Umshado Ozuzisa Izigidi Eziphilayo Manje
“INkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa. . . . Masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele.”—ISAMBULO 19:6, 7.
1. Iyoqala nini ukuhlatshelelwa ingoma eyisiprofetho yesAmbulo 19:6-8, futhi ngani?
LAMAZWI avusa amadlingozi akha ingxenye yengoma yokunqoba eyisiprofetho. Iyoqala nini ukuhlatshelelwa? Ngemva kokubhujiswa kwesitha esidala sokukhulekelwa kukaJehova—“iBabiloni Elikhulu,” ‘isifebe esikhulu’ esingokomfanekiso esimelele zonke izinhlobo zenkolo yamanga. Kumelwe sahlulelwe ngenxa yendlela esiye sammelela kabi ngayo uNkulunkulu. Yeka indlela esiye sadukisa ngayo isintu ngokuhileleka kwaso kwezombangazwe, ngokuhahela kwaso izinto ezibonakalayo, nangenzondo ebulalayo esinayo ngabakhulekeli bakaJehova beqiniso!—IsAmbulo 17:1-6; 18:23, 24; 19:1, 2; Jakobe 4:4.
2. (a) UJehova uyokubangela kanjani ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu? (b) Esikhundleni sokudumisa uJehova, yini eyokwenziwa ababhubhisi benkolo yamanga?
2 Ngokushesha, uJehova uzokufaka ezinhliziyweni zabaholi bezombangazwe zezwe ukuba basibhubhise. (IsAmbulo 17:12, 16, 17) Kodwa ababhubhisi benkolo yamanga ngeke bahlanganyele ekuhlabeleleni ingoma yokunqoba. Esikhundleni salokho, ngaphansi kwethonya likaSathane, owaziwa futhi ngokuthi uGogi, bayohlasela abaqhubi benkolo yeqiniso, abahlala ngokuthula nabazigcina behlukene nobubi balelizwe.—Isaya 2:2-4; Hezekeli 38:2, 8-12; Johane 17:14; Jakobe 1:27.
3. Kungaziphi izizathu izinceku zikaJehova ezingabantu eziyohlanganyela ngazo engomeni yasezulwini?
3 Lokhu kuhlasela kwababusi bezombangazwe okwedelela uNkulunkulu kuyophumela empini yeArmagedoni, eyoziqeda ngokuphelele izizwe ezingayifuni inkolo. Ngokulandelayo, ithonya elikhohlakele likaSathane namademoni akhe liyosuswa emhlabeni. (IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21; 20:1, 2) Izinhliziyo zigcwele ukubonga, bonke abantu abasindile bayohlanganyela engomeni yasezulwini: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.” (IsAmbulo 19:6) Ngempela, izenzakalo ezinjalo ezizamazamisa izwe ziyophawula ukuqala komlando omusha. UJehova uyobe ebulwele ubukhosi bakhe futhi wasusa emhlabeni bonke ababekela ukubusa kwakhe inselele. Ekugcineni siyobe sesifikile isikhathi somshado wasezulwini. Njengoba ingoma eyisiprofetho iqhubeka: “Masithokoze, sethabe, futhi masimnike [uJehova] inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele.”—IsAmbulo 19:7, 8.
4. (a) Obani abafanekiselwa yiWundlu ‘nomkalo’? (b) Imiphi imibuzo ebuzwayo lapha, futhi singazithola kanjani izimpendulo?
4 IWundlu aliyena omunye ngaphandle kukaJesu Kristu okhazinyulisiwe, futhi ‘umkalo’ uyinani eliphelele labalandeli bakhe abagcotshiwe abathembekile abayizi-144 000 manje abahlangene naye ezulwini. Sebebonke labahlanganyeli bomshado wasezulwini bakha amalungu aphelele oMbuso kaNkulunkulu, oyoletha isintu, kuhlanganise nabafile abavusiwe, ekupheleleni kobuntu. (IsAmbulo 5:8-10; 14:1-4; 20:4, 12, 13; 21:3-5, 9, 10; 22:1-3) Ingabe izenzakalo eziholela kulowomshado obusisiwe ziyophumelela? Ungazuza kanjani kulowomshado? Ukuze sithole izimpendulo zaleyomibuzo, ake sihlole izenzakalo ezizungeze umshado kaIsaka, njengoba zilotshwe kuGenesise isahluko 24.
