Ingabe Uyakwazisa Lokho UJehova Akwenzile Ukuze Akukhulule?
“Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngoba ubakhumbulile abantu bakhe futhi wabakhulula.”—LUKA 1:68.
1, 2. Singafanekiswa kanjani isimo esibucayi esibhekene naso, futhi imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?
AKE uzibone ngeso lengqondo ulele embhedeni wasesibhedlela. Usegumbini labantu abaphethwe isifo esisodwa, esibulalayo futhi okungakatholakali ikhambi laso. Lapho uzwa ukuthi udokotela usemkhankasweni wokuthola ikhambi laso, uzizwa unethemba. Ufisa ukwazi yonke into ngentuthuko yalo mkhankaso. Ngolunye usuku uzwa kuthiwa litholakele ikhambi! Udokotela obezama ukulithola uzidele kakhulu ukuze alithole. Ubuyozizwa kanjani? Ngokuqinisekile inhliziyo yakho ibiyochichima inhlonipho nokwazisa ngalo muntu ovule indlela yokuba wena nabanye abaningi nikhululwe ekufeni.
2 Leso simo singase sibonakale siyihaba, kodwa siyafana nalokho sonke esibhekene nakho. Ngamunye wethu usesimweni esibucayi kakhulu kunalesi esichazwe ngenhla. Simdinga kakhulu umkhululi. (Funda amaRoma 7:24.) Ukuze asikhulule, uJehova uye wazidela kakhulu. INdodana yakhe nayo iye yazidela kakhulu. Ngakho, ake sixoxe ngemibuzo emine eyisisekelo. Kungani sidinga ukukhululwa? Yini uJesu ayidela ukuze asikhulule? Yini uJehova ayidela ukuze asikhulule? Singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa lokhu uNkulunkulu akwenzile ukuze asikhulule?
Okwenza Sidinge Ukukhululwa
3. Isono sifana kanjani nesifo esiwubhadane?
3 Ngokwenhlolo-vo yamuva, isifo esiwubhadane esaba sibi kakhulu emlandweni wabantu umkhuhlane waseSpain wango-1918, owabulala amashumi ezigidi zabantu. Ezinye izifo ziyingozi nakakhulu. Nakuba zingase ziphathe abantu abambalwa, zibulala abaningi.a Nokho, kungani siqhathanisa isono nesifo esiwubhadane? Khumbula amazwi akumaRoma 5:12: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” Bonke abantu banesono. (Funda amaRoma 3:23.) Bangaki abantu abafa ngenxa yesono? UPawulu wabhala ukuthi isono sibulala ‘wonke umuntu.’
4. UJehova usibheka kanjani isikhathi esisiphilayo, futhi umbono wakhe uhluke kanjani kowabaningi namuhla?
4 Abaningi namuhla babheka isono nokufa njengezinto ezivamile. Bakhathazeka ngalokho abakubiza ngokuthi ukufa ngaphambi kwesikhathi, kodwa bathi ukufa okusinyonyobela ngokuguga “kuyimvelo.” Kulula kakhulu ngabantu ukuba bakhohlwe umbono woMdali. Ukuphila kwethu kufushane kakhulu kunalokho ayekuhlosile. Empeleni, ngokombono kaJehova akekho umuntu oseke waphila ngisho ‘nosuku olulodwa.’ (2 Pet. 3:8) Ngakho, iZwi likaNkulunkulu lithi ukuphila kwethu kufushane njengesikhathi sokukhula kotshani noma njengomoya okhishwa ngamakhala. (IHu. 39:5; 1 Pet. 1:24) Kudingeka sihlale sinalowo mbono. Ngani? Ngoba uma siwaqaphela amandla “esifo” esisiphethe, siyolazisa ngokwengeziwe “ikhambi”—ukukhululwa kwethu.
