Incwadi YeBhayibheli Ye-16—UNehemiya
Umlobi: UNehemiya
Yalotshelwa: EJerusalema
Ukuloba Kwaphela: Ngemva kuka-443 B.C.E.
Isikhathi Esihlanganisiwe: 456–ngemva kuka-443 B.C.E.
1. Isiphi isikhundla sokwethenjwa uNehemiya ayekuso, futhi yini eyayibaluleke kakhulu engqondweni yakhe?
UNEHEMIYA, ogama lakhe lisho ukuthi “UJah Uyaduduza,” wayeyinceku engumJuda yenkosi yasePheresiya uAritahishashita (Longimanus). Wayengumphathizitsha wenkosi. Lesi kwakuyisikhundla sokwethenjwa okukhulu nodumo, esasifiswa, ngoba sasinikeza ithuba lokusondela enkosini ngezikhathi lapho yayinesimo sengqondo sokujabula futhi ilungele ukubonisa umusa. Nokho, uNehemiya wayengomunye walabo bathunjwa abathembekile ababethanda iJerusalema ngaphezu kwanoma iyiphi ‘intokozo enkulu’ yabo siqu. (IHu. 137:5, 6) Kwakungesona isikhundla noma ingcebo yezinto ezibonakalayo okwakubaluleke kakhulu engqondweni kaNehemiya, kodwa, kunalokho kwakuwukubuyiselwa kokukhulekelwa kukaJehova.
2. Yisiphi isimo esidabukisayo esenza uNehemiya waba lusizi, kodwa yisiphi isikhathi esimisiwe esasisondela?
2 Ngo-456 B.C.E. labo ‘ababesele besindile ekuthunjweni,’ abayinsali yamaJuda eyayibuyele eJerusalema, babengachumi. Babesesimweni esidabukisayo. (Neh. 1:3) Ugange lomuzi lwalubhidlikile, futhi abantu babeyihlazo emehlweni ezitha zabo ezazihlala zikhona. UNehemiya wayedabukile. Nokho, kwase kuyisikhathi sikaJehova esimisiwe sokuba kwenziwe okuthile ngogange lwaseJerusalema. Kungakhathaliseki ukuthi kunezitha noma azikho, iJerusalema kanye nogange lwalo oluyisivikelo kwakumelwe kwakhiwe njengophawu lwesikhathi ngokuphathelene nesiprofetho uJehova ayesinikeze uDaniyeli esiphathelene nokuza kukaMesiya. (Dan. 9:24-27) Ngokufanelekile, uJehova waqondisa izenzakalo, esebenzisa uNehemiya othembekile noshisekayo ukuba afeze intando yaphezulu.
3. (a) Yini efakazela ukuthi uNehemiya ungumlobi, futhi kwenzeka kanjani ukuba lencwadi ibizwe ngokuthi uNehemiya? (b) Isikhathi esingakanani esihlukanisa lencwadi encwadini kaEzra, futhi incwadi kaNehemiya ihlanganisa miphi iminyaka?
3 Ngokungangabazeki uNehemiya ungumlobi wencwadi ebizwa ngegama lakhe. Isethulo esithi, “Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya,” nokusetshenziswa komuntu okhulumayo ekulotshweni kukufakazela ngokucacile lokhu. (Neh. 1:1) Ekuqaleni incwadi kaEzra nekaNehemiya zaziyincwadi eyodwa, ebizwa ngokuthi uEzra. Kamuva, amaJuda ayehlukanisa lencwadi yaba uEzra wokuQala nowesiBili, futhi ngemva kwalokho uEzra wesiBili waziwa ngokuthi uNehemiya. Isikhawu seminyaka ecishe ibe ngu-12 sihlukanisa izenzakalo zokugcina zikaEzra kanye nezenzakalo zokuqala zikaNehemiya, omlando wakhe uhlanganisa inkathi esukela ekupheleni kuka-456 B.C.E. kuze kube ngemva kuka-443 B.C.E.—1:1; 5:14; 13:6.
