Inkululeko Ekhazimulayo Kubantwana BakaNkulunkulu Iseduze
“Indalo yabekwa ngaphansi kobuze . . . ngesisekelo sethemba lokuthi indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—ROMA 8:20, 21.
1. Umhlatshelo kaJesu wawufanekiselwa kanjani ngoSuku Lokubuyisana?
UJEHOVA wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa yaba umhlatshelo wesihlengo owavulela abantu abangu-144 000 indlela eya ekuphileni kwasezulwini, namathemba angunaphakade asemhlabeni ngabo bonke abanye besintu. (1 Johane 2:1, 2) Njengoba kuphawuliwe esihlokweni esandulele, umhlatshelo kaJesu owenzelwa amaKristu azelwe ngomoya wawufanekiselwa lapho umpristi ophakeme wakwa-Israyeli enzela yena, indlu yakhe nesizwana samaLevi umhlatshelo wesono ngenkunzi ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke. Ngalo lolo lusuku, wayenza umhlatshelo wesono nangembuzi enzela wonke amanye ama-Israyeli, njengoba nje nomhlatshelo kaKristu uyozuzisa isintu sisonke. Ngokomfanekiso, imbuzi ephilayo yayisusa izono zanyakenye zabantu bebonke, inyamalale ehlane.a—Levitikusi 16:7-15, 20-22, 26.
2, 3. Isho ukuthini inkulumo kaPawulu ekweyabaseRoma 8:20, 21?
2 Ngemva kokuveza ithemba labantu abayoba “amadodana kaNkulunkulu” asezulwini, umphostoli uPawulu wathi: “Ukulangazela kwendalo kulindele ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu. Ngoba indalo yabekwa ngaphansi kobuze, hhayi ngentando yayo siqu kodwa ngalowo owayibeka ngaphansi kwabo, ngesisekelo sethemba lokuthi indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:14, 17, 19-21) Isho ukuthini le nkulumo?
3 Lapho ukhokho wethu u-Adamu edalwa njengomuntu ophelele, ‘wayeyindodana [noma umntwana] kaNkulunkulu.’ (Luka 3:38) Ngenxa yokona, waba ‘sekugqilazweni ukonakala’ futhi wadlulisela lesi simo ohlangeni lwesintu. (Roma 5:12) UNkulunkulu wavumela abantu ukuba bazalwe bebhekwe ‘ubuze’ ngenxa yokungapheleli kwabo abakuzuze njengefa, kodwa wanikeza ithemba ‘ngenzalo,’ uJesu Kristu. (Genesise 3:15; 22:18; Galathiya 3:16) IsAmbulo 21:1-4 sikhomba esikhathini lapho ‘ukufa, ukulila, ukukhala, nobuhlungu kuyobe kungasekho.’ Njengoba lesi sithembiso senziwa ‘esintwini,’ siyasiqinisekisa ukuthi umphakathi omusha wasemhlabeni wabantu abaphila ngaphansi kokubusa koMbuso uyobuyiselwa empilweni yengqondo neyomzimba enhle ngokuphelele, uthole nokuphila okumi phakade ‘njengabantwana bakaNkulunkulu’ basemhlabeni. Phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu, abantu abalalelayo ‘bayokhululwa ekugqilazweni ukonakala.’ Ngemva kokuzibonakalisa bethembekile kuJehova phakathi novivinyo lokugcina, bayokhululeka phakade esonweni nasekufeni okuzuzwe njengefa. (IsAmbulo 20:7-10) Labo abasemhlabeni bayobe ‘sebeba nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’
Bathi “Woza!”
4. Kusho ukuthini ‘ukuthatha amanzi okuphila mahhala’?
4 Yeka ithemba elimangalisayo isintu esinikwe lona! Akumangalisi ukuthi amaKristu azelwe ngomoya asesemhlabeni ahola ngentshiseko ekutsheleni abanye ngalo! Njengalabo abayoba ingxenye ‘yomlobokazi’ weWundlu elikhazinyulisiwe, elinguJesu Kristu, insali egcotshiwe ihileleke ekugcwalisekeni kwala mazwi angokwesiprofetho: “Umoya nomlobokazi bayaqhubeka bethi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 21:2, 9; 22:1, 2, 17) Cha, izinzuzo zomhlatshelo kaJesu wesihlengo azigcini kwabangu-144 000 abagcotshiwe kuphela. Umoya kaNkulunkulu uyaqhubeka usebenza ngabaseleyo besigaba somlobokazi abasemhlabeni ekuthini “Woza.” Noma ubani ozwayo owomele ukulunga uyamenywa ukuba athi “Woza,” azibeke ethubeni lokuzuza elungiselelweni likaJehova eliyinala lensindiso.
