ IUri, njengoba lalithola amanzi emanzini amaningi oMfula iEwufrathe, lalingathembele emvuleni. Nokho, esikhundleni sokubuyela lapho, uAbrama waba nokholo kuJehova waya kwenye indawo—eGibithe. Lokho kwakuwukuzibeka engozini. Enomfazi omuhle, umfokazi, uAbrama, ukuphila kwakhe kwakusengozini kulelozwe angalazi. Nokho, wathatha izinyathelo zokuphepha ngokucela uSarayi ukuba abufihle ubuhlobo babo bomshado. UJehova wambusisa uAbrama ngenxa yokholo lwakhe, futhi ngokushesha wakwazi ukubuyela eZweni Lesithembiso enengcebo enkulu kunanini ngaphambili.—Genesise 12:10–13:2; 20:12.
13. Yini efanikiselwa ubunyumba bukaSarayi nokufihla kuka-Abrama ubuhlobo bakhe bomshado naye?
13 Nalokhu futhi kwakha ingxenye yedrama eyisiprofetho uAbrama ayenza engazi ukuze kufundiswe thina. USarayi, owayesalokhu eyinyumba, wafanekisela inhlangano kaJehova yasezulwini enjengomfazi yezingelosi ezithembekile. Lomfazi omuhle ongokomfanekiso kwadingeka ukuba alinde iminyaka engaphezu kwezi-4 000 ngaphambi kokuba akwazi ukuveza inzalo yangempela ka-Abrahama Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Ukushushiswa okuqondile kwezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile phakathi nayo yonke leyominyaka yokulinda ngezinye izikhathi kwakwenza kubonakale sengathi uJehova ubufihlile ubuhlobo bakhe bokuba ngumyeni kuye.—Genesise 3:15; Isaya 54:1-8; Galathiya 3:16, 27, 29; 4:26.
14. (a) Ekugcineni uSarayi wasabela kanjani ebunyumbeni bakhe? (b) Yini eyenzeka lapho uAbrahama eneminyaka eyi-100, futhi ngani?
14 Ngemva kokubekezela njengomfokazi iminyaka eyishumi, uAbrama wayesalokhu engenayo indodana eyoba indlalifa. Esephelelwe ithemba, uSarayi wamncenga ukuba aveze inzalo kowesifazane oyisigqila sakhe, uHagari. UAbrama wavuma futhi kwazalwa uIshmayeli. (Genesise 12:4; 16:1-4, 16) Kodwa inzalo yesibusiso ethenjisiwe yayizovela komunye umuntu. Lapho uAbrama eneminyaka eyi-100, igama lakhe lashintshwa laba nguAbrahama ngoba, njengoba uNkulunkulu asho, “ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.” Igama likaSarayi lashintshwa laba nguSara ngesithembiso sokuthi wayeyozala indodana.—Genesise 17:1, 5, 15-19.
15. (a) Kungani uAbrahama ahleka uma ecabanga ngokuzalelwa uSara indodana? (b) Yibuphi ubufakazi obengeziwe obanikezwa nguAbrahama bokholo lwakhe oluqinile?
15 UAbrahama (kamuva noSara) wahleka uma ecabanga ngalokho ngoba amandla okuzala abo bobabili noSara ayesephelile. (Genesise 17:17; 18:9-15) Kodwa lolu kwakungelona uhleko lokungakholelwa ngenxa yokungabi nokholo. Njengoba iBhayibheli lichaza: “Engabanga-buthakathaka ekukholweni . . . ngesithembiso sikaNkulunkuu . . . waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.” (Roma 4:18-21) Ngalo lolosuku, uAbrahama wanikeza ubufakazi bokholo lwakhe oluqinile. Njengophawu lwesivumelwano sikaNkulunkulu naye, uJehova watshela uAbrahama ukuba asoke kanye nabo bonke abesilisa emndenini wakhe omkhulu. (Genesise 15:18-21; 17:7-12, 26) Wasabela kanjani kulomyalo obuhlungu? “Wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolosuku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.”—Genesise 17:22-27.
16. (a) Yini eyenzeka ngosuku lokulunyulwa kukaIsaka? (b) Kwafanekiselani ukuxoshwa kukaHagari noIshmayeli?
