Kungani Kufanele Uzinikezele KuJehova?
“Kulobu busuku kuye kwema eduze kwami ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe.”—IZE. 27:23.
1. Iziphi izinyathelo labo abaziletha ukuba babhapathizwe asebezithathile kakade, futhi lokhu kuphakamisa miphi imibuzo?
“NGESISEKELO somhlatshelo kaJesu Kristu, ingabe usuphendukile ezonweni zakho, wazinikezela kuJehova ukuba wenze intando yakhe?” Lona omunye wemibuzo emibili ephendulwa abazobhapathizwa ekupheleni kwenkulumo yobhapathizo. Kungani kudingeka ukuba amaKristu azinikezele kuJehova? Ukuzinikezela kuNkulunkulu kusizuzisa kanjani? Kungani umuntu engenakukhulekela uNkulunkulu ngokwamukelekayo engazinikezele kuye? Ukuze siqonde izimpendulo zale mibuzo, kudingeka siqale sihlole ukuthi kuyini ukuzinikezela.
2. Kusho ukuthini ukuzinikezela kuJehova?
2 Kusho ukuthini ukuzinikezela kuNkulunkulu? Phawula indlela umphostoli uPawulu abuchaza ngayo ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Wabiza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu engingowakhe” phambi kwabantu abaningi ayenabo emkhunjini owawusengozini yokucwila. (Funda izEnzo 27:22-24.) Wonke amaKristu eqiniso angakaJehova. Ngokuphambene, izwe lonke “lisemandleni omubi.” (1 Joh. 5:19) AmaKristu aba akaJehova lapho ezinikezela kuye ngomthandazo ngendlela ayamukelayo. Ukuzinikezela okunjalo kuyisifungo somuntu siqu. Kulandelwa ubhapathizo lwamanzi.
3. Ubhapathizo lukaJesu lwaluyisibonakaliso sani, futhi abalandeli bakhe bangasilingisa kanjani isibonelo sakhe?
3 UJesu wasishiyela isibonelo lapho enza isinqumo somuntu siqu sokwenza intando kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wayezalelwe esizweni sakwa-Israyeli esasizinikezele, wayesezinikezele kuNkulunkulu. Noma kunjalo, lapho ebhapathizwa, wenza okungaphezu kwalokho okwakudingwa uMthetho. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi wathi: “Bheka! Ngizile . . . ukuba ngenze intando yakho, Nkulunkulu.” (Heb. 10:7; Luka 3:21) Ngakho, ukubhapathizwa kukaJesu kwakuyisibonakaliso sokuziletha kwakhe kuNkulunkulu ukuba enze intando kaYise. Abalandeli bakhe balingisa isibonelo sakhe lapho beziletha ukuba babhapathizwe. Nokho, olwabo ubhapathizo lwamanzi luyisibonakaliso sasobala sokuthi baye bazinikezela kuNkulunkulu ngomthandazo.
Indlela Ukuzinikezela Okusizuzisa Ngayo
4. Ubungane bukaDavide noJonathani busitshelani ngokuzibophezela?
4 Ukuzinikezela kobuKristu kuyindaba engathí sina. Kungaphezu kokuba nje ukuzibophezela. Nokho, ukuzinikezela kusizuzisa kanjani? Ukuze sicacise lokhu, ake sicabangele indlela ukuzibophezela okuzuzisa ngayo ebuhlotsheni babantu. Ake sibheke isibonelo sobuhlobo obuphakathi kwabangane. Ukuze umuntu aqhubeke engumngane, kumelwe amukele umthwalo wemfanelo wokuba umngane. Lokho kuhilela ukuzibophezela—ukuzizwa unesibopho sokukhathalela umngane wakho. Obunye bobuhlobo obuhle kakhulu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini obukaDavide noJonathani. Baze benza nesivumelwano sokuthi bayohlale bengabangane. (Funda eyoku-1 Samuweli 17:57; 18:1, 3.) Nakuba kungandile ukuba abangane bazibophezele komunye nomunye ngale ndlela, ubungane obuningi buyaqina lapho labo bantu bezibophezele, noma bezizwa benesibopho komunye nomunye.—IzAga 17:17; 18:24.
