Ubukhosi BukaJehova NoMbuso KaNkulunkulu
“Ngobakho, Jehova, ubukhulu namandla nobuhle nokuhlonipheka nesithunzi . . . O Jehova, ngowakho umbuso.” —1 IZIKRONIKE 29:11.
1. Kungani uJehova ekufanelekela ukuba uMbusi wendawo yonke?
“UJEHOVA usimisé saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini ngokwawo; futhi ubukhosi bakhe bubusé phezu kwakho konke.” (IHubo 103:19) Ngalawo mazwi, umhubi waveza iqiniso eliyisisekelo ngokuqondene nobukhosi. Njengoba enguMdali, uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba uMbusi Ophakeme wendawo yonke.
2. UDaniyeli wakuchaza kanjani ukubusa kukaJehova ezulwini?
2 Yebo, inkosi yinkosi ngabantu. Ekuqaleni uJehova wayebusa izidalwa zakhe zomoya—waqala ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa kamuva kwaba uquqaba lwezingelosi. (Kolose 1:15-17) Ngemva kwamakhulu eminyaka, umprofethi uDaniyeli waboniswa kancane indawo yasezulwini. Wabika: “Ngaqhubeka ngibhekile kwaze kwaba nezihlalo zobukhosi ezibekwayo futhi oMdala Wezinsuku wahlala phansi. . . . Kwakukhona izinkulungwane eziyinkulungwane ezazilokhu zimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kwakhe.” (Daniyeli 7:9, 10) Izigidigidi zeminyaka uJehova, “oMdala Wezinsuku,” wengamela njengoMbusi phezu kwalo mkhaya wakhe omkhulu nohlelekile wamadodana omoya ayekhonza ‘njengezikhonzi’ ezenza intando yakhe.—IHubo 103:20, 21.
3. Ubukhosi bukaJehova badlulela kanjani endaweni yonke ebonakalayo?
3 Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wabandisa ubukhosi bakhe ngokudala indawo yonke ebonakalayo enkulu neyinkimbinkimbi, kuhlanganise nomhlaba. (Jobe 38:4, 7) Kumuntu obukele esemhlabeni, izindikimba zasezulwini zihamba ngendlela ehleleke nenembe kangangokuthi zibonakala zingadingi muntu ukuba aziqondise noma azilawule. Nokho, umhubi wathi: ‘UJehova wayala, zadalwa. Uzigcina zimi phakade, kuze kube nini nanini. Uniké isiqondiso, futhi ngeke sidlule.’ (IHubo 148:5, 6) UJehova ubelokhu esebenzisa ubukhosi bakhe ekuqondiseni nasekulawuleni okwenzeka ezulwini nasendaweni yonke ebonakalayo.—Nehemiya 9:6.
4. UJehova ubusebenzisa kanjani ubukhosi bakhe kubantu?
4 Lapho edala umbhangqwana wokuqala, uNkulunkulu wasebenzisa ubukhosi bakhe nangenye indlela. Ngaphandle kokunikeza abantu konke abakudingayo ukuze baphile ukuphila okunenjongo nokwanelisayo, uJehova wabanikeza nelungelo lokubusa zonke izilwane emhlabeni, kanjalo ephathisa abanye igunya. (Genesise 1:26-28; 2:8, 9) Ngakho, kusobala ukuthi ubukhosi bukaNkulunkulu abugcini nje ngokuba obuzuzisayo nobunomusa ezikhonzini zabo, kodwa futhi buzenza zizizwe zihloniphekile futhi zinesithunzi. Uma nje u-Adamu no-Eva babezithoba ebukhosini bukaJehova, babengaphila phakade ekhaya eliyipharadesi emhlabeni.—Genesise 2:15-17.
5. Yini esingayisho ngendlela uJehova abusa ngayo?
5 Konke lokhu kungasenza siphethe ngokuthini? Okokuqala, uJehova ubelokhu ebusa yonke indalo yakhe. Okwesibili, ubukhosi bukaNkulunkulu buyazizuzisa futhi buyazihlonipha izikhonzi zabo. Okokugcina, uma sizithoba futhi sisekela ubukhosi bukaNkulunkulu siyothola izibusiso ezingapheli. Yingakho inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yashukumiseleka ukuba ithi: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu namandla nobuhle nokuhlonipheka nesithunzi; ngoba konke okusemazulwini nokusemhlabeni kungokwakho. O Jehova, ngowakho umbuso, Wena oziphakamisayo njengenhloko phezu kwakho konke.”—1 IziKronike 29:11.
