UJehova Ufuna Ukuba ‘Uphephe Futhi Uphile’
LAPHO kugadla inhlekelele enkulu kunazo zonke, uNkulunkulu uMninimandla onke uyoqikelela ukuthi bonke abantu abamukelayo ‘bayaphunyuka.’ (Joweli 2:32) Empeleni, ngaso sonke isikhathi uJehova ubelokhu ezimisele ukuvikela abantu ukuba bangalimali. Njengoba “[ukuye] umthombo wokuphila,” ubheka bonke abantu njengabayigugu, abafanelwe ukuvikelwa.—IHu. 36:9.
Izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zazinombono wakhe ngokuphila. NgokukaGenesise 33:18, uJakobe nomkhaya wakhe baqeda uhambo lwabo oluyingozi ‘bephephile futhi bephilile.’ UJakobe wancika kuJehova ukuze amvikele, kodwa wathatha nezinyathelo ezingokoqobo ukuze avikele bonke ayehamba nabo. (Gen. 32:7, 8; 33:14, 15) Lapho usebenzisa izimiso zeBhayibheli, ukuphila kwakho nokwabanye kungaphepha kakhudlwana. Ake sibone ukuthi leli qiniso lisebenza kanjani kulabo abasebenza lapho kwakhiwa amaHholo OMbuso nezinye izakhiwo nalapho kunikezwa usizo ngesikhathi sezinhlekelele.
Ukuphepha EMthethweni KaMose
EMthethweni KaMose kwakuyisimiso ukuba abantu bakaNkulunkulu balandele iziqondiso zokuphepha. Ngokwesibonelo, umIsrayeli owayakha indlu kwakumelwe akhe uthango, ubonda oluncane emaphethelweni ophahla. Ngenxa yokuthi abantu babevame ukuhlala ophahleni oluyisicaba lwezindlu zabo, uthango lwalubavikela ukuba bangawi. (1 Sam. 9:26; Math. 24:17) Uma kwakwenzeka ingozi ngoba lo mthetho wokuphepha ungazange ulandelwe, uJehova wayebheka umnikazi waleyo ndlu njengonecala.—Dut. 22:8.
UMthetho wawubuye ube nezijeziso lapho izilwane ezifuywayo zilimaze abantu. Uma inkunzi ihlabe umuntu yambulala, umnikazi wayo kwakumelwe ayibulale ukuze abanye abantu bahlale bephephile. Ngenxa yokuthi wayengeke ayidle inyama yayo noma ayidayisele abanye ukuze bayidle, ukubulala leyo nkunzi kwakusho ukulahlekelwa okukhulu. Ake sithi inkunzi ilimaze umuntu kodwa umnikazi wayo angayiqaphi. Kwakwenzekani? Uma kamuva leyo nkunzi ibulala umuntu, yona nomnikazi wayo babeyobulawa. Lowo mthetho wasiza wonke umuntu owayebudedengu ngemfuyo yakhe ukuba acabangisise.—Eks. 21:28, 29.
UMthetho wawukhuthaza nokuba amathuluzi asetshenziswe ngendlela efanele. Ama-Israyeli amaningi ayesebenzisa izimbazo ukuze akabhe izinkuni. Uma ngengozi kuphuma imbazo emphinini bese ibulala umuntu obezimele nje, umuntu obekabha kwakufanele abalekele emzini wesiphephelo. Kwakudingeka ahlale lapho kuze kufe umpristi ophakeme, okwakungase kusho ukuthi lowo mbulali ongahlosile wayehlukaniswa nomkhaya wakhe nanomuzi wakhe iminyaka eminingi. Lelo lungiselelo lafundisa isizwe ukuthi ukuphila kungcwele kuJehova. Umuntu owayenombono kaNkulunkulu ngokuphila wayegcina amathuluzi akhe esesimweni esihle futhi awasebenzise ngokuphepha.—Num. 35:25; Dut. 19:4-6.
Ngaleyo mithetho, uJehova wakucacisa ukuthi wayefuna abantu bakhe bagcine imithetho yokuphepha phakathi emizini yabo nangaphandle kwayo. Labo ababebulala noma balimaze abanye, ngisho noma bengahlosile, kwakumelwe balandise kuye. Umbono kaJehova ngokuphepha awukashintshi. (Mal. 3:6) Usafuna ukuba abantu bakhe bagweme ukuzilimaza nokulimaza abanye. Lokhu kubalulekile ikakhulu lapho sakha futhi silungisa izakhiwo ezinikezelelwe ukukhulekela kwakhe kweqiniso.