4. Incwadi kaNehemiya ivumelana kanjani nayo yonke imiBhalo?
4 Incwadi kaNehemiya ivumelana nayo yonke imiBhalo ephefumlelwe, eyingxenye yayo ngokufanelekile. Iqukethe izinkombo eziningi ezicashunwe eMthethweni, ibhekisela ezindabeni ezinjengokwenza izibopho zomshado nabezizwe (Dut. 7:3; Neh. 10:30), ukubolekisa (Lev. 25:35-38; Dut. 15:7-11; Neh. 5:2-11), neMikhosi yamaDokodo (Dut. 31:10-13; Neh. 8:14-18). Futhi, lencwadi iphawula ukuqala kokugcwaliseka kwesiprofetho sikaDaniyeli sokuthi iJerusalema laliyokwakhiwa kabusha kodwa phakathi kokuphikiswa, “esikhathini sokuhlupheka.”—Dan. 9:25.
5. (a) Ubufakazi obuvela kumiphi imithombo obukhomba u-475 B.C.E. njengonyaka wokumiswa kuka-Aritahishashita? (b) Unyaka wakhe wama-20 uba ngamuphi unyaka? (c) Incwadi kaNehemiya nekaLuka zihlobana kanjani ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaDaniyeli esiphathelene noMesiya?
5 Kuthiwani ngonyaka ka-455 B.C.E. wohambo lukaNehemiya lokuya eJerusalema ukuze ayovuselela ugange lomuzi? Ubufakazi obuthembekile obungokomlando obuvela emithonjeni yaseGrisi, ePheresiya, naseBabiloni bukhomba ku-475 B.C.E. njengonyaka wokubekwa kuka-Aritahishashita kanye no-474 B.C.E. njengonyaka wakhe wokuqala wokubusa.a Lokhu kwakuyokwenza unyaka wakhe wama-20 ube u-455 B.C.E. UNehemiya 2:1-8 ubonisa ukuthi kwakungentwasahlobo yalowonyaka, ngenyanga yesiJuda uNisan, lapho uNehemiya, umphathizitsha wasebukhosini, athola khona imvume enkosini yokubuyisela nokwakha kabusha iJerusalema, ugange lwalo, kanye namasango alo. Isiprofetho sikaDaniyeli sathi amasonto angu-69 eminyaka, noma iminyaka engu-483, ‘yayiyosukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi’—isiprofetho esagcwaliseka ngokuphawulekayo ekugcotshweni kukaJesu ngo-29 C.E., unyaka ongavumelana nakho kokubili umlando wezwe noweBhayibheli.b (Dan. 9:24-27; Luka 3:1-3, 23) Ngempela, incwadi kaNehemiya noLuka zihlangana kahle ngokuphawulekayo nesiprofetho sikaDaniyeli ekuboniseni uJehova uNkulunkulu njengoMlobi noMgcwalisi wesiprofetho seqiniso! Ngempela uNehemiya uyingxenye yemiBhalo ephefumlelwe.
OKUQUKETHWE INCWADI KANEHEMIYA
6. (a) Yimuphi umbiko obangela ukuba uNehemiya athandaze kuJehova, futhi isiphi isicelo inkosi esivumayo? (b) AmaJuda asabela kanjani ecebweni likaNehemiya?
6 UNehemiya uthunyelwa eJerusalema (1:1–2:20). UNehemiya ukhathazeke kakhulu ngenxa yombiko ovela kuHanani, obuyela eShunani evela eJerusalema ephethe izindaba zokuhlupheka okukhulu kwamaJuda lapho kanye nesimo esiwohlokile sogange namasango. Uzila ukudla futhi uyathandaza kuJehova ngokuthi “Nkulunkulu wezulu, wena-Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho.” (1:5) Uvuma izono zikaIsrayeli futhi unxusa uJehova ukuba akhumbule abantu baKhe ngenxa yegama laKhe, njengoba nje athembisa uMose. (Dut. 30:1-10) Lapho inkosi ibuza uNehemiya ukuthi kungani enyukubele, uNehemiya uyitshela ngesimo seJerusalema futhi ucela imvume yokuphindela futhi ayokwakha kabusha umuzi nogange lwawo. Isicelo sakhe siyavunywa, futhi ngokushesha uthatha uhambo lokuya eJerusalema. Ngemva kokuhlola ugange lomuzi ebusuku ukuze abone umsebenzi ongaphambili, uveza icebo lakhe kumaJuda, egcizelela ukuba khona kwesandla sikaNkulunkulu endabeni. Kulokhu athi: “Masisuke sakhe.” (Neh. 2:18) Lapho amaSamariya angomakhelwane kanye nabanye bezwa ukuthi umsebenzi uqalile, baqala ukuhleka usulu nokugcona.
