Ukushefa Kahle
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ASTRALIA
UMA umuntu echitha imizuzu emihlanu ngosuku eshefa futhi enza kanjalo iminyaka engu-50, uyobe esechithe izinsuku ezingu-63 zokuphila kwakhe eshefa! Abesilisa bazizwa kanjani ngalo mkhuba owenziwa mihla namalanga?
Ekuhloleni kwamuva okwenziwa ngokwethukela, abantu basho okulandelayo ngokushefa: “Angikuthandi.” “Ngiyakuzonda.” “Kungenye yezinhlekelele zokuphila.” “Yinto okumelwe uyigweme uma kungenzeka.” Uma amanye amadoda engakuthandi kangaka ukushefa, pho kungani ekwenza? Ake sifunde okwengeziwe ngokushefa. Mhlawumbe sizoyithola impendulo.
Ukusuka Ezimbazeni Uya Ezinsingweni Zokushefa Ezilahlwayo
Ungazicabanga ushefa ngezimbaza? Ngezinyo lenhlanzi ushaka? Mhlawumbe ngetshe elicijile? Abantu baye babonisa ubuhlakani obukhulu lapho bekhetha izinto zokushefa! EGibithe lamandulo abantu babesebenzisa insingo yokushefa eyenziwe ngethusi eyayifana nekhanda lembazo. Muva nje, ekhulwini le-18 nele-19, kwakhiqizwa lokho okwakwaziwa njengezinsingo ezingama-cutthroat, ngokuyinhloko eSheffield eNgilandi. Lezi zinsingo ezazigwediwe ezazivame ukuhlotshiswa kahle zazinesibambo esinomgodi wokugcina insingo ivaleleke ngokuphephile uma ingasetshenziswa. La mathuluzi kwakumelwe aphathwe ngokucophelela, futhi akungatshazwa ukuthi ukufunda ukuwasebenzisa kahle kwakuhilela ukusikeka nokopha. Kulabo ababeliqabuka, kumelwe ukuba kwakushaqisa ukusebenzisa leli thuluzi ngokokuqala ngqá. Nokho, ikhulu lama-20 leminyaka laletha impumuzo.
Ngo-1901 indoda yase-United States ebizwa ngokuthi uKing Camp Gillette yasungula insingo yokushefa ephephile ehambisana nokudla kwayo ongakulahla. Isu layo lemukelwa ngesasasa elikhulu futhi ekugcineni laholela ekusungulweni kwezinhlobonhlobo ezihlukene, ezihlanganisa izinsingo zokushefa ezinezibambo zegolide nesiliva. Intuthuko yamuva nje ihlanganisa izinsingo zokushefa ezilahlwayo, izinsingo zokushefa ezihamba ngambili noma zibe ntathu, nezinsingo zokushefa ezinamakhanda agobekayo, anqekuzayo.
Okungamelwe sikukhohlwe nakanjani yimishini yokushefa esebenza ngogesi, eyatholakala ngokokuqala ezitolo ngo-1931. Ukuphumelela nokuthandwa kwayo bekulokhu kwanda kancane kancane, kodwa abantu abaningi abafuna ukushefa kahle basakhetha izinsingo ezibukhali.
Ukuguquguquka Kwemibono Ngayo Emlandweni
Kusukela ezikhathini zasendulo isintu besilokhu siyigcina, sibuye siyigunde intshebe. Incwadi ethi Everyday Life in Ancient Egypt ithi abaseGibithe lasendulo “babengadumile ngokuba neziboya emzimbeni futhi babeziqhenya ngokuhlala kwabo beshefile, babesebenzisa izinsingo zokushefa ezenziwe kahle ababezigcina ezikhwameni zesikhumba.” Leli siko lingase libonise kahle ukuthi kungani isiboshwa esingumHeberu uJosefa kwadingeka ukuba sishefe ngaphambi kokuba siyovela phambi kukaFaro.—Genesise 41:14.
Abase-Asiriya babeyisizwe esinamadoda ayenobhebhenene bezintshebe. Ayezigabisa ngokunakekela izintshebe zawo, ethanda ukuzicwala ngendlela eyinkimbinkimbi, aziphothe futhi azihlele kahle.
Amadoda akwa-Israyeli wasendulo ayenezintshebe ezazigundwe ngokulinganisela, futhi ayesebenzisa insingo yokushefa ukuze azigcine zincwelwe kahle. Pho, wawuqonde ukuthini uMthetho kaNkulunkulu lapho uyala amadoda akwa-Israyeli ukuba ‘angadilingi amakhanda awo emaceleni’ noma ‘angoni izilevu zawo emaceleni’? Lona kwakungewona umthetho owawumelene nokugunda izinwele noma ukushefa intshebe. Kunalokho, wawuxwayisa ama-Israyeli ukuba angalingisi imikhuba engokwenkolo eyeqisayo yezizwe ezingamaqaba ezazingomakhelwane.a—Levitikusi 19:27; Jeremiya 9:25, 26; 25:23; 49:32.
Emphakathini wamaGreki asendulo, wonke amadoda ayenezintshebe ngaphandle kwamadoda asebukhosini, wona ayehlale eshefile. Kubonakala sengathi umkhuba wokushefa eRoma waqala ngekhulu lesibili B.C.E., futhi emakhulwini eminyaka ngemva kwalokho, ukushefa nsuku zonke kwaqhubeka kuwumkhuba.
