Ukusekela Ngokwethembeka IZwi LikaNkulunkulu Eliphefumulelwe
“Siye sazilahla izinto zomshoshaphansi okumelwe sibe namahloni ngazo, njengoba singahambi ngobuqili, futhi singalonakalisi izwi likaNkulunkulu.”—2 KORINTE 4:2.
1. (a) Yini eye yadingeka ukuze kufezwe umsebenzi oshiwo kuMathewu 24:14 no-28:19, 20? (b) Lapho kuqala izinsuku zokugcina, iBhayibheli lalitholakala ngezinga elingakanani ngezilimi zabantu?
ESIPROFETHWENI sakhe esikhulu, ngokuphathelene nesikhathi sokuba khona kwakhe ebukhosini nesiphelo sesimiso sezinto esidala, uJesu Kristu wabikezela: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” Futhi, wayala abalandeli bakhe: “[Yenzani] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ukugcwaliseka kwalezo ziprofetho kuhilela umsebenzi omkhulu ekuhumusheni nasekunyatheliseni iBhayibheli, ekufundiseni abantu elikushoyo, nasekubasizeni ukuba balisebenzise ekuphileni kwabo. Yeka ilungelo okuyilo ukuhlanganyela emsebenzini onjalo! Ngo-1914 iBhayibheli, noma ingxenye ethile yalo, lase linyatheliswe ngezilimi ezingu-570. Kodwa kusukela ngaleso sikhathi kuye kwanezelwa amakhulu ezinye izilimi neziningi eziyimixhantela, futhi ezilimini eziningi kuye kwatholakala izinguqulo ezingaphezu kweyodwa.a
2. Yiziphi izisusa ezihlukahlukene eziye zathonya umsebenzi wabahumushi beBhayibheli nabanyathelisi?
2 Kunoma yimuphi umhumushi kuyinselele ukuthatha indaba olimini oluthile ayenze iqondakale kulabo abafunda nabezwa olunye ulimi. Abanye abahumushi beBhayibheli baye benza umsebenzi wabo bekuqaphela kakhulu ukuthi bahumusha iZwi likaNkulunkulu. Abanye baye bamane bakhangwa yinselele yokucwaninga okufunwa yilomsebenzi. Kungenzeka baye babheka okuqukethwe yiBhayibheli njengefa lamasiko eliyigugu. Kwabanye, inkolo iyibhizinisi labo, futhi ukunyathelisa incwadi enegama labo njengabahumushi noma abanyathelisi bayo kuyingxenye yokuziphilisa. Ngokusobala izisusa zabo ziyayithonya indlela abenza ngayo umsebenzi wabo.
3. IKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli yawubheka kanjani umsebenzi wayo?
3 Ayaphawuleka lamazwi ashiwo yiKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli: “Ukuhumusha imiBhalo Engcwele kusho ukuhumushela kolunye ulimi imiqondo namazwi kaJehova uNkulunkulu . . . Lowo umcabango osangulukisayo. Abahumushi balomsebenzi, abamesabayo nabamthandayo uMlobi Waphezulu wemiBhalo Engcwele, bazizwa benesibopho esikhethekile kuYe sokudlulisela imiqondo yakhe namazwi akhe ngokunembe ngangokunokwenzeka. Futhi bazizwa benesibopho kubafundi abafunisisayo abathembele enguqulweni yeZwi likaNkulunkulu Ophezukonke ukuze bathole insindiso yaphakade. Lekomiti yamadoda azinikezele yayinomuzwa onjalo wokuzizwa inomthwalo wemfanelo omkhulu phakathi neminyaka eminingi lapho ilungiselela i-New World Translation of the Holy Scriptures.” Umgomo walekomiti kwakuwukuba nenguqulo yeBhayibheli ecacile neqondakalayo, eyayizosondelana kakhulu nezilimi zokuqala zesiHeberu nesiGreki kangangokuthi yayizonikeza isisekelo sokukhula okuqhubekayo olwazini olunembile.
Kuye Kwenzekani Egameni LikaNkulunkulu?
