IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaLevitikusi
AWUKAPHELI unyaka ama-Israyeli ekhululiwe ebugqilini baseGibhithe. Njengoba manje esehlelwe aba isizwe esisha, asendleleni eya ezweni laseKhanani. Injongo kaJehova iwukuba nesizwe esingcwele esihlala lapho. Nokho, indlela yokuphila nemikhuba yenkolo yabantu baseKhanani yonakele kakhulu. Ngakho uNkulunkulu weqiniso unika ibandla lama-Israyeli iziqondiso ezizolihlukanisela inkonzo yakhe. Lezi ziqondiso zilotshwe encwadini yeBhayibheli kaLevitikusi. Le ncwadi eyalotshwa umprofethi uMose ehlane laseSinayi, cishe ngo-1512 B.C.E., ilandisa umlando wama-Israyeli wenyanga eyodwa egcwele. (Eksodusi 40:17; Numeri 1:1-3) UJehova ubanxusa ephindelela abakhulekeli bakhe ukuba babe ngcwele.—Levitikusi 11:44; 19:2; 20:7, 26.
OFakazi BakaJehova namuhla abekho ngaphansi koMthetho uNkulunkulu awukhipha ngoMose. Ukufa kukaJesu Kristu kwawuqeda lowo Mthetho. (Roma 6:14; Efesu 2:11-16) Nokho, iziqondiso ezitholakala kuLevitikusi zingasizuzisa, zisifundise okuningi ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu wethu, uJehova.
IMINIKELO ENGCWELE—EYOKUZITHANDELA NEYISIBOPHO
Eminye yeminikelo nemihlatshelo yoMthetho yayingeyokuzithandela, kanti eminye yayiyisibopho. Ngokwesibonelo, umnikelo wokushiswa wawungowokuzithandela. Wawunikelwa wonke kuNkulunkulu, njengoba noJesu Kristu akunikela ngokuzithandela nangokuphelele ukuphila kwakhe njengomhlatshelo wesihlengo. Umhlatshelo wenhlanganyelo owawenziwa ngokuzithandela wawuhlanganyelwa. Enye ingxenye yawo yayiyiswa kuNkulunkulu e-altare, enye idliwe umpristi, kuthi enye idliwe ilowo onikelayo. Ngokufanayo, iSikhumbuzo sokufa kukaKristu siyisidlo senhlanganyelo kumaKristu agcotshiwe.—1 Korinte 10:16-22.
Iminikelo yesono neminikelo yecala yayiyisibopho. Owokuqala wawuhlawulela izono ezenziwe ngephutha, noma kungahlosiwe. Umnikelo wesibili wawuyisihlawulelo kuNkulunkulu lapho koniwe ilungelo lothile, noma wawubuyisela amalungelo athile kumenzi wokubi ophendukile—noma wawukwenza kokubili. Kwakukhona neminikelo yokusanhlamvu yokubonga ubuningi bamalungiselelo avela kuJehova. Zonke lezi zinto ziyasithakazelisa ngoba imihlatshelo eyayifuneka ngaphansi kwesivumelwano soMthetho yayikhomba kuJesu Kristu nasemhlatshelweni wakhe noma ezinzuzweni ezaziyolethwa umhlatshelo wakhe.—Hebheru 8:3-6; 9:9-14; 10:5-10.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:11, 12—Kungani uJehova ayengalwamukeli uju “njengomnikelo . . . oshiswa emlilweni”? Uju okukhulunywa ngalo lapha lwalungenakuba uju lwezinyosi. Nakuba lwalungavunyelwe “njengomnikelo . . . oshiswa emlilweni,” lwaluyingxenye ‘yolibo lwemikhiqizo yensimu.’ (2 IziKronike 31:5) Ngokusobala lolu ju lwaluwujusi, noma usulubha wezithelo. Njengoba lwalungabola, lwalungamukelekile njengomnikelo e-altare.
2:13—Kungani usawoti kwakumelwe ulethwe “kanye nayo yonke iminikelo”? Lokhu kwakungenzelwa ukunonga umhlatshelo. Emhlabeni wonke, usawoti usetshenziselwa ukuvimbela ukubola kokudla. Kungenzeka wawulethwa neminikelo ngoba wawumelela ukungonakali nokungaboli.
