Indlela Isimiso Sethu Sonozungezilanga Esiyingqayizivele Esaba Khona Ngayo
ZININGI izici ezenza indawo isimiso sethu sonozungezilanga ekuyo ibe ingqayizivele. Siphakathi kwezingalo ezisazintandela ezikuyiMilky Way endaweni enezinkanyezi ezimbalwa nje. Cishe zonke izinkanyezi esikwazi ukuzibona ebusuku zikude kakhulu kangangokuthi zibonakala zingamachashazana nje okukhanya ngisho noma zibhekwa ngezibonakude ezinkulu kakhulu. Ingabe kufanele kube njalo?
Ukube isimiso sethu sonozungezilanga besingasenkabeni yeMilky Way, besiyolinyazwa ukuba phakathi kwezinkanyezi eziningi eziminyene. Ngokwesibonelo, cishe umzila woMhlaba ubuyophazamiseka, futhi lokho bekuyokuthonya kakhulu ukuphila kwabantu. Isimiso sonozungezilanga sibonakala sisendaweni ekahle kakhulu emthaleni ukuze kugwemeke le ngozi nezinye, njengokushisa okweqile lapho sidlula izikhatha zamagesi nokulinyazwa izinkanyezi eziqhumayo nezinye izinto ezinemisebe elimazayo.
Ilanga liyinkanyezi ekahle kakhulu endabeni yokunakekela izidingo zethu. Lishisa ngezinga elifanayo njalo, alipheli, alilikhulu kakhulu futhi alishisi ngokweqile. Iningi lezinkanyezi ezisemthaleni wethu zincane kakhulu kunelanga lethu futhi azikhanyi ngokwanele futhi azishisi ngokwanele ukuze ukuphila kuyiplanethi enjengomhlaba kuqhubeke. Ngaphezu kwalokho, izinkanyezi eziningi zihlangene nenye noma nezinye; zihlanganiswa amandla adonsela phansi futhi ziyazungezana. Kuhlukile ngelanga lethu ngoba lona lizimele lodwa. Cishe isimiso sethu sonozungezilanga besingeke sizinze ukube besiphazanyiswa amandla adonsela phansi amalanga amabili noma engeziwe.
Esinye isici esenza isimiso sethu sonozungezilanga sibe yingqayizivele yindawo amaplanethi amakhulukazi aqhelelene nelanga akuyo. La maplanethi azungeza ilanga emizileni ecishe ibe yizindilinga futhi amandla awo adonsela phansi awawaphazamisi amaplanethi anjengomhlaba.a Kunokuba abe usongo, la maplanethi ayavikela ngoba adonsa noma aziphephulele kude izinto eziyingozi. Encwadini yabo ethi Rare Earth—Why Complex Life Is Uncommon in the Universe, usosayensi uPeter D. Ward noDonald Brownlee bathi: “Amaplanethi amancane nezinkanyezi ezinomsila kuyasishayisa, kodwa akusishayisi kakhulu ngoba kukhona amaplanethi amakhulu egesi njengeJupiter ethe ukuqhela kithi.” Kuye kwatholakala ezinye izimiso zonozungezilanga ezinamaplanethi amakhulukazi. Kodwa iningi lawo linemizila ebingayilimaza iplanethi encane efana nomhlaba.
Umsebenzi Wenyanga
Kusukela endulo, inyanga iye yashiya isintu sikhexile. Iye yafaka abaqambi bezinkondlo nabaculi ugqozi. Ngokwesibonelo, umqambi wezinkondlo wasendulo ongumHebheru uchaza inyanga ngokuthi ‘imiswe yaqina kuze kube nini nanini, futhi ingufakazi othembekile esibhakabhakeni.’—IHubo 89:37.
Indlela ebalulekile inyanga ethonya ngayo ukuphila emhlabeni ukuthi amandla ayo adonsela phansi abangela ukukhuphuka nokwehla kwamagagasi. Kuthiwa ukuhamba kwamagagasi kubangela imisinga yolwandle, okuyiyona eyenza isimo sezulu sishintshashintshe.