5. Isono sasilahlekisela ngani?
5 Ukuze siwaqonde amandla esono nemiphumela yaso, kumelwe sizame ukubona lokho esiye sakwenza kithi. Lokhu kungase kube nzima ekuqaleni ngoba isono sasilahlekisela ngokuthile esingakaze sikunambithe. Ekuqaleni, u-Adamu no-Eva babephelele. Njengoba babenengqondo nomzimba ophelele, babengakhetha ukulawula imicabango, imizwa nezenzo zabo. Ngaleyo ndlela, babengakwazi ukuthuthuka njengezinceku zikaJehova uNkulunkulu futhi bawasebenzise ngokugcwele amakhono abo. Kunalokho, basilahla leso sipho esiyigugu. Ngokukhetha ukona uJehova, balahlekisela bona nenzalo yabo uhlobo lokuphila uJehova ayebahlosele lona. (Gen. 3:16-19) Ngesikhathi esifanayo, bangenwa “isifo” esibi esisanda kuxoxa ngaso futhi bathelela nathi. UJehova wabalahla kufanele. Kodwa thina, usinikeza ithemba lokukhululwa.—IHu. 103:10.
Lokho UJesu Akudela Ukuze Sikhululwe
6, 7. (a) Kwasekuqaleni uJehova wabonisa kanjani ukuthi ukukhululwa kwakuyodinga lukhulu? (b) Yini esingayifunda emihlatshelweni eyenziwa u-Abela nezinzalamizi ezaphila ngaphambi kokuba kulotshwe uMthetho?
6 UJehova wayazi ukuthi kwakuyodingeka ukuzidela okukhulu ukuze akhulule inzalo ka-Adamu no-Eva. Esiprofethweni esilotshwe kuGenesise 3:15, sifunda ngalokho okwakuyodingeka ukuze sikhululwe. UJehova wayeyolungiselela ‘inzalo,’ umkhululi, ngelinye ilanga eyayiyobhubhisa uSathane ngokuphelele. Nokho, lowo mkhululi wayeyozwiswa ubuhlungu, alinyazwe esithendeni ngomqondo ongokomfanekiso. Lokhu kuzwakala kuyinxeba elikhubazayo, kodwa kusho ukuthini? Yini ngempela Okhethiweyo kaJehova okwakuyodingeka ayikhuthazelele?
7 Ukuze asindise isintu esonweni, umkhululi kwakuyodingeka enze indlela yokubuyisana phakathi kwesintu noNkulunkulu ngokuqeda imiphumela yesono. Lokho kwakuyohilelani? Kwasekuqaleni kwakunezinkomba zokuthi kwakuyodingeka umhlatshelo. Lapho umuntu wokuqala othembekile, u-Abela, enikela ngemihlatshelo yezilwane, uJehova wayamukela. Kamuva, izinzalamizi ezesaba uNkulunkulu njengoNowa, u-Abrahama, uJakobe noJobe zenza imihlatshelo efanayo, eyayijabulisa uNkulunkulu. (Gen. 4:4; 8:20, 21; 22:13; 31:54; Jobe 1:5) Ngemva kwamakhulu eminyaka, uMthetho KaMose wayicacisa ngokwengeziwe le ndaba yomhlatshelo.
8. Umpristi ophakeme wayenzani ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke?
8 Phakathi kwemihlatshelo ebaluleke kakhulu eyayifunwa uMthetho yileyo eyayinikelwa minyaka yonke ngoSuku Lokubuyisana. Ngalolo suku, umpristi ophakeme wayenza izinto ezihlukahlukene ezaziwumfuziselo. Wayenza imihlatshelo kuJehova ukuze kuthethelelwe izono—okokuqala izono zesigaba sabapristi, bese kuba ezezizwe ezingezona ezabapristi. Umpristi ophakeme wayengena eNgcwelengcwele yetabernakele noma yethempeli, okwakunguyena yedwa owayengangena lapho futhi kube ngalolo suku kuphela onyakeni. Lapho wayefafaza igazi lemihlatshelo phambi komphongolo wesivumelwano. Phezu kwalelo bhokisi elingcwele, kwakunefu elikhanyayo elalivela ngezikhathi ezithile, elalimelela ukuba khona kukaJehova uNkulunkulu.—Eks. 25:22; Lev. 16:1-30.