Ukuphepha Lapho Kwakhiwa
Sibheka ukwakha nokulungisa amaHholo OMbuso, amaHholo OMhlangano nezakhiwo zamagatsha njengelungelo elikhulu. Kungashiwo okufanayo nangomsebenzi esiwenza lapho kuvele khona izinhlekelele. Ngazo zonke izikhathi, sifuna ukufeza umsebenzi wethu ngobungcweti ngoba ukungabi nandaba, ngisho nalapho senza imisebenzi emincane, kungasilimaza futhi kulimaze nabanye. (UmSh. 10:9) Ngempela, uma sihlakulela imikhuba yokusebenza ngokuphepha, singagwema izingozi.
IBhayibheli lithi: “Ubuhle bezinsizwa ngamandla azo; nobukhazikhazi bamaxhegu ngubumpunga bawo.” (IzAga 20:29) Kudingeka amandla entsha ukuze kwenziwe imisebenzi enzima. Kodwa kudingeka izisebenzi esezimpunga—omakadebona emisebenzini yobuciko ephathelene nokwakha—ukuze kuqedelwe imisebenzi eyenziwa ngezandla nangamathuluzi. Ngesinye isikhathi, labo manje asebebadala basebenzisa amandla abo obusha emisebenzini enzima. Uma uyisisebenzi sokuzithandela esisanda kuqala, bheka indlela izisebenzi ezingomakadebona ezisebenza ngayo, bese ulalela iziqondiso zazo. Uma uzimisele ukufunda, abazalwane abanokuhlangenwe nakho ekwakheni bazokufundisa izinto eziningi. Lezi zinto zihlanganisa indlela ephephile yokuphatha izinto eziyingozi nokuphakamisa izinto ezisindayo. Ngaleyo ndlela, uyokhiqiza emsebenzini, uphephe futhi ujabule.
Abantu abasebenza ezakhiweni kumelwe bahlale beqaphile. Izimo zishintsha ngokushesha. Kungenzeka ukuthi indawo ethile manje isinomgodi. Mhlawumbe sekususwe isitebhisi, ipulangwe noma ibhakede likapende. Uma uphazamisekile, ungalimala kalula. Ngokuvamile izimiso zokuphepha zifuna ukuba izisebenzi ezisesakhiweni zisebenzise izembatho zokuzivikela. Ukugqoka izibuko zokuzivikela, umakalabha nezicathulo ezifanele kungakuvikela ezingozini eziningi ezingaba khona ezakhiweni. Kodwa uvikeleka kuphela uma lezo zinto uzigcina zisesimweni esihle futhi uzigqoka.
Nakuba kungase kubonakale kulula ukusebenzisa amathuluzi amaningi, kudinga ukuqeqeshwa nokujwayela ukuze uwasebenzise ngokuphepha nangekhono. Uma ungenakho okuhlangenwe nakho ngethuluzi okudingeka ulisebenzise, yazisa umzalwane okuphethe. Uyohlela ukuba uqeqeshwe kahle. Isizotha, noma ukwazi ukulinganiselwa kwakho, siyimfanelo enhle kakhulu. Empeleni, siyadingeka ukuze ugweme ukuzilimaza wena nabanye abasesakhiweni.—IzAga 11:2.
Ukuwa kungenye yezinto ezivame ukulimaza abantu lapho besebenza esakhiweni. Ngaphambi kokuba ugibele esitebhisini noma esikafolweni, qiniseka ukuthi leyo nto inazo zonke izici zokuphepha futhi isesimweni esihle. Uma kudingeka usebenze esikafolweni noma ophahleni, ngokweziqondiso kungase kudingeke ukuba uzibophe ngamabhande okuphepha noma izinto ezivimbela ukuba ungawi. Uma unemibuzo ngokuphathelene nokusebenza ezindaweni eziphakeme buza umqondisi walowo msebenzi.a
Njengoba inani lalabo abakhonza uJehova landa emhlabeni wonke, siyanda nesidingo sokwakha amaHholo OMbuso nezinye izakhiwo ezisetshenziselwa ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Labo abaqondisayo lapho kwakhiwa amaHholo OMbuso nakwezinye izakhiwo banomthwalo wemfanelo wokuvikela izimvu zikaJehova eziyigugu ezisebenza ngaphansi kwabo. (Isaya 32:1, 2) Uma unelungelo lokuqondisa abafowenu nodadewenu lapho kwakhiwa, ungalokothi ukhohlwe ukubaluleka kokuphepha. Qiniseka ukuthi indawo okusetshenzwa kuyo ihlanzekile futhi icocekile. Labo abadinga ukukhunjuzwa ngamaphuzu okuphepha, bakhumbuze ngendlela enomusa kodwa engagunci. Ungavumeli intsha nezisebenzi ezingenakho okuhlangenwe nakho ukuba zingene ezindaweni eziyingozi kakhudlwana. Zibone kusengaphambili izinto ezingaba ingozi iqembu eliyobhekana nazo futhi uliqeqeshele ukusebenza ngendlela ephephile. Khumbula, umgomo wethu uwukuqeda umsebenzi ngaphandle kwezingozi.
