Dumisa INdodana, INxusa LikaJehova Eliyinhloko
“Ongayidumisi iNdodana akamdumisi noYise oyithumile.”—JOHANE 5:23, “NW.”
1. Ukukholelwa kweLobukholwa kuZiqu-zintathu kumhlambalaza kanjani uJesu?
NAMUHLA abaningi kweLobukholwa bazisholo ukuthi badumisa uJesu Kristu, kodwa benza okuphambene nalokho. Kanjani? Nokho, abaningi bathi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke, nokuthi uNkulunkulu, uMdali wezinto zonke, weza emhlabeni, waphila futhi wafa njengomuntu. Lokhu kuzisholo kuhlanganiswe emfundisweni kaZiqu-zintathu, eyimfundiso eyisisekelo yeLobukholwa. Kodwa uma uZiqu-zintathu engamanga, eqinisweni, uma uJesu emncane futhi engaphansi kukaNkulunkulu, ingabe lokhu kuhlanekezelwa kobuhlobo bakhe noNkulunkulu bekungenakumenza yini uJesu ukuba angajabuli? Ngempela, ubeyobheka ukuhlanekezelwa okunjalo njengokuyisihlamba kuye nakukho konke akufundisa.
2. ImiBhalo ikubonisa kanjani ngokucacile ukuthi uJesu ungomncane kunoNkulunkulu futhi ungaphansi kwakhe?
2 Iqiniso liwukuthi, uJesu akazange athi unguNkulunkulu, kodwa ngokuphindaphindiwe wayekhuluma ngaye ngokwakhe ngokuthi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu.’ Ngisho nezitha zakhe zakuvuma lokhu. (Johane 10:36; 19:7) UJesu wayehlala ekuqaphela ukuba aphakamise uBaba futhi azithobe kuYe, njengoba avuma: “INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. Mina ngingenze-lutho ngokwami . . . ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.” Futhi, wathi: “Ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.” Wathi futhi: “Ngafika ngivela kuNkulunkulu.” (Johane 5:19, 30; 7:28, 29; 8:42) UJesu akazange alokothe asikisele ukuthi wayenguNkulunkulu noma ukuthi wayelingana naye. Ngakho ukufundisa into enjalo kuyamhlambalaza uJesu.
Ezinye Izindlela Abanye Abamhlambalaza Ngazo UJesu
3. (a) Kungokuphikani ngokuqondene noJesu abanye kweLobukholwa beye bamhlambalaza? (b) Yibuphi ubufakazi uJesu abunikeza ngokuba khona kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu?
3 Ngokumangalisayo, kukhona abanye kweLobukholwa namuhla, abahlambalaza uJesu ngokuphika ukuthi wayekhona ngaphambi kokuba abe umuntu. Nokho, yilapho kuphela siqonda khona ukuthi uJesu wafika emhlabeni evela ezulwini ngokoqobo lapho singaqala khona ngokufanele ukumdumisa. UJesu ngokwakhe ngokuphindaphindiwe wathi wayekhona ngaphambi kokuba abe umuntu. Wathi: “Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.” Kamuva wathi: “Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini . . . Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?” Futhi wabuye wathi: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; . . . Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho uAbrahama, ngangikhona mina.” (Johane 3:13; 6:51, 62; 8:23, 58) UJesu futhi wabhekisela ebukhoneni bakhe ngaphambi kokuba abe umuntu lapho ethandaza kuYise wasezulwini ngobusuku bangaphambi kokukhashelwa kwakhe.—Johane 17:5.
4. (a) Iyiphi enye indlela abaningi abamhlambalaza ngayo uJesu? (b) Yibuphi ubufakazi okufanele bube obanele ekufakazeleni ukuthi uJesu wake waphila ngempela, futhi ngani?
4 Abanye kweLobukholwa badlulela ngisho nasekuphikeni ukuthi uJesu ungumuntu ongokomlando, ukuthi wake waphila njengomuntu. Ukuba akazange abe khona, besingeke sibe khona isizathu sokuxoxa ngokuthi kungani kufanele simdumise nokuthi singamdumisa kanjani. Nokho ubufakazi obuningi bokuzibonela obulondolozwe emiBhalweni kufanele bube obanele obukufakazela ngaphandle kokungabaza ukuthi uJesu waphila ngempela emhlabeni. (Johane 21:25) Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi njengoba amaKristu okuqala ngokuvamile ayefundisa ngoJesu ebeka ukuphila nenkululeko yawo engozini. (IzEnzo 12:1-4; IsAmbulo 1:9) Nokho, ngaphandle kwalokho abalandeli bakhe abakubhala ngaye, ingabe ubukhona bukaJesu bungafakazelwa?
