URebheka—Owesifazane Owesaba UNkulunkulu Osukumela Izinto
AKE sithi ubungakhethela indodana yakho umfazi. Ubungayikhethela owesifazane onjani? Kungadingeka abe naziphi izimfanelo? Ubungakhetha owesifazane omuhle, ohlakaniphile, onomusa, nokhuthele? Noma ubungaqala ngokubheka ezinye izimfanelo?
U-Abrahama wabhekana nale nselele. UJehova wayethembise ukuthi izibusiso zaziyogelezela enzalweni yakhe ngendodana yakhe u-Isaka. Njengoba siqala le ndaba, u-Abrahama usegugile, kodwa indodana yakhe ayikaganwa. (Genesise 12:1-3, 7; 17:19; 22:17, 18; 24:1) Njengoba u-Isaka ezojabulela izibusiso nomfazi asazotholelwa yena nabantwana abangase babazale, u-Abrahama ulungiselela ukutholela u-Isaka umfazi ofanelekayo. Ngokuyinhloko, kufanele abe inceku kaJehova. Njengoba engekho owesifazane onjalo eKhanani, lapho u-Abrahama ehlala khona, kufanele abheke kwenye indawo. Kugcinwa kukhethwe uRebheka. Utholakala kanjani? Ingabe ungowesifazane ongokomoya? Yini esingayifunda ngokucabangela isibonelo sakhe?
Ukufuna Owesifazane Ofanelekayo
U-Abrahama uthuma inceku yakhe endala kunazo zonke, cishe u-Eliyezeri. Uyithumela eMesophothamiya eqhelile ukuba iyokhethela u-Isaka umlobokazi ezihlotsheni zakhe ezingabakhulekeli bakaJehova kanye naye. Le ndaba ibaluleke kakhulu kangangokuthi u-Eliyezeri ufungiswa ukuthi ngeke akhethele u-Isaka umfazi ongumKhanani. Ukuligcizelela kuka-Abrahama leli phuzu kuyaphawuleka.—Genesise 24:2-10.
Esefike emzini wezihlobo zika-Abrahama, u-Eliyezeri uyisa amakamela akhe ayishumi emthonjeni. Ake ukubone ngamehlo engqondo lokhu! Kusebusuku, futhi u-Eliyezeri uyathandaza: “Bheka ngimi emthonjeni wamanzi, futhi amadodakazi abantu bomuzi ayaphuma ukuzokha amanzi. Okumelwe kwenzeke ukuthi intombi engizothi kuyo, ‘Ngicela wehlise imbiza yakho yamanzi ngiphuze,’ futhi ngempela ithi, ‘Phuza, futhi ngizophuzisa namakamela akho,’ leyo kube yiyo okumelwe uyabele inceku yakho, u-Isaka.”—Genesise 24:11-14.
Cishe njengoba bonke abesifazane bendawo bazi, ikamela elomile lingaphuza amanzi amaningi (amanzi angaba amalitha ayikhulu). Ngakho owesifazane othi angaphuzisa amakamela ayishumi kwakungadingeka azimisele ngempela ukukhandleka. Ukwenza lokho abanye bembuka kodwa bangaceli ukumsiza kunganikeza ubufakazi obuqinisekile bokuthi ukhuthele, uyabekezela, uthobekile futhi unenhliziyo enhle kubantu nasezilwaneni.
Kube sekwenzekani? “Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kwaphuma uRebheka, owayezalwa uBhetuweli indodana kaMilka umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, etshethe imbiza yamanzi. Le ntombi yayikhanga kakhulu, iyintombi ntó, . . . futhi yehlela emthonjeni yaqala ukugcwalisa imbiza yayo yamanzi, yayisikhuphuka. Ngaso leso sikhathi inceku yagijima yayihlangabeza, yathi: ‘Ngicela ungiphuzise kancane amanzi embizeni yakho.’ Yona yathi: ‘Phuza, nkosi yami.’ Ngemva kwalokho yayehlisela masinyane imbiza yayo esandleni sayo yayiphuzisa.”—Genesise 24:15-18.
Ingabe URebheka Uyafaneleka?
