-
Ukugqumisa Isidumbu—Ingabe Kuyafaneleka KumaKristu?INqabayokulinda—2002 | Mashi 15
-
-
Ukugqumisa Isidumbu—Ingabe Kuyafaneleka KumaKristu?
Lapho isizokufa, inzalamizi ethembekile uJakobe yenza lesi sicelo sokugcina: “Ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani.”—Genesise 49:29-31.
UJOSEFA wasihlonipha isicelo sikayise ngokuthi asebenzise inkambiso eyayivamile eGibithe ngaleso sikhathi. Wayala “izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise.” Ngokokulandisa okukuGenesise isahluko 50, odokotela basebenzisa izinsuku ezingu-40 njengokuvamile ukulungisa isidumbu. Ukugqunyiswa kukaJakobe kwavumela udwendwe olukhulu, olwaluhamba kancane, lwamalungu omkhaya nezikhulu zaseGibithe ukuba luhambe amakhilomitha angaba ngu-400 luyisa isidumbu sikaJakobe eHebroni siyongcwatshwa.—Genesise 50:1-14.
Kungenzeka yini ukuba isidumbu sikaJakobe esigqunyisiwe sitholakale ngolunye usuku? Mancane kakhulu amathuba alokho. Elakwa-Israyeli laliyindawo enamanzi amaningi, okwenza zilinganiselwe izinhlobo zezinto zakudala ezitholwa abavubukuli lapho. (Eksodusi 3:8) Ziningi izinto zakudala zetshe nezensimbi ezitholakele, kodwa iningi lezinto ezonakala kalula, njengendwangu, isikhumba, nezidumbu ezigqunyisiwe, alizange likwazi ukumelana nomswakama nokuwohlozwa ukuhamba kwesikhathi.
-
-
Ukugqumisa Isidumbu—Ingabe Kuyafaneleka KumaKristu?INqabayokulinda—2002 | Mashi 15
-
-
UJakobe wagqunyiswa abantu ababenezinkolelo ezingokwenkolo ezingafani nezakhe. Kodwa asinakukucabanga ukuthi uJosefa lapho enika odokotela isidumbu sikayise, wacela ukuba kwenziwe imithandazo nemikhuba okungenzeka yayihambisana nokugqumisa okuningi okwakwenziwa eGibithe ngaleso sikhathi. UJakobe noJosefa bobabili babengamadoda anokholo. (Heberu 11:21, 22) Nakuba ngokusobala kwakungayalezwanga nguJehova, ukulondolozwa kwesidumbu sikaJakobe akukhulunywa kabi ngakho emiBhalweni. Ukugqunyiswa kukaJakobe kwakungahloselwe ukuba kube yisibonelo sokulandelwa yisizwe sakwa-Israyeli noma ibandla lobuKristu. Empeleni, akukho ziyalezo eziqondile mayelana nale ndaba eZwini likaNkulunkulu.
-