Umakoti KaIsaka Okhethwe Ngokwaphezulu
5, 6. Kungani uAbrahama agcizelela ukuba uIsaka angashadi nomKhanani, futhi kuyisiqondiso esihle kobani namuhla? (1 Korinte 7:39)
5 Ukulandisa kuqala ngokunikeza kuka-Abrahama umphathi wendlu yakhe iziyalezo, ngokusobala uEliyezeri. (Genesise 15:2; 24:2) UAbrahama wathi, “ngizakukufungisa uJehova, . . . ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo, kepha uye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami uIsaka umfazi.”—Genesise 24:3, 4.
6 Kungani uAbrahama ayekugcizelela kangaka ukuthi indodana yakhe akufanele ishade nomKhanani? Ngenxa yokuthi amaKhanani ayeyinzalo kaKhanani owayeqalikiswe uNowa. (Genesise 9:25) Ngaphezu kwalokho, amaKhanani ayaziwa ngemikhuba yawo eyonakele, futhi okubaluleke nangaphezulu, ayengamkhulekeli uJehova. (Genesise 13:13; Levitikusi 18:3, 17-28) Ngokuqondakalayo, uAbrahama wayefuna ukuba indodana yakhe ishade nothile wasemndenini wakubo, inzalo kaShemi, owayamukele isibusiso sikaNowa esiphefumlelwe. (Genesise 9:26) Yeka ukuthi lesi isiqondiso esihle kanjani ngamaKristu akhetha ukushada namuhla!—Duteronomi 7:3, 4.
7. UAbrahama wamlungiselela kanjani uEliyezeri lesisabelo?
7 Ngakho uEliyezeri waqalisa uhambo lwamakhilomitha angaphezu kwama-800 ukuya eMesopotamiya. Wahamba ezilungiselele kahle, enamakamela ayishumi athwele izipho. (Genesise 24:10) Ngaphezu kwalokho, wayengazindla ngalamazwi enkosi yakhe aqinisa ukholo: “UJehova uNkulunkulu wezulu . . . uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.”—Genesise 24:7.
8, 9. (a) Kwenzekani lapho uEliyezeri efika emzini waseNahori? (b) Umakoti ofanelekayo wayeyokhethwa ngaluphi uvivinyo?
8 Ekugcineni, wafika emzini kaNahori entshonalanga yeMesopotamiya. UEliyezeri wavumela amakamela akhathele ukuba aguqe ukuze aphumule emthonjeni ngaphandle komuzi. Kwakuyisikhathi sosuku abesifazane ababekha ngaso amanzi— ithuba elihle ngempela lokuba Eliyezeri afune ozoba ngumakoti! Kodwa kwakufanele abe luhlobo luni lomuntu wesifazane? Omuhle kunabo bonke? Cha. UEliyezeri wayenesithakazelo ngokuyinhloko kowesifazane onobuntu bokwesaba uNkulunkulu. Lokhu kwembulwa umthandazo wokholo wokuthobeka abe esewusho: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami uAbrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami uAbrahama umusa. Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi. Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho, ibe-yileyo-ke oyimisele inceku yakho uIsaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”—Genesise 24:11-14.
9 Ngempela leyo kwakuyindlela enhle yokuhlola. NgokweNew Encyclopædia Britannica, ikamela elome kakhulu lingaphuza ‘amalitha angama-95 amanzi ngemizuzu eyi-10.’ Kungenzeka ukuthi amakamela ka-Abrahama ayengomile kangako, kodwa abesifazane bangalesosikhathi ngokungangabazeki babesazi isilinganiso samanzi aphuzwa yilezilwane. Ngokuqinisekile, kwakungadingeka owesifazane onomusa kakhulu, ongenabugovu, okhuthele ukuba avume ngokuzithandela ukuphuzisa amakamela akhathele ayishumi omuntu angamazi.
10, 11. (a) Umthandazo kaEliyezeri waphendulwa ngayiphi indlela ephawulekayo? (b) URebeka wazibonakalisa kanjani izimfanelo ezifiselekayo? (c) UEliyezeri wasabela kanjani?