9. (a) NgoSuku Lokubuyisana, umpristi ophakeme wayefanekiselani, futhi imihlatshelo ayeyenza yayifanekiselani? (b) Ukungena kompristi ophakeme eNgcwelengcwele kwakumelelani?
9 Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba embule okwakufanekiselwa yilezo zinto. Wabonisa ukuthi umpristi ophakeme wayefanekisela uMesiya, uJesu Kristu, kanti ukunikela ngemihlatshelo kwakufanekisela ukufa kukaKristu okuwumhlatshelo. (Heb. 9:11-14) Lowo mhlatshelo ophelele wawuyokwenzela amaqembu amabili abantu ukubuyisana kwangempela—isigaba sabapristi sabafowabo bakaKristu abangu-144 000 abagcotshwe ngomoya kanye ‘nezinye izimvu.’ (Joh. 10:16) Lapho umpristi ophakeme engena eNgcwelengcwele, wayefanekisela ukungena kukaJesu ezulwini uqobo ukuze alethe kuJehova uNkulunkulu inani lomhlatshelo wesihlengo.—Heb. 9:24, 25.
10. Isiprofetho seBhayibheli sabonisani ngalokho uMesiya ayeyobhekana nakho?
10 Ngokusobala, kwakuyodingeka ukuzidela okukhulu ukuze kukhululwe inzalo ka-Adamu no-Eva. UMesiya kwakuyodingeka anikele ngokuphila kwakhe! Iziprofetho ezisemiBhalweni YesiHebheru zaliveza ngendlela ecacile leli qiniso. Ngokwesibonelo, umprofethi uDaniyeli washo ngokuqondile ukuthi “uMesiya uMholi” ‘wayeyonqunywa,’ noma abulawe, ukuze “kwenziwe isihlawulelo ngenxa yesiphambeko.” (Dan. 9:24-26) U-Isaya wabikezela ukuthi uMesiya wayeyodelelwa, ashushiswe futhi abulawe, noma ahlatshwe, ukuze athwale izono zabantu abangaphelele.—Isaya 53:4, 5, 7.
11. INdodana kaJehova yabonisa kanjani ukuthi izimisele ukuba umhlatshelo ukuze sikhululwe?
11 Ngaphambi kokuba ize emhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayazi ukuthi kwakuyodingekani ukuze sikhululwe. Kwakuzodingeka ihlupheke kakhulu bese ibulawa. Lapho uYise eyitshela lezi zinto, ingabe yahoxa noma yavukela? Cha, kunalokho yazithoba eziqondisweni zikaYise. (Isaya 50:4-6) Ngenkathi esemhlabeni, uJesu wayifeza ngokwethembeka intando kaYise. Kungani? Nansi enye impendulo yakhe: “Ngiyamthanda uBaba.” Enye yile: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Joh. 14:31; 15:13) Ngakho, ngokuyinhloko ukukhululwa kwethu sikuthola ngenxa yothando lweNdodana kaJehova. Nakuba alahlekelwa ukuphila kwakhe njengomuntu ophelele, wakujabulela ukukwenza lokhu ukuze sikhululwe.
Lokho UJehova Akudela Ukuze Sikhululwe
12. Isihlengo siyintando kabani, futhi kungani asilungiselela?
12 UJesu wayengeyena uMsunguli welungiselelo lomhlatshelo wesihlengo. Kunalokho, le ndlela yokukhulula yayiyisici esiyinhloko sentando kaJehova. Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi i-altare elalisethempelini, okwakwenzelwa kulo imihlatshelo, lalimelela intando kaJehova. (Heb. 10:10) Ngakho, ngokuyinhloko sikweleta uJehova ngokukhululwa esikuthola ngomhlatshelo kaKristu. (Luka 1:68) Uwukubonakaliswa kwentando yakhe ephelele nokothando olukhulu analo ngesintu.—Funda uJohane 3:16.