5. Obani oFakazi BakaJehova abajabulela ukuba nabo phakathi kwabo?
5 OFakazi BakaJehova banokholo elungiselelweni likaNkulunkulu lokuthola ukuphila ngoJesu Kristu. (IzEnzo 4:12) Bayakujabulela ukuba nabanhliziyo ziqotho phakathi kwabo, abafisa ukufunda ngezinjongo zikaNkulunkulu bese benza intando yakhe. EmaHholo OMbuso abo, bamukelekile bonke abafisa ‘ukuza bathathe amanzi okuphila mahhala’ ‘kulesi sikhathi sokuphela.’—Daniyeli 12:4.
Izinguquko Njengoba Isikhathi Siqhubeka
6. Umoya kaNkulunkulu uye wasebenza kanjani ezincekwini zikaJehova ngezinkathi ezihlukahlukene?
6 UNkulunkulu unesikhathi sokufeza izinjongo zakhe, futhi lokhu kuthonya ukusebenzelana kwakhe nabantu. (UmShumayeli 3:1; IzEnzo 1:7) Nakuba umoya kaNkulunkulu waba phezu kwezinceku zakhe zangezikhathi zangaphambi kobuKristu, azizange zizalwe njengamadodana akhe angokomoya. Nokho, kusukela kuJesu sase sifikile isikhathi sikaJehova sokusebenzisa umoya ongcwele ukuze azalele efeni lasezulwini abesilisa nabesifazane abazinikezele. Kuthiwani ngosuku lwethu? Umoya ofanayo usebenza ‘nakwezinye izimvu’ zikaJesu, kodwa awuzenzi zibe nethemba nesifiso sokuphila kwasezulwini. (Johane 10:16) Njengoba zinethemba ezilinikwe uNkulunkulu lokuphila okungunaphakade emhlabeni oyipharadesi, ziyisekela ngenjabulo insali egcotshiwe ekunikezeni ubufakazi phakathi nale nkathi yoshintsho lokusuka ezweni elidala ukuya ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga.—2 Petru 3:5-13.
7. Yimuphi umsebenzi wokuvuna abaFundi BeBhayibheli ababematasa ngawo, kodwa yini ababeyazi ngepharadesi?
7 UNkulunkulu waqala ‘ukuletha amadodana amaningi enkazimulweni’ ngokuthululwa komoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E., futhi ngokusobala wabeka isikhathi sokuphelelisa ‘u-Israyeli kaNkulunkulu’ ongokomoya oyingqikithi engu-144 000. (Heberu 2:10; Galathiya 6:16; IsAmbulo 7:1-8) Kusukela ngo-1879, kulo magazini kwakhulunywa kaningi ngomsebenzi wokuvuna ohilela amaKristu agcotshiwe. Kodwa abaFundi BeBhayibheli (manje ababizwa ngoFakazi BakaJehova) babazi nokuthi imiBhalo inikeza ithemba lokuphila okungunaphakade emhlabeni oyipharadesi. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1883 yathi: “Lapho uJesu esewumisile umbuso wakhe, waqeda ububi, njll., lo mhlaba uyoba ipharadesi, . . . futhi bonke abasemathuneni bayongena kulo. Futhi ngokulalela imithetho yakhona bangase baphile phakade kulo.” Njengoba isikhathi sasiqhubeka, isivuno sabagcotshiwe sancipha, futhi kancane kancane abantu ababengenalo ithemba lasezulwini bavunelwa enhlanganweni kaJehova. Phakathi naleso sikhathi, uNkulunkulu wanikeza izinceku zakhe ezigcotshiwe, amaKristu aphindé azalwa, ukuqonda okuphawulekayo.—Daniyeli 12:3; Filipi 2:15; IsAmbulo 14:15, 16.