Izifundo Esizitholayo:
3:17. Njengoba amanoni ayebhekwa njengengxenye engcono kakhulu noma ecebe kakhulu, kusobala ukuthi ukunqatshelwa kokudliwa kwawo kwagcizelela kuma-Israyeli ukuthi ingxenye engcono kakhulu ingekaJehova. (Genesise 45:18) Lokhu kusikhumbuza ukuthi kufanele uJehova simnike okungcono kakhulu.—IzAga 3:9, 10; Kolose 3:23, 24.
7:26, 27. Ama-Israyeli kwakungamelwe adle igazi. Ngokombono kaNkulunkulu, igazi limelela ukuphila. ULevitikusi 17:11 uthi “umphefumulo [ukuphila] wenyama usegazini.” Ukudeda egazini kuseyindinganiso yokukhulekela kweqiniso nanamuhla.—IzEnzo 15:28, 29.
KUMISWA UBUPRISTI OBUNGCWELE
Obani abaphathiswa umthwalo wemfanelo wokunakekela imisebenzi eyayihlangene neminikelo nemihlatshelo? Abapristi. Njengoba ayeyalezwe uNkulunkulu, uMose waqhuba umkhosi wokumiswa kuka-Aroni, umpristi ophakeme, namadodana akhe amane ayezoba abapristi ngaphansi kwakhe. Kubonakala sengathi lo mkhosi wadonsa izinsuku eziyisikhombisa futhi ubupristi baqala ukusebenza ngosuku olulandelayo.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
9:9—Kwakubonisani ukuthululwa kwegazi phansi e-altare nokubhecwa kwalo ezintweni ezihlukahlukene? Lokhu kwakubonisa ukuthi uJehova wayamukela igazi ngezinjongo zokuhlawulelwa. Lonke ilungiselelo lokuhlawulelwa lalisekelwe egazini. Umphostoli uPawulu wabhala: “Cishe izinto zonke zihlanzwa ngegazi ngokoMthetho, futhi ngaphandle kokuba kuthululwe igazi akukho ukuthethelelwa okuba khona.”—Hebheru 9:22.
10:1, 2—Yini okungenzeka yayihilelekile esonweni samadodana ka-Aroni, uNadabi beno-Abhihu? Ngokushesha ngemva kokuba uNadabi no-Abhihu beqe imingcele emisebenzini yabo yobupristi, uJehova wabenqabela abapristi ukuphuza iwayini noma uphuzo oludakayo lapho bekhonza etabernakele. (Levitikusi 10:9) Lokhu kusikisela ukuthi kungenzeka amadodana ka-Aroni amabili ayephuze utshwala ngesikhathi kwenzeka lokhu okuchazwe lapha. Nokho, isizathu sangempela sokufa kwawo sasiwukunikela “umlilo ongekho emthethweni, [uJehova] ayengazange awayaleze ngawo.”
Izifundo Esizitholayo:
10:1, 2. Izinceku zikaJehova ezinemithwalo yemfanelo namuhla kumelwe zivumelane nalokho okufunwa uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, kumelwe zingagabadeli njengoba zinakekela imithwalo yazo yemfanelo.
10:9. Akufanele senze imisebenzi esiyinikwe uNkulunkulu siphuzé utshwala.
