Umbono WeBhayibheli
Isizathu Sokuba Inhlamba Ingawafaneli AmaKristu
UMPHATHI womsakazo iBBC Wales wasolwa ngenxa yokwenqaba ukungawafaki “amagama enhlamba” ayesengxoxweni ayenayo nongqingili, ngokomkhulumeli weBBC owacashunwa ephephandabeni iGuardian, owasebenzisa “ulimi olungcole ngokweqile ukuze achaze izenzo ezingase zibangele umuntu ukuba abe nengculaza.” Ngaphezu kwalokho, ezinhlelweni ezabukwa ngokukhethekile ekuhlolweni okwathatha amasonto amabili kwalokho okusakazwa eziteshini ezine zethelevishini zaseBrithani amaphesenti angu-22 azo ‘ayenolimi olungcolile, ukuthuka [inhlamba] noma/kanye nokuhlambalaza.’
Imibiko enjalo igcizelela ukungefani kwangempela kwezimo zengqondo. Abantu abaningi ingxoxo enenhlamba iyabashaqisa futhi iyabacasula. Abanye babheka ulimi olunjalo njengoluthakazelisayo nje nolwamukelekayo ezweni, olungenamsebenzi kangako. Nokho, ingabe inhlamba kufanele ibe khona enkulumweni yamaKristu, azisa ubuhlobo bawo noNkulunkulu nabantu akanye nawo?
Kungani Ivame Kangaka?
Inhlamba ‘iyinoma yiluphi uhlobo lolimi olungcolile oluwumkhuba.’ Ukuhlambalaza, nokuthuka kungena kulencazelo. Izinhlamba zibonakalisa intukuthelo, ngisho nokulahla okuthile ngokuthuka. UMary Marshall, umlobi wencwadi ethi Origins & Meanings of Oaths & Swear Words, uthi “ukufunga namagama enhlamba kusetshenziswa olimini olukhulunywayo kunolubhalwayo.” Nokho, izincwadi eziningi zezindaba eziqanjiwe zigcwele inhlamba.
Kungani inhlamba ivame kangaka? Abanye abantu abanohlelo lwamagama olulinganiselwe bangase bavale lesosikhala ngokusebenzisa amagama amaningi enhlamba. Abanye baphendukela olimini olungcolile ukuze bagcizelele okuthile. Lapho ichazwa, inhlamba ngokuvamile ihlanganiswa nemizwelo yokunengwa, ukukhungatheka, nentukuthelo. Ngempela, lapho bebhekene nezimo ezinzima, abaningi bavumela ukuba inhlamba iphume ngezindebe zabo ‘njengokubonakaliswa . . . kwemizwelo evalelwe ngaphakathi.’ Umcwaningi uMarshall uphawula ukuthi uhlu lwakhe lwamakhadi oluhlelwe ngokulandelana kwezinhlamvu zama-alfabhethi esiNgisi enhlamba amagama angomfuthwa-mbhangqwa angaphansi kohlu lwamagama aqala ngongwaqa abangobham nongwaqa-mfuthwa.
Nakuba ukuthuka kungase kubonakale kudambisa imizwa yabo, abaningi bathola ukuthi inhlamba ibangela inhlamba. Kungani kunjalo? Ulimi olungcolile lubhebhethekisa intukuthelo. Ngokwesibonelo, phakathi nokudideka esiminyaminyeni esikhulu sezimoto enhloko-dolobha ethile eNtshonalanga Afrika, umshayeli othukuthele waphuma ngokushesha emotweni yakhe eyobhokela omunye omoto yakhe yayimvalele indlela. Njengoba babeya bethukuthela, kwezwakala ulimi olungcolile yonke indawo, ngamunye ezama ukwedlula omunye ngezinhlamba. Abanye abashayeli abakhungathekile baphuma bancika ezimotweni zabo futhi bahalalisela ababebangisana ngezinkulumo ezonakele ezaziya zanda.
Izinhlamba ezilulaza umuntu zingase zidedele amagama amaningi enhlamba. Kungase kuhlanganise amagama afanisa isisulu nesilwane noma ngisho nesinambuzane, izinkulumo ezilulazayo eziphathelene nabazali bomuntu noma ukumbiza ngevezandlebe, amagama adonsela ukunakekela ezicini ezithile zomzimba, futhi, okungase kucasule ngisho nakakhulu, izinhlamba, ukuhlambalaza, nezinkulumo ezingcolile eziphathelene nobulili.