Kungani UMbuso KaNkulunkulu Udingeka?
6. Ubukhosi bukaNkulunkulu buhlobana kanjani noMbuso wakhe?
6 Njengoba uJehova, uMbusi Wendawo Yonke, ebelokhu ebusa futhi emkhulu, kungani kunesidingo soMbuso kaNkulunkulu? Ngokuvamile lapho inkosi ibusa iye isebenzise abantu abathile abayimelelayo ezikhonzini zayo. Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu uyindlela yokubonakalisa ubukhosi bakhe bendawo yonke ezidalweni zakhe—ithuluzi alisebenzisayo ukuze abuse.
7. Kungani uJehova amisa indlela entsha yokubonakalisa ubukhosi bakhe?
7 UJehova uye wabonakalisa ubukhosi bakhe ngezindlela ezingafani nangezikhathi ezihlukahlukene. Wamisa indlela entsha yokububonakalisa ngenxa yesenzakalo esithile esasisanda kwenzeka. Senzeka lapho uSathane, indodana kaNkulunkulu engumoya evukelayo, ephumelela ukuthonya u-Adamu no-Eva ukuba bahlubuke ebukhosini bukaJehova. Lokho kuhlubuka kwabekela ubukhosi bukaNkulunkulu inselele. Ngayiphi indlela? Ngokutshela u-Eva ukuthi ‘ngokuqinisekile wayengeke afe’ uma edla isithelo esenqatshelwe, uSathane wayesikisela ukuthi uJehova wayengenalo iqiniso, ngaleyo ndlela engenakwethenjwa. USathane waqhubeka wathi ku-Eva: “UNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” USathane wayesikisela ukuthi u-Adamu no-Eva babeyophila kangcono ngokungawulaleli umyalo kaNkulunkulu, bazenzele umathanda. (Genesise 3:1-6) Lokhu kwakubekela inselele ngokuqondile ukufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu. UJehova wayezokwenzenjani?
8, 9. (a) Umbusi ongumuntu angenzenjani lapho kuba nokuvukela embusweni wakhe? (b) Yini uJehova ayenza lapho kuba nokuvukela e-Edene?
8 Sicabanga ukuthi umbusi angenzenjani lapho kuba nokuvukela embusweni wakhe? Labo abazi umlando bangakhumbula izenzakalo ezithile ezinjalo. Kunokuba ayishalazele le ndaba, ngokuvamile umbusi—ngisho nonomusa—angakhipha isahlulelo kubavukeli, ababeke icala lokuvukela umbuso. Umbusi angabe esegunyaza othile ukuba aqede lawo mavukela-mbuso, abuyisele ukuthula. Ngokufanayo, uJehova wabonisa ukuthi wayesaziphethe izintambo lapho ethatha isinyathelo ngokushesha futhi ahlulela lezo zihlubuki. Wathi u-Adamu no-Eva babengasasifanelekeli isipho sokuphila phakade, futhi wabaxosha ensimini yase-Edene.—Genesise 3:16-19, 22-24.
9 Lapho ahlulela uSathane, uJehova wembula indlela entsha yokubonakalisa ubukhosi bakhe, ithuluzi ayeyobuyisela ngalo ukuthula nokuhleleka kuyo yonke indawo. UNkulunkulu wathi kuSathane: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:15) Kanjalo uJehova wembula ukuthi ‘kwakunenzalo’ ayezoyinika amandla okuchoboza uSathane namabutho akhe futhi ibonise ukufaneleka kobukhosi bukaJehova.—IHubo 2:7-9; 110:1, 2.
10. (a) Ngubani owaba ‘inzalo’? (b) UPawulu wathini ngokugcwaliseka kwesiprofetho sokuqala?
10 Leyo “nzalo” yaba uJesu Kristu kanye neqembu elikhethiwe lababusi abakanye naye. Bebonke bakha uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya. (Daniyeli 7:13, 14, 27; Mathewu 19:28; Luka 12:32; 22:28-30) Nokho, konke lokhu akuzange kwembulwe ngokushesha. Empeleni, ukuthi isiprofetho sokuqala sasiyogcwaliseka kanjani kwahlala ‘kuyimfihlo engcwele eyayigciniwe kungakhulunywa lutho ngayo izikhathi zaphakade.’ (Roma 16:25) Amakhulu eminyaka, amadoda okholo alangazelela isikhathi sokwembulwa kwale “mfihlo engcwele” nokugcwaliseka kwesiprofetho sokuqala, kulwelwe ubukhosi bukaJehova.—Roma 8:19-21.
