U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezweni Elingamhloniphi UNkulunkulu
UDEVELI uyagomela ukuthi angabasusa bonke abantu kuNkulunkulu, futhi ngezinye izikhathi kumelwe ukuba kwakubonakala sengathi uyaphumelela. Iminyaka ecishe ibe ngamakhulu amahlanu ngemva kokufa kuka-Abela, kwakungekho muntu owayevelele njengenceku kaJehova ethembekile. Kunalokho, ukuziphatha kwesono nokungamhloniphi uNkulunkulu kwase kuyinsakavukela.
U-Enoke wayephila kuleyo nkathi yokuwohloka kwengokomoya. Ngokohlelo lwezikhathi zezenzakalo zeBhayibheli, wazalwa ngo-3404 B.C.E. Ngokungafani nabantu besikhathi sakhe, u-Enoke waba yindoda eyamukelekayo kuNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wambala phakathi kwezinceku zikaJehova ezazinokholo oluvelele, oluyisibonelo kumaKristu. Wayengubani u-Enoke? Yiziphi izinselele okwakuzodingeka abhekane nazo? Wabhekana kanjani nazo? Futhi ubuqotho bakhe bubaluleke ngani kithi?
Ngesikhathi sika-Enoshe, eminyakeni ecishe ibe amakhulu amane ngaphambi kwesikhathi sika-Enoke, “abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.” (Genesise 4:26) Igama laphezulu lalikade lisetshenziswa kusukela ekuqaleni komlando wesintu. Ngakho, ngokusobala lokho okwaqala lapho kuphila u-Enoshe kwakungekhona ukubizwa kukaJehova ngokholo nangokukhulekela kweqiniso. Ezinye izazi ezingamaHeberu zikholelwa ukuthi uGenesise 4:26 kufanele athi “baqala ukuhlambalaza” noma “ngaleso sikhathi ukuhlambalaza kwaqala.” Kungenzeka abantu babezibiza bona ngegama likaJehova noma bebiza abanye abantu ababethi basebenzisa bona ukuze bakhulekele uNkulunkulu. Noma mhlawumbe babebiza izithombe ngegama lakhe.
‘U-Enoke Wayehamba NoNkulunkulu’
Nakuba u-Enoke ayezungezwe ukungahlonishwa kukaNkulunkulu, “wayehamba noNkulunkulu,” uJehova. Akushiwo ukuthi oyisemkhulu—uSeti, u-Enoshe, uKhenani, uMahalalele noJarede—babehamba noNkulunkulu. Okungenani abahambanga naYe ngezinga u-Enoke enza ngalo, yena okusobala ukuthi indlela yakhe yokuphila yayimenza avelele kubo.—Genesise 5:3-27.
Ukuhamba noJehova kwakusikisela ukwazana nokusondelana eduze noNkulunkulu, okwakungenzeka kuphela ngoba u-Enoke ephila ngokuvumelana nentando yaphezulu. UJehova wayekwamukela ukuzinikela kuka-Enoke. Empeleni, i-Septuagint yesiGreki ithi “u-Enoke wayemjabulisa kahle” uNkulunkulu, okuwumqondo ovezwa nawumphostoli uPawulu.—Genesise 5:22; Heberu 11:5.
Into eyayiyinhloko ebuhlotsheni obuhle u-Enoke ayenabo noJehova kwakuwukholo lwakhe. Kumelwe ukuba wayebonisa ukholo ‘enzalweni’ ethenjisiwe ‘yowesifazane’ kaNkulunkulu. Uma ayemazi mathupha u-Adamu, u-Enoke wayengathola ukwaziswa okuthile mayelana nendlela uNkulunkulu ayesebenzelane ngayo nombhangqwana wokuqala ongabantu e-Edene. Ulwazi u-Enoke ayenalo ngoNkulunkulu lwamenza waba ngumuntu ‘omfuna ngobuqotho.’—Genesise 3:15; Heberu 11:6, 13.
Ku-Enoke nakithi, ukuba nobuhlobo obuhle noJehova kudinga okungaphezu nje kolwazi ngoNkulunkulu. Uma sikwazisa kakhulu ukusondelana nomuntu othile, akulona yini iqiniso ukuthi imibono yakhe ithonya imicabango nezenzo zethu? Siyawagwema amazwi noma izenzo ezingabona lobo bungane. Futhi uma sicabanga ukwenza ushintsho oluthile ezimweni zethu, asicabangi yini nokuthi lokho kungabuthinta kanjani lobo buhlobo?
Ngokufanayo, isifiso sokulondoloza ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu siyakuthonya lokho esikwenzayo. Kunemfuneko yokuba nolwazi olunembile lwalokho akuthandayo nangakuthandi. Kudingeka sibe sesiqondiswa yilolo lwazi, sizame ukumjabulisa ngemicabango nangezenzo.