5, 6. Ubufakazi obungokomlando, ngaphandle kobemiBhalo, bubonisani ngokuba khona kukaJesu Kristu?
5 INew Encyclopædia Britannica (1987) ithi: “Ukulandisa okuzimele kufakazela ukuthi ezikhathini zasendulo ngisho nabaphikisi bobuKristu abakaze bakungabaze ukuba ngokomlando kukaJesu.” Yikuphi okunye kwalokhu kulandisa okuzimele? Ngokwesazi esingumJuda uJoseph Klausner, kunobufakazi bemibhalo yokuqala yeTalmud. (Jesus of Nazareth, ikhasi 20) Kukhona nobufakazi besazi-mlando esingumJuda sekhulu lokuqala leminyaka uJosephus. Ngokwesibonelo, uchaza ukukhandwa ngamatshe kukaJakobe, embiza ngokuthi “umfowabo kaJesu owayebizwa ngokuthi uKristu.”—Jewish Antiquities, XX, [ix, 1].
6 Ngaphezu kwalokho, kunobufakazi bezazi-mlando zakuqala zamaRoma, ikakhulukazi obukaTacitus owayehlonishwa kakhulu. Ekuqaleni kwekhulu lesibili leminyaka wabhala ‘ngesigaba esasizondwa ngenxa yokwenyanywa kwaso, abantu ababesibiza ngokuthi amaKristu. UChristus [uKristu], elavela kuye igama elithi [ubuKristu], wabhekana nesijeziso esikhulu phakathi nokubusa kukaTiberiyu ezandleni zomunye wababusi bethu.’ (The Annals, XV, XLIV) Ebubheka njengobukhulu ubufakazi bokuthi uJesu wayengumuntu ongokomlando, umbhali oyisazi sefilosofi yemfundo yokuziphatha kwabantu ongumFulentshi wekhulu le-18 leminyaka, uJean-Jacques Rousseau, wafakaza: “Umlando kaSocrates, okungekho noyedwa olokothayo ukuwungabaza, awufakazelwa kahle kangako njengokaJesu Kristu.”
Izizathu Zokudumisa INdodana
7. (a) Yibuphi ubufakazi obungokomBhalo obusinika isibopho sokudumisa uJesu Kristu? (b) UJehova uye wayidumisa kanjani ngokwengeziwe iNdodana yakhe?
7 Manje siza endabeni yokudumisa uJesu Kristu. Ukuthi abalandeli bakhe banesibopho sokumdumisa kungabonakala emazwini akhe akuJohane 5:22, 23: ‘Ngokuba noYise kahluleli-muntu; ukuniké iNdodana konke ukwahlulela ukuba bonke badumise iNdodana, njengokuba bedumisa uYise. Ongayidumisi iNdodana akamdumisi noYise oyithumileyo.’ Kusukela ekuvusweni kukaKristu, uJehova uye wadumisa iNdodana yakhe ngisho nangezinga elikhulu kakhulu, ‘eyithwesa umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa.’ (Heberu 2:9; 1 Petru 3:22) Ngokuyisisekelo, sinezizathu zokudumisa uJesu kokubili ngenxa yalowo anguye nangenxa yalokho akwenzile.