4. Libaluleke kangakanani igama likaNkulunkulu eBhayibhelini?
4 Enye yezinjongo eziyinhloko zeBhayibheli iwukusiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu weqiniso. (Eksodusi 20:2-7; 34:1-7; Isaya 52:6) UJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba igama likaYise “lingcweliswe,” libhekwe njengelingcwele, noma liphathwe njengelingcwele. (Mathewu 6:9) UNkulunkulu wenza ukuba igama lakhe lifakwe eBhayibhelini izikhathi ezingaphezu kuka-7 000. Ufuna abantu balazi lelo gama nezimfanelo zoMninilo.—Malaki 1:11.
5. Abahumushi abahlukahlukene baye balibeka kanjani igama laphezulu?
5 Abahumushi abaningi beBhayibheli baye babonisa inhlonipho eqotho ngegama laphezulu futhi baye balisebenzisa ngokungaguquguquki emsebenzini wabo. Abanye abahumushi bakhetha ukuthi Yahweh. Abanye baye bakhetha isimo segama laphezulu esifanelaniswe nolimi lwabo sibe sisafana ngokucacile nalokho okusembhalweni wesiHeberu, cishe okuyindlela eseyaziwa kakhulu ngenxa yokuba nesikhathi eside isetshenziswa. I-New World Translation of the Holy Scriptures isebenzisa elithi Jehova izikhathi ezingu-7 210 embhalweni wayo.
6. (a) Eminyakeni yamuva, abahumushi baye benzani ngokuqondene negama laphezulu? (b) Wande kangakanani lomkhuba?
6 Eminyakeni yamuva, nakuba abahumushi beBhayibheli bewagcina amagama onkulunkulu bamaqaba abanjengoBali noMoloki, baya belikhipha njalo igama likaNkulunkulu weqiniso ezinguqulweni zeZwi lakhe eliphefumulelwe. (Eksodusi 3:15; Jeremiya 32:35) Ezindimeni ezinjengoMathewu 6:9 noJohane 17:6, 26, inguqulo esakazwa kabanzi ngesi-Albania ihumusha inkulumo yesiGreki ethi “igama lakho” (okungukuthi, igama likaNkulunkulu) ngokuthi nje “wena,” njengokungathi leyo mibhalo ayikhulumi ngegama. KumaHubo 83:18, i-New English Bible ne-Today’s English Version zikhipha kokubili igama likaNkulunkulu nanoma yini ebhekisela eqinisweni lokuthi uNkulunkulu unegama. Nakuba igama laphezulu lalivela ezinguqulweni ezindala zemiBhalo YesiHeberu ngezilimi eziningi, izinguqulo zamuva ngokuvamile ziyalikhipha noma ziliveze kuphela emazwini asemaceleni. Kunjalo esiNgisini, nakwezinye izilimi eziningi zaseYurophu, e-Afrika, eNingizimu Melika, eNdiya, naseziqhingini zePacific.
7. (a) Abahumushi bamanye amaBhayibheli ezilimi zase-Afrika balisingatha kanjani igama laphezulu? (b) Uzizwa kanjani ngalokho?
7 Abahumushi beBhayibheli bezinye izilimi zase-Afrika benza okungaphezu kwalokho. Kunokuba bamane bafake isiqu esingokomBhalo esinjengesithi Nkulunkulu noma Nkosi esikhundleni segama laphezulu, bafaka amagama athathwe ezinkolelweni zendawo ezingokwenkolo. EBhayibhelini elithi IThestamente eliSha namaHubo (inguqulo ka-1986), isiqu esithi Nkulunkulu sasetshenziswa ngokufanayo negama (elithi uMvelinqangi) amaZulu alithatha njengelisho ‘ithongo elikhulu elikhonzwa ngokuthintana nawokhokho.’ Isihloko esikumagazini i-Bible Translator ka-October 1992, sabika ukuthi lapho kwenziwa iBhayibheli lesiChichewa elizobizwa ngokuthi yi-Buku Loyera, abahumushi babesebenzisa elithi Chauta njengegama elizongena esikhundleni selithi Jehova. Lesi sihloko sachaza ukuthi u-Chauta “uNkulunkulu abebelokhu bemazi futhi bemkhulekela.” Nokho, abaningi balaba bantu bakhulekela nalokho abakholelwa ukuthi yimimoya yabafileyo. Kuyiqiniso yini ukuthi uma abantu benxusa “koThile Ophakeme,” noma yiliphi igama ababiza ngalo “oThile Ophakeme” lilimelela ngokufanelekayo igama elithi Jehova, kungakhathaliseki ukuthi yini enye ehilelekile ekukhulekeleni kwabo? Akulona nakancane! (Isaya 42:8; 1 Korinte 10:20) Ukukhipha igama likaNkulunkulu nokufaka esikhundleni salo okuthile okwenza abantu babe nomuzwa wokuthi empeleni izinkolelo zabo ezingokwesiko zilungile akubasizi ukuba basondele kakhudlwana kuNkulunkulu weqiniso.