Yebo, ukuze sihambe noNkulunkuklu, kumelwe simjabulise. Yilokho u-Enoke akwenza amakhulu eminyaka. Eqinisweni, isimo sesenzo sesiHeberu esibonisa ukuthi u-Enoke “wayehamba” noNkulunkulu sibonisa isenzo esiphindaphindwayo nesiqhubekayo. Enye indoda ethembekile ‘eyayihamba noNkulunkulu’ nguNowa.—Genesise 6:9.
U-Enoke wayengubaba wekhaya, enenkosikazi futhi wazala “amadodana namadodakazi.” Enye yamadodana akhe kwakunguMetushela. (Genesise 5:21, 22) Kumelwe ukuba u-Enoke wayenza konke ayengakwenza ukuze engamele kahle emzini wakhe. Nokho, njengoba ayezungezwe ukungahlonishwa kukaNkulunkulu, kwakungelula ngaye ukukhonza uNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi uLameka, uyise kaNowa, wayewukuphela komuntu owayebonisa ukholo kuJehova ngaleso sikhathi. (Genesise 5:28, 29) Nokho, u-Enoke waqhuba ukukhulekela kweqiniso ngesibindi.
Yini eyasiza u-Enoke ukuba ahlale ethembekile kuNkulunkulu? Ngokungangabazeki, wayengazihlanganisi nabahlambalazi begama likaJehova noma nabanye umkhulekeli kaNkulunkulu ayengenakuzihlanganisa nabo. Kumelwe ukuba ukufuna usizo lukaJehova nangomthandazo kwaqinisa ukuzimisela kuka-Enoke ukugwema noma yini eyayingase ithukuthelise uMdali wakhe.
Isiprofetho Sokubhujiswa Kwabangamhloniphi UNkulunkulu
Ukulondoloza izindinganiso eziphakeme kunzima lapho sizungezwe abantu abangamhloniphi uNkulunkulu. Kodwa ngaphezu kwalokho, u-Enoke wayisa isigijimi esingagwegwesi sokwahlulelwa kwababi. Eqondiswa umoya kaNkulunkulu, u-Enoke waprofetha wathi: “Bheka! UJehova wafika namashumi akhe ezinkulungwane angcwele, ukuzokhipha isahlulelo kubo bonke, nokubalahla ngecala bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngokuphathelene nazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu abazenza ngendlela yokungamhloniphi uNkulunkulu, nangokuphathelene nazo zonke izinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.”—Jude 14, 15.
Sasizoba namuphi umphumela leso sigijimi kwabangakholwa abonakele? Kunengqondo ukucabanga ukuthi amazwi anjalo antinyelayo amenza wangathandwa u-Enoke, mhlawumbe waklolodelwa, wahlekwa usulu futhi wasongelwa. Kumelwe ukuba abanye babefuna ukumvala umlomo unomphela. Nokho, u-Enoke akesabanga. Wayekwazi okwakwenzeke ku-Abela olungile, futhi njengaye, u-Enoke wayezimisele ukukhonza uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.
“UNkulunkulu Wamthabatha”
Ngokusobala u-Enoke wayesengozini eyayingaholela ekufeni lapho ‘uNkulunkulu emthabatha.’ (Genesise 5:24) UJehova akamvumelanga umprofethi wakhe othembekile ukuba ahlukunyezwe yizitha ezinesihluku esedlulele. Ngokomphostoli uPawulu, “u-Enoke wadluliswa ukuze angakuboni ukufa.” (Heberu 11:5) Abaningi bathi u-Enoke akafanga—bathi uNkulunkulu wamyisa ezulwini, lapho aqhubeka ephila khona. Nokho, uJesu washo ngokucacile: “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, iNdodana yomuntu.” UJesu ‘wayengumanduleli’ wabo bonke abakhuphukela ezulwini.—Johane 3:13; Heberu 6:19, 20.
Pho, kwenzekani ku-Enoke? ‘Ukudluliswa kwakhe ukuze angaboni ukufa’ kungase kusho ukuthi uNkulunkulu wambeka esimweni sokuprofetha engezwa lutho wayesenqamula ukuphila kwakhe ekuleso simo. Esimweni esinjalo, u-Enoke wayengeke abuzwe ubuhlungu bokufa. Ngemva kwalokho “akatholakalanga ndawo,” ngokusobala ngenxa yokuthi uJehova wasilahla isidumbu sakhe, njengoba enza kwesikaMose.—Duteronomi 34:5, 6.
U-Enoke waphila iminyaka engu-365—isikhathi esifushane kuneseningi labantu besikhathi sakhe. Kodwa into ebalulekile kubathandi bakaJehova ukuba bamkhonze ngokwethembeka kuze kube sekupheleni kokuphila kwabo. Siyazi ukuthi u-Enoke wakwenza lokho ngoba “ngaphambi kokudluliswa kwakhe wafakazelwa ukuthi wayemjabulise kahle uNkulunkulu.” ImiBhalo ayivezi ukuthi uJehova wamazisa kanjani lokhu u-Enoke. Nokho, ngaphambi kokuba afe, u-Enoke wanikwa isiqinisekiso sokuthi wayamukeleka kuNkulunkulu, futhi singaqiniseka ukuthi uJehova uyomkhumbula ovukweni.