Omunye umsebenzi wenyanga oyinhloko ukuthi amandla ayo adonsela phansi enza umhlaba uhlale utsheke ngesilinganiso esifanele njengoba uzungeza ilanga. Iphephabhuku lesayensi i-Nature lithi ngaphandle kwenyanga, ukutsheka komhlaba bekungashintsha ngemva kwesikhathi eside kusukela “cishe ku-0 [degrees] kuya ku-85 [degrees].” Cabanga nje ukuthi bekuyokwenzekani ukube umhlaba ubungatshekile! Besingeke sikwazi ukujabulela ukushintshashintsha kwezinkathi zonyaka futhi besiyontula imvula. Ukutsheka komhlaba kwenza nokuba kungashisi futhi kungabandi ngokweqile size singakwazi ukuqhubeka siphila. Isazi sezinkanyezi, uJacques Laskar, saphetha ngala mazwi: “Isimo sethu sezulu esihle sibangelwa yinto eyodwa eyisimanga: ukuba khona kweNyanga.” Ukuze yenze umsebenzi wayo wokugcina zonke izinto zisesimweni esifanele, inyanga yethu inkulu—empeleni ishiyana kancane nomhlaba ngobukhulu uma kuqhathaniswa nezinye izinyanga namaplanethi azo amakhulukazi.
Njengoba kwaphawula umbhali kaGenesise, incwadi yeBhayibheli endala, omunye futhi umsebenzi wesiphuphutheki somhlaba esingokwemvelo ukukhanyisa ebusuku.—Genesise 1:16.
Kwaba Khona Ngengozi Noma Kwaklanywa?
Kungachazwa kanjani ukubambisana kwezinto eziningi endaweni yonke okungagcini nje ngokwenza kuphileke emhlabeni, kodwa futhi kujabulise? Kubonakala sengathi zimbili kuphela izincazelo. Eyokuqala ukuthi zonke lezi zinto zamane nje zavela ngengozi. Eyesibili ukuthi zaklanywa.
Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, imiBhalo Engcwele yathi indawo yonke yaklanywa futhi yadalwa uMdali—uNkulunkulu uMninimandla onke. Uma kuyiqiniso lokho, kusho ukuthi izimo ezisesimisweni sethu sonozungezilanga zaklanywa ngenjongo, azivelanga ngengozi. UMdali wasinikeza umbiko ochaza izinyathelo azithatha ukuze enze sikwazi ukuphila emhlabeni. Kungase kukumangaze ukwazi ukuthi nakuba sekuyiminyaka engaba ngu-3 500 lo mbiko ukhona, izenzakalo zomlando wendawo yonke ezichazwe kulo mbiko ngokuyisisekelo zivumelana nalokho ososayensi abakholelwa ukuthi kumelwe ukuba kwenzeka. Lowo mbiko usencwadini yeBhayibheli uGenesise. Ake uzwe ukuthi ithini.
Ukulandisa KukaGenesise Ngokudalwa Kwezinto
“Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Amazwi okuqala eBhayibheli akhuluma ngokudalwa kwesimiso sethu sonozungezilanga, kuhlanganise neplanethi yethu, kanye nemithala eyakha indawo yonke enezinkanyezi eziyizinkulungwane zezigidi. NgokweBhayibheli, kwake kwaba nesikhathi lapho umhlaba “wawungenasimo, ungenalutho.” Ayengekho amazwekazi futhi ingekho indawo engalimeka. Kodwa amazwi alandelayo aqokomisa lokho ososayensi abathi kuyimfuneko ebalulekile ukuze iplanethi ibe nokuphila—amanzi amaningi. Umoya kaNkulunkulu ‘wawehla wenyuka ebusweni bamanzi.’—Genesise 1:2.