8. Kungani injongo kaNkulunkulu yokwenza igama lakhe laziwe ingazange ibhuntshe?
8 Konke lokhu akuzange kushintshe noma kubhuntshise injongo kaJehova yokwenza igama lakhe laziwe. Ezilimini zaseYurophu, e-Afrika, emazweni aseMelika, eMpumalanga, nezaseziqhingini zolwandle, kusenamaBhayibheli amaningi asetshenziswayo anegama laphezulu. Futhi kunoFakazi BakaJehova abevile ku-5 400 000 emazweni nasezifundeni ezingu-233, bebonke abasebenzisa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngonyaka betshela abanye ngegama nenjongo kaNkulunkulu weqiniso. Banyathelisa futhi basakaze amaBhayibheli—alisebenzisayo igama laphezulu—ngezilimi ezikhulunywa abantu abangaba ngu-3 600 000 000 emhlabeni, kuhlanganise nesiNgisi, isiShayina, isiRashiya, iSpanishi, isiPutukezi, isiFulentshi nesiDashi. Banyathelisa nezinsiza zokutadisha iBhayibheli ngezilimi ezaziwa yiningi labantu abasemhlabeni. Ngokushesha uNkulunkulu ngokwakhe uzothatha isinyathelo ngendlela ezosigcwalisa ngokuqinisekile isimemezelo sakhe sokuthi izizwe ‘ziyokwazi ukuthi unguJehova.’—Hezekeli 38:23.
Lapho Izinkolelo Zomuntu Zilawula Ukuhumusha
9. IBhayibheli liwubonisa kanjani umthwalo omkhulu ophezu kwalabo abasingatha iZwi likaNkulunkulu?
9 Labo abahumusha iZwi likaNkulunkulu nalabo abalifundisayo banomthwalo wemfanelo omkhulu. Ngokuphathelene nenkonzo yakhe neyozakwabo, umphostoli uPawulu wathi: “Siye sazilahla izinto zomshoshaphansi okumelwe sibe namahloni ngazo, njengoba singahambi ngobuqili, futhi singalonakalisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokulenza libe sobala iqiniso sizitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:2) Ukonakalisa kusho ukungcolisa ngokuxubanisa okuthile nokuthile okungekhona okwakhona noma okusezingeni eliphansi. Umphostoli uPawulu wayengafani nabelusi abangathembekile bakwa-Israyeli ezinsukwini zikaJeremiya, abasolwa uJehova ngoba beshumayela imibono yabo kunalokho okwakushiwo uNkulunkulu. (Jeremiya 23:16, 22) Kodwa kuye kwenzekani ezikhathini zamuva?
10. (a) Ezinye izisusa okungezona ezokwethembeka kuNkulunkulu ziye zabathonya kanjani abanye abahumushi? (b) Iyiphi indima ababezithathela yona ngokungafanele?
10 Phakathi neMpi Yezwe II, ikomiti yezazi zenkolo nabefundisi yabambisana nohulumeni wamaNazi eJalimane ukuze kukhishwe “iTestamente Elisha” elibukeziwe elalikhiphe zonke izindawo ezikhuluma kahle ngamaJuda nazo zonke izinkomba zokuthi uhlu lozalo lukaJesu Kristu lwalungolobuJuda. Muva nje, abahumushi abakhipha i-New Testament and Psalms: An Inclusive Version batshekela ngakolunye uhlangothi, bazama ukushanela zonke izinkomba zokuthi amaJuda ayenecala ngokufa kukaKristu. Labo bahumushi baba nomuzwa wokuthi abafundi abashisekela amalungelo abesifazane bayojabula uma uNkulunkulu ebizwa ngokuthi uYise-Nina, hhayi ngokuthi uYise, noJesu kuthiwe uyiNgane, hhayi iNdodana kaNkulunkulu. (Mathewu 11:27) Ngesikhathi benza lokho, basusa isimiso sokuzithoba kwamakhosikazi kubayeni nokulalela kwezingane abazali. (Kolose 3:18, 20) Abahumushi balezo zinguqulo ngokusobala babengazimisele njengomphostoli uPawulu ukuba ‘bangalonakalisi izwi likaNkulunkulu.’ Babekhohlwa indima yomhumushi, bethatha isikhundla somlobi, benza izincwadi ezizishaya samaBhayibheli ukuze bathuthukise imibono yabo.