10 Ngisho nangaphambi kokuba uEliyezeri awuqede umthandazo wakhe, waphendulwa, njengoba ukulandisa kusho: “Bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe. Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka. Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho. Yathi: Phuza, nkosi; yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo, yayiphuzisa. Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke. Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo.”—Genesise 24:15-20.
11 UEliyezeri ‘wabhekisisa’ njengoba ayebukele lempendulo eyisimangaliso yomthandazo wakhe. Lapho lentombi etusekayo isiqedile, wayivuza ngecici legolide lasekhaleni nangamasongo amabili egodile wayesebuza: “Wena uyindodakazi kabani na?” Lapho ethola ukuthi yayiyindodakazi yomshana ka-Abrahama, uEliyezeri wakhothama kuJehova ekhuleka ngenhlonipho, ethi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami uAbrahama ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube-sendlini yabafowabo benkosi yami.”—Genesise 24:21-27.
12. Indaba yaphethwa kanjani kubo kaRebeka?
12 Ngenjabulo uRebeka wagijima waya kubo eyotshela umkhaya wakubo. Kamuva, lapho uyise nomfowabo kaRebeka bezwa ngoEliyezeri uqobo injongo yohambo lwakhe nendlela uJehova aphendule ngayo umthandazo wakhe, bavuma ngaphandle kokunqikaza ukuba uRebeka abe umfazi kaIsaka. “Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova. Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.”—Genesise 24:52, 53.
Ukusabela Kukamakoti Nezimpelesi Zakhe
13. Kwaqinisekiswa kanjani ukuthi lokho okwakukhethwe uJehova kwakungokufanele?
13 URebeka walibheka kanjani ilungelo lokukhethwa ngokwaphezulu njengomakoti kaIsaka? Ngosuku olulandelayo kwenzeka okuthile okwakuzokwembula imizwa yakhe yangempela yangaphakathi. Eseyifezile injongo yohambo lwakhe, uEliyezeri wafisa ukubuyela enkosini yakhe ngaphandle kokulibala. Kodwa umkhaya wakubo kaRebeka wafuna ukuba umakoti ahlale nabo okungenani izinsuku eziyishumi. Ngakho kwashiyelwa kuRebeka ukuba anqume ukuthi wayezimisele yini ukuhamba ngokushesha. Wathi: “Ngizakuhamba.” Ukuvuma ukushiya umkhaya wakubo ngokushesha nokuthatha uhambo lokuya ezweni elikude ukuze ashade nendoda angakaze ayibone kwakuwukuboniswa okuvelele kokholo ekuqondiseni kukaJehova. Kwaqinisekisa ukuthi wayengofanelekile.—Genesise 24:54-58.
14. (a) URebeka waphelezwa obani? (b) Hlobo luni lohambo ababhekana nalo?
14 URebeka wayenezimpelesi ohambweni lwakhe. Njengoba ukulandisa kuchaza: “URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela.” (Genesise 24:61) Ngakho udwendwe lwamakamela lwaqalisa uhambo oluyingozi lwamakhilomitha angama-800 oludabula ezweni abangalazi. Incwadi ethi The Living World of Animals, ithi: “Ijubane elisesilinganisweni lamakamela athwele licishe libe ngamakhilomitha ama-4 ngehora.” Uma amakamela ka-Abrahama ahamba ngalelojubane amahora ayisishiyagalombili ngosuku, kwakungathatha izinsuku ezingaphezu kwama-25 ukuba bafinyelele endaweni ababeya kuyo eNingizimu (eNegeb).
15. (a) Yisiphi isibonelo esihle esisibonayo kuEliyezeri, uRebeka, nezimpelesi zakhe? (b) Lokhu kulandisa kufanekiselani?
15 UEliyezeri, uRebeka, nezimpelesi zakhe zesifazane bathembela ngokugcwele ekuqondiseni kukaJehova, isibonelo esihle kumaKristu namuhla! (IzAga 3:5, 6) Ngaphezu kwalokho, lokhu kulandisa kuyidrama eyisiprofetho eqinisa ukholo. Njengoba sesibonile, uAbrahama ufanekisela uJehova uNkulunkulu, owanikela ngeNdodana yakhe ethandekayo, uIsaka Omkhulu, ukuze isintu esinesono sizuze ukuphila okuphakade. (Johane 3:16) Ukulungiselela umshado kaIsaka kwenziwa esikhathini esithile ngemva kokuba esindiswe ekufeni ealtare lomhlatshelo. Kwakuprofetha ukulungiselelwa komshado wasezulwini, ukulungiselelwa okwaqala ngentshiseko ngemva kokuvuka kukaJesu.