7. Umsebenzi uqhubeka kanjani, futhi yisiphi isimo esibizela ukuhlela kabusha?
7 Ugange lwakhiwa kabusha (3:1–6:19). Umsebenzi wogange uqala ngosuku lwesithathu lwenyanga yesihlanu, kunabapristi, izikhulu, kanye nabantu behlanganyela ndawonye emsebenzini. Amasango omuzi kanye nezingange eziphakathi kuvuselelwa ngokushesha. USanibalati umHoroni uyagcona: ‘Benzani lababaJuda abangenamandla na? . . . Bazoqeda ngosuku na?’ Kulokhu, uThobiya wakwa-Amoni unezela okwakhe ukuhleka usulu: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.” (4:2, 3) Lapho ugange selukhuphuke lwaze lwaba phakathi nendawo, izitha ezidudene ziyathukuthela futhi zibopha uzungu lokuza zizokulwa neJerusalema. Kodwa uNehemiya ululeka amaJuda ukuba akhumbule “iNkosi enkulu neyesabekayo” nokuthi alwele imikhaya yawo kanye nemizi yawo. (4:14) Umsebenzi uhlelwa kabusha ukuze kubhekwane nesimo esishubile; abanye bahlala belindile bephethe imikhonto kuyilapho abanye besebenza bebhince izinkemba ezinkalweni zabo.
8. UNehemiya uzisingatha kanjani izinkinga eziphakathi kwamaJuda ngokwawo?
8 Nokho, kunezinkinga futhi phakathi kwamaJuda ngokwawo. Amanye afuna inzalo kubakhulekeli bakaJehova abakanye nabo, okungavumelani nomthetho wakhe. (Eks. 22:25) UNehemiya uyasilungisa lesimo, eluleka ngokumelene nokuthanda izinto ezibonakalayo, futhi abantu balalela ngokuzithandela. UNehemiya ngokwakhe, phakathi nayo yonke iminyaka yakhe engu-12 yokubusa, kusukela ku-455 B.C.E. kuya ku-443 B.C.E., akakaze afune isinkwa esinikezwa umbusi ngenxa yenkonzo enzima ayenzela abantu.
9. (a) UNehemiya ubhekana kanjani namacebo obuqili okumisa ukwakha? (b) Ugange luqedwa ngasiphi isikhathi?
9 Izitha manje zizama amacebo anobuqili ngokwengeziwe ukuze zimise ukwakha. Zimema uNehemiya ukuba eze emhlanganweni, kodwa uphendula ngokuthi ngeke awushiye phakathi umsebenzi omkhulu awenzayo. USanibalati manje umangalela uNehemiya ngokuvukela nangokuthi uceba ukuzenza inkosi kwaJuda, futhi ngokunyenya uqasha umJuda ukuba asabise uNehemiya ukuze acashe ngokungafanele ethempelini. UNehemiya akakuvumeli ukusatshiswa, futhi ngesizotha nangokulalela uqhubeka nomsebenzi awabelwe uNkulunkulu wakhe. Ugange luphela “ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili.”—Neh. 6:15.
10. (a) Abantu bahlalaphi, futhi yikuphi ukubhaliswa okwenziwayo? (b) Yimuphi manje umhlangano obizwayo, futhi siyini isimiso sosuku lokuqala?