5. Isigqila sasingazuza kanjani phakade ngokuba esenkosi elungile?
5 UMthetho uNkulunkulu awunika u-Israyeli usitshela ngobunye ubuhlobo abantu ababezuza kubo ngokuzibophezela. Uma isigqila sasinenkosi elungile futhi sifuna isiqinisekiso sokuthi sasiyohlale singesayo, sasingenza nayo isivumelwano esiphakade nesibophayo. UMthetho uthi: “Uma leso sigqila singaphikelela sithi, ‘Ngiyayithanda ngempela inkosi yami, umkami namadodana ami; angifuni ukuphuma njengokhululiweyo,’ khona-ke inkosi yaso kumelwe isisondeze kuNkulunkulu weqiniso futhi isincikise emnyango noma ensikeni yomnyango; inkosi yaso kumelwe ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, futhi kumelwe sibe yisigqila sayo kuze kube nini nanini.”—Eks. 21:5, 6.
6, 7. (a) Ukuzibophezela kubazuzisa kanjani abantu? (b) Lokhu kubonisani ngobuhlobo bethu noJehova?
6 Umshado uwubuhlobo obudinga ukuzibophezela kwezinga eliphakeme. Uwukuzibophezela kumuntu, hhayi esivumelwaneni esithile. Abantu ababili abakipitile abasoze bajabulela umuzwa wokulondeka kwangempela; kungokufanayo nangezingane zabo. Kodwa abantu ababili abazibophezele komunye nomunye emshadweni ohloniphekile banesizathu esingokomBhalo sokulwela ukuxazulula izinkinga zabo ngothando lapho ziphakama.—Math. 19:5, 6; 1 Kor. 13:7, 8; Heb. 13:4.
7 Ezikhathini zeBhayibheli abantu babezuza ngokwenza izivumelwano ezibophayo kwezebhizinisi noma emsebenzini. (Math. 20:1, 2, 8) Kuyefana nanamuhla. Ngokwesibonelo, siyazuza ngokuba nesivumelwano esibhaliwe esibophayo ngaphambi kokungenela ibhizinisi noma kokuqala ukusebenzela inkampani ethile. Ngakho, uma ukuzibophezela kuqinisa ubuhlobo babangane, bomshado nobasemsebenzini, yeka ukuthi ukuzinikezela kuJehova ngokungagodli kuyokuzuzisa kangakanani ebuhlotsheni bakho naye! Manje ake sicabangele indlela abantu esikhathini esidlule abaye bazuza ngayo ngokuzinikezela kuJehova uNkulunkulu nokuthi kungani lokhu kwakungaphezu kokuba nje ukuzibophezela.
Indlela Ukuzinikezela kuNkulunkulu Okwawazuzisa Ngayo Ama-Israyeli
8. Kwakusho ukuthini ukuzinikezela kwama-Israyeli kuNkulunkulu?
8 Isizwe sakwa-Israyeli sisonke sazinikezela kuJehova lapho senza isifungo kuye. UJehova wasiyala ukuba sibuthane eduze kweNtaba iSinayi, wabe esethi kuso: “Uma nizolilalela nokulilalela izwi lami futhi nizosigcina impela isivumelwano sami, ngokuqinisekile niyoba impahla yami ekhethekile kuzo zonke ezinye izizwe.” Isizwe saphendula ngazwi linye: “Konke uJehova akukhulumile sizimisele ukukwenza.” (Eks. 19:4-8) Ukuba kwama-Israyeli azinikezele kwakusho okungaphezu kokuzibophezela ukwenza okuthile. Kwakusho ukuthi angakaJehova, futhi wawaphatha ‘njengempahla yakhe ekhethekile.’
9. Ama-Israyeli azuza kanjani ngokuba azinikezele kuNkulunkulu?
9 Ama-Israyeli azuza ngokuba ngakaJehova. Wayeqotho kuwo futhi ewakhathalela ngendlela umzali onothando akhathalela ngayo ingane yakhe. UNkulunkulu wathi kuwo: “Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe? Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa, nokho mina ngeke ngikukhohlwe.” (Isaya 49:15) UJehova wawanika uMthetho ukuze uwaqondise, abaprofethi ukuze bawakhuthaze futhi wawavikela ngezingelosi. Umhubi wabhala: “Izwi lakhe ulitshela uJakobe, iziqondiso zakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela uzitshela u-Israyeli. Akenzanga ngaleyo ndlela kunoma yisiphi esinye isizwe.” (IHu. 147:19, 20; funda iHubo 34:7, 19; 48:14.) Njengoba uJehova anakekela isizwe sakhe esikhathini esidlule, uyobanakekela nalabo abazinikezela kuye namuhla.
Isizathu Sokuba Sizinikezele KuNkulunkulu
10, 11. Ingabe sizalelwa emkhayeni kaNkulunkulu wendawo yonke? Chaza.
