Isahluko Sesihlanu
Inkululeko Ejatshulelwa Abakhulekeli BakaJehova
1, 2. (a) Hlobo luni lwenkululeko uNkulunkulu alunika umbhangqwana wokuqala ongabantu? (b) Yisho eminye yemithetho eyayiqondisa ukuphila kuka-Adamu no-Eva.
LAPHO uJehova edala indoda nowesifazane bokuqala, babejabulela inkululeko eyedlula kude leyo abantu abanayo namuhla. Ikhaya labo laliyiPharadesi, iNsimu enhle yase-Edene. Babejabulela ukuphila bengaphazanyiswa ukugula, ngoba babenezingqondo nemizimba ephelele. Babengalindelwe ukufa njengoba kuye kwaba njalo ngawo wonke umuntu kusukela ngaleso sikhathi. Futhi babengewona amarobhothi kodwa babenesipho esimangalisayo senkululeko yokuzikhethela, ikhono lokuzenzela izinqumo. Kodwa-ke, ukuze baqhubeke bejabulela leyo nkululeko emangalisayo, kwakufanele bahloniphe imithetho kaNkulunkulu.
2 Ngokwesibonelo, cabangela imithetho engokwemvelo ebekwe nguNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi le mithetho yayingashiwongo ngokuqondile, kodwa u-Adamu no-Eva babedalwe ngendlela yokuba bayilalele ngokuzenzakalelayo. Ukufisela kwabo ukudla kwakubenza badle; ukoma kwakubenza baphuze; ukushona kwelanga kwakusho isikhathi sokuyolala. UJehova wabanika nesabelo somsebenzi. Eqinisweni, leso sabelo sasiwumthetho ngoba sasiyoqondisa izenzo zabo. Kwakufanele bazale izingane, babuse phezu kwezinto eziningi eziphila emhlabeni, futhi bandise imingcele yePharadesi lize ligcwale imbulunga yonke. (Genesise 1:28; 2:15) Yeka ukuthi lowo kwakuwumthetho onomusa nozuzisa kangakanani! Wabanikeza umsebenzi owanelisa ngempela, wabavulela ithuba lokusebenzisa amakhono abo ngokugcwele ngezindlela ezizuzisayo. Babenanenkululeko eyanele yokwenza izinqumo ngokuthi babezosenza kanjani isabelo sabo. Yini enye ababeyiswele?
3. U-Adamu no-Eva babeyofunda kanjani ukuyisebenzisa ngokuhlakanipha inkululeko yabo yokwenza izinqumo?
3 Yiqiniso, lapho u-Adamu no-Eva benikezwa ilungelo lokwenza izinqumo, lokhu kwakungasho ukuthi noma yisiphi isinqumo abasenzayo sasiyoletha imiphumela emihle. Inkululeko yabo yokwenza izinqumo kwakufanele iqondiswe yimithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Babeyozazi kanjani lezo zimiso nemithetho? Ngokulalela uMenzi wabo nangokuqaphela imisebenzi yakhe. UNkulunkulu wanika u-Adamu no-Eva ukuhlakanipha ababekudinga ukuze basebenzise abakufundayo. Njengoba babedalwe bephelele, ukuthambekela kwabo okungokwemvelo kwakuyoba ukubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu lapho benza izinqumo. Yebo, babeyoqiniseka ukuthi bayakwenza lokho uma babekwazisa ngempela lokho uNkulunkulu ayebenzele kona futhi befuna ukumthokozisa.—Genesise 1:26, 27; Johane 8:29.
4. (a) Ingabe umyalo owanikwa u-Adamu no-Eva wokuba bangadli isithelo somuthi owodwa wawubaphuca inkululeko? (b) Kungani lokhu kwakuyimfuneko efanelekayo?
4 Khona-ke, kwakufanele ukuba uNkulunkulu akhethe ukuvivinya ukuzinikela kwabo kuye njengoMniki-kuphila wabo nokuzimisela kwabo ukuhlala endaweni ayebayale ngayo. UJehova wanika u-Adamu lo myalo: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Ngemva kokudalwa kuka-Eva, naye watshelwa ngalo mthetho. (Genesise 3:2, 3) Ingabe lo mthetho wawubaphuca inkululeko? Lutho neze. Babenenala yokudla okumnandi kwazo zonke izinhlobo ababengakudla ngaphandle kokudla isithelo salowo muthi. (Genesise 2:8, 9) Kwakufaneleka ukuba baqaphele ukuthi umhlaba ungokaNkulunkulu, ngoba nguye owawudala. Ngakho unelungelo lokushaya imithetho evumelana nenjongo yakhe nezuzisa isintu.—IHubo 24:1, 10.