Umbono KaNkulunkulu Ngenhlamba
Ngokuqinisekile, ukusebenzisa kabi igama laphezulu kuyisono esingathi sína. UEksodusi 20:7 uthi: “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho.” Kodwa ingabe ukweqa lomyalo kwakonakalisa ubuhlobo lowomkhulekeli ayenabo noNkulunkulu? Yebo; uMthetho uyaqhubeka: “UJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.”
Ukuze libonise ukuthi kwakubaluleke kangakanani ukulalela lomyalo, iBhayibheli lilandisa ngengxabano eyayiphakathi komIsrayeli nendoda ethile. Lendoda “yahlambalaza iGama, yathuka.” UNkulunkulu wasibheka kanjani lesimo? Wayala: “Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa.” (Levitikusi 24:10-16) Nakuba singanikezi imininingwane ecacile yaleyonhlamba, nokho lesibonelo esingokombhalo sembula umbono kaNkulunkulu ngenkulumo nangokuziphatha kokweyisa.
ImiBhalo yamaKristu yesiGreki ibikezela ukuthi osukwini lwethu ‘kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabahlambalazayo [ngesiGreki, blaʹsphe·moi], labo-ke wobagwema.’ (2 Thimothewu 3:1, 2, 5) Igama lesiGreki elithi bla·sphe·miʹa liveza okungaphezu komqondo wenkulumo yokweyisa izinto ezibhekwa njengezingcwele. Ngempela, incazelo yalo ihlanganisa noma iyiphi inkulumo elimazayo nelulazayo elimaza omunye umuntu.
Abantu abankulumo yabo ingehlambalazayo babonakalisa “umuntu omdala” amaKristu anxuswa ukuba ‘amkhumule’ njengejazi elinuka kabi angeke esalisebenzisa.a Umphostoli uPawulu uyeluleka: “Manilahle konke lokho, ulaka, ukuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu.” “Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.” (Kolose 3:8, 9; Efesu 4:31) Ngaphezu kwalokho, siza uphawule ukuthi labo abathuka futhi banqwabelanise isihlamba phezu kwabanye, uPawulu abachaza ngokuthi “izithuki” bahlanganisiwe ‘kwabangalungile abangayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.’—1 Korinte 6:9, 10.
Lahla Inhlamba!
Uthando oluqotho ngoNkulunkulu luyoshukumisela amaKristu ukuba enze lokho okuthokozisa Yena. (1 Johane 5:3) Njengoba nje uNkulunkulu ebonisa ukubakhathalela bonke abantu, ngakho umKristu uyofuna ukubonakalisa umuzwa ofanayo esimweni sengqondo anaso ngabanye, kanjalo elalela imiyalo emibili emikhulu kunayo yonke, yothando ngoNkulunkulu nangomakhelwane. (Mathewu 22:37-39) Ngakho, “yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube-kuhle, aze akheke.” (Roma 15:2) Ngakho zibuze, ‘Ingabe amazwi engiwakhethayo ayacasula noma ayakha?’
Kuyavunywa, ukuhlanza komuntu inkulumo yakhe ngeke kube lula uma inhlamba ibisingumkhuba ogxilile. Nokho, kungenzeka—ngosizo. Umoya kaNkulunkulu ungasiza umuntu ukuba ashintshe izindlela zokukhuluma. Nokho, umuntu umelwe okokuqala azimisele ukwakha uhlelo lwamagama olunamazwi amahle—bese elusebenzisa njalo.—Roma 12:2.
“Ulimi olukhuluma okubi luyakuthuliswa,” kuxwayisa iNkosi ehlakaniphile uSolomoni. Ngakho ungavumeli ukungcola kwenhlamba ukuba kungcolise inkulumo yakho. Kunalokho, zimisele ukuba ube umuntu oyaziyo into ehlanzekile okumelwe uyisho futhi uyisho ngomusa!—IzAga 10:31, 32, Today’s English Version; Kolose 4:6.
[Imibhalo yaphansi]
a Phawula incwadi yabase-Efesu 5:3, 4 (NW), lapho umongo unikeza amagama athi “ukubheda” nathi “amahlaya angcolile” incazelo ephathelene nobulili. Ngakho, inkulumo engcolile namahlaya okuphathelene nobulili akuwafanele amaKristu.