Umbono WeBhayibheli
Kusho Ukuthini Ukuphendula Esinye Isihlathi?
ENTSHUMAYELWENI yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu Kristu wathi: “Ningamelani nomubi; kodwa noma ubani okushaya ngempama esihlathini sesokunene, mphendulele nesinye futhi.”—Mathewu 5:39.
Wayesho ukuthini? Ingabe wayekhuthaza amaKristu ukuba abe yizisulu ezingazivikeli? Ingabe kulindeleke ukuba amaKristu athule lapho ehlushwa futhi enqabe ukufuna isivikelo somthetho?
Lokho UJesu Ayekusho
Ukuze siqonde ukuthi uJesu wayesho ukuthini, kumelwe sicabangele umongo wamazwi akhe, kanye nabantu ayekhuluma nabo. UJesu wethula iseluleko sakhe esicashunwe ngenhla ngalokho izilaleli zakhe ezase zikwazi kakade emiBhalweni Engcwele. Waphawula: “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Iso ngeso nezinyo ngezinyo.’”—Mathewu 5:38.
Izindima uJesu ayekhuluma ngazo zitholakala ku-Eksodusi 21:24 nakuLevitikusi 24:20. Kuyinto ephawulekayo ukuthi ngokuvumelana noMthetho kaNkulunkulu, isijeziso ‘seso ngeso’ okukhulunywa ngaso emiBhalweni sasisebenza kahle kuphela ngemva kokuba onecala evele phambi kwabapristi nabahluleli ababehlaziya izimo nokuthi ingabe icala lenziwe ngamabomu yini.—Duteronomi 19:15-21.
Ngokuhamba kwesikhathi amaJuda asonta ukusebenza kwalo mthetho. Incwadi ka-Adam Clarke yangekhulu le-19 ehlaziya iBhayibheli ithi: “Kubonakala sengathi amaJuda ayenze lo mthetho [weso ngeso, izinyo ngezinyo] waba isisekelo sokuzonda abanye abantu, futhi zonke izenzo ezeqisayo zazenziwa ngenjongo yokuziphindiselela. Ngokuvamile, ukuziphindiselela kwakwenziwa ngezenzo zonya, umuntu enziwa okubi ngaphezu kwalokho akwenzile.” Nokho, imiBhalo yayingakugunyazi ukuziphindiselela ngonya.
Imfundiso kaJesu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni ngokuphathelene ‘nokuphendula esinye isihlathi’ yembula injongo yangempela yoMthetho uNkulunkulu awunika u-Israyeli. UJesu wayengasho ukuthi uma abalandeli bakhe beshaywa esihlathini, kufanele baphendule esinye isihlathi ngokoqobo. Ezikhathini zeBhayibheli, njengoba kunjalo ngokuvamile nanamuhla, ukushaywa ngempama kwakungahloselwe ukulimaza umuntu kodwa kwakuyisenzo sokweyisa esihloselwe ukwenza umuntu aphindisele.
Kusobala-ke ukuthi uJesu wayesho ukuthi uma umuntu ezama ukuchukuluza omunye ngokumshaya ngempama—noma ngokumbhuqa—umuntu oshaywayo kufanele agweme ukuziphindiselela. Kunalokho, kufanele azame ukugwema lokho okungaba umjikelezo omubi wokuphindisela okubi ngokubi.—Roma 12:17.
Amazwi kaJesu ayefana ncamashi naweNkosi uSolomoni: “Ungasho ukuthi: ‘Njengoba nje enzile kimi, nami ngizokwenza kanjalo kuye. Ngizobuyisela kumuntu ngamunye ngokokwenza kwakhe.’” (IzAga 24:29) Umlandeli kaJesu wayezophendula esinye isihlathi ngomqondo wokuthi angabavumeli abanye bamcindezele ukuba alwe.—Galathiya 5:26.
Kuthiwani Ngokuzivikela?
Ukuphendula esinye isihlathi akusho ukuthi umKristu ngeke azivikele kubantu abafuna ukumlimaza. UJesu wayengasho ukuthi akufanele neze sizivikele, kodwa kunalokho, akufanele silwe noma sivumele ukucasuka bese siphindisela. Nakuba kuwukuhlakanipha ukuhoxa uma ikhona indlela ukuze ugweme impi, kuyafaneleka ukuthatha izinyathelo zokuzivikela nokufuna usizo lwamaphoyisa uma siyizisulu zobugebengu.
Abalandeli bakaJesu bokuqala babesisebenzisa kahle lesi simiso lapho bevikela amalungelo abo angokomthetho. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wasebenzisa isimiso somthetho sangaleso sikhathi ukuze avikele ilungelo lakhe lokufeza umyalo uJesu awunika abalandeli bakhe wokuba bashumayele. (Mathewu 28:19, 20) Ohambweni lokushumayela emzini waseFilipi, uPawulu nalowo ayeshumayela naye, uSila, baboshwa yiziphathimandla futhi babekwa icala lokuphula umthetho.
Bobabili babe sebebhaxabulwa obala futhi bagqunywa ejele ngaphandle kokuqulwa kwecala. Lapho ethola ithuba, uPawulu wasebenzisa amalungelo akhe njengesakhamuzi saseRoma. Lapho zizwa ngaleli lungelo likaPawulu, iziphathimandla zesaba imiphumela futhi zanxusa uPawulu noSila ukuba bahambe ngaphandle kokudala inkinga. Ngakho uPawulu wabeka isibonelo ‘ngokuvikela nokumisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’—IzEnzo 16:19-24, 35-40; Filipi 1:7.
NjengoPawulu, oFakazi BakaJehova baye baphoqeleka kaningi ukuba baye ezinkantolo zomthetho ukuze bavikele umsebenzi wabo wobuKristu. Lokhu kuye kwenzeka ngisho nasemazweni ngokuvamile alwela inkululeko engokwenkolo ejatshulelwa yizakhamuzi zawo. Nasezindabeni eziphathelene nobugebengu nokuphepha, oFakazi BakaJehova akulindelekile ukuba baphendule esinye isihlathi—bavume ukuhlukunyezwa ngaphandle kokuzivikela. Bathatha izinyathelo zomthetho ukuze bazivikele.
Ngakho, njengamaKristu, oFakazi bathatha izinyathelo ezifanele zokuvikela amalungelo athile angokomthetho, nakuba bazi ukuthi izinyathelo ezinjalo zinemiphumela elinganiselwe. Ngenxa yalokho, njengoJesu, bashiya lezi zindaba ezandleni zikaNkulunkulu ngokuphelele, beqiniseka ukuthi uyothatha isinyathelo enalo lonke ulwazi ngamaqiniso nokuthi noma isiphi isijeziso ayosikhipha siyobonisa ubulungisa obuphelele. (Mathewu 26:51-53; Jude 9) AmaKristu eqiniso ayakhumbula ukuthi impindiselo ekaJehova.—Roma 12:17-19.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Yiziphi izenzo amaKristu okufanele azigweme?—Roma 12:17.
● Ingabe iBhayibheli liyakwenqabela ukuthatha izinyathelo zomthetho ukuze uzivikele?—Filipi 1:7.
● Yini uJesu ayeqiniseka ngayo ngokuphathelene noYise?—Mathewu 26:51-53.