10 Lapho becabangela ukuzinikezela nobhapathizo lobuKristu, abanye bangase bazibuze, ‘Kungani ngingenakukhulekela uNkulunkulu nakuba ngingazinikezele kuye?’ Isizathu siba sobala lapho sicabangela ukuthi okwamanje kunjani ngempela ukuma kwethu phambi kukaNkulunkulu. Phela, ngenxa yesono sika-Adamu sonke sizalelwe ngaphandle komkhaya kaNkulunkulu. (Roma 3:23; 5:12) Ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu kuyimfuneko ebalulekile ukuze asamukele emkhayeni wakhe wendawo yonke. Ake sibone isizathu salokhu.
11 Akekho kithi onobaba owayengadlulisela ukuphila okuyikho—ukuphila okuphelele. (1 Thim. 6:19) Asizalwanga singabantwana bakaNkulunkulu ngoba lapho umbhangqwana wokuqala wona, uhlanga lwesintu lwahlukaniswa noYise onothando noMdali. (Qhathanisa noDuteronomi 32:5.) Kusukela ngaleso sikhathi, isintu besilokhu singeyona ingxenye yomkhaya kaJehova wendawo yonke, sihlukanisiwe noNkulunkulu.
12. (a) Abantu abangaphelele bangaba kanjani amalungu omkhaya kaNkulunkulu? (b) Iziphi izinyathelo okumelwe sizithathe ngaphambi kokuba sibhapathizwe?
12 Noma kunjalo, njengabantu ngabanye singacela uNkulunkulu ukuba asamukele emkhayeni wakhe owakhiwa izinceku azamukelayo.a Kungenzeka kanjani lokho njengoba siyizoni? Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe.” (Roma 5:10) Lapho sibhapathizwa sisuke sicela kuNkulunkulu unembeza omuhle ukuze asamukele. (1 Pet. 3:21) Nokho, ngaphambi kokuba sibhapathizwe, kunezinyathelo okumelwe sizithathe. Kumelwe simazi uNkulunkulu, sifunde ukumethemba, siphenduke futhi sishintshe izindlela zethu. (Joh. 17:3; IzE. 3:19; Heb. 11:6) Kunokunye futhi okumelwe sikwenze ngaphambi kokuba uNkulunkulu asamukele emkhayeni wakhe. Ikuphi lokho?
13. Kungani kufaneleka ukuba umuntu enze isifungo sokuzinikezela kuNkulunkulu ukuze abe ingxenye yomkhaya waKhe wabakhulekeli abamukelayo?
13 Ngaphambi kokuba umuntu ohlukanisiwe noNkulunkulu abe ilungu lomkhaya waKhe owakhiwa izinceku azamukelayo, kudingeka aqale enze isithembiso kuJehova. Ukuze uqonde isizathu salokhu, cabanga ngobaba ohloniphekile obonisa umfana oyintandane umusa futhi afise ukumenza ilungu lomkhaya wakhe. Lo baba waziwa njengomuntu olungile. Noma kunjalo, ngaphambi kokumamukela njengendodana yakhe, ufuna enze isithembiso. Ngakho, lo baba uthi, “Ngaphambi kokuba ngikwamukele njengendodana yami, kumelwe ngazi ukuthi uzongithanda futhi ungihloniphe njengoyihlo.” Lo baba uzomamukela lo mfana kuphela uma evuma ukwenza lesi sithembiso. Kunengqondo lokhu, akunjalo? Ngokufanayo, uJehova wamukela emkhayeni wakhe labo kuphela abenza isifungo sokuzinikezela kuye ngokuzithandela. IBhayibheli lithi: “Zinikeleni kuye: ningumhlatshelo ophilileyo, onikezelwe nokufanelekelayo ukuba awamukele.”—Roma 12:1, The New English Bible.
Ukuzinikezela Kuyisenzo Sothando Nokholo
14. Kungayiphi indlela ukuzinikezela kuyisibonakaliso sothando?
14 Ukwenza isifungo sokuzinikezela kuNkulunkulu kuyisibonakaliso sothando lwethu ngoJehova olusuka enhliziyweni. Ngandlela-thile, kuyefana nokwenza isifungo somshado. Umkhwenyana ongumKristu ubonisa uthando lwakhe ngokufunga ukuthi uzothembeka kumakoti wakhe, ebuhleni nasebubini. Usuke efunga kumuntu, engenzi nje isithembiso sokwenza into ethile. Umkhwenyana ongumKristu uyaqonda ukuthi ngeke abe nelungelo lokuhlala nomakoti wakhe uma engasenzi isifungo somshado. Ngokufanayo, asinakukwazi ukujabulela ngokugcwele izinzuzo zokuba ilungu lomkhaya kaJehova uma singasenzi isifungo sokuzinikezela. Ngakho, nakuba singaphelele, siyazinikezela kuNkulunkulu ngoba sifisa ukuba ngabakhe futhi sizimisele ukuba qotho kuye kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.—Math. 22:37.