10 Ukufundisa abantu (7:1–12:26). Kunabantu nezindlu ezimbalwa eziphakathi emzini, ngenxa yokuthi amaIsrayeli amaningi ahlala ngaphandle ngokwamazwe ayifa lezizwe zawo. UNkulunkulu uqondisa uNehemiya ukuba ahlanganise izikhulu kanye nabo bonke abantu ukuba bazobhaliswa ngokwezizukulwane. Ekwenzeni lokhu, ubheka umbhalo ogciniwe walabo ababuya eBabiloni. Ngokulandelayo kubizwa umhlangano othatha izinsuku eziyisishiyagalombili endaweni yomphakathi eduze kweSango laManzi. UEzra uqalisa isimiso esiteji esakhiwe ngamapulangwe. Udumisa uJehova abese efunda encwadini yoMthetho kaMose kusukela ekuseni kuze kube semini. Usizwa amanye amaLevi afanelekayo, achazela abantu uMthetho futhi ayaqhubeka ‘efunda encwadini, eMthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle, bechaza, bebaqondisa okufundwayo.’ (8:8) UNehemiya unxusa abantu ukuba benze idili futhi bajabule futhi baqaphele ukuba namandla kwamazwi athi: “Injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”—8:10.
11. Yimuphi umhlangano okhethekile oba ngosuku lwesibili, futhi umhlangano uqhubeka kanjani ngenjabulo?
11 Ngosuku lwesibili lomhlangano, izinhloko zabantu zinomhlangano okhethekile noEzra ukuze zizuze ukuqonda eMthethweni. Zifunda ngoMkhosi wamaDokodo okumelwe ugujwe kuyo kanye lenyanga yesikhombisa, futhi ngokushesha zihlela ukwakha amadokodo ngenxa yalelidili likaJehova. Kukhona “ukuthokoza okukhulu kakhulu” njengoba behlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, usuku nosuku bezwa ukufundwa koMthetho. Ngosuku lwesishiyagalombili, baba nomhlangano ozothileyo, “njengomthetho.”—Neh. 8:17, 18; Lev. 23:33-36.
12. (a) Yimuphi umhlangano oba khona kamuva enyangeni efanayo, unasiphi isihloko? (b) Yisiphi isinqumo esenziwayo? (c) Yiliphi ilungiselelo elenziwayo lokwenza ukuba iJerusalema libe nabantu?
12 Ngosuku lwama-24 lwayo leyonyanga, abantwana bakwaIsrayeli bayaphinda bahlangane futhi baqhubeka bezihlukanisa nabo bonke abezizwe. Balalela ukufundwa okukhethekile koMthetho kanye nokubukezwa okuhlola inhliziyo kokusebenzelana kukaNkulunkulu noIsrayeli, okunikezwa iqembu lamaLevi. Lokhu kuba nesihloko esithi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube-phakade; malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.” (Neh. 9:5) Baqala ukuvuma izono zoyisemkhulu futhi ngokuzithoba bacela isibusiso sikaJehova. Lokhu kwenziwa ngendlela yesinqumo esifakazelwa ngokunanyatheliswa kophawu lwabameleli besizwe. Lonke iqembu liyavuma ukuba lingaganiselani nabantu bezwe, ukuba ligcine amaSabatha, nokuba linikelele inkonzo yasethempelini kanye nezisebenzi. Kukhethwa umuntu oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale phakade eJerusalema, phakathi kwezingange zalo.
13. Yisiphi isimiso somhlangano esiqhutshwa ekunikezelweni kogange, futhi yimaphi amalungiselelo aba umphumela?
13 Ugange luyanikezelwa (12:27–13:3). Ukunikezelwa kogange olwakhiwe kabusha kuyisikhathi sokuhlabelela nenjabulo. Kuyisikhathi somunye umhlangano. UNehemiya ulungiselela amaqembu amabili amakhulu abahlabeleli adlulisela ukubonga kanye nezindwendwe ukuba zihambe ogangeni zibheke ezinhlangothini ezehlukene, kamuva zihlanganyela ekwenzeni iminikelo endlini kaJehova. Kwenziwa amalungiselelo okunikela ngezinto ezibonakalayo ukuze kusekelwe abapristi namaLevi ethempelini. Okunye ukufundwa kweBhayibheli kwembula ukuthi abakwa-Amoni nabakwaMowabi akumelwe bavunyelwe ukuba beze ebandleni, khona-ke baqala ukuhlukanisa yonke ingxubevange kuIsrayeli.