11. Izimfundiso zeLobukholwa zingqubuzana kanjani nalokho iBhayibheli elikushoyo ngomphefumulo nokufa?
11 Amasonto eLobukholwa ngokuvamile afundisa ukuthi umphefumulo womuntu uwumoya, ukuthi ekufeni uyawushiya umzimba, nokuthi awufi. Ngokuphambene, izinguqulo zeBhayibheli ezindala zezilimi eziningi zisho ngokucacile ukuthi abantu bayimiphefumulo, ukuthi izilwane ziyimiphefumulo, nokuthi umphefumulo uyafa. (Genesise 12:5; 36:6; Numeri 31:28; Jakobe 5:20) Lokho kuye kwabaxaka abefundisi.
12. Ezinye izinguqulo zamuva ziwasithibeza kanjani amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo?
12 Manje ezinye izinguqulo ezintsha ziyawasithibeza lawa maqiniso. Kanjani? Zimane zikugweme ukulihumusha ngokuqondile ibizo lesiHeberu elithi neʹphesh (umphefumulo) emibhalweni ethile. KuGenesise 2:7, zingase zithi umuntu wokuqala “waqala ukuphila” (kunokuthi “waba umphefumulo ophilayo”). Noma zingase zikhulume ‘ngesidalwa’ esikhundleni ‘somphefumulo’ lapho kukhulunywa ngezilwane. (Genesise 1:21) Emibhalweni enjengoHezekeli 18:4, 20 zikhuluma ‘ngomuntu’ (esikhundleni ‘somphefumulo’) njengofayo. Mhlawumbe umhumushi unesizathu sokuhumusha kanjalo. Kodwa kumsiza kangakanani umuntu oqotho ofuna iqiniso, okucabanga kwakhe kakade kuye kwathonywa izimfundiso zeLobukholwa ezingasekelwe emiBhalweni?b
13. Ezinye izinguqulo zeBhayibheli ziye zayifihla kanjani injongo kaNkulunkulu ngokuqondene nomhlaba?
13 Bezama ukusekela inkolelo yabo yokuthi bonke abantu abalungile baya ezulwini, abahumushi—noma izazi zenkolo ezibukeza umsebenzi wabo—bangase bazame ukufihla okushiwo iBhayibheli ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba. KumaHubo 37:11, izinguqulo eziningana zithi abathobekileyo bayokudla “izwe.” Elithi “izwe” lingaba yindlela yokuhunyushwa kwegama (elithi ʼeʹrets) elisetshenziswe embhalweni wesiHeberu. Nokho, i-Today’s English Version (eye yaba isisekelo sezinguqulo eziningi zezinye izilimi) ayigcini lapho. Nakuba lenguqulo ihumusha igama lesiGreki elithi ge ngokuthi “umhlaba” izikhathi ezingu-17 eVangelini likaMathewu, kuMathewu 5:5 esikhundleni selithi “umhlaba” ithi “lokho uNkulunkulu akuthembisile.” Ngokuzenzakalelayo amalungu esonto acabanga ngezulu. Awaziswa ngokwethembeka ukuthi eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu wathi abanomoya omnene, noma abathobekileyo “bayozuza umhlaba njengefa.”
14. Yisiphi isisusa sobugovu esibonakala ezinguqulweni ezithile zeBhayibheli?
14 Okunye ukuhunyushwa kwemiBhalo ngokusobala kwenziwe ngendlela yokuba kusizwe abashumayeli ukuba bathole iholo elihle. Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli lithi: “Isisebenzi sifanelekela inkokhelo yaso.” (1 Thimothewu 5:18) Kodwa kweyoku-1 Thimothewu 5:17, lapho lithi khona amadoda amadala engamela kahle kufanele “abhekwe njengafanelwe udumo oluphindiwe,” ukuphela kodumo abanye abalubheka njengolufanelwe ukuphawulwa olwemali. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 5:2.) Ngakho, i-New English Bible ithi laba badala “kufanele babhekwe njengabafanelwe iholo eliphindwe kabili,” futhi i-Contemporary English Version ithi “bafanelwe ukukhokhelwa ngokuphindwe kabili.”