8. Kwathuthuka kanjani ukuqondwa kwethemba lasemhlabeni ngasekuqaleni kwawo-1930?
8 Ikakhulukazi kusukela ngo-1931, labo abanethemba lasemhlabeni baye bahlanganyela nebandla lamaKristu. Ngalowo nyaka, uJehova wakhanyisela insali yamaKristu azelwe ngomoya ukuze ibone ukuthi uHezekeli isahluko 9 ubhekisela kulesi sigaba sasemhlabeni, esiphawulelwa ukusindela ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngo-1932 kwaphethwa ngokuthi abanjalo abanjengezimvu banamuhla bafanekiselwa umngane kaJehu uJonadaba (uJehonadaba). (2 AmaKhosi 10:15-17) Ngo-1934 kwenziwa kwacaca ukuthi “amaJonadaba” kufanele azinikezele kuNkulunkulu. Ngo-1935 “isixuku esikhulu”—ngaphambili okwakucatshangwa ukuthi siyisigaba sesibili esingokomoya esasiyoba “abangane” bomlobokazi kaKristu ezulwini—savezwa njengezinye izimvu ezinethemba lasemhlabeni. (IsAmbulo 7:4-15; 21:2, 9; IHubo 45:14, 15) Futhi ikakhulukazi kusukela ngo-1935, abagcotshiwe baye bahola ekufunweni kwabantu abaqotho abalangazelela ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi.
9. Ngemva kuka-1935, kungani amanye amaKristu ayeka ukudla izifanekiselo eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa?
9 Ngemva kuka-1935 amanye amaKristu ayekade ehlanganyela ekudleni isinkwa newayini eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa ayeka ukudla. Ngani? Ngoba aqaphela ukuthi ithemba lawo lalingelasemhlabeni, hhayi ezulwini. Omunye wesifazane owabhapathizwa ngo-1930 wathi: “Nakuba [ukudla] kwakubhekwa njengento efanelekile ukuba yenziwe, ikakhulukazi ezikhonzini ezishisekayo zesikhathi esigcwele, ngangingakaze ngikholiseke ukuthi nginethemba lasezulwini. Kwabe sekuthi ngo-1935, sacaciselwa ukuthi kukhona isixuku esikhulu esiqoqwayo esinethemba lokuphila phakade emhlabeni. Abaningi bethu bakujabulela ukuqonda ukuthi siyingxenye yaleso sixuku esikhulu, futhi sayeka ukudla izifanekiselo.” Ngisho nesimo sezincwadi zamaKristu sashintsha. Njengoba ezangeminyaka yangaphambili zazikade ziklanyelwe ngokuyinhloko abalandeli bakaJesu abazelwe ngomoya, kusukela ngo-1935 kuqhubeke INqabayokulinda nezinye izincwadi ‘zesigqila esikholekile’ zanikeza ukudla okungokomoya okufanelaniswe nezidingo zako kokubili abagcotshiwe nabangane babo abanethemba lasemhlabeni.—Mathewu 24:45-47.
10. Kungenzeka kanjani ukuba omunye athathe isikhundla sogcotshiweyo ongakholekile?
10 Ake sithi ogcotshiwe uba ongakholekile. Ingabe kuyongena omunye esikhundleni sakhe? UPawulu wabonisa lokho lapho exoxa ngomuthi ongokomfanekiso womnqumo. (Roma 11:11-32) Uma kudingeka kufakwe omunye esikhundleni sozelwe ngomoya, cishe lolo bizo lwasezulwini uNkulunkulu uyolunika othile okholo lwakhe luye lwaba isibonelo ekunikeleni inkonzo engcwele kuye iminyaka eminingi.—Qhathanisa noLuka 22:28, 29; 1 Petru 1:6, 7.
Izizathu Eziningi Zokubonga
11. Kungakhathaliseki ukuthi sinaliphi ithemba, yini uJakobe 1:17 asiqinisekisa ngayo?
11 Noma kuphi lapho sikhonza khona uJehova ngokukholeka, uyokwanelisa izidingo nezifiso zethu ezilungile. (IHubo 145:16; Luka 1:67-74) Kungakhathaliseki ukuthi sinethemba langempela lasezulwini noma ithemba lethu elasemhlabeni, sinezizathu eziningi ezinengqondo zokubonga kuNkulunkulu. Njalo wenza izinto eziyobazuzisa kangcono kakhulu abamthandayo. Umfundi uJakobe wathi “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini,” uJehova uNkulunkulu. (Jakobe 1:17) Ake siphawule ezimbalwa zalezi zipho nezibusiso.
12. Kungani singase sithi uJehova uye wanika ngayinye yezinceku zakhe ezikholekile ithemba elimangalisayo?
12 UJehova unikeze ngayinye yezinceku zakhe ezikholekile ithemba elimangalisayo. Ezinye uye wazibizela ekuphileni kwasezulwini. UJehova wanikeza ofakazi bakhe bangezikhathi zangaphambi kobuKristu ithemba elimangalisayo lokuvuselwa ekuphileni okumi phakade emhlabeni. Ngokwesibonelo, u-Abrahama wayekholelwa ovukweni futhi wayelindele “umuzi onezisekelo zangempela”—uMbuso wasezulwini ayovuselwa ngaphansi kwawo ekuphileni kwasemhlabeni. (Heberu 11:10, 17-19) Kulesi sikhathi sokuphela, uNkulunkulu uyaphinda unikeza izigidi ithemba lokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi. (Luka 23:43; Johane 17:3) Ngokuqinisekile, noma yibaphi uJehova aye wabanika ithemba elihle kanjalo kufanele babonge ngokujulile ngalo.