UKUKHULEKELA OKUNGCWELE KUFUNA INHLANZEKO
Iziqondiso zokudla eziphathelene nezilwane ezihlanzekile nezingcolile zazuzisa ama-Israyeli ngezindlela ezimbili. Lezi ziqondiso zaziwavikela ekungenweni amagciwane ayingozi futhi zaziqinisa imingcele phakathi kwawo nabantu bezizwe ezaziwazungezile. Ezinye iziqondiso zaziphathelene nokungcoliswa izidumbu, ukuhlanzwa kowesifazane ngemva kokubeletha, izinqubo eziphathelene nochoko, nokungcola kowesilisa nowesifazane ngenxa yokucucuza. Abapristi kwakumelwe basingathe izindaba eziphathelene nokungcola kwabantu ngabanye.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
12:2, 5—Kungani ukuzala kwakwenza owesifazane abe “ongcolile”? Izitho zokuzala zazenzelwe ukudlulisela ukuphila komuntu okuphelele. Nokho, ngenxa yemiphumela yesono esiyifa, ukuphila okungaphelele nokunesono kwadlulela enzalweni. Izinkathi zesikhashana zokuba “ongcolile” ezazihlobene nokuzala kanye nezinye izindaba, njengokuya esikhathini nokushaywa izibuko, zazikhumbuza ama-Israyeli ngalesi sono esiyifa. (Levitikusi 15:16-24; IHubo 51:5; Roma 5:12) Iziqondiso zokuhlanzwa ezazidingeka zazizosiza ama-Israyeli ukuba abone isidingo somhlatshelo wesihlengo owawuzosibekela isono sesintu ubuyisele nokuphelela kwabantu. Ngakho, uMthetho waba “umfundisi [wawo] oholela kuKristu.”—Galathiya 3:24.
15:16-18—Kuyini ‘ukuphuma kwesidoda’ okukhulunywa ngakho kula mavesi? Lokhu kubonakala kubhekisela ekushayweni izibuko kanye nasebuhlotsheni bobulili basemshadweni.
Izifundo Esizitholayo:
11:45. UJehova uNkulunkulu ungcwele futhi ufuna labo abanikela inkonzo engcwele kuye nabo babe ngcwele. Kumelwe baphishekele ubungcwele futhi bahlale behlanzekile ngokwenyama nangokomoya.—2 Korinte 7:1; 1 Petru 1:15, 16.
12:8. UJehova wavumela abampofu ukuba balethe izinyoni njengomnikelo ongumhlatshelo kunokuba balethe imvu emba eqolo. Uyabacabangela abampofu.
UBUNGCWELE KUMELWE BULONDOLOZWE
Imihlatshelo yezono eyayibaluleke kunayo yonke yayenziwa ngoSuku Lokuhlawulelwa lwaminyaka yonke. Abapristi nesizwe samaLevi babenikelelwa inkunzi. Izizwe zakwa-Israyeli ezazingezona ezobupristi zazinikelelwa imbuzi. Kwakuba nenye imbuzi eyayithunyelwa ehlane iphila ngemva kokuthululwa kwezono zabantu phezu kwayo. Zombili lezo zimbuzi zazibhekwa njengomnikelo owodwa wesono. Konke lokhu kwakubhekisela eqinisweni lokuthi uJesu Kristu wayezonikelwa nokuthi wayezomuka nezono.
Iziqondiso eziphathelene nokudliwa kwenyama neziphathelene nezinye izindaba zigcizelela kithi isidingo sokuba ngcwele lapho sikhulekela uJehova. Kuyafaneleka ukuthi abapristi kwakumelwe bahlale bengcwele. Imikhosi emithathu yaminyaka yonke yayiyizenzakalo zenjabulo enkulu nokubonga uMdali. UJehova wanika abantu bakhe neziqondiso ezaziphathelene nokuphathwa kabi kwegama lakhe elingcwele, ukugujwa kweSabatha neJubili, nendlela yokuphatha abampofu nezigqila. Izibusiso ezaziyolethwa ukulalela uNkulunkulu ziqhathaniswa neziqalekiso ezaziyolethwa ukungalaleli. Kuneziqondiso futhi mayelana neminikelo ngokuphathelene nezifungo namanani, amazibulo ezilwane, nokunikela konke okweshumi “njengento engcwele kuJehova.”
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
16:29—Ama-Israyeli kwakufanele ‘ahluphe imiphefumulo yawo’ ngayiphi indlela? Le nqubo, eyayenziwa ngoSuku Lokuhlawulelwa, yayihlobene nokufuna ukuthethelelwa izono. Kusobala ukuthi ukuzila ukudla ngaleso sikhathi kwakuhlobene nokuvuma ukuba nesono. Kungenzeka-ke ukuthi ‘ukuhlupha umphefumulo’ kwakubhekisela ekuzileni ukudla.