URebheka ungumzukulu ka-Abrahama, futhi ngaphandle nje kokuthi unguphuma langa sikothe, muhle nangaphakathi. Akakhwantabali lapho ekhuluma nomuntu angamazi, kodwa futhi akamjwayeli ngokweqile. Uyavuma lapho u-Eliyezeri emcela ukuba amphuzise amanzi. Kulindelekile lokho, njengoba kuwukubonisa inhlonipho. Kuthiwani ngengxenye yesibili yesivivinyo?
URebheka uthi: “Phuza, nkosi yami.” Kodwa akugcini lapho. URebheka uyaqhubeka: “Namakamela akho ngizowakhelela amanzi aze aqede ukuphuza.” Uthi uzokwenza okungaphezu kokungase kulindelwe ngokuvamile. Esukumela phezulu, ‘masinyane uthululela imbiza yakhe yamanzi emkhombeni wokuphuzela, ugijima ephindelela eya emthonjeni eyokha amanzi, aqhubeke ewakhelela wonke amakamela’ ale nceku. Uyisishingishane lapho esebenza. Ukulandisa kuthi: “Sonke lesi sikhathi lo muntu wayeyigqolozele [le ntokazi] emangele.”—Genesise 24:19-21.
Lapho ethola ukuthi le ntokazi ihlobene no-Abrahama, u-Eliyezeri uyakhothama abonge uJehova. Uyabuza ukuthi angayithola yini indawo emzini kayise ukuze yena nalabo ahamba nabo balale. URebheka uthi ikhona futhi ugijimela ekhaya nezindaba zokuthi kunezivakashi.—Genesise 24:22-28.
Ngemva kokulalela indaba ka-Eliyezeri, umfowabo kaRebheka, uLabani, noyise uBhetuweli, bayaqonda ukuthi uNkulunkulu uqondisa izinto. Impela, u-Isaka ukhethelwe uRebheka. Bathi: “Mthathe uhambe, makabe umkandodana yenkosi yakho, njengoba nje uJehova ekhulumile.” URebheka uzizwa kanjani ngale ndaba? Lapho ebuzwa ukuthi uzohamba ngaso leso sikhathi yini, uphendula ngegama elilodwa lesiHebheru, elisho ukuthi: “Ngizimisele ukuhamba.” Akaphoqelekile ukwamukela lesi sicelo somshado. U-Abrahama wakwenza kwacaca lokhu lapho ekhulula u-Eliyezeri esifungweni sakhe “uma lowo wesifazane engathandi” ukuhamba naye. Kodwa noRebheka uyakubona ukuqondisa kukaNkulunkulu kule ndaba. Ngakho, engapholisi maseko, uyahamba ekhaya ayoshada nendoda angakaze ayibone. Leso sinqumo asenza ngesibindi sibonisa ukholo olumangalisayo. Ngempela, kukhethwe umfazi okahle kakhulu!—Genesise 24:29-59.
Lapho ehlangana no-Isaka, uRebheka uyazigubuzela ebonisa ukuzithoba kwakhe. U-Isaka uyamthatha abe ngumkakhe, futhi akungabazeki ukuthi ngenxa yezimfanelo zakhe ezinhle, luvele lumgabhe u-Isaka uthando.—Genesise 24:62-67.
Amawele Abafana
URebheka uhlala engenabantwana iminyaka engaba ngu-19. Ekugcineni, ukhulelwa amawele, kodwa lapho ekhulelwe uyahlukumezeka, ngoba lezi zinsana ziyalwa esibelethweni zenze uRebheka ukuba akhale kuNkulunkulu. Singenza okufanayo nathi ezikhathini ezinzima ekuphileni kwethu. UJehova uyamuzwa uRebheka futhi umqinisa idolo. Uzoba unina wezizwe ezimbili, futhi “omdala uyokhonza omncane.”—Genesise 25:20-26.
Lawo mazwi akunakwenzeka ukuthi awukuphela kwesizathu esenza uRebheka athande kakhulu indodana yakhe encane, uJakobe. Laba bafana abefani. UJakobe ‘akasoleki,’ kodwa u-Esawu akeve engenandaba nezinto ezingokomoya kangangokuthi, ngesidlo esisodwa, uthengisela uJakobe ubuzibulo bakhe, ilungelo lakhe lokuzuza izithembiso zikaNkulunkulu. Ukushada kuka-Esawu nabesifazane ababili abangamaHivi kubonisa ukungazigqizi qakala—ngisho nokuzeyisa—izinto ezingokomoya nokubaluleka kwazo, futhi ngalokho ubangela abazali bakhe ukukhathazeka okukhulu.—Genesise 25:27-34; 26:34, 35.
