Ingabe UNkulunkulu Usebenza Ngezindlela ‘Ezingaqondile’?
ISISHO SASEBRAZIL SITHI: “DEUS ESCREVE CERTO POR LINHAS TORTAS” (“UNkulunkulu ubhala okuyikho esebenzisa imigqa engaqondile”). Sisikisela ukuthi njalo uNkulunkulu wenza okulungile kodwa ngezinye izikhathi ukwenza ngendlela ebonakala ingalungile kumuntu. Ngokwesibonelo, lapho othile onobungqabavu efa, abaningi bathi, ‘UNkulunkulu umbizele ezulwini.’ Uma othile ekhubazeka emzimbeni noma ebhekana nosizi, abanye bathi, ‘Kuyintando kaNkulunkulu.’ Njengoba kusolwa uNkulunkulu ngale ndlela ngokufa, ngezinkinga ezingokomzimba nangezinye izinto ezidabukisayo, amazwi anjalo asikisela ukuthi uNkulunkulu ‘ubhala ngendlela engaqondile,’ wenza izinto ngendlela abantu abangenakuyiqonda.
Kungani abantu abaningi benkolo bekholelwa ukuthi nguNkulunkulu onecala ngokufa nobunzima? Lezi zinkolelo ngokuvamile zisekelwe ekuqondweni ngokungeyikho kwemibhalo ethile yeBhayibheli. Ake sibheke kafushane embalwa yayo.
● “Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?”—Eksodusi 4:11.
Ingabe lokhu kusho ukuthi kumelwe kusolwe uNkulunkulu ngabo bonke abakhubazeke ngezindlela ezihlukahlukene? Cha. Lokhu bekungeke kuvumelane nobuntu bukaNkulunkulu. IBhayibheli liyasitshela: “Yonke indalo kaNkulunkulu yinhle.” (1 Thimothewu 4:4) Akumelwe kusolwe yena uma othile ezalwa eyimpumputhe, eyisimungulu noma eyisithulu. Ufuna indalo yakhe ibe nezinto ezinhle zodwa, ngoba unguMthombo wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.”—Jakobe 1:17.
Ngabazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, abazikhethela ukuhlubuka kuNkulunkulu base belahlekelwa ukuphelela futhi ngaleyo ndlela bangabe besakwazi ukuzala izingane eziphelele. (Genesise 3:1-6, 16, 19; Jobe 14:4) Njengoba inzalo yabo ishada futhi iba nabantwana, ukungapheleli, kuhlanganise nomonakalo ongokomzimba, kwaqala ukubonakala ngokwengeziwe esintwini. Nakuba uJehova uNkulunkulu engazange akubangele lokhu, uye wakuvumela ukuba kwenzeke. Ngenxa yalokho, angakhuluma ngaye ngokwakhe ‘njengowenza’ isimungulu, isithulu nempumputhe.
● “Okuyisigwegwe akunakuqondiswa.”—UmShumayeli 1:15.
Ingabe nguNkulunkulu owenza izinto zagwegwa? Ngokusobala akuyena. UmShumayeli 7:29 uthi: “UNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.” I-Contemporary English Version ilibeka ngale ndlela leli vesi: “Sasithembeke ngokuphelele lapho uNkulunkulu esidala, kodwa manje sinezingqondo ezisontekile.” Kunokulalela izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga, ngokwengxenye enkulu, abesilisa nabesifazane baye bakhetha ngokuzithandela ukulandela amacebo, izinhlelo noma izindlela zabo—kwaphumela ekulimaleni kwabo.—1 Thimothewu 2:14.
Futhi, njengoba umphostoli uPawulu aphawula, ngenxa yesono sesintu, “indalo yabekwa ngaphansi kobuze.” (Roma 8:20) Futhi lesi simo ‘asinakuqondiswa’ ngemizamo yomuntu. Kungokungenela kwaphezulu kuphela lapho kuyosuswa khona zonke izigwegwe nobuze ezindabeni zasemhlabeni.
● “Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?”—UmShumayeli 7:13.
Ngamanye amazwi, iNkosi uSolomoni ibuza ukuthi: ‘Ngubani phakathi kohlanga lwesintu ongalungisa umonakalo nokungapheleli okuvunyelwa uNkulunkulu?’ Akekho, ngoba sikhona isizathu esenza uJehova uNkulunkulu avumele lezi zinto zenzeke.
Ngakho-ke, uSolomoni uyatusa: “Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.” (UmShumayeli 7:14) Kufanele umuntu alwazise usuku lapho izinto zihamba kahle futhi abonise ukwazisa kwakhe ngokuziphatha kahle. Kufanele abheke usuku oluhle njengoluyisipho esivela kuNkulunkulu. Kodwa kuthiwani uma usuku luletha usizi? Umuntu wenza kahle uma ‘eqonda,’ okungukuthi, uma eqaphela ukuthi uNkulunkulu uye wakuvumela ukuba kube nosizi. Kungani eye wenza kanjalo? USolomoni uthi: “Ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.” Kusho ukuthini lokhu?
Iqiniso lokuthi uNkulunkulu uvumela ukuba sibe nenjabulo futhi sibhekane nezinkathazo lisikhumbuza ukuthi asinakusho ukuthi ikusasa liphetheni. Usizi lungehlela kokubili abalungile nababi. Alukhethi. Lokhu kufanele kusenze siqaphele ukubaluleka kokunganciki kithi ngokwethu, kodwa kuNkulunkulu, sikhumbula ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Nakuba singase singaziqondi ezinye zezinto manje, singaqiniseka ukuthi ngemva kokuba konke sekwenzekile, lokho uNkulunkulu aye wakuvumela kuyobe kufeze injongo ewusizo kubo bonke abahilelekile.
Noma yini ayivumelayo ngeke iphumele emonakalweni ohlala njalo kwabalungile. Umphostoli uPetru wakwenza kwacaca lokhu lapho ephawula ngokuhlupheka okwakwehlela ayekholwa nabo ngesikhathi sakhe: “Ngemva kokuba senihluphekile isikhathi esincane, uNkulunkulu wawo wonke umusa ongafanelwe, owanibizela enkazimulweni yakhe emi phakade ebunyeni noKristu, yena ngokwakhe uyoqedela ukuqeqeshwa kwenu, uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla.”—1 Petru 5:10.
Isikhathi Sokuqondisa Izinto
UJehova usinika amandla okukhuthazelela izilingo zethu zamanje. Uthembisa nokwenza “zonke izinto zibe zintsha.” (IsAmbulo 21:5) Yebo, kuyinjongo yakhe ukuba ngokushesha uMbuso wakhe wasezulwini wenze labo abakhubazekile baphile futhi wengamele uvuko lwabafileyo. Lowo hulumeni uyosusa nalowo onezindlela ezingaqondile ngempela—uSathane uDeveli. (Johane 5:28, 29; Roma 16:20; 1 Korinte 15:26; 2 Petru 3:13) Yeka ukuthi kuyoba isibusiso kanjani kubantu abesaba uNkulunkulu kuwo wonke umhlaba lapho isikhathi sikaNkulunkulu sokuqondisa izinto sifika!
[Umthombo Wesithombe ekhasini 28]
Job Hearing of His Ruin/The Doré Bible Illustrations/Dover Publications