13. Umoya ongcwele kaNkulunkulu uye wasebenza kanjani kubantu bakhe?
13 UJehova upha abantu bakhe umoya wakhe ongcwele. AmaKristu anikezwe ithemba lasezulwini agcotshwé ngomoya ongcwele. (1 Johane 2:20; 5:1-4, 18) Nokho, izinceku zikaNkulunkulu ezinamathemba asemhlabeni zisizwa futhi ziqondiswe yilo moya. Phakathi kwazo kwakunoMose, owayenomoya kaJehova, njengoba kwakunjalo nangamadoda angu-70 amiswa ukuba amelekelele. (Numeri 11:24, 25) Ngaphansi kwethonya lomoya ongcwele, uBesaleli wasebenza njengengcweti yomakhi etabernakele lakwa-Israyeli. (Eksodusi 31:1-11) Umoya kaNkulunkulu waba phezu kukaGideyoni, uJefta, uSamsoni, uDavide, u-Eliya, u-Elisha nabanye. Nakuba laba bantu basendulo bengasoze balethwa enkazimulweni yasezulwini, babeqondiswa futhi besizwa umoya ongcwele, njengoba kunjalo nangezinye izimvu zikaJesu namuhla. Ngakho-ke, ukuba nomoya kaNkulunkulu akusho ukuthi nakanjani sinobizo lwasezulwini. Nokho, umoya kaJehova unikeza isiqondiso, usisiza ukuba sishumayele futhi sifeze ezinye izabelo esizinikwe uNkulunkulu, usinika amandla angaphezu kwawemvelo, futhi usenza sibe nezithelo zawo eziwuthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba. (Johane 16:13; IzEnzo 1:8; 2 Korinte 4:7-10; Galathiya 5:22, 23) Akufanele yini sibonge ngalesi sipho somusa esivela kuNkulunkulu?
14. Sizuza kanjani eziphweni zikaNkulunkulu zolwazi nokuhlakanipha?
14 Ulwazi nokuhlakanipha izipho ezivela kuNkulunkulu okufanele sibonge ngazo, kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu elasezulwini noma elasemhlabeni. Ulwazi olunembile ngoJehova lusisiza ukuba ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe’ futhi ‘sihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’ (Filipi 1:9-11; Kolose 1:9, 10) Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuyisivikelo nesiqondiso ekuphileni. (IzAga 4:5-7; UmShumayeli 7:12) Ulwazi nokuhlakanipha kweqiniso kusekelwe eZwini likaNkulunkulu, futhi abambalwa abagcotshiwe abasele bakhangwa ngokukhethekile yilokho elikushoyo ngethemba labo lasezulwini. Nokho, uthando ngeZwi likaNkulunkulu nokuliqonda kahle akuyona indlela kaNkulunkulu yokubonisa ukuthi siye sabizelwa ekuphileni kwasezulwini. Amadoda anjengoMose noDaniyeli abhala ngisho nezingxenye zeBhayibheli, kodwa ayovuselwa ekuphileni emhlabeni. Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu elasezulwini noma elasemhlabeni, sonke sithola ukudla okungokomoya ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo’ sikaJehova esigunyaziwe. (Mathewu 24:45-47) Yeka indlela sonke esibonga ngayo ngolwazi esiluthola ngale ndlela!
15. Yisiphi esinye sezipho zikaNkulunkulu ezinkulu kunazo zonke, futhi wena usibheka kanjani?
15 Esinye sezipho zikaNkulunkulu ezinkulu kunazo zonke ilungiselelo lothando lomhlatshelo kaJesu wesihlengo, osizuzisayo kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni. UNkulunkulu walithanda izwe lesintu “kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Futhi uthando lukaJesu lwamshukumisela ukuba ‘anikele umphefumulo wakhe njengesihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28) Njengoba umphostoli uJohane achaza, uJesu Kristu “ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu [ezabagcotshiwe], nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe.” (1 Johane 2:1, 2) Ngakho, sonke kufanele sibonge ngokujulile ngaleli lungiselelo lothando lokusindiselwa ekuphileni okungunaphakade.b
Ingabe Uyoba Khona?