15. Kungani ukuzinikezela kuyisenzo esibonisa ukholo?
15 Lapho sizinikezela kuNkulunkulu, sisuke sibonisa ukholo. Kungani lokhu kunjalo? Ukholo lwethu kuJehova lusenza siqiniseke ukuthi ukusondela kuye kungokwenzuzo yethu. (IHu. 73:28) Siyazi ukuthi ukuhamba noNkulunkulu sibe siphila phakathi “kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile” akusoze kwaba lula kodwa siyasethemba isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi uyoyisekela imizamo yethu. (Fil. 2:15; 4:13) Siyazi ukuthi asiphelele, kodwa siyaqiniseka ukuthi uJehova uyosibonisa isihe ngisho nalapho senza amaphutha. (Funda iHubo 103:13, 14; amaRoma 7:21-25.) Sinokholo lokuthi uJehova uyokuvuza ukuzimisela kwethu ukugcina ubuqotho bethu.—Jobe 27:5.
Ukuzinikezela KuNkulunkulu Kuholela Enjabulweni
16, 17. Kungani ukuzinikezela kuJehova kuholela enjabulweni?
16 Ukuzinikezela kuJehova kuholela enjabulweni ngoba kuhilela ukuzidela. UJesu washo iqiniso eliyisisekelo lapho ethi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) UJesu wayithola ngokugcwele injabulo yokupha phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. Lapho kudingeka, wayedela ukuphumula, ukudla nokunethezeka ukuze asize abanye bathole indlela eya ekuphileni. (Joh. 4:34) UJesu wayethola injabulo ngokwenza inhliziyo kaYise ijabule. Wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.”—Joh. 8:29; IzAga 27:11.
17 Ngakho, uJesu wabonisa abalandeli bakhe indlela eyanelisayo yokuphila lapho ethi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele.” (Math. 16:24) Ukwenza kanjalo kusisondeza eduze noJehova. Ukhona yini omunye umuntu esingazinikela kuye ongasikhathalela ngothando olungaphezu kwalolu?
18. Kungani ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuJehova kuletha injabulo eyengeziwe kunokuzinikezela kunoma yini enye noma kunoma ubani omunye?
18 Ukuzinikezela kuJehova bese siphila ngokuvumelana nako ngokwenza intando yakhe kusilethela injabulo eyengeziwe ngaphezu kokuzinikezela kunoma yini enye noma ubani omunye. Ngokwesibonelo, abantu abaningi banikela ukuphila kwabo ekuphishekeleni ingcebo kodwa abayitholi injabulo nokwaneliseka kwangempela. Nokho, labo abazinikezela kuJehova bathola injabulo ehlala njalo. (Math. 6:24) Ilungelo lokuba “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu” libenza bajabule. Noma kunjalo, abazinikezeli emsebenzini othile kodwa kuNkulunkulu wethu onokwazisa. (1 Kor. 3:9) Akekho omunye umuntu ongazisa ukuzidela kwabo ukudlula yena. Uthembisa ngisho nokubuyisela abaqotho bakhe ebusheni babo ukuze bazuze phakade ekukhathaleleni kwakhe.—Jobe 33:25; funda amaHebheru 6:10.
19. Iliphi ilungelo elijatshulelwa yilabo abazinikezele kuJehova?
19 Ukunikezela ukuphila kwakho kuJehova kukwenza ube nobuhlobo obuseduze naye. IBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8; IHu. 25:14) Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokuthi kungani singaba nesibindi sokwenza isinqumo sokuba abakaJehova.
[Umbhalo waphansi]
a “Ezinye izimvu” zikaJesu ngeke zibe abantwana bakaNkulunkulu kuze kuphele iminyaka eyinkulungwane. Nokho, njengoba zizinikezele kuNkulunkulu, zingambiza uNkulunkulu ngokuthi “unguBaba” wazo, futhi zingabhekwa ngokufanele njengamalungu omkhaya kaJehova owakhiwa abakhulekeli bakhe.—Joh. 10:16; Isaya 64:8; Math. 6:9; IsAm. 20:5.
Ungaphendula Kanjani?
• Kusho ukuthini ukuzinikezela kuNkulunkulu?
• Kusizuzisa kanjani ukuzinikezela kuNkulunkulu?
• Kungani kudingeka ukuba amaKristu azinikezele kuJehova?
[Isithombe ekhasini 6]
Ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuholela enjabulweni ehlala njalo