“Imfihlo Engcwele” Yembulwa Kancane Kancane
11. Yini uJehova ayitshela u-Abrahama?
11 Njengoba isikhathi siqhubeka, uJehova wazembula kancane kancane izici ‘zemfihlo engcwele yombuso waKhe.’ (Marku 4:11) U-Abrahama, indoda eyabizwa ngokuthi “umngane kaJehova,” waba phakathi kwabantu uJehova abembulela le mfihlo. (Jakobe 2:23) Wathembisa u-Abrahama ukuthi ‘wayezokwenza isizwe esikhulu’ ngaye. Kamuva, uNkulunkulu wanikeza u-Abrahama ukwaziswa okwengeziwe: “Kuyophuma amakhosi kuwe” futhi “ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ngokuqinisekile ziyobusiswa.”—Genesise 12:2, 3; 17:6; 22:17, 18.
12. Inzalo kaSathane yazibonakalisa kanjani ngemva kukaZamcolo?
12 Ngesikhathi sika-Abrahama, abantu base beke bazama ukuzibusa. Ngokwesibonelo, nakhu okushiwo iBhayibheli ngoNimrode, isizukulwane sikaNowa: “Yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. Waba yiphisi elinamandla ngokumelene noJehova.” (Genesise 10:8, 9) Kusobala ukuthi uNimrode nabanye ababusi ababezibekile babelawulwa uSathane. Bona nabasekeli babo baba ingxenye yenzalo kaSathane.—1 Johane 5:19.
13. Yini uJehova ayibikezela esebenzisa uJakobe?
13 Injongo kaJehova iqhubekela phambili naphezu kwemizamo kaSathane yokumisa ababusi abangabantu. Ngomzukulu ka-Abrahama, uJakobe, uJehova wembula lokhu: “Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nobhoko lomyali phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike uShilo; futhi uyolalelwa izizwe zonke.” (Genesise 49:10) Elithi “Shilo” lisho ukuthi “Lowo Okungokwakhe.” Ngakho, la mazwi ayisiprofetho abonisa ukuthi kwakuzofika lowo onelungelo elingokomthetho lokuthola “intonga yobukhosi,” noma ubukhosi, kanye “nobhoko lomyali,” noma amandla okubusa “izizwe zonke” noma sonke isintu. Kwakuzoba ubani Lowo?
“Kuze Kufike UShilo”
14. Isiphi isivumelwano uJehova asenza noDavide?
14 Enzalweni kaJuda, umuntu wokuqala owakhethwa uJehova ukuba abuse abantu baKhe kwaba umalusi uDavide, indodana kaJese.a (1 Samuweli 16:1-13) Naphezu kokuthi uDavide wenza izono namaphutha, uJehova wambonisa umusa ngenxa yokuthi wayeqotho ebukhosini baKhe. Ekhanyisa isiprofetho sase-Edene ngokwengeziwe, uJehova wenza isivumelwano noDavide: “Ngokuqinisekile ngiyovusa inzalo yakho ngemva kwakho, eyophuma ezibilinini zakho; futhi impela ngiyowumisa uqine umbuso wayo.” Lokho kwakungeke nje kugcine ngoSolomoni, indodana yakhe eyamlandela esihlalweni, ngoba isivumelwano sathi: “Ngokuqinisekile ngiyosimisa siqine isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube nini nanini.” Leso sivumelwano sikaDavide sacacisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi “inzalo” yoMbuso ethenjisiwe yayiyovela emndenini kaDavide.—2 Samuweli 7:12, 13.
15. Kungani umbuso wakwaJuda wawungase ubhekwe njengomfuziselo woMbuso kaNkulunkulu?
15 Uhlanga lwamakhosi ayegcotshwa umpristi ophakeme ngamafutha angcwele lwaqala ngoDavide. Ngakho, la makhosi ayengase abizwe ngokuthi angabagcotshiwe, noma omesiya. (1 Samuweli 16:13; 2 Samuweli 2:4; 5:3; 1 AmaKhosi 1:39) Kwakuthiwa ahlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova futhi amelele uJehova eJerusalema. (2 IziKronike 9:8) Ngalowo mqondo, umbuso wakwaJuda wawumelela uMbuso kaNkulunkulu, uwukubonakaliswa kobukhosi bukaJehova.