16 UIsaka, ogama lakhe lisho “iNsini,” wazalwa uSara ngonyaka olandelayo. (Gensise 21:5, 6) Ngokushesha safika isikhathi sokuba alunyulwe. Phakathi nedili, uIshmayeli onomona wamshushisa uIsaka. Ngenxa yalokhu, uSara wamnxusa ngamandla uAbrahama ukuba axoshe owesifazane oyisigqila, uHagari, nendodana yakhe emndenini. UJehova uNkulunkulu wasisekela isicelo sikaSara. Nakuba ezwa ubuhlungu, uAbrahama walalela ngokushesha. (Genesise 21:8-14) NgokwabaseGalathiya 4:21-30, lokhu kwafanekisela indlela uAbrahama Omkhulu ayeyoqeda ngayo ubuhlobo bakhe nesizwe sakwaIsrayeli wemvelo. Njengaso sonke isintu, naso sasizelwe siyisigqila sesono. (Roma 5:12) Kodwa futhi samenqaba uJesu Kristu iNzalo yangempela ka-Abrahama, owayezele ukuzosikhulula. (Johane 8:34-36; Galathiya 3:16) Futhi njengoba uIshmayeli ashushisa uIsaka, salishushisa ibandla lobuKristu likaIsrayeli ongokomoya elalisanda kwakhiwa, elaliyingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama.—Mathewu 21:43; Luka 3:7-9; Roma 2:28, 29; 8:14-17; 9:6-9; Galathiya 3:29.
Ukuvivinywa Kwakhe Ukholo Okukhulu
17. Ngokulandelayo ukholo luka-Abrahama lwavivinywa kanjani kanzima?
17 Kubonakala kungenakwenza ukuthi ukhona ubaba ongumuntu owake waba nothando olukhulu ngendodana yakhe olwedlula lolo uAbrahama osegugile ayenalo ngoIsaka. Khona-ke, yeka ukuthi kumelwe ukuba kwethusa kabuhlungu kangakanani lapho emukela lomyalo: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, uIsaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe-ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”—Genesise 22:1, 2.
18. UAbrahama wasabela kanjani emyalweni kaJehova wokunikela ngoIsaka?
18 Kumelwe ukuba kwaba nzima ngoAbrahama ukuqonda isizathu salomyalo obangela usizi. Nokho wabonisa ukulalela kwakhe okuvamile okusheshayo. (Genesise 22:3) Kwamthatha izinsuku ezintathu ezibuhlungu ukuba afinyelele entabeni ekhethiwe. Lapho wakha ialtare wayesebeka izinkuni zomlilo ngaphezulu. Ngalesikhathi, kumelwe ukuba wayesewuchazile umyalo kaNkulunkulu kuIsaka, owayengase abaleke kalula. Esikhundleni salokho, uIsaka wamvumela uyise osekhulile ukuba abophe imilenze yakhe ambeke phezu kwealtare. (Genesise 22:4-9) Singathi lokho kulalela kwakungenxa yani?
19. (a) Singathi yini eyabangela ukuthobeka kukaIsaka kwesibindi? (b) Ubuhlobo phakathi kuka-Abrahama noIsaka buyisifundo kanjani emikhayeni yamaKristu namuhla?
19 UAbrahama wayeyenze ngokwethembeka imithwalo yakhe yemfanelo ngokuqondene noIsaka, njengoba ichazwe kuGenesise 18:19. Ngokungangabazeki wayeyigxilisile kuIsaka injongo kaJehova yokuvusa abafile. (Genesise 12:3; Heberu 11:17-19) UIsaka yena, wayeyisisulu sothando luka-Abrahama olujulile futhi wayeyofuna ukumjabulisa uyise kukho konke, ikakhulukazi lapho kuhileleke ukwenza intando kaNkulunkulu. Yeka isifundo esihle lokhu okuyiso emikhayeni yamaKristu namuhla!—Efesu 6:1, 4.
20. UAbrahama wathobeka kanjani, futhi kwaba namuphi umvuzo?
20 Manje kwafika umvuthwandaba wovivinyo. UAbrahama wawubamba ummese. Kodwa lapho esezoyibulala indodana yakhe, uJehova wammisa wathi: “Ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.” (Genesise 22:11, 12) Yeka ukuthi uAbrahama wavuzwa ngokucebe kangakanani ngokuzwa isimemezelo sikaNkulunkulu ngokwakhe sokuthi ulungile! Manje wayengazizwa eqinisekile ngokuthi ukufinyelele lokho uNkulunkulu akufuna kumuntu ongaphelele. Okubaluleke nangaphezulu ukuthi, ukucabangela kukaJehova kwangaphambili ukholo lwakhe kwakuqinisekisiwe. (Genesise 15:5, 6) Ngemva kwalokhu, uAbrahama wanikela ngenqama eyanikezwa ngokuyisimangaliso ukuze ithathe isikhundla sikaIsaka. Khona-ke wezwa uNkulunkulu eqinisekisa, ngesifungo, izithembiso zesivumelwano. Kamuva, waziwa ngokuthi umngane kaJehova.—Genesise 22:13-18; Jakobe 2:21-23.