13, 14. Isibonelo sika-Abrahama singasisiza kanjani ukuba sazise lokho uJehova akwenza ngenxa yethu?
13 Yini uJehova ayidela ukuze abonakalise uthando lwakhe ngathi ngale ndlela? Kunzima ngathi ukuba sikuqonde. Nokho, iBhayibheli linokulandisa okusenza siyiqonde kangconywana le ndaba. UJehova wacela indoda ethembekile u-Abrahama ukuba yenze into enzima kakhulu—ukuba anikele ngendodana yakhe, u-Isaka, njengomhlatshelo. U-Abrahama wayengubaba onothando. UJehova wabiza u-Isaka ngokuthi ‘indodana yakhe okuwukuphela kwayo ayithanda kakhulu.’ (Gen. 22:2) Noma kunjalo, u-Abrahama wabona ukuthi ukwenza intando kaJehova kwakubaluleke ngaphezu kothando lwakhe ngo-Isaka. U-Abrahama walalela. Nokho, uJehova akazange amvumele ukuba enze lokho Yena ngokwakhe ayeyokwenza ngolunye usuku. Wathumela ingelosi ukuba imvimbe ngaphambi nje kokuba anikele ngendodana yakhe. U-Abrahama wayezimisele kakhulu ukulalela uNkulunkulu kulolu vivinyo olunzima kangangokuthi wayeqiniseka ukuthi ukuphela kwendlela ayeyophinde ayibone ngayo le nsizwa yayiwukuba ivuswe. Kodwa wayekholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu wayeyoyivusa. Ngempela, uPawulu wathi u-Abrahama wemukela u-Isaka evela kwabafileyo “ngendlela engokomfanekiso.”—Heb. 11:19.
14 Ungacabanga nje ngobuhlungu u-Abrahama ayebuzwa ngenkathi elungiselela ukunikela ngendodana yakhe? Ngomqondo othile, okwenzeka ku-Abrahama kusisiza sibone lokho uJehova akudela lapho enikela ngalowo ambiza ngokuthi “yiNdodana yami ethandekayo.” (Math. 3:17) Nokho, khumbula ukuthi ubuhlungu uJehova abuzwa cishe babubukhulu ngokwengeziwe. Yena neNdodana yakhe base bechithe izigidi ezingenakubalwa, mhlawumbe ngisho nezigidigidi zeminyaka ndawonye. Le Ndodana yayikujabulela ukusebenza noYise ‘njengesisebenzi esiyingcweti’ noMkhulumeli wakhe, “uLizwi.” (IzAga 8:22, 30, 31; Joh. 1:1) Kunzima kakhulu ngathi ukuba siqonde lokho uJehova abhekana nakho njengoba iNdodana yakhe ihlushwa, idelelwa futhi ibulawa njengesigebengu. UJehova wadela okuningi ngempela ukuze sikhululwe! Ngakho-ke, singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa lokhu kukhululwa?
Ungabonisa Kanjani Ukuthi Uyakwazisa Ukukhululwa?
15. UJesu wasifeza kanjani isenzo esikhulu sokubuyisana, futhi lokhu kwavula ithuba lani?
15 UJesu wafeza isenzo esikhulu sokubuyisana ngemva kokuvuselwa kwakhe ezulwini. Esephinde wahlangana noYise amthandayo, wamnika inani lomhlatshelo wakhe. Kwalandela izibusiso ezinkulu. Ukuthethelelwa ngokuphelele kwezono kwase kutholakala, okokuqala kwezono zabafowabo bakaKristu abagcotshiwe bese kuba ‘okwezwe lonke.’ Ngenxa yalowo mhlatshelo, namuhla bonke abaphenduka ngobuqotho ezonweni zabo futhi babe abalandeli bakaKristu bangempela bangaba nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu. (1 Joh. 2:2) Lokhu kusebenza kanjani kuwe?
