Benza Intando KaJehova
Ukuthethelela Kuvula Indlela Yensindiso
AMADODANA ayishumi kaJakobe ayemi phambi kukandunankulu waseGibithe ayenemfihlo esabekayo. Eminyakeni ethile ngaphambili ayethengisele uJosefa umfowabo ngomzali oyedwa ebugqilini, acebisana ukuba atshele uyise ukuthi uJosefa wayebulewe isilwane sasendle.—Genesise 37:18-35.
Manje, eminyakeni engaba ngu-20 kamuva, indlala enkulu yaphoqelela lawa madoda ukuba aye eGibithe ayothenga okusanhlamvu. Kodwa izinto azizange zihambe kahle. Undunankulu wakhona, owayekhonza nanjengomqondisi wokudla, wawasola ngokuthi ayizinhloli. Wavalela ejele eyodwa yawo futhi wayala amanye ukuba abuyele ekhaya ayolanda uthunjana wakubo, uBenjamini. Lapho esekwenzile lokho, lo ndunankulu wabopha uBenjamini ngecebo ayelakhile.—Genesise 42:1–44:12.
UJuda, omunye wamadodana kaJakobe, wamelana nalokho. Wathi: ‘Uma sibuyela ekhaya singenaye uBenjamini, ubaba uyokufa.’ Khona-ke, kwenzeka okuthile uJuda nabo bonke ayehamba nabo ababengakulindele. Ngemva kokuyala bonke ngaphandle kwamadodana kaJakobe ukuba baphumele ngaphandle, lo ndunankulu wakhihla isililo. Khona-ke, lapho esezolile, wathi: “NginguJosefa.”—Genesise 44:18–45:3.
Umusa Nokusindiswa
UJosefa wabuza abafowabo ngomzali oyedwa, wathi: “Ubaba usekhona na?” Abaphendulanga. Ngempela, abafowabo bakaJosefa babephelelwe amazwi. Ingabe kwakufanele bajabule noma besabe? Kakade, lapho besebancane ngeminyaka engu-20, babethengisele le ndoda ebugqilini. UJosefa wayenegunya lokubagquma ejele, ababuyisele ekhaya bengenakudla, noma—okubi nakakhulu—ababulale! Ngesizathu esizwakalayo, abafowabo bakaJosefa “babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.”—Genesise 45:3.
Ngokushesha uJosefa wenza la madoda akhululeka. Wathi: “Ake nisondele kimi.” Asondela. Wabe esethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe. Manje ningabi-buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.”—Genesise 45:4, 5.
Umusa kaJosefa awuzange uboniswe ngaphandle kwesizathu. Kakade wayesebone ubufakazi bokuphenduka kwabo. Ngokwesibonelo, lapho uJosefa esola abafowabo ngokuba izinhloli, wabezwa bekhuluma bebodwa bethi: “Impela sitholile icala ngomfowethu . . . Ngalokho lolusizi selufiké phezu kwethu.” (Genesise 42:21) Futhi uJuda wazijuba ukuba abe isigqila esikhundleni sikaBenjamini ukuze leyo nsizwa ibuyiselwe kuyise.—Genesise 44:33, 34.
Ngakho, uJosefa wayenesizathu esizwakalayo sokubonisa umusa. Ngokuqinisekile, waqaphela ukuthi ukwenza kanjalo kwakungaphumela ekusindisweni kwawo wonke umkhaya wakubo. Ngakho-ke, uJosefa watshela abafowabo ngomzali oyedwa ukuba babuyele kuyise, uJakobe, bafike bathi kuye: “Uthé uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeké inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali. Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube-seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho, ngikondlele khona.”—Genesise 45:9-11.
UJosefa Omkhulu
UJesu Kristu angabizwa ngokuthi uJosefa Omkhulu, ngoba kunokufana okuphawulekayo phakathi kwalawa madoda amabili. NjengoJosefa, uJesu waphathwa kabi abafowabo, enye inzalo ka-Abrahama. (Qhathanisa nezEnzo 2:14, 29, 37.) Nokho, izimo zawo womabili lawa madoda zashintsha ngokungavamile. Ngokuhamba kwesikhathi, isimo sikaJosefa sokuba isigqila sashintsha waba undunankulu, ongaphansi nje kukaFaro. Ngokufanayo, uJehova wamvusa uJesu kwabafileyo futhi wamphakamisela esikhundleni esiphakeme “esandleni sokunene sikaNkulunkulu.”—IzEnzo 2:33; Filipi 2:9-11.
Njengondunankulu, uJosefa wayenganikeza ukudla kuwo wonke umuntu ozothenga okusanhlamvu eGibithe. Namuhla, uJosefa Omkhulu unesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo anikeza ngaso ukudla okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45-47; Luka 12:42-44) Ngokuqinisekile, labo abeza kuJesu “ngeke besalamba noma bome . . . ngoba iWundlu, eliphakathi kwesihlalo sobukhosi, liyobelusa, futhi liyobaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila.”—IsAmbulo 7:16, 17.
Isifundo Esisifundayo
UJosefa unikeza isibonelo esivelele somusa. Ubulungisa obuqinile babuyokwenza kudingeke abajezise labo ababemthengisele ebugqilini. Ngokuphambene, uzwela lwawungamenza amane angasinaki isono sabo. UJosefa akazange enze nokukodwa kwalokhu. Kunalokho, wavivinya ukuphenduka kwabafowabo. Khona-ke, lapho ebona ukuthi ukudabuka kwabo kwakuqotho, wabathethelela.
Singamlingisa uJosefa. Lapho othile oye wasona ebonisa ukushintsha kwenhliziyo okuqotho, kufanele simthethelele. Yiqiniso, akufanele nanini sivumele uzwela lusenze singakuboni ukwenziwa kwesono esikhulu. Ngakolunye uhlangothi, akufanele sivumele intukuthelo isenze singaziboni izenzo zokuphenduka kwangempela. Ngakho ‘masiqhubekeni sibekezelelana futhi sithethelelana ngokukhululekile.’ (Kolose 3:13) Ngokwenza kanjalo, siyobe silingisa uNkulunkulu wethu, uJehova, “othethelelayo.”—IHubo 86:5; Mika 7:18, 19.