21. Imuphi umfanekiso ongokwesiprofetho owanikezwa lapha, futhi kufanele usikhuthaze ukuba sifuneni?
21 Umhlatshelo ka-Abrahama ‘wawulinganisa.’ (Heberu 11:19) Wafanekisela umhlatshelo obuhlungu, obizayo owenziwa uJehova uNkulunkulu lapho ethumela iNdodana yakhe ethandekayo emhlabeni ukuba ife ‘njengeWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.’ (Johane 1:29) Futhi ukuvuma kukaIsaka ukuba afe kufanekisela indlela uIsaka Omkhulu, uJesu Kristu, azithoba ngothando ngayo ekwenzeni intando kaYise wasezulwini. (Luka 22:41, 42; Johane 8:28, 29) Ekugcineni, njengoba nje uAbrahama emukela indodana yakhe iphila ivela ealtare, uJehova wemukela iNdodana yakhe ethandekayo ivela kwabafile njengesidalwa somoya esikhazimulayo. (Johane 3:16; 1 Petru 3:18) Yeka ukuthi konke lokhu kukhuthaza kanjani kubo bonke abafuna ubungane noNkulunkulu namuhla!
22. Iqembu labantu elikhethekile liye lazuza kanjani othandweni lukaNkulunkulu olungenakulinganiswa?
22 Ngokubonisa ukholo kulesenzo sothando esingenakulinganiswa sika-Abrahama Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, iqembu elikhethiwe labantu kuye kwathiwa lilungile njengamadodana kaNkulunkulu. (Roma 5:1; 8:15-17) Njengoba bethathwe kumaJuda kuqala kwase kuba kwabeZizwe, ngempela laba baye babusiswa ngeNzalo ka-Abrahama, uJesu Kristu. (IzEnzo 3:25, 26; Galathiya 3:8, 16) Nabo, bakha ingxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama. (Galathiya 3:29) Ekugcineni abanjalo baba izi-144 000 futhi, njengoJesu, bavuselwa ekuphileni kwasezulwini ngemva kokuzibonakalisa bethembekile kuze kube sekufeni.—Roma 6:5; IsAmbulo 2:10; 14:1-3.
23. (a) Zibusiswa kanjani namanje izigidi ngensali yenzalo ka-Abrahama? (2 Korinte 5:20) (b) Yiziphi izibusiso ezengeziwe ezilindele “isixuku esikhulu”?
23 Phakathi nelesikhathi, izigidi ezivela kuzo zonke izizwe ‘ziyabusiswa’ ngokusabela kwazo enkonzweni yothando yensali encane yenzalo ka-Abrahama. (Genesise 22:18) Ziye zavuswa amadlingozi ukuzwa ukuthi isintu esonayo kungashiwo kanjani ukuthi silungile njengabangane bakaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, “isixuku esikhulu . . . esivela kuzo zonke izizwe” sijabulela umusa kaNkulunkulu, njengoba ‘sihlanze izingubo zaso sazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.’ Sinensali eholayo, naso futhi ‘sikhonza [uNkulunkulu] imini nobusuku.’ Okuphambi kwalesixuku esikhulu ithemba elimangalisayo lokuphila okuphakade ePharadesi ‘njengabantwana bakaNkulunkulu’ basemhlabeni. (IsAmbulo 7:9-17; 21:3-5; Roma 8:21; IHubo 37:29) Nokho, ngaphambi kokuba izibusiso ezinjalo zibe ngokoqobo, kumelwe kwenzeke izenzakalo ezibaluleke kakhulu, njengoba sizofunda esihlokweni esilandelayo.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Lwavivinywa kanjani ukholo luka-Abrahama nezihlobo zakhe?
◻ AmaKristu namuhla alubonise kanjani ukholo olufanayo?
◻ UAbrahama walubonisa ngaziphi ezinye izindlela ukholo?
◻ UAbrahama, uSara, noIsaka bayizibonelo kanjani emikhayeni yamaKristu?
◻ Yini eyayifanekiselwa isenzo sika-Abrahama esikhulu sokholo?