Nokho, lapho kuwa uMbuso WamaRoma, ukuba nentshebe kwaphinde kwaba yinto ethandwayo, kwaqhubeka kanjalo iminyaka eyinkulungwane kwaze kwaba sengxenyeni yesibili yekhulu le-17, lapho ukushefa kwase kuyimfashini. Ukushefa kwaqhubeka kuyinto ethandwayo kulo lonke ikhulu le-18. Khona-ke, phakathi nekhulu le-19 kuya ngasekupheleni kwalo, izinto zagaya ngomunye umhlathi. Ngenxa yalokho, izithombe zikaC. T. Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, kanye nomKristu ayekhonza naye uW. E. Van Amburgh zibaveza benezintshebe ezigundwe kahle ezinesizotha futhi ezazifaneleka esikhathini sabo. Nokho, ekuqaleni kwekhulu lama-20, ukushefa kwaphinde kwaba yinto ethandwayo eye yaqhubeka emazweni amaningi kuze kube sosukwini lwethu.
Ingabe ungomunye wezigidi zalawo madoda asebenzisa insingo yokushefa ngokwenkambiso yemihla ngemihla umi phambi kwesibuko? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi ufuna ukukwenza ngaphandle kobuhlungu, ukopha nangempumelelo. Ukuze ukwazi ukukwenza lokho, ungase uthande ukucabangela ukusikisela okusebhokisini elinesihloko esithi “Amacebiso Okushefa Ngensingo.” Kungenzeka ukuthi kakade usuyawasebenzisa amanye ala macebiso. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi—kujabulele ukushefa kahle!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ethi Insight on the Scriptures, Umqulu 1, amakhasi 266 kuya ku-1021, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]
Amacebiso Okushefa Ngensingo
Incwadi ethi Men’s Hair inikeza ukusikisela okulandelayo uma ufuna ukushefa kahle ngensingo.b
1. Ukuthambisa intshebe yakho: Uma ufuna ukuyithambisa kahle intshebe sebenzisa amanzi ashisayo amaningi. Uma kunokwenzeka, shefa ngemva kokugeza, ngoba lokhu kunika amanzi isikhathi eside sokuthambisa intshebe.
2. Ukusebenzisa izinto ezigcotshwa ngaphambi kokushefa: Izinhlobo zensipho ezihlukahlukene, imikhiqizo esagwebu, okhilimu, nama-gel kufeza izinto ezintathu ezibalulekile. (1) Kugcina intshebe inomswakama, (2) ikhule kabusha futhi (3) kuthambisa isikhumba ukuze insingo ishelele kalula esikhunjeni. Khetha umkhiqizo okusebenzela kangcono. Usuke wayizama nje i-hair conditioner? Nayo iklanyelwe ukuthambisa intshebe.
3. Ukusebenzisa insingo okuyiyo ngendlela efanele: Insingo efanele yinsingo ebukhali. Izinsingo ezibuthuntu zingasilimaza isikhumba sakho. Shefa uye ngalapho izinwele zikhula zibheke ngakhona. Uma ushefa uphambane nokukhula kwezinwele ungase ubonakale ushefe kahle, kodwa lokhu kungase kubangele ukuba intshebe igundeke ngaphansi kwesikhumba futhi kungase kubangele ukuba ikhule enyameni ezungezile kunokuba ikhule ezimbotsheni zesikhumba. Ngokwemithombo ethile, imikhuba yokushefa ngokunganaki—eyenziwa abesilisa nabesifazane—ingase ibangele ukwanda kwamagciwane okuholela ekubeni neqwele.
4. Ukuvikela isikhumba ngemva kokushefa: Isikhathi ngasinye lapho ushefa, ususa ulwelwesi lwesikhumba olungabonakali, okushiya isikhumba sakho singavikelekile. Ngakho-ke, kubalulekile ukususa zonke izinsalela ebusweni bakho ngamanzi ahlanzekile—qala ngokusebenzisa amanzi afudumele, bese usebenzisa abandayo ukuze uvale izimbobo zesikhumba futhi usigcine sinomswakama. Uma uthanda, sebenzisa amafutha okuthambisa agcotshwa ngemva kokushefa ukuze uvikele isikhumba sakho futhi usigcine sisisha.
[Umbhalo waphansi]
b Lesi sihloko sikhuluma ngokushefa kwabesilisa. Emazweni amaningi nabesifazane bashefa izingxenye ezithile zemizimba yabo, ngakho nabo bangase bawathole ewusizo amanye amaphuzu okukhulunywa ngawo lapha.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 24]
Yini Intshebe?
Intshebe yizinwele ezimila ebusweni. Yakhiwa yi-keratin namaprotheni ahlobene nayo. I-keratin iyiprotheni elisamicu, elinesibabule elikhiqizwa umzimba womuntu nowezilwane futhi iyisakhi esiyisisekelo sezinwele, izinzipho, izimpaphe, izinselo nezimpondo. Intshebe iphakathi kwezinwele eziqine ukuzedlula zonke emzimbeni womuntu, kunzima ukuyinquma ngoba iqine njengocingo lwethusi olulingana nayo ngobukhulu. Kulinganiselwa ukuthi kunezinwele ezingu-25 000 ebusweni bowesilisa, futhi ngokwesilinganiso, zikhula ngesigamu semilimitha njalo ngemva kwamahora angu-24.
[Umthombo]
Men: A Pictorial Archive from Nineteenth-Century Sources/ Dover Publications, Inc.
[Izithombe ekhasini 24]
Ukushefa kunomlando oguquguqukayo
Abase-Asiriya
AbaseGibithe
AmaRoma
[Imithombo]
Museo Egizio di Torino
Photographs taken by courtesy of the British Museum