Ukutholela UJakobe Isibusiso
IBhayibheli alisho ukuthi u-Isaka uyazi yini ukuthi u-Esawu kumelwe akhonze uJakobe. Kunoma ikuphi, bobabili uRebheka noJakobe bayazi ukuthi isibusiso kufanele siye kuJakobe. URebheka ugxuma ahlale lapho ezwa ukuthi u-Isaka ufuna ukubusisa u-Esawu lapho emhambisela isidlo senyamazane. Izimfanelo zakhe, zokwenza izinqumo ngokushesha nentshiseko yakhe, ezamenza wathandeka ebusheni bakhe usenazo namanje. ‘Uyala’ uJakobe ukuba amlethele amazinyane ezimbuzi amabili. Uzophekela umyeni wakhe isidlo azifelayo ngaso. UJakobe kumelwe-ke yena azenze u-Esawu ukuze athole isibusiso. UJakobe uyenqaba ukuzenza umfowabo. Nakanjani uyise uzolibamba leli cebo futhi amqalekise! URebheka uyaphikelela. Uthi: “Masibe phezu kwami isiqalekiso esibhekiswe kuwe, ndodana yami.” Ube esesipheka lesi sidlo, agqokise uJakobe njengo-Esawu, abese ethi makaye kuyise.—Genesise 27:1-17.
Akushiwo ukuthi kungani uRebheka enza kanje. Abaningi bayasilahla isenzo sakhe, kodwa iBhayibheli alisilahli, no-Isaka naye akasilahli lapho ethola ukuthi nguJakobe othole isibusiso. Kunokuba asilahle, u-Isaka ubusisa uJakobe nangokwengeziwe. (Genesise 27:29; 28:3, 4) URebheka uyazi ukuthi uJehova wabikezela ukuthini ngamadodana akhe. Ngakho uthatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi uJakobe uthola isibusiso okuyilungelo lakhe ukusithola. Ngokusobala, lokhu kuvumelana nentando kaJehova.—Roma 9:6-13.
UJakobe Uthunyelwa EHarana
Manje uRebheka ubhuntshisa amacebo ka-Esawu ngokuncenga uJakobe ukuba abaleke kuze kudlule ulaka lomfowabo. Ucela imvume ku-Isaka yokuba uJakobe ahambe, kodwa akayiphathi eyokuthi uhamba ngenxa yentukuthelo ka-Esawu. Kunalokho, ngokuhlakanipha, utshela umyeni wakhe ukuthi ukhathazeke ngokuthi uJakobe angase ashade nomKhanani uma engahambi. Lelo phuzu lanele ukwenza u-Isaka atshele uJakobe ukuba awugweme umshado onjalo futhi umthumela emkhayeni wakubo kaRebheka ukuze athole umfazi owesaba uNkulunkulu. Akukho ukulandisa okuthi uRebheka uphinde ambone yini uJakobe, kodwa izenzo zikaRebheka zisizuzisa kakhulu isizwe sakwa-Israyeli esiseza.—Genesise 27:43–28:2.
Lokho esikwaziyo ngoRebheka kumenza simthulele isigqoko. Wayemuhle kakhulu, kodwa ubuhle bakhe bangempela babusekuzinikeleni kwakhe kokwesaba uNkulunkulu. Yilokho kanye u-Abrahama ayekufuna kumalokazana. Cishe ezinye izimfanelo zakhe ezinhle zaba ngaphezu kwalokho u-Abrahama ayekulindele. Ukholo lwakhe nesibindi sokulandela isiqondiso sikaNkulunkulu, nentshiseko yakhe, ukuthobeka, nokungenisa kwakhe izihambi ngesandla esivulekile yizimfanelo bonke abesifazane abangamaKristu okufanele bazilingise. Lezi izimfanelo uJehova ngokwakhe azibhekayo kowesifazane oyisibonelo ngempela.