14. Chaza ukonakala okuvela phakathi nesikhathi sokungabikho kukaNehemiya, kanye nezinyathelo azithathayo ukuze akuqede.
14 Ukuhlambulula ukungcola (13:4-31). Ngemva kokuchitha isikhathi esithile eBabiloni, uNehemiya uphindela eJerusalema futhi uthola ukuthi kunokonakala okusha okungene ngokunyenya phakathi kwamaJuda. Yeka ukuthi izinto zishintshe ngokushesha kangakanani! Umpristi omkhulu uEliyashibi wenze ngisho negumbi lokudlela emagcekeni ethempeli ukuze lisetshenziswe uThobiya, wakwa-Amoni, esinye sezitha zikaNkulunkulu. UNehemiya akachithi sikhathi. Untshinga ngaphandle izinto zekamelo lokudlela likaThobiya futhi uhlambulula wonke amakamelo okudlela. Uthola futhi ukuthi iminikelo yezinto ezibonakalayo yamaLevi ayisenziwa, ngakho sebephumela ngaphandle kweJerusalema ukuze baziphilise. Ukuhweba sekugcwele kuwo wonke umuzi. ISabatha alisagcinwa. UNehemiya uyabatshela: “Nina niyenezela intukuthelo phezu kukaIsrayeli ngokulona isabatha.” (13:18) Uvala amasango omuzi ngeSabatha ukuze abathengisi bangangeni, futhi uyabaxosha ogangeni lomuzi. Kodwa kunobubi obungaphezu kwalobu, okuthile ababevumelane ngakho ngokuqinile ukuthi ngeke baphinde bakwenze. Bangenise emzini abesifazane bezizwe, abangamaqaba. Kakade inzalo yalokhu kuhlangana ayisakhulumi ulimi lwesiJuda. UNehemiya ubakhumbuza ukuthi uSolomoni wona ngenxa yabafazi bezizwe. Ngenxa yalesisono, uNehemiya uxosha umzukulu kaEliyashibi umpristi omkhulu.c Khona-ke uhlela kahle abapristi kanye nomsebenzi wamaLevi.
15. Yisiphi isicelo sokuzithoba esenziwa uNehemiya?
15 UNehemiya uphetha incwadi yakhe ngesicelo esilula nesokuzithoba: “Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube-kuhle kimi.”—13:31.
ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO
16. Kungaziphi izindlela uNehemiya ayisibonelo esivelele ngazo kubo bonke abathandi bokukhulekela okuyikho?
16 Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kukaNehemiya kumelwe kushukumise bonke abathandi bokukhulekela okuyikho. Washiya isikhundla esifiselekayo ukuze abe umbonisi othobekile phakathi kwabantu bakaJehova. Waze wenqaba ngisho nomnikelo wezinto ezibonakalayo owawuyilungelo lakhe, futhi wakulahla ngokuphelele ukuthanda izinto ezibonakalayo njengokuwugibe. Ukuphishekela ngentshiseko nokuphakamisa ukukhulekelwa kukaJehova yilokho uNehemiya ayekukhuthaza kuso sonke isizwe. (5:14, 15; 13:10-13) UNehemiya wayeyisibonelo esivelele kithi ekubeni ongenabugovu ngokuphelele nohlakaniphileyo, indoda ekhuthele, enesibindi ngenxa yokulunga lapho ibhekene nengozi. (4:14, 19, 20; 6:3, 15) Wayenokwesaba okufanelekile ngoNkulunkulu futhi wayenesithakazelo ekwakheni izinceku akanye nazo okholweni. (13:14; 8:9) Wawusebenzisa ngentshiseko umthetho kaJehova, ikakhulukazi njengoba wawuhlobana nokukhulekela kweqiniso kanye nokwenqaba amathonya ezizwe, anjengokushada namaqaba.—13:8, 23-29.
17. UNehemiya uyisibonelo kanjani futhi ekubeni nolwazi nasekusebenziseni umthetho kaNkulunkulu?
17 Kuyo yonke lencwadi kusobala ukuthi uNehemiya wayenolwazi oluhle lomthetho kaJehova, futhi walusebenzisa kahle. Wanxusa isibusiso sikaNkulunkulu ngenxa yesithembiso sikaJehova kuDuteronomi 30:1-4, enokholo olugcwele lokuthi uJehova wayeyokwenza ngokwethembeka ngenxa yakhe. (Neh. 1:8, 9) Wahlela imihlangano eminingi, ngokuyinhloko ukuze ajwayelanise amaJuda nezinto ezalotshwa ngaphambili. Ekufundeni kwabo uMthetho, uNehemiya noEzra babekhuthele ekwenzeni iZwi likaNkulunkulu licace kubantu kanye nokulilandela ngokusebenzisa abakufundile.—8:8, 13-16; 13:1-3.
18. Yiziphi izifundo okumelwe zigcizelelwe ukuhola kukaNehemiya okuqotho kubo bonke ababonisi?
18 Ukuthembela kukaNehemiya ngokugcwele kuJehova kanye nokunxusa kwakhe kokuzithoba kumelwe kusikhuthaze ukuba sihlakulele isimo esifanayo sokuncika kuNkulunkulu ngomthandazo. Phawula indlela imithandazo yakhe eyayimkhazimulisa ngayo uNkulunkulu, ibonisa ukuqaphela izono zabantu bakhe, futhi inxusa ukuba igama likaJehova lingcweliswe. (1:4-11; 4:14; 6:14; 13:14, 29, 31) Ukuthi lombonisi oshisekayo wayengumthombo wamandla phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kwaboniswa ukulungela kwabo ukulandela isiqondiso sakhe esihlakaniphile kanye nenjabulo abayithola ekwenzeni intando kaNkulunkulu kanye naye. Isibonelo esishukumisayo ngempela! Nokho, lapho umbonisi ohlakaniphile engekho, yeka indlela ukuthanda izinto ezibonakalayo, ukonakala, kanye nokuhlubuka ngokushesha okwangena ngokunyenya ngayo! Ngokuqinisekile lokhu kumelwe kugcizelele kubo bonke ababonisi abaphakathi kwabantu bakaNkulunkulu namuhla isidingo sokuphaphama, ukuqapha, ukushisekela izithakazelo zabafowabo abangamaKristu, kanye nokuqonda nokuqina ekubaholeleni ezindleleni zokukhulekela kweqiniso.
19. (a) UNehemiya walisebenzisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ukuze aqinise ukuthembela ezithembisweni zoMbuso? (b) Ithemba loMbuso lizishukumisa kanjani izinceku zikaNkulunkulu namuhla?
19 UNehemiya wabonisa ukuthembela okuqinile eZwini likaNkulunkulu. Wayengeyena nje kuphela umfundi oshisekayo wemiBhalo kodwa futhi wayisebenzisa ekwabeni amafa ngokwezizukulwane kanye nenkonzo yabapristi namaLevi phakathi kwabantu bakaNkulunkulu ababuyiselwe. (Neh. 1:8; 11:1–12:26; Josh. 14:1–21:45) Kumelwe ukuthi lokhu kwakuyisikhuthazo esikhulu ensalini yamaJuda. Kwaqinisa ukuthembela kwayo ezithembisweni ezinhle ezazinikezwe ngaphambili ngokuphathelene neMbewu kanye nokubuyiselwa okukhulu okusazokuza ngaphansi koMbuso waYo. Ithemba lokubuyiselwa koMbuso elishukumisela izinceku zikaNkulunkulu ukuba zilwele izithakazelo zoMbuso ngesibindi futhi zibe matasa ekwakheni ukukhulekela kweqiniso kuwo wonke umhlaba.
[Imibhalo yaphansi]
a Insight on the Scriptures, Umq. 2, amakhasi 613-16.
b Insight on the Scriptures, Umq. 2, amakhasi 899-901.
c Ezinye izazi-mlando zamaJuda zithi lomzukulu kaEliyashibi kwakuthiwa uManase, nokuthi ekanye nomukhwe wakhe, uSanibalati, wakha ithempeli eNtabeni yaseGerizimu, elaba isikhungo sokukhulekela kwamaSamariya futhi wayesesikhundleni sobupristi ngesikhathi sokuphila kwakhe. IGerizimu yintaba uJesu abhekisela kuyo kuJohane 4:21.—The Second Temple in Jerusalem, 1908, W. Shaw Caldecott, amakhasi 252-5; bheka iWatchtower, July 15, 1960, amakhasi 425-6.