Lingisa Ukholo Luka-Enoke
Singalulingisa ngokufanele ukholo lwabantu abahlonipha uNkulunkulu. (Heberu 13:7) U-Enoke wakhonza ngokholo njengomprofethi kaNkulunkulu wokuqala othembekile. Izwe lesikhathi sika-Enoke lalinjengelethu—linobudlova, lihlambalaza futhi lingamhloniphi uNkulunkulu. Nokho, u-Enoke wayehlukile. Wayenokholo lweqiniso futhi eyisibonelo ekuzinikeleni kokuhlonipha uNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi uJehova wamnika isigijimi esinzima sesahlulelo okwakufanele asimemezele, kodwa futhi wamqinisa ukuze asimemezele. U-Enoke wawufeza ngesibindi umsebenzi ayewuthunyiwe., futhi uNkulunkulu wamnakekela lapho ebhekene nokuphikisa kwezitha.
Uma sibonisa ukholo njengoba kwenza u-Enoke, uJehova uyosiqinisa ukuze simemezele isigijimi sakhe kulezi zinsuku zokugcina. Uyosisiza ukuze sibhekane ngesibindi nokuphikiswa, futhi ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu kuyosenza sihluke kakhulu kwabangamhloniphi uNkulunkulu. Ukholo luyosenza sikwazi ukuhamba noNkulunkulu futhi siziphathe ngendlela ethokozisa inhliziyo yakhe. (IzAga 27:11) Ngokholo, u-Enoke olungile waphumelela ekuhambeni noJehova ezweni elingamhloniphi uNkulunkulu, futhi nathi singaphumelela.
[Ibhokisi ekhasini 30]
Ingabe IBhayibheli Liyayicaphuna INcwadi Ka-Enoke?
INcwadi Ka-Enoke iwumbhalo ongekho ohlwini lwemiBhalo yesiHeberu futhi ongaziwa ukuthi wabhalwa ubani. Kushiwo ngokungeyikho ukuthi wabhalwa ngu-Enoke. Njengoba cishe wabhalwa phakathi nekhulu lesibili nelokuqala B.C.E., uyiqoqo lezinganekwane zamaJuda ezinehaba nezingezona ezingokomlando, ngokusobala ezavela ngenxa yokuchazwa okuningiliziwe kwendawo emfushane ekhuluma ngo-Enoke kuGenesise. Lokhu kukodwa kwanele ukwenza abathandi beZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe bawenqabe.
EBhayibhelini, yincwadi kaJude kuphela enamazwi esiprofetho sika-Enoke: “Bheka! UJehova wafika namashumi akhe ezinkulungwane angcwele, ukuzokhipha isahlulelo kubo bonke, nokubalahla ngecala bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngokuphathelene nazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu abazenza ngendlela yokungamhloniphi uNkulunkulu, nangokuphathelene nazo zonke izinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.” (Jude 14, 15) Izazi eziningi ziphikisa ngokuthi isiprofetho sika-Enoke ngokumelene nabantu besikhathi sakhe ababengamhloniphi uNkulunkulu sicashunwe ngokuqondile eNcwadini Ka-Enoke. Kungenzeka yini ukuba uJude wasebenzisa incwadi engekho ohlwini lwemiBhalo yesiHeberu nengenakwethenjelwa njengomthombo wakhe?
ImiBhalo ayivezi ukuthi uJude wasazi kanjani isiprofetho sika-Enoke. Kungenzeka wamane wacaphuna umthombo ovamile, indaba enokwethenjelwa eyadluliselwa isuka ezizukulwaneni ezikude. Ngokusobala uPawulu wenza okuthi akufane lapho ebiza uJane noJambre ngokuthi abenzi bemilingo abamelene noMose esigcawini sikaFaro. Uma umlobi weNcwadi Ka-Enoke ayekwazi ukuthola umthombo wasendulo onjengalona, singaphikelani ukuthi noJude wayengawuthola?a—Eksodusi 7:11, 22; 2 Thimothewu 3:8.
Ukuthi uJude wakuthola kanjani ukwaziswa okuphathelene nesigijimi sika-Enoke kwabangamhloniphi uNkulunkulu kuyinto engasho lutho. Ukwethembeka kwako kufakazelwa ukuthi uJude wabhala ephefumulelwe ngokwaphezulu. (2 Thimothewu 3:16) Umoya ongcwele kaNkulunkulu wamqondisa ukuba angasho lutho olungelona iqiniso.
[Umbhalo waphansi]
a Umfundi uStefanu naye wanikeza ukwaziswa okungatholakali ndawo emiBhalweni YesiHeberu. Kuphathelene nemfundo kaMose yaseGibithe, ukuthi wayeneminyaka engu-40 ubudala lapho ebaleka eGibithe, ukuthi wahlala iminyaka engu-40 kwaMidiyani nokuthi ingelosi yaba nendima ethile ekudluliseleni uMthetho KaMose.—IzEnzo 7:22, 23, 30, 38.
[Isithombe ekhasini 31]
U-Enoke wadlulisela isigijimi sikaJehova ngesibindi