Ukuze amanzi aqhubeke ewuketshezi, kumelwe iplanethi iqhelelane ngebanga elifanele nelanga. U-Andrew Ingersoll, usosayensi wamaplanethi, uyachaza: “IMars ibanda ngokweqile, iVenus ishisa ngokweqile, kanti uMhlaba ukahle nje.” Kungokufanayo nangezimila; kumelwe zithole ukukhanya okwanele ukuze zikhule. Kuyaphawuleka ukuthi ukulandisa kweBhayibheli kubika ukuthi ngesikhathi uNkulunkulu esanda kuqala ukudala, wabangela ukuba ukukhanya kwelanga kukhanye ngalé kwamafu amnyama anomswakama ayegubuzele ulwandle kuhle ‘kwembeleko’ esonge umntwana.—Jobe 38:4, 9, IBhayibheli lesiZulu elivamile; Genesise 1:3-5.
Emavesini kaGenesise alandelayo, sifunda ukuthi uMdali wadala lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “umkhathi.” (Genesise 1:6-8) Lo mkhathi ugcwele amagesi akha umoya ozungeze umhlaba.
IBhayibheli libe selichaza ukuthi uNkulunkulu washintsha umhlaba ongenasimo wawenza waba nomhlabathi owomile. (Genesise 1:9, 10) Kusobala ukuthi wabangela ukuba ungqimba lomhlaba luqhephuke futhi lunyakaze. Lokho kwenza ukuba kwakheke imisele ejulile futhi amazwekazi aphume olwandle.—IHubo 104:6-8.
Esikhathini esidlule esingashiwongo, uNkulunkulu wadala ulwelwe oluncane kakhulu olwandle. Zisebenzisa amandla eziwathola elangeni, lezi zinto ezincane eziphilayo, eziziphindaphindayo nezinengqamuzana eyodwa zaqala ukuguqula isikhutha zasenza ukudla, ngesikhathi esifanayo kwakhiqizeka umoyampilo oya emoyeni. Le nqubo emangalisayo yenzeka ngejubane elikhulu phakathi nenkathi yesithathu yokudala ngesikhathi kudalwa izimila ezagcina zigcwele umhlaba wonke. Ngakho, umoyampilo waba mningi emoyeni, okuyinto eyayizokwenza kube lula ngezilwane nangabantu ukuqhubeka bephila bephefumula.—Genesise 1:11, 12.
Ukuze kumile izimila, uMdali wenza ukuba kube nezinhlobonhlobo zezilwanyana ezincane emhlabathini. (Jeremiya 51:15) Lezi zilwanyana ezincane zibolisa izinto ezifile, ziphilise izinto ezidingwa izitshalo ukuze zikhule. Izinhlobo ezikhethekile zama-bacteria asenhlabathini zimunca i-nitrogen emoyeni zenze izitshalo zikwazi ukuthola lesi sakhi ezisidingayo ukuze zikhule. Kuyamangaza ukuthi inhlabathi evundile ongayiphatha ngesandla ingase ibe nezilwanyana ezincane ezingaba izigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha!
UGenesise 1:14-19 uchaza ukudalwa kwelanga, inyanga nezinkanyezi ngenkathi yesine yokudala. Uma unganakile, lokhu kungase kubonakale sengathi kungqubuzana nencazelo yemiBhalo esisanda kuyithola. Nokho, khumbula ukuthi uMose, umbhali kaGenesise, wabhala ukulandisa kokudala ngokombono womuntu obuka esemhlabeni, njengokungathi kukhona umuntu owayekhona ngaleso sikhathi. Kusobala ukuthi ilanga, inyanga nezinkanyezi kwabonakala emkhathini ngaleso sikhathi.
Ukulandisa kukaGenesise kuthi ngenkathi yokudala yesihlanu kwadalwa izilwane zasolwandle. Izilwane eziphila ngaphandle kwamanzi kanye nomuntu kwadalwa ngenkathi yesithupha yokudala.—Genesise 1:20-31.