Ukusekela IZwi LikaNkulunkulu Ngokwethembeka
15. Singanquma kanjani ukuthi sicaphune ziphi izinguqulo zeBhayibheli?
15 Kusho ukuthini konke lokhu ngomfundi weBhayibheli nangalabo abasebenzisa iBhayibheli ekufundiseni abanye? Ezilimini eziningi ezisetshenziswa kabanzi, kunezinguqulo zeBhayibheli ezingaphezu kweyodwa okungakhethwa kuzo. Bonisa ukuqonda lapho ukhetha iBhayibheli olisebenzisayo. (IzAga 19:8) Uma inguqulo ethile ingathembekile ekuchazeni uNkulunkulu uqobo—isusa igama lakhe eZwini lakhe eliphefumulelwe nganoma isiphi isaba—kungenzeka yini ukuthi abahumushi baye baganga nangezinye izingxenye zombhalo weBhayibheli? Lapho ungabaza ukuba yiqiniso kwendlela yokuhumusha, zama ukuyiqhathanisa neyezinguqulo ezindala. Uma ufundisa iZwi likaNkulunkulu, khetha izinguqulo ezinamathela eduze kulokho okusemibhalweni yokuqala yesiHeberu nesiGreki.
16. Njengabantu ngabanye singakubonisa kanjani ukwethembeka lapho sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe?
16 Sonke ngabanye kufanele sethembeke eZwini likaNkulunkulu. Lokho sikwenza ngokukhathalela elikuqukethe, kangangokuthi uma kungenzeka, sisebenzise isikhathi esithile nsuku zonke sifunda iBhayibheli. (IHubo 1:1-3) Sikwenza ngokukusebenzisa ngokugcwele elikushoyo ekuphileni kwethu, sifunde ukusebenzisa izimiso nezibonelo zalo njengesisekelo sokwenza izinqumo ezihluzekile. (Roma 12:2; Heberu 5:14) Sibonisa ukuthi singabameleli abathembekile beZwi likaNkulunkulu ngokulishumayela ngentshiseko kwabanye. Sikwenza nalapho sifundisa, sisebenzisa iBhayibheli ngokucophelela, singakuhlanekezeli noma sikwandise elikushoyo ukuze kufanelane nemibono yethu. (2 Thimothewu 2:15) Lokho uNkulunkulu akubikezele kuyokwenzeka nakanjani. Uthembekile ekufezeni iZwi lakhe. Kwangathi singathembeka ekulisekeleni.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngo-1997 i-United Bible Societies yanikeza uhlu lwezilimi ezingu-2167, nezinye eziyimixhantela, iBhayibheli eliphelele noma izingxenye zalo, eliye lanyatheliswa ngazo. Leli nani lihlanganisa nezilimi eziningi eziyimixhantela.
b Lengxoxo ibhekisela ezilimini ezikwaziyo ukucacisa lendaba kodwa abahumushi bazo abakhetha ukungenzi kanjalo. Inqolobane yamagama akhona olimini ikulinganisela kakhulu lokho abahumushi abangakwenza ezilimini ezithile. Khona-ke, abafundisi benkolo abaqotho bayochaza ukuthi nakuba umhumushi esebenzise amagama ahlukahlukene noma esebenzise ngisho negama elisikisela izinto ezingasekelwe emiBhalweni, igama lolimi lokuqala, elithi neʹphesh, lisetshenziswa kokubili kubantu nasezilwaneni futhi limelela okuthile okuphefumulayo, okudlayo, nokungase kufe.
Uyakhumbula?
◻ Yiziphi izisusa eziye zathonya umsebenzi wabahumushi beBhayibheli ezikhathini zanamuhla?
◻ Kungani ukuthambekela kokuhumusha kwanamuhla kungazange kubhuntshise injongo kaNkulunkulu ngokuphathelene negama lakhe?
◻ Ezinye izinguqulo ziwasithibeza kanjani amaqiniso eBhayibheli mayelana nomphefumulo, ukufa nomhlaba?
◻ Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi silisekela ngokwethembeka iZwi likaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 16]
Iyiphi inguqulo yeBhayibheli okufanele uyisebenzise?