16. Yisiphi isenzakalo esiphawulekayo esiyogujwa ngemva kokushona kwelanga ngo-April 11, 1998, futhi obani okufanele babe khona?
16 Ukubonga ngesihlengo esalungiselelwa uNkulunkulu ngeNdodana yakhe kufanele kusishukumisele ukuba sibe khona eHholo LoMbuso noma kwezinye izindawo oFakazi BakaJehova abayohlangana kuzo ngemva kokushona kwelanga ngo-April 11, 1998, begubha ukufa kukaKristu. Lapho emisa lo mkhosi nabaphostoli bakhe abakholekile ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uJesu wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19, 20; Mathewu 26:26-30) Abagcotshiwe abambalwa abasasele bayokudla isinkwa esingavutshelwe, esimelela umzimba kaJesu wobuntu ongenasono, newayini elibomvu elingathakiwe, elimelela igazi lakhe elathululwa lapho eba umhlatshelo. AmaKristu azelwe ngomoya yiwona kuphela okufanele adle ngoba yiwona kuphela asesivumelwaneni esisha nasesivumelwaneni soMbuso futhi anobufakazi obungenakuphikiswa bomoya ongcwele kaNkulunkulu bokuthi ithemba lawo elasezulwini. Izigidi zabanye ziyoba khona njengezibukeli ezinenhlonipho ezibongayo ngothando uNkulunkulu noKristu abalubonisa ngomhlatshelo kaJesu owenza ukuphila okungunaphakade kube nokwenzeka.—Roma 6:23.
17. Yini okufanele siyikhumbule ngokuqondene nokugcotshwa ngomoya?
17 Imibono engokwenkolo yesikhathi esidlule, imizwelo enamandla ebangelwa ukushonelwa othandekayo, izinkinga zamanje zokuphila zasemhlabeni noma umuzwa wokuthi umuntu uthole isibusiso esithile esikhethekile kuJehova kungase kuholele abanye ekubeni bacabange ngokuyiphutha ukuthi banobizo lwasezulwini. Kodwa sonke kufanele sikhumbule ukuthi imiBhalo ayisiyali ukuba sidle izifanekiselo zeSikhumbuzo ukuze sibonise ukubonga kwethu ngomhlatshelo kaKristu wesihlengo. Ngaphezu kwalokho, ukugcotshwa ngomoya “akuncikile kulowo ofisayo noma kulowo ogijimayo, kodwa kuNkulunkulu,” Lowo owazala uJesu njengeNdodana engokomoya noletha amanye amadodana angu-144 000 kuphela enkazimulweni.—Roma 9:16; Isaya 64:8.
18. Iningi lalabo abakhonza uJehova namuhla lilindelwe yiziphi izibusiso?
18 Ukuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi kuyithemba uNkulunkulu alinike iningi labantu abamkhonzayo kulezi zinsuku zokugcina. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngokushesha, bazojabulela leli pharadesi elimangalisayo. Izikhulu ziyobe sezengamela izindaba zasemhlabeni ngaphansi kokubusa kwasezulwini. (IHubo 45:16) Kuyoba nezimo ezinokuthula njengoba izakhamuzi zomhlaba zenza ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu futhi zifunda okwengeziwe ngezindlela zikaJehova. (Isaya 9:6, 7; IsAmbulo 20:12) Kuyoba nomsebenzi omningi owenziwayo, kwakhiwa amakhaya futhi kunqotshwa umhlaba. (Isaya 65:17-25) Futhi cabanga ngemikhaya eyobe ijabulela ukuphinde ihlangane njengoba abafileyo bebuyela ekuphileni! (Johane 5:28, 29) Ngemva kovivinyo lokugcina, bonke ububi buyobe bungasekho. (IsAmbulo 20:7-10) Ngemva kwalokho, kuyoze kube phakade umhlaba ugcwele abantu abaphelele ‘abakhululiwe ekugqilazweni ukonakala nabanenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka ethi Insight on the Scriptures, Umqulu 1, amakhasi 225-6.
b Bheka INqabayokulinda ka-March 15, 1991, amakhasi 19-22.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kusho ukuthini ‘ukuthatha amanzi okuphila mahhala’?
◻ Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu elasezulwini noma elasemhlabeni, sinaziphi izizathu zokubonga uNkulunkulu?
◻ Yimuphi umkhosi waminyaka yonke sonke okufanele sibe khona kuwo?
◻ Iningi labantu bakaJehova linaliphi ikusasa?
[Isithombe ekhasini 18]
Izigidi seziqalile ‘ukuthatha amanzi okuphila mahhala.’ Ingabe uphakathi kwazo?