8. Kungenxa yamaphi amaqiniso ayingqayizivele ngoJesu Kristu amenza afanelekele udumo?
8 UJesu Kristu ufanelwe udumo ngoba, njengoLogos, noma uLizwi, ungumkhulumeli kaJehova ophakeme. NgokwemiBhalo kuyacaca ukuthi isiqu esithi “uLizwi” sisebenza kuJesu ngaphambi kokuba eze emhlabeni nangemva kokuba esekhuphukele ezulwini. (Johane 1:1; IsAmbulo 19:13) KusAmbulo 3:14 ukhuluma ngaye siqu ngokuthi “ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu.” Akalona nje kuphela “izibulo lezidalwa zonke” kodwa ‘njengeNdodana ezelwe yodwa’ uyena kuphela owadalwa ngokuqondile uJehova uNkulunkulu. (Kolose 1:15; Johane 3:16) Ngaphezu kwalokho, “konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga-lutho kukho konke okuvelileyo.” (Johane 1:3) Ngakho-ke, lapho sifunda kuGenesise 1:26 ukuthi uNkulunkulu wathi, “Masenze abantu ngomfanekiso wethu,” lesosivumelwano esithi “ma-” sihlanganisa noLogos, noma uLizwi. Ngokuqinisekile, iqiniso lokuthi uJesu ebukhoneni bakhe bangaphambi kokuba abe umuntu wayenelungelo elihle lokuhlanganyela noJehova uNkulunkulu ekudaleni, limenza afanelekele udumo olukhulu.
9. Kungani siphetha ngokuthi uJesu unguMikayeli ingelosi enkulu, futhi uMikayeli wamdumisa kanjani uJehova ngokuqondene nomzimba kaMose?
9 Ngaphezu kwalokho uJesu Kristu ufanelwe udumo ngoba uyingelosi kaJehova eyinhloko (archangel, ngesiNgisi), okusho ingelosi enkulu. Kungani sifinyelela kulesosiphetho? Nokho, isiphongozo esithi “arch,” esisho “omkhulu” noma “oyinhloko,” sisikisela ukuthi yinye kuphela ingelosi enkulu. IZwi likaNkulunkulu likhuluma ngayo lapho libhekisela eNkosini evusiwe uJesu Kristu. Siyafunda: “INkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala.” (1 Thesalonika 4:16) Lengelosi enkulu inegama, njengoba sifunda kuJuda 9: “Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga-nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: INkosi mayikujezise.” Ngokungahambeli uJehova ngaphambili ngokwahlulela uDeveli, uJesu wadumisa uYise wasezulwini.
10. (a) UMikayeli uhola kanjani ekulweleni uMbuso kaNkulunkulu? (b) Iyiphi indima uMikayeli aba nayo ngokuqondene nesizwe sakwaIsrayeli?
10 UMikayeli ingelosi enkulu ulwela uMbuso kaNkulunkulu, ehola ekuhlanzeni amazulu ngokukhipha uSathane nesixuku sakhe samademoni. (IsAmbulo 12:7-10) Futhi umprofethi uDaniyeli uthi ‘umela abantu bakaNkulunkulu.’ (Daniyeli 12:1) Ngakho-ke, kuyabonakala ukuthi uMikayeli ‘uyingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi kaIsrayeli’ nokuthi uyena uNkulunkulu amsebenzisa ekuletheni abantu bakhe eZweni Lesithembiso. “Yiqaphele, ulalele izwi layo,” kuyala uNkulunkulu. “Ungayicunuli, . . . ngokuba igama lami likuyo.” (Eksodusi 14:19; 23:20, 21) Ngaphandle kokungabaza ingelosi enkulu kaJehova kumelwe ukuba yaba nesithakazelo esikhulu kubantu begama likaNkulunkulu abangokomfanekiso. Ngokufaneleke kakhulu yasiza enye ingelosi eyayithunyelwe ukuba iduduze umprofethi uDaniyeli, neyayiqamekelwe idemoni elinamandla. (Daniyeli 10:13) Ngakho-ke kungaba okunengqondo ukuphetha ngokuthi akunakuba enye ingelosi ngaphandle kwalengelosi enkulu uMikayeli eyabhubhisa amabutho angu-185 000 kaSaneheribi.—Isaya 37:36.