Indima Yothando
Ukwakha amaHholo OMbuso nezinye izakhiwo ezisetshenziselwa ukukhulekela kweqiniso kuhilela ukwenza umsebenzi oyingozi. Ngakho-ke, labo abahlanganyela kuleyo misebenzi kumelwe baqaphele. Ngokuhlonipha izimiso zeBhayibheli, ukulalela iziqondiso ezibekelwe lowo msebenzi nangokusebenzisa ukwahlulela okuhle, uyogwema izingozi futhi uvikele nalabo osebenza nabo.
Yini ngokuyinhloko esishukumisela ukuba sibheke ukuphepha njengento ebaluleke kangaka? Uthando. Yebo, uthando ngoJehova lusishukumisela ukuba sazise ukuphila njengaye. Ukuthanda abantu kusenza singenzi lutho budedengu olungabalimaza. (Math. 22:37-39) Ngakho-ke, masenze konke esingakwenza ukuze siqinisekise ukuthi abantu abasebenza ezakhiweni zethu ‘baphephile futhi baphilile.’
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ibhokisi elithi “Indlela Yokusebenzisa Isitebhisi Ngokuphepha,” elisekhasini 30.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 30]
Indlela Yokusebenzisa Isitebhisi Ngokuphepha
E-United States, komunye unyaka wamuva kwalimala izisebenzi ezingaphezu kuka-160 000 ngokuwa ezitebhisini, kwathi ezingaba ngu-150 zafa. Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi futhi usebenza kuphi, nazi iziqondiso ezithile ezingakusiza ukuze ugweme ukuwa esitebhisini.
◇ Ungasisebenzisi isitebhisi esixegayo noma esiphukile, futhi ungasilungisi isitebhisi esinjalo. Silahle.
◇ Zonke izitebhisi zinomthamo olinganiselwe ezingawuthwala. Qiniseka ukuthi isisindo sakho lapho sesihlangene nesamathuluzi nezinto osebenza ngazo aseqi isilinganiso somthamo wesitebhisi osisebenzisayo.
◇ Beka isitebhisi sakho endaweni ehlelembekile, eqinile. Ungasibeki endaweni enyakazayo, njengendawo ephakanyisiwe enjengesikafolo noma phezu kwamabhakede namabhokisi.
◇ Njalo kufanele ubheke isitebhisi lapho wenyuka noma wehla.
◇ Ungami noma uhlale emabhaxeni amabili okugcina aphezulu anoma isiphi isitebhisi.
◇ Lapho usebenzisa isitebhisi ukuze wenyukele noma wehle ophahleni noma kwenye indawo, izinsimbi ezisezinhlangothini zesitebhisi kufanele zedlule okungenani ngemitha kulolo phahla noma indawo esincike kuyo. Vimbela ukuba imilenze yesitebhisi ingasheleli ngokuyibophela phansi noma ngokubethela ipulangwe phambi kwayo. Uma ungenakukwazi ukusiqinisa ngalezo zindlela, cela othile asibambe lapho usebenza. Bophela isihloko sesitebhisi ngokuqinile ukuze singanyakazi siye emaceleni.
◇ Ungasebenzisi amabhaxa esitebhisi lapho wakha isikafolo samapulangwe.
◇ Lapho umsebenzi owenzayo ufuna ukuba welulele izingalo nemilenze ngale kwesitebhisi, kungasinyakazisa. Kugweme lokhu ngoba kuyingozi. Mane usondeze isitebhisi kaningi ngangokunokwenzeka endaweni osebenzela kuyo.
◇ Uma kumelwe usebenze esitebhisini esibekwe phambi komnyango ovaliwe, beka uphawu lwesixwayiso emnyango futhi uwukhiye. Uma ungenakukwazi ukuwukhiya, makube nomlindi ozoxwayisa labo okudingeka badlule ngakhona.
◇ Umuntu oyedwa kuphela okumelwe abe sesitebhisini ngaphandle uma leso sitebhisi senzelwe abantu ababili.b
[Umbhalo waphansi]
b Uhlu olunezikhumbuzo ezengeziwe ngokusebenzisa isitebhisi lungatholakala kuyi-Phaphama! ka-August 8, 1999, amakhasi 22-24.
[Isithombe ekhasini 29]
UMthetho KaMose wawuthi izindlu ezinophahla oluyisicaba kwakumelwe zibiyelwe ngothango phezulu