5. (a) U-Adamu no-Eva yabalahlekela kanjani inkululeko enkulu ababenayo? (b) Yini eyathatha isikhundla senkululeko u-Adamu no-Eva ababeyijabulela, futhi thina siye sathinteka kanjani?
5 Kodwa kwenzekani? Ishukunyiswa isifiso sobugovu sokuvelela, ingelosi ethile yasebenzisa kabi inkululeko yayo yokuzikhethela futhi yaba nguSathane, okusho “uMphikisi.” Yakhohlisa u-Eva ngokumqinisekisa ngokuthi wayeyothola okuthile okuphambene nentando kaNkulunkulu. (Genesise 3:4, 5) U-Adamu wahlanganyela no-Eva ekweqeni umthetho kaNkulunkulu. Ngokuthatha okwakungekona okwabo, balahlekelwa yinkululeko yabo enkulu. Isono saba yinkosi yabo, futhi njengoba uNkulunkulu ayexwayisile, ekugcineni kwalandela ukufa. Badlulisela enzalweni yabo ifa eliyisono—esibonakala ngokuthambekela okungokwemvelo ekwenzeni okubi. Isono saletha nobuthakathaka obubangela izifo, ukuguga nokufa. Ukuthambekela ekwenzeni okubi, okwabhebhethekiswa yithonya likaSathane, kwaveza umphakathi wesintu onomlando wenzondo, ubugebengu, ukucindezela nezimpi eziye zabulala izigidi eziningi zabantu. Yeka indlela okwakuhluke ngayo enkululekweni uNkulunkulu ayeyinike isintu ekuqaleni!—Duteronomi 32:4, 5; Jobe 14:1, 2; Roma 5:12; IsAmbulo 12:9.
Lapho Inkululeko Ingatholakala Khona
6. (a) Ingatholakalaphi inkululeko yangempela? (b) Hlobo luni lwenkululeko uJesu ayekhuluma ngalo?
6 Ngenxa yezimo ezimbi ezikhona kuyo yonke indawo namuhla, akumangalisi ukuthi abantu balangazelela inkululeko ethé xaxa. Kodwa inkululeko yangempela ingatholakalaphi? UJesu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, futhi niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:31, 32) Le nkululeko akuyona leyo abantu abasuke benethemba lokuyithola lapho beketula umbusi othile noma uhulumeni bese bekhetha omunye. Kunalokho, le nkululeko ithinta umnyombo wezinkinga zesintu. UJesu wayekhuluma ngokukhululeka ebugqilini besono. (Johane 8:24, 34-36) Ngakho, uma umuntu eba umfundi weqiniso kaJesu Kristu, kuba noshintsho olukhulu ekuphileni kwakhe, athole inkululeko!
7. (a) Singakhululeka esonweni ngamuphi umqondo manje? (b) Ukuze sibe naleyo nkululeko, yini okumelwe siyenze?
7 Lokhu akusho ukuthi amaKristu eqiniso awasayizwa imiphumela yokuthambekela okungokwemvelo ekuziphatheni okunesono. Njengoba ezuze isono njengefa, asashikashikeka ngenxa yaso. (Roma 7:21-25) Kodwa-ke, uma ngempela umuntu ephila ngokuvumelana nezimfundiso zikaJesu, ngeke esaba yisigqila sesono. Isono ngeke sisaba njengomashiqela oshaya imithetho okumelwe umuntu ayilandele engathandabuzi. Ngeke esabanjwa yindlela yokuphila engenanjongo, emshiya enonembeza onecala. Uyojabulela unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu ngenxa yokuthi izono zakhe zangaphambili zithethelelwe ngesisekelo sokholo lwakhe emhlatshelweni kaKristu. Ukuthambekela kwesono kungase kuzame ukuzibonakalisa ngamandla, kodwa uma engavumi ukuba kumlawule ngoba ekhumbula izimfundiso ezihlanzekile zikaKristu, ubonisa ukuthi isono asisambusi njengenkosi.—Roma 6:12-17.
8. (a) Iyiphi inkululeko esiyinikwa ubuKristu beqiniso? (b) Kufanele sibabheke kanjani ababusi bezwe?