11. Kungenxa yokuphishekela yiphi inkambo yokuphila emhlabeni okwenza uJesu afanelekele ukuba simdumise?
11 UJesu Kristu akukhona nje ukuthi ufanelwe udumo ngenxa yalowo anguye kodwa futhi ufanelwe ukuba simdumise ngenxa yalokho akwenzile. Ngokwesibonelo, uwukuphela komuntu oke waphila ukuphila okuphelele. UAdamu noEva badalwa bephelele, kodwa ukuphelela kwabo kwaba okwesikhashana. Nokho, uJesu wahlala ‘engcwele, engenacala, ehlukanisiwe nezoni’ naphezu kwakho konke lokho uDeveli ayengakuletha kuye njengezilingo noma ushushiso. Kukho konke, ‘akenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe.’ Wayengababekela inselele ngokufanelekile abaphikisi bakhe benkolo: “Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na?” Akukho noyedwa kubo owayengakwenza! (Heberu 7:26; 1 Petru 2:22; Johane 8:46) Futhi ngenxa yokugcina kwakhe ubuqotho obungenasono, uJesu walwela uYise wasezulwini njengoMbusi ofanele wendawo yonke futhi wabonisa uDeveli njengomqambimanga wokuqala nomubi.—IzAga 27:11.
12. (a) UJesu wayeluhlobo luni lomuntu, futhi yini ayenza nabhekana nayo ngenxa yabanye? (b) Kungani ubungathi uJesu ufanelekelwa ukuba simdumise ngenxa yalokho akwenza nalokho abhekana nakho?
12 UJesu Kristu ufanelwe ukuba simdumise, hhayi ngenxa nje yokuthi waphila ukuphila okuphelele nokungenasono kuphela kodwa nangenxa yokuthi wayengumuntu olungile, ongenabugovu nozidelayo. (Qhathanisa namaRoma 5:7.) Wakhonza izidingo zabantu ezingokomoya nezingokwenyama ngokungakhathali. Yeka intshiseko ayibonakalisa ngendlu kaYise, futhi yeka ukubekezela akubonakalisa ekusebenzelaneni kwakhe nabafundi bakhe! Yeka ukuthi wayezimisele kangakanani ukubhekana nokuhlupheka ukuze enze intando kaYise! Ngokuhlangenwe nakho kwakhe okubuhlungu ensimini yaseGetsemane, iBhayibheli lithi: “Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba-njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.” Yebo, ‘wanikela ngemikhuleko nokunxusa ngokudazuluka okukhulu, nezinyembezi.’ (Luka 22:44; Heberu 5:7) Yeka indlela umprofethi uIsaya ayekubikezele ngokunembe ngayo okuhlangenwe nakho kwakhe okubuhlungu kuIsaya 53:3-7!
13. Yisiphi isibonelo esihle uJesu asibekela sona ekudumiseni uYise wasezulwini?
13 UJesu ufanelwe futhi ukuba simdumise ngenxa yesibonelo esihle asibekela sona ekudumiseni uYise wasezulwini. Wayengasho ngokufanelekile athi: “Ngidumisa uBaba.” (Johane 8:49) Ngazo zonke izikhathi waletha udumo kuJehova uNkulunkulu ngamazwi akhe nezenzo. Kanjalo, lapho ephulukisa umuntu, ukulandisa kweBhayibheli kuthi, abantu abakhazimulisanga uJesu, kodwa “bamdumisa uNkulunkulu.” (Marku 2:12) Ngakho-ke, ekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wayengasho ngokufanele emthandazweni wakhe oya kuYise wasezulwini: “Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifezé umsebenzi ongiphé wona ukuba ngiwenze.”—Johane 17:4.
Lokho Asenzele Khona
14. Ukufa kukaJesu kwasenzelani leyo emenza afanelwe udumo?
14 Futhi yeka indlela uJesu Kristu akufanelekela ngayo ukuba simdumise ngenxa yakho konke aye wakufeza ngenxa yethu! Wafela izono zethu ukuze sikwazi ukubuyisana noJehova uNkulunkulu. UJesu wathi ngaye ngokwakhe: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Ngaleyondlela ukufa kwakhe kwakwenza kwaba nokwenzeka konke lokho uMbuso oyokwenzela thina bantu: ukuphila kokungafi emazulwini kwabangu-144 000 abakha umlobokazi wakhe nokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi kwabanye abayizigidi ababonakalisa ukholo lwabo nokulalela ngaphansi kovivinyo.—IHubo 37:29; IsAmbulo 14:1-3; 21:3, 4.