Umhlaba Wenzelwa Ukuba Abantu Bawujabulele
Ngokokulandisa kukaGenesise, awuboni yini ukuthi ukuphila emhlabeni kwenzelwa ukuba kujabulise? Awukaze yini uvuke ekuseni ubone ukuthi ilanga liphume kahle, uhogele umoya omnandi futhi uzizwe ujabule ngokuthi uyaphila? Mhlawumbe ngemva kwalokho wathi ukuhambahamba engadini wajabulela ubuhle bezimbali nephunga lazo elimnandi. Noma mhlawumbe wahambahamba ensimini yezithelo wakha isithelo esiconsisa amathe. Ubungeke uzijabulele lezi zinto ukube izinto ezilandelayo bezingekho: (1) amanzi amaningi emhlabeni, (2) isilinganiso esikahle sokushisa nokukhanya okuvela elangeni, (3) umoya ozungeze umhlaba, onengxube yamagesi afanele, kanye (4) nomhlabathi ovundile.
Zonke lezi zinto—ezingekho kuyiMars, kuyiVenus, nakwamanye amaplanethi angomakhelwane—azivelanga ngengozi. Zaklanywa ngobunyoninco ukuze ukuphila emhlabeni kujabulise. Isihloko esilandelayo sizobonisa ukuthi iBhayibheli libuye lithi uMdali waklama le planethi yethu enhle ukuba ihlale phakade.
[Umbhalo waphansi]
a IMercury, iVenus, uMhlaba neMars ngamaplanethi amane esimiso sethu sonozungezilanga asondelene nelanga. Amaplanethi amakhulukazi aqhelelene nelanga—iJupiter, iSaturn, i-Uranus neNeptune—akhiwe igesi ngokuyinhloko.
[Ibhokisi ekhasini 6]
“Uma mina njengesazi sokuma kwezwe ngingacelwa ukuba ngichazele kafushane abantu abangabelusi abaphansi, abafana nabantu okwakukhulunywa nabo eNcwadini KaGenesise, ukuthi ngokwemibono yethu yanamuhla umhlaba waba khona kanjani kuhlanganise nezinto ezikuwo, into engcono kakhulu engingayenza ukulandisa lokho okuchazwe esahlukweni sokuqala sikaGenesise.”—Isazi sokuma kwezwe uWallace Pratt.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
LISENDAWENI EKAHLE UKUZE LITADISHWE
Ukube ilanga belikwenye indawo emthaleni wethu, besingeke sikwazi ukuzibona kahle izinkanyezi ngendlela esizibona ngayo manje. Incwadi ethi The Privileged Planet iyachaza: “ISimiso Sethu Sonozungezilanga . . . sikude kakhulu nezindawo ezinothuli nokukhanya okukhulu, okwenza sizibone kahle izinkanyezi eziseduze kuhlanganise nendawo yonke ekude.”
Ngaphezu kwalokho, ubukhulu benyanga nebanga eqhele ngalo emhlabeni kuyisilinganiso esikahle kakhulu esenza ikwazi ukusitha ilanga ngokuphelele phakathi nenqubo ebizwa ngokuthi i-solar eclipse. Lezi zenzakalo ezingavamile ezikushiya ukhexile zenza izazi zezinkanyezi zikwazi ukufunda ngelanga. Lokho kufunda ngelanga kuye kwazisiza ukuba zikwazi ukuthola okuningi ngokuqondene nendlela izinkanyezi ezibenyezela ngayo.
[Isithombe ekhasini 5]
Isisindo senyanga sikhulu ngokwanele ukuba sigcine umhlaba utsheke ngokufanele
[Izithombe ekhasini 7]
Yini eyenza sikwazi ukuphila emhlabeni? Amanzi amaningi, isilinganiso esikahle sokukhanya nokushisa, umoya owuzungezile kanye nenhlabathi evundile
[Imithombo]
Globe: Based on NASA Photo; wheat: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.