8 Cabangela inkululeko esinayo njengamaKristu. Siye sakhululwa emiphumeleni yezimfundiso zamanga, ekugqilazweni yizinkolelo-ze nayisono. Amaqiniso amangalisayo ngesimo sabafileyo novuko aye asikhulula ekwesabeni ukufa ngokungenangqondo. Ukwazi ukuthi maduzane ohulumeni babantu abangaphelele bazothathelwa indawo uMbuso kaNkulunkulu onokulunga kuyasikhulula ekuphelelweni yithemba. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10) Nokho, inkululeko enjalo ayisiniki igunya lokwedelela iziphathimandla zikahulumeni nemithetho yazo.—Thithu 3:1, 2; 1 Petru 2:16, 17.
9. (a) UJehova usisiza kanjani ngothando ukuba sijabulele inkululeko enkulu abantu abangase babe nayo manje? (b) Singazenza kanjani izinqumo ezihlakaniphile?
9 UJehova akasiyeki singene ezinkingeni kuqala ukuze sifunde ukuthi iyiphi indlela yokuphila engcono kakhulu. Uyayazi indlela esenziwe ngayo, ukuthi yini esilethela ukwaneliseka kwangempela, nokuthi yini eyosizuzisa phakade. Uyayiqaphela imicabango nokuziphatha okungonakalisa ubuhlobo bomuntu naYe kanye nabanye abantu, mhlawumbe kuze kuvimbele lowo muntu ukungena ezweni elisha. Ngothando, uJehova usitshela zonke lezi zinto ngeBhayibheli nangenhlangano yakhe ebonakalayo. (Marku 13:10; Galathiya 5:19-23; 1 Thimothewu 1:12, 13) Khona-ke kukithi ukusebenzisa inkululeko yokuzikhethela esiyinikwe uNkulunkulu ukuze sinqume indlela esizosabela ngayo. Ngokungefani no-Adamu, uma siye sakulalela lokho iBhayibheli elisitshela kona, siyokwenza izinqumo ezihlakaniphile. Siyobonisa ukuthi into esiyikhathalela kakhulu ekuphileni kwethu ukuba nobuhlobo obuhle noJehova.
Ukufuna Olunye Uhlobo Lwenkululeko
10. Hlobo luni lwenkululeko abanye abangoFakazi BakaJehova abaye baluphishekela?
10 Ngezinye izikhathi intsha engoFakazi BakaJehova—kanye nabanye abantu asebekhulile—ingase ibe nomuzwa wokuthi ifuna olunye uhlobo lwenkululeko. Izwe lingase libonakale likhanga, futhi njengoba iqhubeka icabanga ngalo, siyaqina nesifiso sokwenza izinto ezingqubuzana nobuKristu ezithandwa yizwe. Abantu abanjalo bangase bangacebi ukusebenzisa izidakamizwa, ukuphuza ngokweqile, noma ukufeba. Kodwa baqala ukuzibandakanya nabathile abangewona amaKristu eqiniso, befuna ukwamukeleka kubo. Bangaze baqale nokulingisa indlela yabo yokukhuluma neyokuziphatha.—3 Johane 11.
11. Ngezinye izikhathi siyaye sivelephi isilingo sokwenza okungalungile?
11 Ngezinye izikhathi isilingo sokuhileleka ekuziphatheni okungqubuzana nobuKristu sivela kothile othi ukhonza uJehova. Kwakunjalo ngamanye amaKristu okuqala, futhi kungenzeka okufanayo osukwini lwethu. Abantu abanjalo ngokuvamile bafuna ukwenza izinto abanomuzwa wokuthi zizobajabulisa, kodwa lezi zinto zingqubuzana nemithetho kaNkulunkulu. Bakhuthaza abanye ukuba “bazijabulise.” ‘Bathembisa inkululeko, kuyilapho bona ngokwabo beyizigqila zokonakala.’—2 Petru 2:19.
12. Iyini imiphumela edabukisayo yokuziphatha okungqubuzana nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu?
12 Izithelo zalokho okuthiwa inkululeko zimbi ngaso sonke isikhathi, ngoba zisho ukungayilaleli imithetho kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ubulili obungekho emthethweni bungabangela usizi olungokomzwelo, izifo, ukufa, ukukhulelwa okungafunwa mhlawumbe nokuchitheka komshado. (1 Korinte 6:18; 1 Thesalonika 4:3-8) Ukudla izidakamizwa kungabangela ukuhluthuka, ukuphithana kolimi, ukungaboni kahle, isiyezi, nokuphazamiseka kokuphefumula, ukusangana nokufa. Kungabangela ukulutheka, okungase kuholele ebugebengwini ukuze umuntu asekele lo mkhuba. Ukuphuza ngokweqile kunemiphumela ethi ayifane. (IzAga 23:29-35) Abahileleka ekuziphatheni okunjalo bangase bacabange ukuthi bakhululekile, kodwa bathola sekwephuze kakhulu ukuthi bayizigqila zesono. Yeka ukuthi isono siyinkosi enonya kangakanani! Ukuzindla ngale ndaba manje kungasivikela ekubhekaneni nesimo esinjalo.—Galathiya 6:7, 8.