15. Yisiphi esinye isibonelo sokusembulela kukaJesu ubuntu bukaYise?
15 UJesu Kristu futhi ufanelwe udumo ngoba, njengoMfundisi Omkhulu, uye wasembulela ngokuphelele intando nobuntu bukaYise. Ngokwesibonelo, eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, waveza ukupha kukaYise ngokuthi athumele ukukhanya nemvula kwabalungile nababi wayesephawula: “Ngakho-ke manibe-ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.”—Mathewu 5:44-48.
16. Umphostoli uPawulu wayifingqa kanjani inkambo kaJesu efanelwe udumo?
16 Umphostoli uPawulu wayifingqa kahle inkambo kaJesu efanelwe udumo lapho ebhala: “Owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa elalela kwaze kwaba-sekufeni, yebo, ekufeni [esigxotsheni sokuhlushwa, NW].”—Filipi 2:5-8.
Indlela Esingayidumisa Ngayo INdodana
17, 18. Yiziphi izindlela ezihlukahlukene esingaletha ngazo udumo kuJesu Kristu?
17 Njengoba uJesu Kristu ngokungangabazeki efanelwe ukuba simdumise, sifinyelela embuzweni othi: Singayidumisa kanjani iNdodana? Lokho sikwenza ngokubonisa ukholo emhlatshelweni wayo wesihlengo, futhi sifakazele lolokholo ngokuthatha izinyathelo ezidingekile zokuphenduka, ukuguquka, ukuzinikezela nobhapathizo. Ngokuza kuJehova ngomthandazo egameni likaJesu, siyamdumisa uJesu. Ngaphezu kwalokho siyamdumisa lapho silalela lamazwi akhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe [isigxobo sakhe sokuhlushwa, NW], angilandele.” (Mathewu 16:24) Siyamdumisa uJesu Kristu lapho silalela iziyalezo zakhe zokuba siqhubeke sifuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala nokulunga kwakhe, futhi siyamdumisa lapho silalela umyalo wakhe wokuba sihlanganyele emsebenzini wokwenza abafundi. Futhi, sidumisa uJesu lapho sibonakalisa uthando lobuzalwane athi lwaluyoba uphawu lwabo bonke abalandeli bakhe beqiniso.—Mathewu 6:33; 28:19, 20; Johane 13:34, 35.
18 Ngaphezu kwalokho, siletha udumo eNdodaneni ngokuzibiza ngegama layo, sizibiza ngokuthi singamaKristu, bese siphila ngokuvumelana nalelogama ngokuziphatha kwethu okuhle. (IzEnzo 11:26; 1 Petru 2:11, 12) Umphostoli uPetru wathi kufanele silandele eduze ezinyathelweni zikaJesu. (1 Petru 2:21, qhathanisa neNW.) Ngokumlingisa kanjalo kukho konke ukuziphatha kwethu, siyamdumisa futhi. Futhi ngokuqinisekile, lapho minyaka yonke sigubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu, simnika udumo olukhethekile.—1 Korinte 11:23-26.
19, 20. (a) Yimiphi imivuzo uJesu ayinika abalandeli bakhe ngenxa yokumdumisa, manje nasesikhathini esizayo? (b) Yikuphi ukuqiniseka esingaba nakho ngokuqondene neNdodana?
19 Yimiphi imivuzo uJesu ayinikeza abalandeli bakhe ngenxa yokulandela inkambo emdumisayo? Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-muntu oshiyé indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesisikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”—Marku 10:29, 30.
20 Kusobala ukuthi uma sizidela ngenxa kaJesu, uyoqikelela ukuthi sithola umvuzo. UJesu uyasiqinisekisa: “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.” (Mathewu 10:32) Ngakho njengoba uBaba osezulwini edumisa abamdumisayo, singaqiniseka ukuthi iNdodana kaJehova ezelwe yodwa iyolingisa uYise kulokhu, njengoba leNdodana yenza kokunye.
Ubungaphendula Uthini?
◻ Abaningi kweLobukholwa bayihlambalaza kanjani iNdodana?
◻ Yibuphi ubufakazi uJesu abunikeza ngokuqondene nokuba khona kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu?
◻ Yiziphi ezinye izizathu esinazo zokudumisa uJesu?
◻ Yiziphi ezinye izindlela esingamdumisa ngazo uJesu?
◻ Ukudumisa uJesu Kristu kuphumela kuziphi izinzuzo?