16. Singayifanekisa kanjani indlela esikwazisa ngayo ukukhululwa esikulungiselelwe uJehova?
16 Ake siphindele emfanekisweni osekuqaleni. Ake sithi lo dokotela othola ikhambi lesifo uza ezigulini egumbini olele kulo afike athi: Noma isiphi isiguli esivuma ukwelashwa futhi senze njengoba siyaliwe, nakanjani siyokwelapheka. Kuthiwani uma eziningi zeziguli zisenqaba isiqondiso sikadokotela, zithi kuyoba nzima kakhulu ukuphuza imithi noma ukunamathela eziyalezweni zikadokotela? Ingabe nawe ubuyokwenza okufanayo, ngisho noma unobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi lelo khambi liyasebenza ngempela? Lutho neze! Akungabazeki ukuthi ubuyozwakalisa ukwazisa kwakho ngalelo khambi futhi unamathele eziqondisweni zikadokotela, mhlawumbe uze utshele nabanye ngesinqumo sakho. Ngokufanayo, ngamunye wethu kufanele abe magange ukubonisa uJehova ukuthi ukwazisa kangakanani ukukhululwa aye wakulungiselela ngomhlatshelo wesihlengo seNdodana yakhe.—Funda amaRoma 6:17, 18.
17. Ungabonisa ngaziphi izindlela ukuthi uyakwazisa lokho uJehova aye wakwenza ukuze akukhulule?
17 Uma sikwazisa lokho uJehova neNdodana yakhe abaye bakwenza ukuze basikhulule esonweni nasekufeni, sizokubonisa ngezenzo. (1 Joh. 5:3) Sizolwa nokuthambekela kwethu esonweni. Ngeke nanini sisenze umkhuba isono futhi siphile ukuphila okumbaxa-mbili kobuzenzisi okuvame ukuhambisana nako. Inkambo enjalo iyofana nokuthi sithi asisazisi nhlobo isihlengo. Kunalokho, siyobonisa ukwazisa kwethu ngokulwa kanzima ukuze sihlale sihlanzekile emehlweni kaNkulunkulu. (2 Pet. 3:14) Siyokubonisa ngokuhlanganyela nabanye ithemba lethu elihle lokukhululwa ukuze nabo babe nokuma okuhle noJehova kanye nethemba lekusasa laphakade. (1 Thim. 4:16) Ngokuqinisekile uJehova neNdodana yakhe bakufanelekela ngokuphelele ukuba sinikele kubo sonke isikhathi namandla ethu ekubadumiseni! (Marku 12:28-30) Cabanga nje! Singabheka phambili esikhathini lapho siyophulukiswa ngokuphelele esonweni. Singaphila njengoba nje uNkulunkulu ayehlosile, siphelele, phakade—konke lokhu kungenzeka ngenxa yalokho uJehova aye wakwenza ukuze asikhulule!—Roma 8:21.
[Umbhalo waphansi]
a Kuthiwa umkhuhlane waseSpain waphatha abantu abangaba ingxenye yesihlanu kuya kwabangaphezu kwengxenye yabantu abasemhlabeni wonke. Kungenzeka ukuthi leli gciwane labulala abantu abaphakathi kwephesenti elilodwa kuya kwayishumi labantu ababenalo. Ngakolunye uhlangothi, nakuba igciwane le-Ebola lingandile kangako, lapho liqubuka liye labulala abantu abangaba amaphesenti angu-90 balabo elabangena.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani ukudinga kakhulu ukukhululwa?
• Isenzo sikaJesu sokuzidela sikuthinta kanjani?
• Uzizwa kanjani ngesipho sikaJehova sesihlengo?
• Amalungiselelo uJehova akwenzela wona okukukhulula akushukumisela ukuba wenzeni?
[Isithombe ekhasini 27]
NgoSuku Lokubuyisana, umpristi ophakeme kwa-Israyeli wayemfanekisela kahle uMesiya
[Isithombe ekhasini 28]
Ukuzimisela kuka-Abrahama ukunikela ngendodana yakhe kusifundisa lukhulu ngokuzidela kukaJehova okukhulu nakakhulu