16. Yaba yini imiphumela yokubusa kwamakhosi akwaJuda?
16 Lapho inkosi nabantu bezithoba ebukhosini bukaJehova, babethola isivikelo nesibusiso sakhe. Ukubusa kukaSolomoni ikakhulu kwaba yisikhathi sokuthula nokuchuma okungenakuqhathaniswa, kwabonisa amazwibela ayisiprofetho esikhathi sokubusa koMbuso kaNkulunkulu lapho ithonya likaSathane liyobe seliqedwe ngokuphelele futhi ubukhosi bukaJehova sebulwelwe. (1 AmaKhosi 4:20, 25) Ngokudabukisayo, iningi lamakhosi ohlu lukaDavide alizange liphile ngokuvumelana nezimfuneko zikaJehova futhi abantu baqala ukukhulekela izithombe nokuziphatha kabi. Ekugcineni, uJehova wavumela ukuba lo mbuso ubhujiswe abaseBhabhiloni ngo-607 B.C.E. Kwabonakala sengathi uSathane wayephumelele emzamweni wakhe wokuthunaza ubukhosi bukaJehova.
17. Yini ebonisa ukuthi uJehova wayesabusa ngokugcwele naphezu kokugumbuqelwa kombuso wohlu lozalo lukaDavide?
17 Ukugumbuqelwa kombuso wohlu lozalo lukaDavide—nokugumbuqelwa kwangaphambidlana kombuso wakwa-Israyeli wasenyakatho—kwakungabonisi ukuthi ubukhosi bukaJehova buyasilela noma buyehluleka, kodwa kwakufakazela imiphumela edabukisayo yethonya likaSathane neyokuzibusa kwabantu ngaphandle kukaNkulunkulu. (IzAga 16:25; Jeremiya 10:23) Ukuze abonise ukuthi wayesabusa, uJehova washo lokhu esebenzisa umprofethi uHezekeli: “Susa umshuqulo, ususe umqhele. . . . Ngizokwenza kube incithakalo, incithakalo, incithakalo. Nalokhu futhi, ngeke kube okwamuntu aze afike onelungelo elingokomthetho, ngikunike yena.” (Hezekeli 21:26, 27) La mazwi abonisa ukuthi yayisazofika ‘inzalo’ ethenjisiwe, ‘Lowo owayenelungelo elingokomthetho.’
18. Isiphi isimemezelo esenziwa yingelosi uGabriyeli kuMariya?
18 Manje masiye onyakeni ka-2 B.C.E. Ingelosi uGabriyeli yathunyelwa kuMariya, incasakazi yaseNazaretha, umuzi waseGalile enyakatho yePalestina. Yathi: “Bheka! uzokhulelwa, ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu. Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wayo ngeke uphele.”—Luka 1:31-33.
19. Yisikhathi saziphi izenzakalo ezithakazelisayo esase sisondele?
19 Ekugcineni, sase sisondele isikhathi sokwembula “imfihlo engcwele.” Lowo oyinhloko ‘enzalweni’ ethenjisiwe wayesezovela. (Galathiya 4:4; 1 Thimothewu 3:16) USathane wayezomlimaza esithendeni. Kodwa leyo “nzalo” nayo yayiyolimaza uSathane ekhanda, imbhubhise nazo zonke izikhonzi zakhe. Yayiyofakazela nokuthi ngoMbuso kaNkulunkulu, wonke umonakalo oye wenziwa uSathane uyolungiswa, ubukhosi bukaJehova bulwelwe. (Hebheru 2:14; 1 Johane 3:8) UJesu wayeyokufeza kanjani lokhu? Wasishiyela siphi isibonelo okufanele sisilingise? Izimpendulo zale mibuzo sizozithola esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a USawule, umuntu wokuqala owakhethwa uNkulunkulu ukuba abuse u-Israyeli, wayengowesizwe sakwaBhenjamini.—1 Samuweli 9:15, 16; 10:1.
Ungachaza?
• Yini eyenza uJehova abe uMbusi wendawo yonke ofanelekayo?
• Kungani uJehova anquma ukumisa uMbuso?
• UJehova wayembula kanjani kancane kancane “imfihlo engcwele”?
• Yini ebonisa ukuthi uJehova wayesabusa ngokugcwele naphezu kokugumbuqelwa kombuso wohlu lozalo lukaDavide?
[Isithombe ekhasini 23]
Yini uJehova ayibikezela esebenzisa u-Abrahama?
[Isithombe ekhasini 25]
Kungani ukugumbuqelwa kombuso wohlu lozalo lukaDavide kungabonisi ukwehluleka kobukhosi bukaJehova?