19:27—Usho ukuthini umyalo ‘wokungagundi izinwele zibe mfushane emaceleni ukuzungeza ikhanda’ noma ‘ukungawususi umkhawulo’ wentshebe? Kusobala ukuthi lo mthetho wabekwa ukuze uvimbele amaJuda ukuba angayisusi intshebe yawo noma izinwele ngendlela eyayizolingisa imikhuba ethile yamaqaba. (Jeremiya 9:25, 26; 25:23; 49:32) Nokho, umyalo kaNkulunkulu wawungasho ukuthi amaJuda ayengenakuyicwala nhlobo intshebe noma uboya obusebusweni.—2 Samuweli 19:24.
25:35-37—Ingabe ngaso sonke isikhathi kwakukubi ngama-Israyeli ukubiza inzalo? Uma imali yayitshelekiswe ngezinjongo zebhizinisi, umbolekisi wayengayibiza inzalo. Nokho, uMthetho wawukwenqabela ukubiza inzalo emalini ebolekwe umuntu ompofu. Ukuzuza kumakhelwane ontulayo ngokwezimali kwakungalungile.—Eksodusi 22:25.
26:19—‘Amazulu angaba kanjani njengensimbi nomhlaba ube njengethusi’? Ngenxa yokungabikho kwemvula, amazulu eKhanani ayeyobonakala eqinile futhi evaleke ngcí njengensimbi. Ngaphandle kwemvula, umhlaba wawuzoba nombala osathusi, ucwebezele njengensimbi.
26:26—Kushiwo ukuthini ngokuthi ‘abesifazane abayishumi bayobhaka isinkwa kuhhavini owodwa’? Ngokuvamile, owesifazane ngamunye wayeyodinga uhhavini wakhe ukuze abhake konke okwakufanele akubhake. Kodwa la mazwi ayekhomba ekuntulekeni kokudla kangangokuthi uhhavini owodwa wawuyokwanela ukubhaka zonke izinto ezazizobhakwa abesifazane abayishumi. Lokhu kwakungomunye wemiphumela eyayibikezelwe yokungabugcini ubungcwele.
Izifundo Esizitholayo:
20:9. Umoya wenzondo nonya wawumubi njengokubulala emehlweni kaJehova. Ngakho-ke uJehova wabeka isijeziso esifanayo lapho umuntu ethuke abazali bakhe nalapho ebabulele ngokoqobo. Akufanele yini lokhu kusishukumisele ukuba sibabonise uthando esikholwa nabo?—1 Johane 3:14, 15.
22:32; 24:10-16, 23. Igama likaJehova akumelwe lihlanjalazwe. Kunalokho, kumelwe silidumise futhi sithandazele ukungcweliswa kwalo.—IHubo 7:17; Mathewu 6:9.
INDLELA ULEVITIKUSI AKUTHINTA NGAYO UKUKHULEKELA KWETHU
OFakazi BakaJehova namuhla abaphili ngaphansi koMthetho. (Galathiya 3:23-25) Nokho, njengoba okushiwo kuLevitikusi kusenza siqonde umbono kaJehova ngezinto ezihlukahlukene, kungakuthinta ukukhulekela kwethu.
Njengoba ufunda iBhayibheli masonto onke ulungiselela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, akungabazeki ukuthi liyokuthakazelisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wethu ufuna izinceku zakhe zibe ngcwele. Le ncwadi yeBhayibheli ingakushukumisa futhi ukuba unike oPhezukonke okungcono kakhulu, uyise udumo kuye ngokulondoloza ubungcwele njalo.
[Isithombe ekhasini 21]
Imihlatshelo eyayinikelwa ngaphansi koMthetho yayibhekisela kuJesu Kristu nasemhlatshelweni wakhe
[Isithombe ekhasini 22]
UMkhosi Wamaqebelengwane Angenamvubelo wawuyisenzakalo senjabulo enkulu
[Isithombe ekhasini 23]
Imikhosi yaminyaka yonke, njengoMkhosi Wamadokodo, yayiyizenzakalo zokubonga uJehova