Umsuka Wezinkinga
13. (a) Yini ngokuvamile evusa izifiso eziholela ezinkingeni? (b) Ukuze siqonde ukuthi ‘abangane ababi’ bangobani, sidinga umbono kabani? (c) Njengoba uphendula imibuzo esesigabeni 13, gcizelela umbono kaJehova.
13 Cabanga ukuthi ngokuvamile izinkinga ziqala kuphi. IBhayibheli liyachaza: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa isifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesivundile, sizala isono; isono, naso, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.” (Jakobe 1:14, 15) Lesi sifiso sivuswa yini? Yilokho okungena engqondweni. Ngokuvamile lokhu kuwumphumela wokuzihlanganisa nabantu abangazisebenzisi izimiso zeBhayibheli. Yiqiniso, sonke siyazi ukuthi kufanele sigweme “ukuzihlanganisa nababi.” (1 Korinte 15:33) Kodwa obani abangabangane ababi? UJehova uyibheka kanjani le ndaba? Ukuzindla ngemibuzo elandelayo nokubheka imibhalo ekhonjiwe kufanele kusisize sifinyelele eziphethweni ezifanele.
Ingabe iqiniso lokuthi abantu abathile babonakala behloniphekile lisho ukuthi bangabangane abahle? (Genesise 34:1, 2, 18, 19)
Ingabe ingxoxo yabo, mhlawumbe namahlaya abo, kungabonisa yini ukuthi kufanele sizibandakanye nabo? (Efesu 5:3, 4)
UJehova uzizwa kanjani uma sikhetha ukusondelana nabantu abangamthandi? (2 IziKronike 19:1, 2)
Nakuba singase sisebenze noma sifunde nabantu abangenazinkolelo ezifana nezethu, kungani kunesidingo sokuba siqaphe? (1 Petru 4:3, 4)
Ukubukela ithelevishini namabhayisikobho, ukusebenzisa i-Internet nokufunda izincwadi, omagazini namaphephandaba kuyizindlela zokuzihlanganisa nabanye. Hlobo luni lwezinto ezivela kule mithombo okufanele siziqaphele? (IzAga 3:31; Isaya 8:19; Efesu 4:17-19)
Abangane esibakhethayo bamtshelani uJehova ngohlobo lwabantu esiyilo? (IHubo 26:1, 4, 5; 97:10)
14. Iyiphi inkululeko enkulu elindele labo abasebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka manje?
14 Izwe elisha likaNkulunkulu lingaphambi nje kwethu. Ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, isintu siyokhululwa ethonyeni likaSathane naso sonke isimiso sakhe sezinto esibi. Kancane kancane, yonke imiphumela yesono iyosuswa esintwini esilalelayo, okuyophumela ekupheleleni kwengqondo nomzimba, ukuze sikwazi ukujabulela ukuphila okuphakade ePharadesi. Ekugcineni yonke indalo iyojabulela inkululeko evumelana ngokuphelele ‘nomoya kaJehova.’ (2 Korinte 3:17) Bekungaba nengqondo yini ukuzifaka engozini yokulahlekelwa yikho konke lokho ngenxa yokungasinaki iseluleko seZwi likaNkulunkulu manje? Ngokusebenzisa inkululeko yethu yobuKristu ngokuhlakanipha namuhla, kwangathi sonke singabonisa ngokucacile ukuthi siyayifuna ngempela ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:21.
Ingxoxo Yokubukeza
• Hlobo luni lwenkululeko olwalujatshulelwa umbhangqwana wokuqala ongabantu? Lokho kuhluke kanjani esimweni isintu esibhekana naso namuhla?
• Iyiphi inkululeko amaKristu eqiniso anayo? Lokhu kuhluke kanjani kulokho izwe elikubheka njengenkululeko?
• Kungani kubaluleke kangaka ukugwema ukuzihlanganisa nababi? Ngokungefani no-Adamu, yisinqumo sikabani esisamukelayo mayelana nokuthi yini embi?
[Izithombe ekhasini 46]
IZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo”