“Munye OnguMholi Wenu, UKristu”
“Ningabizwa . . . ngokuthi ‘abaholi,’ ngoba munye onguMholi wenu, uKristu.”—MATH. 23:9, 10.
1. Ubani oFakazi BakaJehova abambheka njengoMholi, futhi ngani?
AMASONTO eLobukholwa anabaholi abangabantu, njengopapa wamaRoma, obaba besonto nababhishobhi basemasontweni obu-Orthodox aseMpumalanga kanye nezinhloko zezinye izinkolo. Akekho umuntu oFakazi BakaJehova abambheka njengomholi wabo. Ababona abafundi noma abalandeli bomuntu othile. Lokhu kuvumelana nalokho okwaprofethwa uJehova ngeNdodana yakhe: “Bheka! Ngimnike ukuba abe ngufakazi emaqenjini ezizwe, abe ngumholi nomyali emaqenjini ezizwe.” (Isaya 55:4) Ibandla lezizwe zonke lamaKristu agcotshiwe kanye nabangane bawo ‘bezinye izimvu’ abamfuni omunye umholi ngaphandle kwalowo abamnikwe uJehova. (Joh. 10:16) Bavumelana nala mazwi kaJesu: “Munye onguMholi wenu, uKristu.”—Math. 23:10.
ISikhulu Sika-Israyeli Esiyingelosi
2, 3. INdodana kaNkulunkulu yafeza yiphi indima kwa-Israyeli?
2 Emakhulwini eminyaka ngaphambi kokumiswa kwebandla lobuKristu, uJehova wasebenzisa umholi oyingelosi ukuze ahole abantu bakhe bakwa-Israyeli. Ngemva kokukhipha u-Israyeli eGibhithe, uJehova wamtshela: “Bheka ngithumela ingelosi ngaphambi kwakho ukuba ikugcine endleleni futhi ikungenise endaweni engiyilungiselele. Zilinde ngenxa yayo futhi ulalele izwi layo. Ungayidlubulundeli, ngoba ngeke isixolele iseqo senu; ngoba igama lami lingaphakathi kuyo.” (Eks. 23:20, 21) Kunengqondo ukukholelwa ukuthi le ngelosi ‘eyayinegama likaJehova ngaphakathi kuyo,’ kwakuyiNdodana kaNkulunkulu eyizibulo.
3 Ngaphambi kokuba izalwe njengomuntu, kubonakala sengathi iNdodana kaNkulunkulu yayibizwa ngokuthi uMikayeli. Encwadini kaDaniyeli, uMikayeli ubizwa ngokuthi “isikhulu” sabantu bakubo kaDaniyeli, u-Israyeli. (Dan. 10:21) Umfundi uJude ubonisa ukuthi uMikayeli wayehilelekile ezindabeni zakwa-Israyeli esikhathini eside ngaphambi kokuzalwa kukaDaniyeli. Ngemva kokufa kukaMose, kubonakala sengathi uSathane wayehlose ukusebenzisa isidumbu sikaMose ukuze aqhubekisele phambili izinjongo zakhe ngandlela-thile, cishe ngokunxenxela u-Israyeli ukuba ahileleke emkhubeni wokukhonza izithombe. UMikayeli wangenela ukuze anqande lokhu. UJude uthi: “Lapho uMikayeli ingelosi eyinhloko eba nokungezwani noDeveli futhi bephikisana ngesidumbu sikaMose, akazange alokothe amahlulele ngamazwi ahlambalazayo, kodwa wathi: ‘Kwangathi uJehova angakukhuza.’” (Jude 9) Ngemva nje kancane kwalokho, ngaphambi kokuvinjezelwa kweJeriko, cishe “isikhulu sebutho likaJehova” esabonakala kuJoshuwa ukuze simqinisekise ukuthi uNkulunkulu wayeyomsekela sasinguMikayeli. (Funda uJoshuwa 5:13-15.) Lapho isikhulu esiyidemoni sizama ukuvimba ingelosi ethile ukuba ingadluliseli umyalezo obalulekile kumprofethi uDaniyeli, uMikayeli ingelosi enkulu wayisiza leyo ngelosi.—Dan. 10:5-7, 12-14.
Ukuza KoMholi Owayebikezelwe
4. Isiphi isiprofetho esashiwo ngokuza kukaMesiya?
4 Ngaphambi kwalesi senzakalo, uJehova wayethume ingelosi yakhe uGabriyeli kumprofethi uDaniyeli ukuba iyomtshela isiprofetho esiphathelene nokuza ‘kukaMesiya uMholi.’ (Dan. 9:21-25)a Ngaso kanye isikhathi esasibikezelwe, ekwindla ka-29 C.E., uJesu wabhapathizwa uJohane. Umoya ongcwele wathululelwa kuJesu, wamenza waba oGcotshiwe—uKristu, uMesiya. (Math. 3:13-17; Joh. 1:29-34; Gal. 4:4) Njengogcotshiweyo, wayezoba uMholi ongenakuqhathaniswa.
5. UKristu wabonisa kanjani ukuthi unguMholi phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni?
5 Kusukela ekuqaleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wazibonakalisa ‘enguMesiya uMholi.’ Ezinsukwini ezimbalwa nje, waqala ukubutha abafundi futhi wenza isimangaliso sakhe sokuqala. (Joh. 1:35–2:11) Abafundi bakhe bamlandela njengoba ayelidabula lonke izwe eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Luka 8:1) Wabaqeqesha kulo msebenzi wokushumayela futhi wahola kuwo nasekufundiseni, ebabekela isibonelo esihle. (Luka 9:1-6) Abadala abangamaKristu namuhla benza kahle ngokumlingisa kulesi sici.
6. UKristu wazibonakalisa kanjani enguMalusi noMholi?
6 UJesu wakhuluma nangesinye isici sobuholi bakhe ngokuzifanisa nomalusi onothando. Abelusi baseMpumalanga babeyihola ngokoqobo imihlambi yabo. Encwadini ethi The Land and the Book, uW. M. Thomson wabhala: “Umalusi uhamba phambili, hhayi kuphela ngenjongo yokubonisa izimvu indlela kodwa futhi ukuze abone ukuthi iyahambeka futhi iphephile. . . . Wayesebenzisa intonga [yakhe] ukuze alawule futhi aholele umhlambi wakhe emadlelweni aluhlaza futhi awuvikele ezitheni.” Ebonisa ukuthi unguMalusi noMholi weqiniso, uJesu wathi: “Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle unikela umphefumulo wakhe ngenxa yezimvu. Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela.” (Joh. 10:11, 27) Ngokuvumelana nezwi lakhe, uJesu wafa ukufa okuwumhlatshelo ngenxa yezimvu zakhe, kodwa uJehova “wamvusa ukuze abe umholi noMsindisi.”—IzE. 5:31, New Jerusalem Bible; Heb. 13:20.
Umbonisi Webandla LobuKristu
7. UJesu usebenzisani ukuze ahole ibandla lobuKristu?
7 Ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini, uJesu ovusiwe watshela abafundi bakhe: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Math. 28:18) UJehova wanika uJesu igunya lokunikeza abafundi bakhe umoya ongcwele ukuze ubaqinise eqinisweni lobuKristu. (Joh. 15:26) UJesu wathululela lo moya kumaKristu okuqala ngePhentekoste lika-33 C.E. (IzE. 2:33) Lokho kuthululwa komoya ongcwele kwaphawula ukusungulwa kwebandla lobuKristu. UJehova wanika iNdodana yakhe igunya lokuhola ibandla emhlabeni isezulwini. (Funda eyabase-Efesu 1:22; Kolose 1:13, 18.) UJesu uqondisa ibandla lobuKristu ngomoya ongcwele kaJehova futhi usebenzisa nezingelosi ‘ezenziwa zamthobela.’—1 Pet. 3:22.
8. UKristu wasebenzisa obani emhlabeni ukuze ahole abafundi bakhe ngekhulu lokuqala, futhi usebenzisa obani namuhla?
8 Ngomoya ongcwele, uKristu wanikeza ibandla ‘nezipho ezingabantu,’ abanye “njengabelusi nanjengabafundisi.” (Efe. 4:8, 11) Umphostoli uPawulu wanxusa ababonisi abangamaKristu: “Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ngababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu.” (IzE. 20:28) Lapho ibandla lobuKristu liqala, bonke laba babonisi babengamadoda agcotshwe ngomoya. Abaphostoli nabadala bebandla laseJerusalema bakhonza njengendikimba ebusayo. UKristu wasebenzisa bona ukuze ahole lonke iqembu ‘labafowabo’ abagcotshiwe emhlabeni. (Heb. 2:11; IzE. 16:4, 5) Kulesi sikhathi sokuphela, uKristu uphathise “inceku [yakhe] ethembekileyo neqondayo” neNdikimba Ebusayo eyimelelayo, eyiqembu lamadoda angamaKristu agcotshiwe ‘konke okungokwakhe’—zonke izinto eziphathelene noMbuso emhlabeni. (Math. 24:45-47) Abagcotshiweyo nabangane babo bezinye izimvu bayaqaphela ukuthi lapho belandela ukuhola kweNdikimba Ebusayo yosuku lwanamuhla, eqinisweni balandela uMholi wabo, uKristu.
UKristu Uqala Umsebenzi Wokushumayela
9, 10. UKristu waziqondisa kanjani izinto ngokuphathelene nokusakazwa kwezindaba ezinhle zoMbuso?
9 Kusukela ekuqaleni, uJesu wawuqondisa ngokwakhe umsebenzi wokushumayela nokufundisa emhlabeni wonke. Wanikeza uhlelo izindaba ezinhle zoMbuso ezaziyodluliselwa ngalo kubantu emhlabeni. Phakathi nenkonzo yakhe, wayala abaphostoli bakhe: “Ningayi emgwaqweni wezizwe, futhi ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa, esikhundleni salokho, yanini njalo ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli. Njengoba nihamba, nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’” (Math. 10:5-7) Lokhu bakwenza ngentshiseko phakathi kwamaJuda namaproselithe, ikakhulu ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E.—IzE. 2:4, 5, 10, 11; 5:42; 6:7.
10 Kamuva, ebaqondisa ngomoya ongcwele, uJesu wakhulisa lo msebenzi wokushumayela ngoMbuso ukuze ufinyelele amaSamariya bese kuba nabanye abangewona amaJuda. (IzE. 8:5, 6, 14-17; 10:19-22, 44, 45) Enombono wokuthuthukisa ukusakazwa kwezindaba ezinhle ezizweni, uJesu wathatha isinyathelo ngokwakhe, washukumisela uSawulu waseTarsu ukuba abe umKristu. Wayala umfundi wakhe u-Ananiya: “Vuka, uye emgwaqweni okuthiwa uQondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu, waseTarsu. . . . Hamba, ngoba lo muntu uyisitsha sami esikhethiweyo ukuba aphathe igama lami ezizweni nasemakhosini nakubantwana bakwa-Israyeli.” (IzE. 9:3-6, 10, 11, 15) “Lo muntu” waba umphostoli uPawulu.—1 Thim. 2:7.
11. UKristu wawusebenzisa kanjani umoya ongcwele ukuze andise umsebenzi wokushumayela?
11 Lapho isikhathi sokwandisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ezizweni zabangemaJuda sifika, uPawulu wathola isiqondiso saphezulu ngokuqondene nohambo lwakhe lwezithunywa zevangeli lwase-Asia Minor nolwaseYurophu. Ukulandisa kukaLuka okusencwadini yezEnzo kuthi: “Njengoba [abaprofethi nabafundisi abangamaKristu ebandleni lase-Antiyokiya yaseSiriya] babekhonza uJehova obala futhi bezila ukudla, umoya ongcwele wathi: ‘Kubo bonke abantu ngihlukaniseleni uBarnaba noSawulu ukuze benze umsebenzi engibabizele wona.’ Khona-ke bazila ukudla futhi bathandaza bababeka izandla bahamba.” (IzE. 13:2, 3) UJesu wayembize ngokwakhe uSawulu waseTarsu ukuze abe ‘isitsha saKhe esikhethiweyo’ sokuphatha igama laKhe ezizweni; ngakho, lesi sikhonzi esaba negalelo elisha emsebenzini wokushumayela sasivela kuKristu, uMholi webandla. Ukusebenzisa kukaJesu umoya ongcwele ukuze aqondise lo msebenzi kwakhanya bha phakathi nohambo lukaPawulu lwesibili lwezithunywa zevangeli. Ukulandisa kuthi “umoya kaJesu,” okusho ukuthi, uJesu esebenzisa umoya ongcwele, waqondisa uPawulu nabangane bakhe ayeshumayela nabo lapho bekhetha izindawo abazoya kuzo, futhi umbono wabaholela ukuba badlulele eYurophu.—Funda IzEnzo 16:6-10.
UJesu Uhola Ibandla Lakhe
12, 13. Incwadi yesAmbulo ibonisa kanjani ukuthi uJesu uyakuqaphelisisa okwenzeka ebandleni ngalinye?
12 UJesu wayekuqaphelisisa okwakwenzeka emabandleni abalandeli bakhe abagcotshiwe ekhulwini lokuqala C.E. Wayesazi kahle isimo esingokomoya sebandla ngalinye. Lokhu kuba sobala lapho sifunda isAmbulo isahluko 2 no-3. Ugagula amabandla ayisikhombisa, wonke ayese-Asia Minor. (IsAm. 1:11) Sinezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi wayesazi nesimo esingokomoya samanye amabandla abalandeli bakhe emhlabeni angaleso sikhathi.—Funda isAmbulo 2:23.
13 UJesu watusa amanye alawo mabandla ngokukhuthazela kwawo, ukwethembeka lapho evivinywa, ukuba qotho ezwini lakhe nangokwenqaba izihlubuki. (IsAm. 2:2, 9, 13, 19; 3:8) Amanye wawanikeza iseluleko esiqinile ngoba uthando lwawo ngaye lwase lupholile, evumela ukukhonza izithombe, ubufebe namahlelo. (IsAm. 2:4, 14, 15, 20; 3:15, 16) Njengombonisi wawo onothando owayesezulwini—ngisho nakulawo awanikeza iseluleko esiqinile—uJesu wathi: “Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibayale. Ngakho-ke shiseka, uphenduke.” (IsAm. 3:19) Nakuba ayesezulwini, uJesu wayehola amabandla abafundi bakhe emhlabeni ngomoya ongcwele. Waphetha isigijimi ngasinye esasiya kulawo mabandla ngokuthi: “Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.”—IsAm. 3:22.
14-16. (a) UJesu uzibonakalise kanjani enguMholi onesibindi wabantu bakaJehova emhlabeni? (b) Ukuba kukaJesu nabafundi bakhe “izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto” kwaba namuphi umphumela? (c) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
14 Sibonile ukuthi uMikayeli (uJesu) wazibonakalisa enguMholi ka-Israyeli oyingelosi eyiqhawe. Kamuva, uJesu waba uMholi onesibindi noMalusi onothando wabafundi bakhe bokuqala. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, wahola emsebenzini wokushumayela. Ngemva kokuvuswa kwakhe, wabuye wakuqondisa ngokucophelela ukusakazwa kwezindaba ezinhle zoMbuso.
15 UJesu wayeyosebenzisa umoya ongcwele ukuze umsebenzi wokushumayela ugcine usufinyelele nasemajukujukwini omhlaba. Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, watshela abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8; funda eyoku-1 Petru 1:12.) Ngaphansi kokuqondisa kukaKristu, kwanikezwa ubufakazi obukhulu ekhulwini lokuqala.—Kol. 1:23.
16 Nokho, uJesu ngokwakhe wabonisa ukuthi lo msebenzi wawuyoqhubeka kuze kube sesikhathini sokuphela. Ngemva kokuthuma abalandeli bakhe ukuba bashumayele futhi benze abafundi kuzo zonke izizwe, wabathembisa: “Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:19, 20) Kusukela anikwa amandla obukhosi ngo-1914, uKristu ubelokhu ‘enabafundi’ bakhe futhi ebahola kunanini ngaphambili. Sizohlola umsebenzi wakhe omkhulu abelokhu ewenza kusukela ngo-1914 esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo edingida lesi siprofetho, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
Ake Sibukeze
• INdodana kaNkulunkulu yazibonakalisa kanjani inguMholi okhuthele ka-Israyeli?
• UKristu usebenzisani ukuze ahole ibandla lakhe emhlabeni?
• UKristu uye wakuqondisa kanjani ukusakazwa kwezindaba ezinhle?
• Yini ebonisa ukuthi uKristu uyasiqaphelisisa isimo esingokomoya sebandla ngalinye?
[Isithombe ekhasini 21]
“Ngithumela ingelosi ngaphambi kwakho”
[Isithombe ekhasini 23]
Njengasesikhathini esidlule, uKristu usebenzisa ‘izipho ezingabantu’ ukuze eluse umhlambi wakhe