Umshado KaIsaka Omkhulu
16. (a) Inceku ka-Abrahama iwufanekisela ngokufaneleke kanjani umoya ongcwele kaNkulunkulu? (b) Imuphi umbuzo ongabuzwa ngokuqondene nomoya nomlobokazi?
16 Igama likaEliyezeri lisho ukuthi “UNkulunkulu Wami Ungumsizi.” Ngegama nangesenzo, uwufanekisela ngokufanelekayo umoya ongcwele ka-Abrahama Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, awuthumela kulelizwe elikude, umhlaba wethu, ukuba ukhethe umlobokazi ofanelekile kaIsaka Omkhulu, uJesu Kristu. (Johane 14:26; 15:26) Isigaba somlobokazi ‘siyibandla,’ elakhiwa abafundi bakaJesu abazelwe ngomoya ongcwele njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya. (Efesu 5:25-27; Roma 8:15-17) Njengoba nje uRebeka amukela izipho ezibizayo, kanjalo amalungu okuqala ebandla lobuKristu ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. amukela izipho ezimangalisayo ezifakazela ukubizwa kwawo kwaphezulu. (IzEnzo 2:1-4) NjengoRebeka, ngokuzithandela badele bonke ubuhlobo bezwe nobungokwenyama ukuze ekugcineni bahlanganiswe noMyeni wabo wasezulwini. Kusukela esikhathini lapho amalungu ngamanye esigaba somlobokazi ebizwa kuze kube sekufeni kwawo, kumelwe alonde ubuntombi bawo obungokomoya lapho ehamba phakathi kwezwe likaSathane eliyingozi, elihehayo. (Johane 15:18, 19; 2 Korinte 11:3; Jakobe 4:4) Sigcwele umoya ongcwele, isigaba somlobokazi simema abanye ngokwethembeka ukuba babe nengxenye emalungiselelweni kaJehova ensindiso. (IsAmbulo 22:17) Ingabe uyasilandela isibonelo sakhe ngokusabela ekuqondiseni komoya?
17. (a) Amakamela ayishumi afanekiselani? (b) Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo ngeBhayibheli nangezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwa isigaba somlobokazi? (IzEnzo 17:11)
17 Isigaba somlobokazi sikwazisa kakhulu lokho okufanekiswa amakamela ayishumi. Isibalo esiyishumi sisetshenziswa eBhayibhelini ukuze sifanekisele ukuphelela ngokuqondene nezinto zasemhlabeni. Amakamela ayishumi angase aqhathaniswe neZwi likaNkulunkulu eliphelele, isigaba somlobokazi esamukela ngalo ukondliwa okungokomoya nezipho ezingokomoya. (Johane 17:17; Efesu 1:13, 14; 1 Johane 2:5) Ikhulumela ukuphuzisa kukaRebeka amakamela, iWatchtower kaNovember 1, 1948, yasho lokhu ngokuqondene nesigaba somlobokazi: “Balicabangela ngothando iZwi likaNkulunkulu elibanikeza omningi womoya wakhe. Banesithakazelo eZwini lakhe elilotshiwe, bedlulisela kwabanye futhi belenza lisha ngokuliqapha nangokubonisa ukusikhathalela isigijimi salo nenjongo, befuna ukulikholelwa.” Njengesibonelo salokhu, insali yesigaba somlobokazi ngothando iye yenza ukuba iNew World Translation of the Holy Scriptures entsha, enakho konke ukuba itholakalele izigidi zabantu. Kungakhathaliseki ukuthi lenguqulo enhle iyatholakala ngolimi lwakho noma cha, ingabe uyakubonisa ukwazisa ngokulihlola njalo iBhayibheli kanye nezinsiza-kufundisa zalo ezilungiselelwe isigaba somlobokazi?—2 Thimothewu 3:16.
Umshado WeWundlu Uyasondela
18. Kungani izimpelesi zikaRebeka zibafanekisela ngokufanelekayo abangane bomlobokazi namuhla?
18 Kulezinsuku zokugcina zezwe likaSathane, insali yesigaba somlobokazi iye yajoyinwa “isixuku esikhulu,” esifana “namantombazana” kaRebeka. Njengasendabeni kaRebeka, laba basidlula kude ngobuningi isigaba somlobokazi sabayizi-144 000 esesiphelele ngenani. ‘Bayisixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ zikaJesu. (IsAmbulo 7:4, 9; Johane 10:16) Njengezimpelesi ezithembekile zomlobokazi, nabo kumelwe bazigcine bekhululekile ekungcolisweni izwe likaSathane elonakele. Nabo futhi kumelwe basabele ekuholeni komoya kaJehova nokweZwi lakhe njengoba belichazelwa yisigaba somlobokazi. Kodwa umvuzo wabo uhlukile. Uma bekhuthazela ekumsekeleni ngokwethembeka umlobokazi kaKristu, bayosinda ekupheleni kwezwe likaSathane futhi babe nethuba elimangalisayo lokuphila phakade epharadesi lasemhlabeni.—IsAmbulo 21:3, 4.
19. Yini eyenzeka lapho uRebeka nezimpelesi zakhe beqeda uhambo lwabo?
19 Ingabe uRebeka “namantombazana” akhe bawufinyelela ngokuphumelelayo umgomo wabo? Yebo. Njengoba iBhayibheli libika: “UIsaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela. NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile uIsaka wehla ekameleni.” Ngemva kokuba uEliyezeri esekuchazile ukuthunywa kwakhe okuphumelelayo, uIsaka wamamukela uRebeka njengomfazi wakhe “wamthanda.”—Genesise 24:63-67.
20. Isiphi isehlakalo senjabulo esifanekiselwa umshado kaIsaka?
20 Ngokufanayo, injongo kaJehova ngokuqondene nomlobokazi kaKristu ngeke yehluleke. (Isaya 55:11) Ngokushesha, lapho iBabiloni Elikhulu selahlulelwe futhi labhujiswa, abokugcina bensali yomlobokazi bayoluqeda uhambo lwabo. Siyobe sesifikile isikhathi sokuba bahlukaniswe nabangane babo abayizimpelesi futhi bahlanganiswe ngomshado noIsaka Omkhulu ezulwini. Yeka ukuthi leso kuyoba isenzakalo esikhulu kangakanani sokujabula endaweni yonke!—IsAmbulo 19:6-8.
21. Njengoba umvuthwandaba womshado wasezulwini usondela, yini okufanele sonke siyenze?
21 Okwamanje, izigidi ziyabusiswa ngokusabela enkonzweni yensali yomlobokazi enciphayo. Ngaphambi kokuba bonke bayiqede inkambo yabo yasemhlabeni ngokufa, ukubhujiswa kombuso wezwe wenkolo yamanga oyisifebe kuyophawula ukuqala ‘kosizi olukhulu olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe.’ Isikhathi esisele sifushane. Uma ufuna ukusinda, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukugcina imiyalo yaphezulu! (Mathewu 24:14, 21; Marku 13:10; Luka 21:15; Johane 13:34) Imiyalo enjalo isebenza ngokukhethekile ezikhathini zethu ezibucayi. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi ungowensali yomlobokazi noma ‘ungowesixuku esikhulu’ sezimpelesi zakhe, qhubeka ulalela uJehova kube inkazimulo kuye nenjabulo yaphakade kuwe. Yeka ukuthi kuyoba kuhle kangakanani ngesixuku esikhulu, kakade esesibizwa ngokuthi singabangane bakaNkulunkulu, ukuba siqhubeke siphila njengoba uJehova ‘enza konke kube kusha’ futhi izinzuzo ezihlala njalo zigelezela ezigidini emhlabeni oyipharadesi!—IsAmbulo 21:5; 22:1, 2, 17.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Yiziphi izenzakalo ezivusa amadlingozi okumelwe zenzeke masinyane?
◻ Yini eqinisekisa ukuthi umshado wasezulwini uyophumelela ngokuphelele?
◻ UEliyezeri namakamela ayishumi bangaqhathaniswa nani?
◻ Obani namuhla abafana noRebeka nezimpelesi ezingamantombazana?
◻ Yini esiyifundayo ezenzakalweni eziholela emshadweni kaIsaka?